Ukumemezela—Isikhali SobuKristu Esinamandla
NGEMVA kokufa kukaJesu Kristu amaKristu okuqala ahlakazeka futhi ashushiswa. UProfesa K. S. Latourette uyachaza kweyakhe ethi History of Christianity: “Ngenxa yokuthi enqaba ukuhlanganyela emikhosini yobuqaba amaKristu abizwa njengaphika ubukhona bukaNkulunkulu. Ngokuyeka kwawo . . . amadili obuqaba, imidlalo yokujabulisa yabantu leyo eyabonakala kumaKristu igcwele izinkolelo zobuqaba, imikhuba nokuziphatha okubi —ahlekwa usulu njengazonda umkhaya wesintu.”
Ukuthi ubuKristu basindisa futhi banda ezweni langalesosikhathi naphezu kokuphikiswa okunjalo kungokuphawuleka ngempela. Kwenzeka kanjani? Ingxenye yemfihlo yayincike ekushumayeleni noma ukumemezela obala!
Echaza umsebenzi kaJesu njengomshumayeli nomfundisi onethonya, uProfesa C. J. Cadoux kwethi The Early Church and the World uyabhala: “Lomsebenzi wokuthonya abantu kwakumelwe uqhutshwe kokubili ngamazwi nangezenzo. Ngakho-ke, ukuphila kwakhe nokufundisa kwakumelwe kumenyezelwe obala . . . Ingxenye enkulu yokufundisa kwakhe kokuqala—kuhlanganise nalokho kwabafundi bakhe—kwanikezwa obala.” Echaza ngokuqhubekayo ngomsebenzi wabafundi wangemva kokufa kukaJesu, uCadoux uyaqhubeka: “Ukumenyezelwa obala kuyafiseleka. OFakazi banikeza intshumayelo yabo ngokukhululekile.”
Luhlobo luni lwabantu esikhuluma ngalo? UEdmond de Pressense kuThe Early Years of Christianity uyachaza: “Ukufundisa . . . kwakuyinkulumo engafundelwe, esuka enhliziyweni. Kwakungebona abaPhostoli kuphela ababeyizikhulumi; amanye amaKristu akhuluma ngokukhululekile njengabo ngemisebenzi emangalisayo kaNkulunkulu.” AmaKristu ayezimelele ngokwawo ekumemezeleni, wonke ehlanganyela ngentshiseko ukholo lwawo nabanye emsebenzini wawo wokushumayela nokufundisa obala.
UEdward Gibbon, kweyakhe ethi Decline and Fall of the Roman Empire, uveza ukuthi “imigwaqo yomphakathi, eyayakhelwe ukusetshenziswa amabutho [amaRoma], yavula indlela elula ngezithunywa ezingamaKristu ukusuka eDamaseku kuya eKorinte nokusuka eItaly kuya emaphethelweni eSpain noma iBrithani.” UGibbon uyanezela: “Kukhona isizathu esiqine ngokwengeziwe sokukholelwa ukuthi ngaphambi kokubusa kukaDiocletian noConstantine ukholo lukaKristu lwase lushunyayelwe kuzo zonke izifundazwe, nakuwo wonke amadolobha amakhulu ombuso.”
Ukuze andise ukholo lwawo, amaKristu asebenzisa zonke izindlela ezitholakalayo. Njengoba umhumushi weBhayibheli uEdgar Goodspeed embula encwadini yakhe iChristianity Goes to Press: “Ayengabantu ababethenga futhi bafunde izincwadi ngezinga elingavamile. Futhi ayengabantu abahumusha futhi basakaze izincwadi. . . . [Ngo-140 C.E.] Abamemezeli abangamaKristu . . . baphendukela endleleni yokubhala izincwadi ngesandla, futhi bayithola iphumelela kakhulu . . . futhi inosizo kangangokuthi yaba yindlela yabo yokubhala izincwadi evelele.”
Ukumemezela Ekhulwini Lama-20
Namuhla, oFakazi BakaJehova basalokhu beshiseka futhi bekhuthele ngokufana nozakwabo bekhulu lokuqala ekumemezeleni ukholo lobuKristu emhlabeni wonke—nasekusebenziseni ubuchwepheshe banamuhla. Cabangela amaphuzu alandelayo ekhulu lama-20.
● 1914. “Photo-Drama of Creation.” Leyodrama yayinezithombe zamaslide nezithombe ezinyakazayo ezazidlala namarekhodi egilamafomu ezinkulumo nawomculo. Lelisu kwakungelamaphayona ayesebenzisa izithombe ezinyakazayo nezikhulumayo.
● 1920. “Izigidi Eziphila Manje Azisoze Zafa.” Esikhathini esingaphezu kweminyaka emibili, amabhodi ezimemo namaphephandaba, kuhlanganise nomkhankaso wokumemezela ngokoqobo ezweni lonke, kwamemezela lenkulumo eyaziwayo kanye nencwajana eyalandela.
● 1922. “Memezelani INkosi NoMbuso.” Lesi kwakuyisihloko esibeka inselele somhlangano WaseCedar Point, eOhio. Umyalo wokuthi “memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi noMbuso wayo” wavula ithuba ngoFakazi BakaJehova njengezithunywa ezingabamemezeli kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke.
● 1924. IWBBR, isiteshi somsakazo seWatch Tower Society. Sakhiwa ukuze kusetshenziswe izindlela zomsakazo zakuqala. Ngo-1933, unyaka wokwanda, iziteshi ezihlukahlukene ezingama-408 zazisetshenziswa oFakazi BakaJehova ekumemezeleni isigijimi seBhayibheli emazwekazini ayisithupha.
● 1934. Amagilamafomu aphathwayo namapuleti angu-78 rpm. Iminyaka eyishumi oFakazi BakaJehova basebenzisa lendlela yokuxhumana eyayifaneleka ngalesosikhathi, bakha amagilamafomu ayizi-20 000 ukuze bahlangabezane nesidingo.
Ubufakazi Bokugcina Obunamandla!
Njengoba iMpi Yezwe II yayisondela ekupheleni kwayo ngo-1945, oFakazi BakaJehova babelungele ukungenela umsebenzi wokushumayela ngezinga elingakaze libonwe. UJesu wathi ngokholo abalandeli bakhe ‘babeyokwenza imisebenzi emikhulu’ kunaleyo ayeyenzile. Lokhu kwakuyokuba ngezinga abashumayela ngalo. Yeka indlela lesiprofetho esibonakale siyiqiniso ngayo!—Johane 14:12.
Ngonyaka ka-1987, oFakazi abayizigidi ezintathu nezinkulungwane ezingamakhulu amane emazweni angaphezu kwama-208 basebenzisa amahora angaphezu kwezigidi ezingama-700 beshumayela futhi befundisa. “Kungakhathaliseki ingxenye yezwe ohlala kuyo, kunzima ukungahlangani noFakazi BakaJehova,” kuphawula umfundisi waseSheshi uJack Roundhill, enezela: ‘Banikeza ubufakazi babo ezimakethe nasezindaweni zomphakathi nanomaphi lapho bengathola khona abalalelayo. Kodwa indlela evelele yoFakazi iwukuyisa isigijimi sabo ngokuqondile endlini yanoma ubani oyobamukela. Ngokuvamile bama phambi komnyango futhi banikeze isigijimi belapho.’
Ukumemezela ngomlomo kuzuzisa ngokucebile, kunoFakazi abasha ababhapathizwe phakathi nonyaka abangaphezu kwezi-230 000. Emkhosini waminyaka yonke weSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu, baba nabantu abacishe babe izigidi eziyisishiyagalombili emaHholo abo oMbuso.
Ezakhiweni zabo eziningi zokunyathelisa emhlabeni wonke, izigidi zezincwadi, izincwajana, namapheshana kukhiqizwa ngezinga elikhulayo ngezilimi ezingaphezu kwama-200. INqabayokulinda nePhaphama! omagazini benkolo abasakazwa kakhulu kunabo bonke emhlabeni namuhla, sekuhlangene kusakazwa amakhophi ayizigidi ezingama-46 ngenyanga. Kodwa abakaze babe nezimemezelo zezentengiselwano. Futhi enye yezincwadi zoFakazi ezinoqwembe oluqinile, IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, isakazwe ngesilinganiso esingaphezu kwezigidi eziyi-106 ngezilimi eziyi-116! Isilinganiso sezinye zezincwadi zabo ezisekelwe eBhayibhelini sibalelwa emashumini ezigidi uhlobo ngalunye.
Yebo, oFakazi BakaJehova bakulungele kahle ukumemezela iNkosi noMbuso wayo, uhulumeni wokulunga ngokushesha ozothatha izindaba zesintu. Ngesisusa esinjalo, ngempela ukumemezela kwabo kwentshiseko kuyisikhali esinamandla sobuKristu!
[Izithombe ekhasini 9]
Amagilamafomu ayesetshenziselwa ukushumayela
Ukumemezela ngePhoto-Drama, kwakhanga izilaleli eziningi ngesikhathi sayo
[Izithombe ekhasini 10]
Emabandleni ayizi-54 000 oFakazi bamemezela uMbuso kaNkulunkulu
OFakazi manje bashumayela emazweni angaphezu kwama-200
Amakhulu ezigidi ezincwadi zeBhayibheli akhiqizwa emishinini yokunyathelisa enjengalona ngezilimi ezingama-200 emhlabeni wonke