Izinsuku Zokugcina ‘IMibuso Ivukela IMibuso’
“Impi yezizwe kusukela ngo-1914 kuya ku-1918 yayingelona ‘ihemuhemu elithile elingazwakali lempi ethile.’ lokho kulwa kwangenisa impi engesilinganiso esisha impi yokuqala, ehlanganisa wonke umuntu emlandweni wesintu. ubude besikhathi sokuqhubeka kwayo, izinga nobukhulu kwakwedlula noma yini eyayaziwa ngaphambili noma eyayilindelwe ngabaningi. usuku lwempi yomhlaba wonke lwalufikile.”—The World in the Crucible, nguBernadotte E. Schmitt noHarold C. Vedeler.
IMPI ka-1914-18 yayinkulu ekubhubhiseni nasekulahlekiseleni ukuphila kangangokuthi eFrance kuze kube manje, ungathola ubufakazi obuqoshwe ematsheni obunikelwe kwabanqotshwa eLa Grande Guerre, eMpini Enkulu. Umlobi waseMelika uErnest Hemingway kamuva wakubiza ngokuthi “ukubulawa kwabantu ngonya okukhulu kakhulu, okuchitha igazi, okwasingathwa kabi kunakho konke okwake kwenzeka emhlabeni.” IMpi Enkulu yabuye yabizwa ngokuthi iMpi Yezwe I lapho umhlaba wawukhungathekiswa yiMpi Yezwe II (1939-45).
IMpi Yezwe I yayihlukile ezimpini ezidlule ngezindlela eziningi. Amabutho empi amakhulu abunjwa amadoda ayizigidi abulalana ezinkundleni zempi nasemahlathini aseYurophu eseNtshonalanga. Isibhamu esinguntuluntulu sasishwiba njengoba sasiqothula imigqa emikhulu yamabutho ahlaselayo ahamba ngezinyawo. Njengoba uGwynne Dyer esho encwadini yakhe ethi War: “Kungakapheli izinyanga ezimbili [impi iqalile], kwase kufe abantu abangaphezu kwesigidi . . . Izikhali ezingontuluntulu—izikhali ezitshuzayo ezidubula ngokushesha nezibhamu ezingontuluntulu ezazikhafula izinhlamvu ezingamakhulu ayisithupha ngomzuzu—zagcwalisa umoya ngemvula yensimbi ebulalayo.” Inqola yempi, umkhumbi-ngwenya, nendiza kwashintsha ukucabanga namasu. Manje ukufa kwehla kuvela esibhakabhakeni futhi kutshuza kuvela emanzini.
Impi elwiwa ezindaweni zokukanisa ezimbiwe phansi, nokusetshenziswa ngokwengeziwe kwamagesi ahilayo, kwacindezela abantu kwaze kwaphela ukubekezela, ubuhlungu, nokululazeka. LeMpi Enkulu yayihluke ngenye indlela: “Lena kwakuyimpi yokuqala lapho iziboshwa zazifinyelela khona izigidi (eziyizi-8 400 000 sezizonke) futhi zavalelwa isikhathi eside.” (The World in the Crucible) Futhi kwakuyimpi yokuqala eyayihilela cishe bonke abantu ababengabuthwanga empini, ababengekho kwezokuvikela futhi bengakhiqizi izikhali noma beyizisulu zokuhlaselwa futhi belwa.
Emuva ngalesosikhathi ngo-1914 oFakazi BakaJehova babona kuleyompi esabekayo ukuqala kokugcwaliseka kweziprofetho zikaJesu ezibikezela incithakalo. Kodwa kwakusazofika okubi ngokwengeziwe.
IMpi Yezwe II—Amandla Avelele Okubhubhisa
Obunye ubufakazi bokuthi, ngisho nangokombono wabantu, lezi kwakungaba izinsuku zokugcina bungamandla omuntu okuzibhubhisa ngokwakhe. UDkt. Bernard Lown enkulumweni yakhe yoMklomelo Wokuthula kaNobel wathi: “IMpi Yezwe Yesibili yaletha impi ephelele—inendlela engenazimiso, inobudlova obungalinganiselwe, futhi ingakhethi zisulu. Ohhavini baseAuschwitz nokungqongqa ngeathomu kweHiroshima neNagasaki kwaqopha isahluko esimnyama somlando wonya lwesintu.”
Ingabe isintu safunda ukubekezela nokuba nomusa kulokhu okuhlangenwe nakho okwesabisayo? Uyaqhubeka: “Usizi olwaqhubeka isikhathi eside lwashiya izigidi ezingama-50 zifile [cishe ezilingana nenani labantu baseBrithani sebebonke, eFrance, noma eItaly] alulungiselelanga isisekelo sesivumelwano sokunqamula impi ngokumelene nobulwane. Ngokuphambene nalokho, izindawo zezikhali ngokushesha zachichima ngezikhali ezibhubhisayo ezingalingana neziyizinkulungwane eziningi zeMpi Yezwe II.”—Omalukeke abethu.
Ngokungangabazeki, siye sabona isizwe sivukela isizwe, nombuso uvukela umbuso,’ nomgibeli wehhashi elibomvu wesAmbulo uye wasakaza ukubulalana kuwo wonke umhlaba. (Mathewu 24:7; IsAmbulo 6:4) Kodwa ukwenziwa nokuthuthukiswa kwezikhali zenuzi kuyoba nakuphi okunye ukubaluleka ‘ngezinsuku zokugcina’?—2 Thimothewu 3:1.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]
“Ikhulu lama-20 liye laphawulwa ngokwanda kobudlova lapho kuqhathaniswa namakhulu amabili eminyaka andulelayo. . . . Lelikhulu lama-20 kakade selinamarekhodi ezimpi ezingama-237, okungukuthi, izimpi ezaphumela ekufeni kwabalinganiselwa e-1 000 noma ngaphezulu ngonyaka.”
“Akukhona nje ukuthi kunezimpi eziningi kodwa ukubhubhisa kwazo kuye kwakhula. Kuze kube manje izimpi ekhulwini lama-20 seziye zabulala abantu abayizigidi ezingama-99, abaningi kunabekhulu le-19 ngokuphindwe kayi-12, abaningi kunabekhulu le-18 ngama-22. . . . Ekhulwini leminyaka elidlule kuye kwaba nezimpi ezimbili okwafa kuzo abangaphezu kwesigidi; kulelikhulu leminyaka kwakunezimpi eziyi-13 ezinjalo.”—World Military and Social Expenditures 1986, nguRuth Leger Sivard.
[Umthombo]
U.S. Army photo