Ukuqhosha Kwakuwukukhubazeka Kwami Okubi Kakhulu
AKULULA ukuba okhubazekile futhi ube ojabulayo. Abantu abaningi abakhathazwa ukukhubazeka komzimba bayacindezeleka, okungenani ngezikhathi ezithile. Ezikhathini ezinjalo ngokuvamile bayazibuza: “Kungani kuyimi?”
Ngangingehlukile kubo. Ngazalwa nginokukhubazeka okubi kakhulu komzimba okungivimbela ukuba ngihambe, ngime, noma ngisebenzise ngisho nezandla zami. Ngokuqondakalayo lesisimo siye saba nomphumela othile ebuntwini bami. Ngisawukhumbula umhawu nokukhungatheka engangiba nakho ngisengumntwana lapho ngibona abanye abantwana begijima futhi begxuma.
Ngezinye izikhathi ngangiya esontweni eliseduze ukuze nginxuse usizo lukaNkulunkulu. Ngangiwuphindaphinda ngobuqotho umthandazo othi “Padre Nuestro” (“Baba Wethu”) izikhathi ezingama-20 noma 30 no“Ave Maria” (“Dumisani OMariya”) izikhathi ezifanayo, phakathi nalemithandazo ngenza ukunxusa okuvela enhliziyweni, “Siza Nkosi, ungelaphe!” Ngangithembisa uNkulunkulu okuningi kakhulu uma nje ayezongelapha.
Imbewu Yokuqhosha
Ngazalelwa eGranada, idolobha elihle eningizimu yeSpain phansi kweziNtaba zaseSierra Nevada eziwumbhoshongo. Njengomntwana omncane, ukukhubazeka kwangishukumisela ukuba ngithuthukise amanye amakhono, futhi ngesikhathi ngineminyaka eyisikhombisa, ngase ngithuthuke kakhulu esikoleni kunabanye abangontanga yami. Ngalesosikhathi nganginobudlelwane obuhle nabanye abantwana, ngidlala nabo futhi ngandlela-thile ngihambahamba ngekhono lapho ngihleli esihlalweni sami esincane. Ngafunda ngisho nokudweba nokubhala ngonyawo lwesobunxele ngokubamba ipensela ngezinzwane.
Ngesinye isikhathi iphephandaba lendawo lakhipha isihloko ngami, kanye nezithombe ezazingibonisa ngibhala ngonyawo. Lokho kumenyezelwa kwaphumela ekubeni ngithole imiklomelo eminingi namathuba okuvakashela ezindaweni ezihlukene, kuhlanganise nokuthandwa ngabanye. Konke lokhu kwakhuthaza kimi umoya wokuziqhayisa nokuzigqaja. Ukuqhosha kwase kungenela.
Imiphumela Yokuba Unkom’ Idla Yodwa Ngenxa Yezimo
Ngemva kwesikhashana kwadingeka ngiyeke isikole. Ngangikhula, futhi kwaba nzima ngomama ukuba angiyise esikoleni abuye angibuyisele endlini esasihlala kuyo eyayisesitezi sesibili. Ngakho-ke, kusukela ngineminyaka eyi-13, ngaqhubeka nemfundo yami ngokufunda ngeposi. Ngakuthola kulula ukutadisha futhi ngathuthuka kahle, kodwa ukuba unkom’ idla yodwa ngenxa yezimo kwabangela ushintsho kimi. Nakuba mhlawumbe ngaphandle ngangibonakala ngijabula futhi ngikhululekile, ngaqala ukuzindla ngesimo sami esingokomzimba nobunzima baso esikhathini esizayo.
Ngo-1971, ngathola umfundaze wokuyofunda unyaka owodwa esikhungweni sabakhubazekile esasiphethwe izindelakazi zamaKatolika eMadrid. Yilapho lapho ngafunda khona ukubhala ngomshini ngisebenzisa ipeni emlonyeni, okuye kwaba usizo kakhulu. Yebo, inkolo yayiyingxenye ephoqelelwe yesimiso sethu samasonto onke. Njalo ngeSonto ngo-7:00 ekuseni sasihlangana ukuze siye emiseni. Nakuba lomcikilisho wawubonakala ungadingekile kimi, ngangiya njalo, ngoba ngangifuna ukujabulisa izindelakazi ezazinginakekela kahle kangaka.
Ngemva konyaka eMadrid, ngabuyela eGranada. Ngaya ngiba unkom’ idla yodwa ngokwengeziwe, ngifakwe ejele lezindonga ezine zasekhaya. Ingxenye enkulu yesikhathi sami, ngangiyisebenzisa ngifunda amanoveli nezinye izincwadi engangingakwazi ukuzithola. Futhi ngalandela isitayela sangalesosikhathi: ngashiya intshebe nezinwele zami ngaziyeka zaba zinde. Kodwa kwakungesona isikhathi esijabulisayo sokuphila kwami.
Ukucela Isibonakaliso
Ngokuvamile ngangiba lusizi ngenxa yesizungu nomuzwa wokungabi yilutho. Ngangithandaza kuNkulunkulu, ngimcela ukuba anginike isibonakaliso esithile esasizobonisa ubukhona bakhe nokungikhathalela kwakhe.
Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wanginikeza isibonakaliso—kodwa hhayi ngendlela engangiyilindele. Kwakungasekupheleni kuka-1973. Omunye woFakazi BakaJehova wafika ekhaya, futhi njengoba umama ayengekho eyothenga, ngavula umnyango futhi ngalalela lokho ayekusho. Ekupheleni kwengxoxo, wanginikeza incwadi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade. Ngayemukela ngenjabulo, ngoba ngalesosikhathi ngangizimisele ukufunda noma yini. Ngayifunda yonke incwadi ngaleyontambama. Eyayikuqukethe kwangimangalisa ngempela, ikakhulukazi ngokuphathelene nezinto ezimbili ezinqatshelwe imiBhalo: ukusetshenziswa kwezithombe ekukhulekeleni nokusetshenziswa kabi kwegazi.—Eksodusi 20:4, 5; IzEnzo 15: 28, 29.
UFakazi wabuya ngesonto elilandelayo, futhi lapho engibonisa lokho iBhayibheli elalikufundisa, ngambonisa indlela engangikwazi ngayo ukokhela ugwayi ngisebenzisa izinyawo zami kuphela! Wangitshela ngokuzimisela kwakhe ukutadisha nami iBhayibheli mahhala izinyanga eziyisithupha. Ngakwamukela ngokushesha lokho ngaphandle kokuqaphela ukuthi lokhu ngempela kwakuwuphawu engangilucelile.
Ngalungenisa ngokushesha ulwazi lweBhayibheli. Nokho, ukwenza izinguquko ezidingekile ekuphileni kwami ukuze ngibe ngumfundi wangempela kaKristu kwakungeye into. Inkinga yami enkulu kakhulu kwakuwubuntu bami.
“Ukwazi Kuyakhukhumeza”
Okuhlangenwe nakho okufushane kuzobonisa isimo sami sengqondo. Ngemva kokuba ngifunde iBhayibheli izinyanga eziyisithupha, isikhonzi esijikelezayo soFakazi BakaJehova sangihambela futhi sangibuza ukuthi ngangithuthuka kanjani. “Ngenza kahle kakhulu. Kakade sengikwazi ukusho imiBhalo yeBhayibheli engama-500 ngekhanda,” ngaphendula ngokumamatheka kokwaneliseka. “Ngempela, imiBhalo engama-500?” ephinda ngokungathi akakholelwa. “Yebo, engama-500! Bheka, ngiyibhale yonke lapha kulencwajana,” ngiqhosha.
Ehlabeke umxhwele, wangihlola ngezAga 18:1. Ngokushesha ngawuphindaphinda lombhalo izwi ngezwi: “Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.” Wabe esengibuza: “Ingabe uyawusebenzisa lombhalo? Ingabe uyahlangana njalo nabafowenu nodadewenu abangamaKristu?” “Yebo, kunjalo,” ngasho, ngoba abazalwane ebandleni ngomusa babenze amalungiselelo awusizo ukuze ngikwazi ukuya emihlanganweni.
Ngemva kweminye imibuzo eminingana isihambeli sami saqaphela ukuthi ngempela ngangiyifunde ngekhanda yonke lemibhalo. Ngesikhathi esifanayo, saqaphela ukuthi ngangigxila kakhulu ekuzuzeni ulwazi olungokweBhayibheli kunokusebenzisa lololwazi ekuphileni kwami. Sangikhumbuza ngombhalo okweyo-1 Korinte 8:1, “Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.” Sangisiza ukuba ngibone isidingo sokushintsha ubuntu bami.
Ngemva kwesikhathi ngayeka ukubhema, ngathuthukisa ukubukeka kwami, futhi ngayeka ukufunda izincwadi ezazingakhi. Izinyanga eziyishumi nesishiyagalombili ngemva kokuba nginikezwe ubufakazi, ngabhapathizwa ngoJune 1975.
Ukunqoba Ukuqhosha Kwami
Nokho, ngangingakakunqobi ukuqhosha kwami. Izimo zami zazingivumela ukuba ngitadishe amahora amathathu noma amane nsuku zonke, futhi ngokushesha ngaqongelela ulwazi oluningi lwemiBhalo, lolo engangilangazelela ukulubonisa. OFakazi ebandleni engangihlanganyela kulo baqala ukuza kimi nemibuzo yabo yeBhayibheli ngisho nanezinkinga zabo siqu. Ngangikujabulela kakhulu ukusebenzisa ikhono lami ekusizeni abanye, kodwa ngezinye izikhathi nalokhu kwakubangela ukuqhosha kwami ukuba kubonakale obala.
Ngesikhathi esifanele ukuzigqaja kwami kwaya kunyamalala. Ngaso sonke isikhathi lapho ngiqaphela ukuthi ngangibonisa umoya wokuqhosha, ngangithandaza kuJehova ngimcele ukuba angisize. Ngangicela ikakhulukazi usizo ukuba ngibe nesisusa esihle: leso sokusiza abanye ngolwazi lwami kunokuba ngizidumise mina siqu.
Umthombo Wenjabulo Yangempela
Ukufakaza kubo bonke engangihlangana nabo kwaba umthombo wenjabulo yangempela. Ukuhlanganyela nabanye engangikufundile akuvezanga ukwaneliseka kwangaphakathi kuphela, kodwa kwangikhipha egobolondweni engangizithukuse kulo futhi kwangenza ngakwazi ukuhlangana nabanye futhi ngibe usizo kwabanye babo. Ngajabulela ikakhulukazi ukusiza indoda esikhulile eyayinezinkinga ezifana nezami.
Ngahlangana nayo okokuqala lapho ngifakaza emadodeni ambalwa emgwaqweni. Phakathi nengxoxo yethu ngaphawula indoda eyayilokhu idlula ihamba ngezinduku. Yayima isikhashana isikhathi ngasinye uma idlula, njengokungathi yayifuna ukulalela esasikusho. Ekugcineni, yama phambi kwami futhi yabuza: “Ingabe kuyiqiniso konke lokhu okuphathelene noZamcolo wembulunga yonke?” Ngaphendula ngoyebo futhi ngaqhubeka ngichaza lokho okukushoyo kithi namuhla. Ngesikhathi esifanele ngakwazi ukuqhuba isifundo seBhayibheli nayo.
Naphezu kobudala bayo nezinkinga ezingokomzimba, yathuthuka futhi yasebenzisa iBhayibheli ekuphileni kwayo. Yabhapathizwa ineminyaka engama-80. Umkayo, owayeyihleka usulu ekuqaleni, wabhapathizwa eneminyaka engama-85.
Ukukwazi ukusiza labo abakhubazekile noma abadinga usizo ngezinye izindlela kwenza kube lula ngami ukukhohlwa ezami izinkinga. Sebebonke, ngiye ngakwazi ukusiza abantu abayishumi abahlukahlukene ukuba bazi iqiniso leZwi likaNkulunkulu. Lokhu kuye kwaba umthombo wangempela wesikhuthazo kimi.
Ukuqhosha Kwami Kuye Kwaphela
Okubaluleke kakhulu, ngiye ngathola ukuthi ukukhubazeka komzimba akukusithibezi ukuthola injabulo ekuphileni. Ukwazi uMdali kuye kwangisiza ukuba ngibheke izinto ngendlela engokoqobo futhi ngibhekane nokukhubazeka kwami, kuhlanganise nokuqhosha. Ngizama ukuphila ukuphila okuvamile ngangokunokwenzeka. Okunginikeza ukwaneliseka okukhulu ukuthi, manje sengiyakwazi ukuzinakekela ngokomnotho. Ngijabulela ukukhonza njengomdala ebandleni lakithi, futhi ngizama ukuba nengxenye yentshiseko ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 13:10) Ngaphandle kokungabaza, ukukwazi ukusiza abanye yilokho okunginikeza injabulo enkulu kakhulu. Ngesikhathi esifanayo, ngiye ngafunda ukufuna udumo lukaJehova, hhayi olwami.—Luka 17:10.—Njengoba ilandiswa nguJosé Martin Pérez.
[Isithombe ekhasini 23]
Ukushumayela emgwaqweni ngisizwa omunye uFakazi