Izinkolo Zanamuhla—Imibuzo
YINI abantu abayikholelwayo? Abaholi benkolo bayaphazamiseka ngokuthola ukuthi abaningi abasakukholelwa lokho abaye bakufundiswa.
Ngempela, inkundla yenkolo yanamuhla iye yashintsha kakhulu kusukela ngo-1961 lapho iPhaphama! inyathelisa imibuzo eyathandwa kakhulu eyayinesihloko esithi “Uyazi Kahle Kangakanani Inkolo Yakho?” Ngalomagazini, siyaphinda futhi simema abafundi bethu ukuba bahlole isizinda solwazi lwabo ngenkolo yamanje namasiko ayo akudala. Kodwa kulesikhathi ukugcizelela ku-senhlekeleleni ebhekene nenkolo yezwe, kugxile ezenzakalweni zanamuhla ezinjengokukhukhuleka kwenkolelo yabantu nokuphikelela okusha kwenkolo kwezombangazwe nempi.
Kungani ungathathi ipensela lakho uphendule imibuzo ekulelikhasi nasemakhasini amathathu alandelayo? Khona-ke qhathanisa izimpendulo zakho nemithombo yezimpendulo ekhonjwe emakhasini ezimpendulo. Hlola ukuthi imiphumela iyakusiza yini ukuba uzijwayelanise nesimo sanamuhla senkolo.
UBULUNGU BEZINKOLO ZEZWE
Eziningi zezakhamuzi zasemhlabeni azinayo inkolo, kodwa legraph ibonisa lezo ezinayo.
Ingabe ungazilandelanisa izinkolo ngokwesilinganiso noma ubulungu njengoba kuboniswe kuyigraph? (Izimpendulo ekhasini 25.)
UBUBUDDHA
UBUHINDU
UBUSHINTO
ELOBUKHOLWA
UBUJUDA
UBUSULUMANE
1 ‐‐‐‐‐
2 ‐‐‐‐‐
3 ‐‐‐‐‐
4 ‐‐‐‐‐
5 ‐‐‐‐‐
6 ‐‐‐‐‐
ISISEKELO SEZINKOLELO ZABANTU
Qondanisa imibhalo nenkolo noma ifilosofi ehambelana nayo. (Izimpendulo ekhasini 26.)
1. ‐‐ IKoran A. UbuBuddha
2. ‐‐ Ikhathekhisimu kaBaltimore B. UbuConfucian
3. ‐‐ ITalmud C. UbuHindu
4. ‐‐ IVedas D. UbuSulumane
5. ‐‐ IFive Classics E. UbuJuda
6. ‐‐ Umthetho wePali F. UbuRoma Katolika
AMAQINISO NEZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI
Phawula ngo“I” noma u-“A” okungukuthi “Iqiniso” noma “Amanga.” (Izimpendulo ekhasini 26.)
1. ‐‐ Abalobi beBhayibheli bayavuma ukuthi babhala ngaphansi kokuphefumlelwa uNkulunkulu, owafuna ukuba babhale amaphutha nokushiyeka kwabo okudumazayo.
2. ‐‐ IBhayibheli labela abefundisi beLobukholwa umsebenzi wokuvikela abantu abangelutho esihogweni somlilo.
3. ‐‐ IBhayibheli labonisa ukuthi umhlaba uyimbulunga lapho abantu babecabanga ukuthi uyisicaba.
INKOLO NEMPI
Qondanisa izindawo zezimpi zamuva noma zezimpi ezihlomile nezinkolo ezihilelekile. (Izimpendulo ekhasini 27.)
1. ‐‐ ENdiya (eBhiwandi naseBombay) A. UbuKatolika, UbuProthestani
2. ‐‐ ENdiya (ePunjab) B. UbuHindu, UbuBuddha
3. ‐‐ Elreland C. UbuHindu, AmaSulumane
4. ‐‐ ELebanon D. UbuHindu, UbuSikh
5. ‐‐ ESri Lanka E. AmaSulumane obuShiite, ELobukholwa,
AmaDruze
NGUBANI OWAKUSHO?
Qondanisa igama nenkulumo. (Izimpendulo ekhasini 28.)
1. ‐‐ “Inkolo ingumuthi wokulalisa abantu.”
2. ‐‐ “Ngempela, ukuhlanzeka kusondelene nokwesaba uNkulunkulu.”
3. ‐‐ “Izizwe Ezihlangene ziwukubonakaliswa okungokombangazwe koMbuso kaNkulunkulu emhlabeni.”
4. ‐‐ “Abalindi besihogo bazwisa ubuhlungu bokuhlushwa.”
5. ‐‐ “Yimpi engewele, futhi iyo qhubeka kuze kube yilapho inkosi enkulu yasePheresiya ilahla phansi izintambo.”
6. ‐‐ “UNkulunkulu usiza labo abazisizayo.”
7. ‐‐ “Ake nivumele iSonto lishaywe umoya opholile.”
8. ‐‐ ‘Ningabizimuntu ngokuthi uyihlo.’
9. ‐‐ “Abantu bomhlaba baphendukela eZizweni Ezihlangene njengethemba lokugcina lokuzwana nokuthula.”
A. IAyatollah Ruhollah Khomeini
B. UKarl Marx
C. Imibhalo yamaBuddha
D. Umkhandlu Obumbene WamaSonto
E. UJohnWesley
F. UJesu waseNazaretha
G. UPapa uJohn XXIII
H. UPapa uPaul VI
I. UAesop (umbhali wezinganekwane ongumGreki)
Imizamo Yokwazi UNkulunkulu
Dwebela impendulo eqondile. (Izimpendulo ekhasini 28.)
1. AmaHindu aqaphela onkulunkulu nonkulunkulukazi (abangu-0; aba-3kuphela; abayizi-330 000 000).
2. Imibhalo yamaShinto ibhekisela konkulunkulu (abangu-0; aba-3 kuphela; abayizi-8 000 000).
3. Inkolelo kumdali wezinto zonke ayikho (kubuBuddha; kubuHindu; kubuSulumane; kubuJuda).
4. Onkulunkulu abanguziqu-zintathu babefundiswa (amaKristu akuqala kuphela; izinkolo eziningi zasendulo ezingezona ezobuKristu).
Inkolo Nezwe
Hlola inkulumo eqondile. (Izimpendulo ekhasini 29, no-30.)
1. UJesu waseNazaretha [ ] akakaze akwenqabe [ ] wakwenqaba kanye [ ] wakwenqaba izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ukubusa kwezombangazwe njengenkosi noma njengombusi wesizwe.
2. IBhayibheli lifundisa ukuthi umuntu oletha izinkathazo zezwe [ ] uNkulunkulu [ ] isitha sikaNkulunkulu uDeveli.
3. ImiBhalo ifuna ukuba izinceku zikaNkulunkulu [ ] zisebenzise ubudlova njengekhambi lokugcina lokulungisa izinkinga zezenhlalo [ ] zingathathi-hlangothi ngokuphathelene nezombangazwe zezwe kuyilapho zibheke eMbusweni kaNkulunkulu ukuba ulethe ikhambi [ ] zigumbuqele isimiso sezwe.
4. IBhayibheli [ ] lifundisa ukuthi njengoba izwe lithuthuka ngokwemfundo nangokwenhlalo, inkolo iyoba namandla futhi ibe nesihawu kakhulu [ ] lixwayisa ngokuthi abantu bayoba nje nesimo sokumesaba uNkulunkulu kepha baphikisane namandla akho [ ] alibikezeli nhlekelele enkolweni.
5. IBhayibheli [ ] livuma ukuthi inkolo iyoguqula izwe [ ] libikezela ukuthi zonke izinkolo ziyobumbana [ ] libikezela ukuthi ababusi bezizwe bayozibhubhisa ngokuphelele izinkolo zezwe.
UMBUSO KANKULUNKULU
Phawula ngo-“I” noma u-“A” okungukuthi “Iqiniso” noma “Amanga.” (Izimpendulo ekhasini 31 no-32.) NgokweBhayibheli:
1 ‐‐ UMbuso uyisimo esingokomoya esiphakathi kwezinhliziyo zabangane bakaJesu.
2 ‐‐ UMbuso uwuhulumeni ongokoqobo.
3 ‐‐ UMbuso emhlabeni umelelwe iZizwe Ezihlangene.
4 ‐‐ UMbuso kaNkulunkulu uyobhubhisa imibuso yalelizwe, ngaphandle kosizo lomuntu.
IZMPENDULO ZEMIBUZO
Ubulungu Bezinkolo Zezwe
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 22.
1. ELobukholwa izigidi eziyi-1 644a
2. AmaSulumane izigidi ezingama-860
3. UbuHindu izigidi ezingama-655
4. UbuBuddha izigidi ezingama-310
5. UbuJuda izigidi eziyi-18
6. UbuShinto izigidi ezi-3
Isisekelo Sezinkolelo Zabantu
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 23
l. D UbuSulumane. IKoran: “Incwadi eyakhiwa imibhalo eyamukelwa amaSulumane njengezambulo ezambulelwa uMuhammad nguAllah.”—Websterˈs New Collegiate Dictionary.
2. F UbuRoma Katolika. IKathekhisimu kaBaltimore: “Iqoqo noma isiphakamiso esingokomthetho sezinkolelo nemikhuba yamaRoma Katolika.”—Websterˈs New International Dictionary.
3. E UbuJuda. ITalmud: “Indikimba ephethe yesiko lobuJuda ehlanganisa iMishnah neGemara.”—Websterˈs New Collegiate Dictionary.
4. C UbuHindu. IVedas: “Noma yiliphi lamaqoqo amane angokomthetho lezihlabelelo, imithandazo, nemithetho yenkolo ehlanganisa imibhalo engcwele yobuHindu bakuqala.”—Websterˈs New Collegiate Dictionary.
5. B UbuConfucian. IFive Classics: “Izincwadi ezinhlanu (iChing) zobuConfucian ezingokomthetho, ezihlanganisa: l-I Ching, noma Incwadi Yezinguquko . . . IShu Ching, noma Incwadi Yomlando . . . IShih Ching, noma Incwadi Yezinkondlo . . . ILi Chi, noma Incwadi Yemithetho . . . IChˈun Chˈiu, noma Imibhalo Yaminyaka Yonke Yasentwasahlobo Nasekwindla.”—Websterˈs New International Dictionary.
6. A UbuBuddha. Umthetho wePali: “Lomthetho wabhalwa ngekhulu lokuqala leminyaka B.C., emakhulwini amane eminyaka ngemva kokufa kukaBuddha . . . Ngokungangabazeki, umthetho wePali uveza ubuBuddha njengoba wawukhona eMphakathini wezindela phakathi nekhulu lokuqala leminyaka B.C. Akukho ukuvumelana ngokuphathelene nemininingwane yobuBuddha njengoba babukhona ngaphambi kokulotshwa komthetho wePali.”—The Encyclopedia Americana.
Amaqiniso Nezimfundiso ZeBhayibheli
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 23.
1. Iqiniso. Abalobi beBhayibheli bavuma ngokukhululekile ukuthi babhala ngokuphefumlelwa nokuthi uNkulunkulu wafuna ukuba babhale amaphutha nokushiyeka kwabo okudumazayo. UDavide, omahubo akhe amaningi eBhayibhelini akudalula ngokuphelele ukushiyeka kwesizwe nezono zakhe zangasese, wachaza: “UMoya kaJehova wakhuluma ngami.”—2 Samuweli 23:2.
Futhi, uDaniyeli wabhala ngezenzakalo zesikhathi esizayo lezo avuma ukuthi ‘akaziqondanga.ˈ Wabuza: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?” Impendulo ayinikezwa yayiwukuthi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kubesesikhathini sokugcina.”—Daniyeli 12:8, 9.
Yebo, abalobi beBhayibheli babikezela izenzakalo ababengenakuziqonda ngalesosikhathi. Ngakho-ke umphostoli uPetru uyavuma: “Kasikho isiprofetho sombhalo esingachasiselwa ngumuntu ngokwakhe; ngokuba akuzange kuvezwe isiprofetho ngentando yomuntu, kepha abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.”—2 Petru 1:20,21.
2. Amanga. IBhayibheli alibabeli abefundisi beLobukholwa umsebenzi wokuvikela abantu abangelutho esihogweni somlilo. Iqiniso liwukuthi, imfundiso yesihogo somlilo ayitholakali eBhayibhelini. IBhayibheli lifundisa ukuthi abafileyo abazilutho, abezwa buhlungu. Lithi: “Kepha abafileyo abazilutho, . . . ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [“isihogo” ezinguqulweni ezindala zeBhayibheli], lapho uya khona.”—UmShumayeli 9:5, 10.
IBhayibheli alikugunyazi ukumiswa kweqembu labefundisi elihlukile kulabo okuthiwa abantu abangelutho besonto. UJesu wafundisa abalandeli bakhe: “Nina nonke ningabazalwane.” Futhi wakwenqaba ngokuphelele ukusetshenziswa kweziqu ezinjengokuthi “Rabi,” “Baba,” noma “Mholi.”—Mathewu 23:8-10.
3. Iqiniso. IBhayibheli labonisa ukuthi umhlaba uyimbulunga lapho abantu babecabanga ukuthi uyisicaba. Ngekhulu lesishiyagalombili leminyaka ngaphambi kukaKristu, lapho abantu babesakholelwa ukuthi umhlaba uyisicaba, uIsaya wabhala: “Nguye ohlezi esiyingelezini somhlaba.”—Isaya 40:22.
Inkolo Nempi
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 23.
1. C UbuHindu, UbuSulumane
ENdiya (eBhiwandi naseBombay): “Ubutha obushubile phakathi kwamaHindu namaSulumane eNdiya babheduka baba ezinye zezibhelu zomphakathi ezimbi kakhulu selokhu kwatholakala inkululeko. Izibhelu eBhiwandi naseBombay ngoMay nangoJune [1984] zashiya abantu abangaphezu kwama-300 befile.”—Encyclopcedia Britannica, 1985 Book of the Year.
2. D UbuHindu, UbuSikh
ENdiya (ePunjab): Ngo-1984 undunankulu waseNdiya, ulndira Gandhi, umHindu, wagunyaza “ukuhlasela kokujezisa esakhiweni esingcwele kakhulu senkolo yamaSikh, iGolden Temple eAmritsar” ePunjab, “lapho uJarnail Singh Bhindranwale [umholi wempi ongumSikh] . . . abulawelwa khona ngenxa yokholo amabutho kahulumeni.” Beziphindisela ngokushesha abalindi bakhe siqu uGandhi bobuSikh bambulala. “Ubutha obushubile nobudlova phakathi kwemiphakathi yamaHindu neyamaSikh eNdiya baqhubeka kwaze kwaba ngo-1985.” —Encyclopcedia Britannica, 1985 kanye ne-1986 Book ofthe Year.
3. A UbuKatolika, UbuProthestani
EIreland: “UMargaret Thatcher, undunankulu waseBrithani, uvumile ukuthintana neRepublic yaselreland ukuze abike izikhalo zamaRoma Katolika aseUlster ayizi-600 000. Kodwa abaholi bamaProthestani aseNyakatho ayisigidi basenqaba ngesankahlu . . . isivumelwano . . . Uma . . . benqoba, . . .ukulwa kobudlova cishe kuyoqhubekela kwelinye ikhulu leminyaka.”—IThe New York Times, kaNovember 15, 1986.
4. E AmaSulumane obuShiite, ELobukholwa, AmaDruze
ELebanon: “AmaKristu [okuzisholo] abulala amaSulumane ngonya. AmaSulumane abulala amaKristu ngendlela engakaze ibonwe selokhu izimpi zamaKristu namaSulumane zaliwa. AmaDruze [amalungu ehlelo lenkolo laseSyria naseLebanon elaqala phakathi kwamaSulumane] nabasePalestine bangenela ukulwa okunamandla, kwaze kwaba yilapho nganoma yisiphi isikhathi kwakunamabutho angama-53 ayelwa khona ‘ngezikhathi ezithile’ eLebanon. Ngempela ‘isigemegeme saseLebanon’ saba isingathekiso sempi yangezikhathi ezithile nokubulala okungenanjongo ezikhathini zethu.”—Encyclopædia Britannica, 1985 Book of the Year.
5. B UbuHindu, UbuBuddha
ESri Lanka: “Phakathi kwezizwe ezilandela isiko lobuBuddha, iSri Lanka yayibe yinkundla yokulwa kobudlova okuvuselelwe phakathi kwengcosana yamaHindu akhuluma isiTamil eNyakatho neningi lamaSinhalese angamaBuddha.”—Encyclopædia Britannica, 1986 Book of the Year.
Ngubani Owakusho?
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 24.
l. B UKarl Marx
2. E UJohn Wesley
3. D Umkhandlu Obumbene Wamasonto KaKristu eMelika (omelele amahlelo ahlukahlukene obuProthestani) ngoDecember 18,1818, esinqumweni esenziwa sathunyelwa kumongameli waseU.S. uWoodrow Wilson
4. C Imibhalo yobuBuddha eyacashunwa ‘kuyiNikayas yomthetho wePali’
5. A UAyatollah Ruhollah Khomeini njengoba ecashunwe kuyiEncyclopædia Britannica, 1985 Book of the Year
6. I UAesop, enganekwaneni yakhe ethi Hercules and the Waggoner
7. G UPapa John XXIII, ngoJanuary 25,1959, echaza ukuthi kungani ayehlose ukubiza umkhandlu wezwe lonke weVatican II
8. F UJesu waseNazaretha (Mathewu 23:9)
9. H Upapa Paul VI ngemva kokuvakashela Izizwe Ezihlangene ngo-196
IMIZAMO YOKWAZI LNKULUNKULU
Izimpendulo zemibuzo eseKhasini 24.
1. Onkulunkulu bamaHindu abayizi-330 000 000: Ngokuphathelene nomuntu ovamile eNdiya, uProfesa J. B. Noss uthi: “Ngisho nakuba ngokuvamile okuhlangenwe nakho kumenza ukuba amukele unkulunkulu noma unkulunkulukazi oyedwa othile njengomsekeli . . . , nokho uhlonipha bonke abantu abanamandla angaphezu kwavamile . . . AmaHindu avame ukuthi onkulunkulu bawo balinganiselwa ezigidini ezingama-330.”—Manˈs Religions.
2. Onkulunkulu bamaShinto abayizi-8 000 000: “Onkulunkulu bobuShinto . . . kwenye indawo kuthiwa balinganiselwa ezinkulungwaneni ezingama-800 futhi kwenye balinganiselwa ezigidini eziyi-8.”—The Sacred Writings of the Worldˈs Great Religions.
3. UbuBuddha abakufundisi ukukholelwa kumdali. “Abuvumi bantu abanamandla angaphezu kwavamile kunalawo umuntu angawafinyelela ngokulunga nolwazi; eqinisweni, izizwe eziningana zamaBuddha azinalo igama ezilimini zazo elichaza uNkulunkulu.”—ICyclopedia kaMcClintock noStrong.
4. Izinkolo eziningi zasendulo ezingezona ezobuKristu: IDictionary of Religious Knowledge ka-Abbott ibiza uZiqu-zintathu ngokuthi isici “esiphawuleka kakhulu” enkolweni yobuHindu futhi “sisobala” ezinkolelweni zasendulo [zangaphambi kobuKristu] zasePheresiya, eGibithe, eRoma, eJapane, eNdiya, naseGrisi. NgokukaProfesa E. W. Hopkins, isazi senkolelo yokuguqukela kokunye ukuphila ngemva kokufa esibizwa ngokuthi uPlotinus (205-270 C.E.) “saveza” isimo sikaZiqu-zintathu esifana noZiqu-zintathu ovumelana nemithetho yenkolo yamaBuddha namaBrahma. UProf esa Hopkins wathi ngoPlotinus: “Imfundiso yakhe yenkolo okwakuthiwa ‘iPlatonic,’ yaba nethonya elikhulu kubaholi abanombono wobuKristu.”
Ingabe lesazi sefilosofi sathonya abaholi beLobukholwa ngaphezu kokuba uJesu ngokwakhe enza? UProfesa Hopkins uyaphendula: “Ngokusobala, uJesu noPawulu babengayazi imfundiso kaZiqu-zintathu; ngaphezu kwalokho, abasho lutho nakancane ngayo.”—Origin and Evolution of Religion.
INKOLO NEZWE
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 24.
1. Wakwenqaba izikhathi ezingaphezu kwesisodwa
UJesu Kristu wawenqaba izikhathi ezimbili amathuba okuzuza umbuso wezombangazwe. UJesu Kristu wenqaba ukuvumelana noDeveli lapho ethi: “Amandla onke lana [phezu “kwayo yonke imibuso yomhlaba owakhiweyo”] ngokunika wena . . . ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.”—Luka 4: 5, 6.
Futhi uJesu wenqaba isenzo esasithandwa ngabantu ababenokwazisa ngenkolo sokummisa njengenkosi: “Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso asenzayo, bathi: Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni. Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyuka.”—Johane 6:14,15.
2. UDeveli
IBhayibheli lisola isitha sikaNkulunkulu uSathane uDeveli ngezinkathazo zezwe. Lithi: “Maye kuwemhlaba nakuwelulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!”—IsAmbulo 12:12.
3. Zingathathi-hlangothi ngokuphathelene nezombangazwe zezwe kuyilapho zibheke eMbusweni kaNkulunkulu ukuba ulethe ikhambi
UJesu wayala ngokungathathi-hlangothi, futhi wabhekisela eMbusweni kaNkulunkulu, ethi: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe. Uma umbuso wami ubungowalelizwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa [esigwebweni sokufa esingalungile].” (Johane 18:36) Futhi uJesu watshela umphostoli uPetru, lapho uPetru ephakamisa isikhali ukuze amvikele: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.”—Mathewu 26:52.
Ebonisa ukholo lwakhe eMbusweni kaNkulunkulu njengekhambi lezinkinga zesintu, uJesu wamemezela lowohulumeni njengowukuphela kwethemba lomuntu. Lapho esemhlabeni, wachaza: “Nakweminye imizi ngimelwe ukushumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu, ngokuba ngithunyelwe lokho.”—Luka 4:43.
NgokweThe Encyclopedia Americana, “Indlela kaJesu kwakuwukuya kubantu, ikakhulukazi kubantu abavamile futhi ngisho nasezigabeni ezideleleke kakhulu, ‘abathelisi nezoni’ . . . Isihloko sakhe esikhulu kwakuwuMbuso kaNkulunkulu . . . Isigijimi soMbuso sasihilela ukuphenduka nokholo lokubonga kuNkulunkulu; sasidinga ukuqalisa impilo entsha yokulalela ebudlelwaneni nabanye ababelinde ngethemba ukuba uNkulunkulu amise uMbuso waKhe, owawusuqalile ukufika emsebenzini kaJesu. Ukumiswa kokugcina kombuso . . . ngesenzo sikaNkulunkulu samandla ekupheleni kwenkathi . . . kwakulindelwe ngokulangazelela.”—Umqulu 3, ikhasi 704 (1977).
4. Abantu bayoba nje nesimo sokumesaba uNkulunkulu kepha baphikisane namandla akho
IBhayibheli labikezela: “Yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba . . . abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu kepha amandla akho bewaphika. . . . Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.” “Bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo.”—2 Thimothewu 3:1-13; 4:3, 4.
IBhayibheli laxwayisa futhi: “Kuyakuvela abaprofethi bamanga abaningi [ngokusobala uhlobo olufanayo lwabaholi abathandwayo okubhekiselwe kulo ngenhla], badukise abaningi. Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.”—Mathewu 24:11-13.
5. Ababusi bezizwe bayozibhubhisa ngokuphelele izinkolo zezwe
IBhayibheli libhekisela kulomphumela. Kuwo wonke amakhulu eminyaka, inkolo yamanga ibihileleke ngokujulile ezindabeni zombangazwe zezizwe, ngisho nakuba uJesu athi ngokuphathelene nabafundi bakhe beqiniso: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) Ngenxa yokudlelana nezwe, inkolo yamanga ichazwe eBhayibhelini njengesifebe, esingathembekanga kuNkulunkulu. Isiprofetho seBhayibheli sithi: “Woza lapha, ngikukhombise ukwahlulelwa kwesifebe esikhulu esihlezi phezu kwamanzi amaningi, afeba naso amakhosi omhlaba.”—IsAmbulo 17:1, 2, 18.
Ngakho ‘lesifebe esikhulu’ sifana nowesifazane obanjwe edayisa amalungelo obulili ukuze abe nethonya elikhulu kuhulumeni. Isijeziso sakhe sibufanele ubugebengu bakhe. UNkulunkulu uyobangela ushintsho lwenhliziyo olungalindelekile, olubikezelayo phakathi kwezithandwa zakhe zangaphambili. IBhayibheli lichaza ukuthi amakhosi noma ababusi bezwe bezombangazwe, ‘bayakusizonda isifebe, basenze incithakalo, sibe yize, badle inyama yaso, basishise ngomlilo, basiqede, ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zabo ukuba benze umqondo wakhe.’—IsAmbulo 17:12, 16, 17.
UMbuso kaNKulunkulu
Izimpendulo zemibuzo esekhasini 25.
1. Amanga
Lapho uJesu ethi “umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini,” wayekhuluma kubaFarisi abanenzondo, izitha zakhe, hhayi abangane bakhe. (Luka 17:21) Khona-ke, wayesho ukuthini uJesu lapho ekhuluma nalabaFarisi? Izinguqulo zeBhayibheli zanamuhla, njengeRevised Standard Version, zihumusha amazwi kaJesu ngale-ndlela: “Umbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” UMbuso wawuphakathi kwabo, njengoba uJesu, omisiwe ukuba yiNkosi yalowoMbuso wesikhathi esizayo, ayelapho phakathi kwalabo baFarisi.
Ngakho, Encyclopædia Britannica ithi: “‘Ngombuso’ ubonakala sengathi wayengasho ngokuyinhloko indawo kaNkulunkulu, kodwa ukubusa kukaNkulunkulu . . . Ngalomqondo kufanele ukuchaza umbono kaJesu ngombuso njengowesikhathi esizayo . . . uJesu ngokwaKhe uvela emaVangelini njengommemezeli . . . Ngakho-ke, wayengasho ezitheni zaKhe ukuthi umbuso ‘wawuphakathi kwenu’ (Luka XVII, 21, hhayi ‘phakathi kini’); ngoba yena ngokwakhe wayeyisibonakaliso sombuso phakathi kwabo.”
2. Iqiniso
Ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wangempela kwenziwe kwakhanya kuIsaya 9:6, othi ngoMesiya ozayo: “UHulumeni uyakuba semahlombe akhe.” (American Standard Version) “Ukubusa kobukhosi kuyakuba semahlombe akhe.”—New World Translation.
3. Amanga
UMbuso kaNkulunkulu awunakumelelwa emhlabeni yiZizwe Ezihlangene, ngoba uJesu wafundisa ngokusobala: “Umbuso wami awusiwo owalelizwe.”—Johane 18:36.
UMbuso kaNkulunkulu awusiwo owombangazwe; ulethwa uNkulunkulu ngaphandle kosizo lomuntu. Njengoba Encyclopædia Britannica ikubeka: “Ngakho-ke, kuphambene nemfundiso kaJesu lapho amaKristu ekhuluma ‘ngokwakha’ owawo ‘umbuso.’ Ngokusobala, waqondisa izilaleli zaKhe kulowo owawuzofika lapho ekhuluma kubo ngombuso.”
4. Iqiniso
Isiprofetho seBhayibheli esilotshwe kuDaniyeli 2:44 sibonisa ngokusobala ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobhubhisa imibuso, noma ohulumeni bezwe. Sithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi [ohulumeni bosuku lwanamuhla] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwaEncyclopædia Britannicauyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”
Ngokuphathelene nezibusiso ezigcinelwe isintu ngemva kokuba uNkulunkulu ebhubhise lezizwe ezilwayo, bheka incwadi ethi, Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Lencwadi inikeza ubufakazi obungokweBhayibheli nobungokomlando bokuthi ngo-1914, uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa kwawo okwakulindelwe isikhathi eside ezulwini—kanye nomphumela wokuthi ukuthula kwembulunga yonke kuyofika ngaphambi kokuba kudlule isizukulwane sangalesosikhathi. (Mathewu 24:34) Ngokwamazwi ehubo leBhayibheli elingokwesiprofetho: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:9, 11.
[Imibhalo yaphansi]
a Kuhlanganisa amaRoma Katolika ayizigidi ezingama-926, amaProthestani ayizigidi ezingama-332, nabobuOrthodox baseMpumalanga abayizigidi eziyi-160.
[Isithombe ekhasini 30]
Ingabe inkolo ingavunyelwa uNkulunkulu uma abefundisi bayo bebusisa amadoda empi?
[Umthombo]
U.S. Army Photo
[Isithombe ekhasini 32]
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, umhlaba uyokuba ipharadesi