Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nobandlululo Lwezinhlanga?
Imnyuziyamu yayiqhele ngamakhilomitha ambalwa nje ukusuka kubo, futhi njengoba labafana ababili abaneminyaka eyi-11 ubudala babenemali elingene ukungena kuphela, bakhetha ukuhamba ngezinyawo.
Ukuze bafike lapho babeya khona, kwafuneka bawele umgwaqo omkhulu owawusebenza njengomngcele wedolobha phakathi kwabansundu nabamhlophe. Njengoba bewela umngcele ngaphandle kwengozi, baqala ukuphumula futhi bajabulela ilanga lasehlobo. Kodwa bengazelele kwaqhamuka iqembu elikhulu lentsha yabamhlophe. Lisikaza izinduku futhi libathuka ngenhlamba yobuzwe, leliqembu labasukela, limemeza, “Babambeni! Babambeni!”
UBANDLULULO lwezinhlanga. Imibiko yezindaba iluphawula njengenkinga yomhlaba wonke. Kanjalo ukubandlululana ezindabeni zezindlu, umsebenzi, kanye nokwelashwa kuyizikhalo ezivamile.
Khona-ke noma nini, ungase ubhekane ngqo nobandlululo lwezinhlanga. Ngokwesibonelo, enye intsha iyizisulu zokucwaswa esikoleni—ibhekana nenhlamba engapheli, ibukelwa phansi othisha. “Uthisha wami uyangigcona ekilasini,” kusho omunye umJuda osemusha. “Ukhuluma ngobandlululo nezinkolelo zakudala. Futhi ungiziba ngokuphelele ekilasini.” Intombazane eyeve eshumini elinambili enguPamela ithi: “Ubandlululo esikoleni sethu luwumqedazwe ngoba ngaso sonke isikhathi uma sinesimiso somhlangano abansundu bahlala kolunye uhlangothi lwehholo kuthi abamhlophe bahlale kolunye.”
UTrena oneminyaka eyishumi nanhlanu ubudala, umntwana ozalwa abazali bezinhlanga ezihlukene, ngokuvamile uzizwa ebambeke kunoxhaka wobandlululo. Uthi: “Uma ngenza ubudlelwane nabansundu, abafundi abamhlophe baba nomuzwa wokuthi angifuni ukuba nabo. Nokho, uma ngenza ubuhlobo nabafundi abamhlophe, abansundu baba nomuzwa wokuthi ngicabanga ukuthi ngingcono kunabo.”
Indlela Izisulu Zobandlululo Ezizizwa Ngayo
Mhlawumbe nawe futhi uye wahlangabezana nokwedlulwa ithuba lomsebenzi, ukwenqatshelwa ukungena esikoleni ofuna ukufunda kuso, ukuphathwa kabi esitolo, noma ukuhlushwa abangane. Uma kunjalo, uyazi ukuthi ubandlululo luyalimaza. ULucy oneminyaka eyi-17 ubudala, uthi: “Ubandlululo lungithukuthelisa ngempela.” EngowaseSpain ngendabuko, uLucy wazi kahle ukuthi ubandlululo lukhungathekisa kanjani. “Ngisho noma ngenza umsebenzi wami ngithole amamaki amahle esikoleni, angiqashelwa neze. Uma umuntu omhlophe enza kahle, uthisha wami uyamncoma. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi usebenza kanzima kanjani, uma ungemhlophe, awenzanga lutho.”
Enye intsha isabela obandlululweni ngokubekezela ngokuthula. Enye intombazane ensundu eyeve eshumini elinambili ithi: “Esikoleni sakithi abaningi bamhlophe, futhi ngizwana kahle kakhulu nalabantwana. Bayangibiza ngamagama okugcona, kodwa anginandaba ngempela ngoba sengikujwayele manje.”
Kodwa, abanye bavumela ukuba amazwi ahlabayo nesimo sokubukelwa phansi ngabanye kuqede ukuzihlonipha kwabo. Enye insizwa ithi: “Umama nobaba babengabezinhlanga ezimbili ezihlukene. Njengoba ngikhula, ngangibukelwa phansi nhlangothi zombili. Ngenxa yalokho, ngiye ngakhubazeka kakhulu ngokwengqondo nangokomzwelo. Ngiyakhumbula ngezinye izikhathi nginamahloni ngebala lami.”
Ukubhekana Nobandlululo
Khona-ke, ngokuqondakalayo ubandlululo lwezinhlanga lungavusa imizwa yentukuthelo, isifiso sokuziphindisela, ukukhipha isibhongo, nokuvukela! “Ukucindezela kuyamhlanyisa ohlakaniphileyo,” kusho umShumayeli 7:7. Kodwa nakuba izinhlangano zokuvukela ezinobudlova zingase zidonsele ukunakekela ezenzweni zokungalungi—kwezinye izimo zilethe ngisho nesilinganiso esithile sobungcono—umlando ubonisa ukuthi imiphumela yezinhlangano ezinjalo, ngokuvamile, ingeyesikhashana. Ngaphandle kwalokho, “inzondo iyabanga ukuxabana.” (IzAga 10:12) Ngakho-ke ukuphindisela inzondo ngenzondo ngokungenakuvinjelwa kwenza isimo sibe sibi kakhulu!
IBhayibheli lithi: “Okuyisigwegwe akunakuqondiswa.” (UmShumayeli 1:15) Ukubusa komuntu kuyisigwegwe ngendlela engenakuqondiswa. (Jeremiya 10:23) Izinguquko ezinkulu zikahulumeni azinakuzisula izisusa zobandlululo: ubugovu, ukuhaha, nesifiso sokuziphakamisa. (Qhathanisa noJakobe 3:13-16; 4:1-3.) Futhi njengoba isaga sikubeka: “Noma ugqula isiwula . . . , ubuwula baso abuyikusuka kuso.” (IzAga 27:22) Kanjalo ukuvukela isimiso akushintshi lutho.
Khona-ke, intsha ingasabela kanjani lapho ibandlululwa? Nakhu ukusikisela okuthile:
Gwema ukuthatha ngamawala. Ulolwe okuhlangenwe nakho okwedlule, ungase ngokwemvelo uthambekele ekusabeleni kunoma yini ecishe ibe ubandlululo. Nokho, iBhayibheli liyaxwayisa: “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.” (UmShumayeli 7:9) Ngakho-ke thalalisa okwenziwa abanye. Mhlawumbe uhlanga akuyona into okuphikiswana ngayo.
Qonda uhlobo lobandlululo. IzAga 19:11 zithi: “Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe.” Zama ukuqonda ukuthi ubandlululo lutshalwe kwabanye abantu kusukela ebuntwaneni. (Bheka isihloko esithi “Ngingayinqoba Kanjani Imizwa Yobandlululo Lwezinhlanga?” kuPhaphama! kaNovember 8, 1988.) Kungase futhi kukusize ukuxoxa izindaba nomuntu omdala oqondayo, mhlawumbe abazali bakho.
Khumbula futhi ukuthi “izwe lonke limi ebubini” nokuthi uSathane ‘uphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa’ ukuze ahlukanise isintu. (1 Johane 5:19; 2 Korinte 4:4) Uqaphela ukuthi izingqondo zabantu zigqilaziwe, ungase ngisho ube nesihawu ngalabo abenza ngenxa yokungazi.
Ungaphindiseli “okubi ngokubi.” Ukuba isisulu senhlamba yobuzwe noma ukubhekana “nehlaya” elinganambitheki lobuzwe kungavusa imizwa enamandla. Intombazane eneminyaka eyi-16 okuthiwa uTara iyakhumbula: “Ngafunda esikoleni esasinabamhlophe abaningi. Abantwana babehlebelana—kodwa bekhulumela phezulu ukuze ngizwe—zonke izinhlobo zenhlamba yobuzwe.” Ungase ulingeke kakhulu ukuba uphendule. Kodwa khumbula: Labo abakhipha izinkulumo ezibuhlungu ngokuvamile bafuna uthukuthele futhi uziphindisele, ubanikeze isaba sokuba bakulimaze ngokomzimba noma baqhubeke bekuhlambalaza. IzAga 14:17 zisho kahle: “Isififane siyenza ubuwula.”
Ngakho-ke zama ukuba nomoya ophansi. Khumbula amazwi omahluleli ohlakaniphileyo wasendulo: “Ungakunaki konke okushiwo abantu.” (UmShumayeli 7:21, Today’s English Version) “Ukuba ngangibalalela ngempela,” kukhumbula uTara, “ngabe bangiphendula uhlanya. Kodwa angikuvumelanga ukuba kungingene.” Ngakho-ke yeka amandla ashukumisela ‘ukuphindisela okubi ngokubi.’ (Roma 12:17) “Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso, funa sibe ngohlakaniphileyo emehlweni aso,” kweluleka iBhayibheli. (IzAga 26:4) ‘Ukuphendula esinye isihlathi’ ngokungakunaki ukuxhashazwa akubona ubuwula, kodwa ngemva kwesikhathi eside, kuba yinto ewusizo ukuyenza. (Mathewu 5:39) Ngokuhamba kwesikhathi abashushisi bakho bangakhathala ngomdlalo wabo wobuntwana. Futhi “ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka.”—IzAga 27:20.
Sazi isikhathi sokukhuluma. Akukhona konke ukungalungi okumelwe kubekezelelwe ngokuthula. ‘Kunesikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma.” (UmShumayeli 3:7) Futhi kungaba ukuhlakanipha ngawe ukuba uthathe izinyathelo zokuzivikela. Kanjalo uTara watshela abazali bakhe ngokuphathwa kabi ayekuthola. Ngokuhamba kwesikhathi wakwazi ukufunda kwesinye isikole. Esinye isimo singahilela othile okucunula njalo ngemizamo esobala yehlaya lobuzwe. Mhlawumbe lowomuntu akaqondi neze ukuthi inkulumo enjalo ayithokozisi. Ukukhuluma ngendaba ngendlela enomusa nobumnene nomuntu okucunulayo kungamqondisa.
Ungalahlekelwa ukuzihlonipha. Uma abanye bengakuhloniphi, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ‘uzibalile izinwele zekhanda lakho’ nokuthi ungobalulekile emehlweni akhe. (Mathewu 10:30) Yakha ukuzihlonipha kwakho, hhayi ngokwemibono yentsha engamesabi uNkulunkulu, kodwa ngokuba nobuhlobo obuqinile noNkulunkulu. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 1:31.) Izici zakho zobuzwe, ezingase zibe isizathu sokukugcona kwabangane bakho, ziyizibonakaliso zendalo kaNkulunkulu ‘owazenza izizwe zonke ngagazi linye.’—IzEnzo 17:26.
Yiqiniso, uJehova uNkulunkulu kuphela ongaletha inhlangano engenabo ubuzwe, okuyinto azoyenza ngokushesha ngohulumeni wakhe wasezulwini. (Daniyeli 2:44) Okwamanje, sebenzisa izimiso zeBhayibheli ngokusemandleni akho futhi uzame ukubhekana nesimo. Jabulela ukuhlanganyela emabandleni oFakazi BakaJehova, lapho uyokwazi khona ukuba nabantu abalwela kanzima ukuyeka ukucwasana kwezinhlanga. Ungangabazi ukucela uBaba wakho wasezulwini ukuba akusize lapho izimo ziba zimbi. ULucy osemusha uthi: “Kumelwe ngithandaze futhi ngithandaze kanzima ukuze ngibhekane nobandlululo. Kodwa lapho kumelwe ngilubekezelele, ngiyathandaza, futhi ngiyazi ukuthi uJehova unami.”
[Isithombe ekhasini 17]
Enye intsha inomuzwa wokuthi ibukelwa phansi esikoleni ngenxa yobandlululo lwezinhlanga