Ngazama Ukuguqula Izwe
NGAZALELWA eNew Orleans, eLouisiana, ngoJune 1954. Ngangingumntwana wesihlanu kwabangu-11. Abazali bami babengamaKatolika ashisekayo futhi ngenxa yalokho basithumela esikoleni samaKatolika. Ngangisebenza ealtare esontweni, ezikhathini eziningi ngangivuka ekuseni kakhulu ukuze ngiye eMiseni, futhi kusukela ebuntwaneni impela ngangilangazelela ukuba umpristi wamaKatolika nokukhonza uNkulunkulu nomuntu. Ngakho-ke lapho ngiphumelela ebangeni lesithupha, ngangena eSt. Augustine’s Divine Word Seminary eBay St. Louis, eMississippi.
Sengilapho, ngathola ukuthi abapristi babengengcwele ngendlela engangicabanga ngayo. Ngabona ukuqamba amanga, inhlamba, kanye nokudakwa. Omunye umpristi wayenezithakazelo zobungqingili. Omunye wayevakashelwa njalo umshana womunye umpristi, futhi kamuva wamkhulelisa. Ikhambi kulokho kwaba ukuba ashintshelwe komunye umuzi wezenkolo. Ngaqala ukukhungatheka, futhi isifiso sami sokuba umpristi saphela, kodwa isifiso sami sokukhonza uNkulunkulu sasala.
Ngahlala ekholiji lezenkolo futhi ngakhonza khona, kodwa ngangifunda esikoleni esiphakeme esasigcwele abamhlophe kakhulu. Lapho ngahlangabezana nobandlululo. Akukhona ukuthi ngaphambili angizange ngihlushwe ubandlululo ngezindlela zalo eziningi, ikakhulukazi lezozikhumbuzo ezihlala zikhona zokuba kwami “sesikhundleni esiphansi,” izimpawu ezindaweni zamanzi nasezindlini zokuphumula ezithi “AbaMhlophe Kuphela” nezithi “AmaKhaladi Kuphela” namagama endelelo obuzwe ebhalwe ezakhiweni, anjengokuthi “Awavunyelwe amakhafula.”
Kodwa esikoleni esiphakeme, kwakungathi lubhekene nami ngokuqondile. Ukubizwa ngamagama ajivazayo, uhide olungapheli lwamahlaya obuzwe, ukukhetha okwakuboniswa kubafundi abamhlophe, ukubandlululwa kwabansundu—kwangishiya ngikhathazekile. Abanye abafundi abansundu ababeyingcosana ngesibalo bakubona kudingekile ukuba baphathe imimese noma izinsingo, ukuze bahlale bezilungiselele. Ngahileleka ezindabeni zabavukeli, njengemibhikisho emikhulu.
‘Abantu Bangakwenza Kanjani Lokhu Kubantu?’
Onyakeni wami ka-11 ngisesikoleni esiphakeme, ngafunda iAutobiography of Malcolm X. Ngathatheka ngokuphelele yileyoncwadi. Ebusuku, emva kokuba sekucinywe izibani, ngathatha incwadi ngaya nayo embhedeni futhi ngayifunda ngethoshi ngaphansi kwezingubo. Futhi ngafunda izincwadi ezazikhuluma ngokuthengiselana ngezigqila zaseAfrika. Nganginezincwadi ezinemifanekiso ezazichaza imikhumbi ethwala izigqila, ibonisa indlela abansundu ababepakishwa ngayo njengezinhlanzi; uma omunye wabo efa, babemane bamphose ngaphandle komkhumbi ukuze adliwe oshaka ababelandela leyomikhumbi. Izinto ezinjalo zazicasula emqondweni wami. Lapho ngilele ebusuku, ngangizibona lezozinto zenzeka kubantu futhi ngizibuze, ‘Abantu bangakwenza kanjani lokhu kwabanye abantu?’ Ngaba nenzondo ngabantu abamhlophe.
Ngesikhathi ngisekholiji futhi kufika amaBlack Panther esikoleni, ngangiwalungele. Ayekholelwa ukuthi amandla okubusa atholakala ngesibhamu nanokuthi kumelwe kube nokuchitheka kwegazi phakathi kwezinhlanga eMelika. Nganginombono ofana nowawo. Afuna ukuba ngiwajoyine, kodwa angizange. Ngathengisa iphephandaba lawo iBlack Panther, ngasebenzisa imilaliso kanye nawo, kodwa angizange ngihlanganyele emqondweni wawo wokungakholelwa kuNkulunkulu. Ngangisakholelwa kuNkulunkulu, nakuba ngikhungathekiswe ubuKatolika ngenxa yokuziphatha okubi nobuzenzisi babapristi ekholiji lezenkolo. Kungalesosikhathi lapho ngacabanga ngokungathi sína ngokuzibulala ngokuziphonsa ebhulohweni loMfula iMississippi.
Ngokushesha ngemva kwalokho, iSulumane Elimnyama (iBlack Muslim) lafika esikoleni, lithengisa iphephandaba iMuhammad Speaks. Saxoxa ngesimo esibucayi somuntu omnyama, futhi ngaqala ukuya emihlanganweni yamaBlack Muslim. Ayebazonda abantu abamhlophe—yiwona angifaka umqondo wokuthi umuntu omhlophe wayenguDeveli. Cha, hhayi ukuthi umane nje unobudeveli, noma wonakele kakhulu, kodwa ukuthi eqinisweni, unguDeveli—okwakuyisizathu sokuba abamhlophe benze izenzo zonya kubantu abamnyama. Babenzani emaNdiyeni aseMelika nakwabansundu ekuthengiselaneni ngezigqila? Babebulala izigidi, yilokho ababekwenza!
Ngokuqinisekile Akubona Bonke Ababengaba ODeveli
Ngakho-ke ngaba yiBlack Muslim. Ngasiyeka isibongo sami, uDugué njengoba siyisiFulentshi, futhi ngasebenzisa uX. Ngaba uVirgil X. NjengeBlack Muslim, ngangishiseka kakhulu ekuthengiseni iphephandaba labo nakweminye imisebenzi. Ngaba nomuzwa wokuthi lena kwakuyindlela elungile yokukhonza uNkulunkulu. Kodwa emva kwesikhathi esithile ngikanye namaBlack Muslim, ngaqala ukungabaza ezinye zezimfundiso zawo, neminye yemikhuba yawo—ngisho nomqondo wokuthi umuntu omhlophe wayenguDeveli.
Kuyiqiniso, ngangiye ngaba nokuhlangenwe nakho okubi ngabamhlophe ekuphileni kwami, kodwa ingabe bonke babengodeveli ngempela? Ngacabanga ngomqeqeshi omhlophe webhola lomnqakiswano owayenozwela ngakwabamnyama. Futhi kwakunommeli omhlophe osemusha owayengimelele ecaleni lokubandlululwa ngokumelene neBhodi yeSikole saseNew Orleans. Babekhona nabanye abamhlophe abakahle engangibazi ekuphileni kwami—ngokuqinisekile akubona bonke ababengaba ngodeveli.
Futhi, ngacabanga ngovuko. AmaBlack Muslim ayefundisa ukuthi lapho ufa, iphelile indaba yakho—akusekho okunye! Kodwa ngacabanga, ‘Uma uNkulunkulu ayengadala umuntu ngomhlabathi, ngokuqinisekile angamvusa ethuneni.’ Khona-ke kunesici sezezimali kumaBlack Muslim. Ngangithengisa amaphephandaba amaMuhammad Speaks angu-300 ngesonto, angu-1 200 ngenyanga, ngiletha imali kubona. Izikweletu kwakumelwe zikhokhwe yithina. Okuningi kokushumayela kwakugxile emalini. Ngangilala cishe amahora amane ngosuku. Nganginikela ukuphila kwami konke kumaBlack Muslim. Futhi manje ukungabaza kwakukhula emqondweni wami ngezinye zezimfundiso zawo. Konke lokho kwakuzulazula ekhanda lami, kwakungihlupha emqondweni wami.
Ngolunye usuku emsebenzini wami wokuziphilisa ehhovisi lomphakathi ngoDecember 1974, yonke lemicabango yaqala ukuyaluza emqondweni wami. Kwakuwumuzwa engangingakaze ngibe nawo ngaphambili. Ngacabanga ukuthi ngangiqala ukusangana. Kwakumelwe ngiphume masinyane ngaphambi kokuba okuthile okubi kwenzeke. Kwakumelwe ngithole igumbi lokuphumula, isikhathi esithile sokucabanga ukuthi ukuphila kwami kwakungiyisaphi. Ngatshela labo ababesehhovisi ukuthi kwakumelwe ngihambe usuku olulodwa. Angibachazelanga lutho.
Ngancenga UNkulunkulu Ukuba Angibonise Iqiniso
Ngashiya umsebenzi ngaphuthuma ekhaya. Ngaguqa ngamadolo ngathandaza kuNkulunkulu. Ngathandazela iqiniso. Ngokokuqala nganxusa uNkulunkulu ukuba angibonise iqiniso, angibonise inhlangano enalo. Ngaphambili ngangithandazele indlela yokusiza abantu abamnyama, inhlangano efanelekile yobuzwe ezonda abamhlophe. Kodwa manje ngamane ngathandazela iqiniso, noma ngabe laliyini, noma ngabe lalikuphi. “Uma unguAllah, ngisize. Uma ungeyena uAllah, noma ngabe ungubani, ngicela ungisize. Ngisize ukuba ngithole iqiniso.”
Ngalesisikhathi ngase ngisebenzisa igama lami eliqondile futhi, uVirgil Dugué. Ngangisahlala nomama nobaba eNew Orleans. Lapho ngiphaphama ngosuku olulandelayo emva kokuthandaza kwami ngentshiseko kuNkulunkulu, ngathola umagazini INqabayokulinda endlini. Angazi ukuthi wawufike kanjani. Kwakuxaka ngoba ngaphambili ngangingakaze ngizibone izincwadi zoFakazi BakaJehova endlini. Ngabuza kwabasekhaya ukuthi ukhona yini owayazi ukuthi uvelaphi. Akekho owayazi. Kumelwe ukuba washuthekwa ngaphansi komnyango.
Kwakungumagazini kaDecember 15, 1975. Esembozweni kwakunomfanekiso kaMariya noJosefa kanye noJesu esemkhombeni—abantu abamhlophe! Futhi kwakunombuzo othi: “Yilena Yini Indlela Yokwazisa UJesu Kristu?” Ngacabanga, ‘Bazophendula ngokuthi yebo bese bethi kumelwe ukhulekele uJesu.’ Ukuba kwakuyinoma iyiphi enye ikhophi yalomagazini, cishe ngangiyowuphonsa eceleni. Kodwa ngawuvula ngafunda isihloko sokuqala futhi ngathola ukuthi babethi uJesu akayena uNkulunkulu nokuthi akumelwe ukhulekele uJesu. Kimina lokho kwakuyisambulo! Ngangicabanga ukuthi wonke amahlelo eLobukholwa ayekhulekela uJesu nokuthi wonke acabanga ukuthi uJesu unguNkulunkulu.
Kodwa njengoba ngangiyiBlack Muslim ngangazi ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu. Ayefunda imibhalo eminingi ebonisa ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu, kuhlanganisa nalowo okuJohane 14:28: “Ubaba mkhulu kunami.” Ayefundisa ukuthi uJesu ungumprofethi, nokuthi unguElijah Muhammad, umholi wamaBlack Muslim, kwakufanele abe umprofethi wokugcina. Ngakho ngangazi ukuthi uJesu wayengeyena uNkulunkulu, futhi lapho ngifunda lokho kulesihloko, kwakusengathi ngisusé imithwalo esindayo. Ngesikhathi ngifinyelela ekupheleni kwesihloko, ngahlala lapho ngithule. Angazanga ukuthi kwakumelwe ngicabangeni. Ngangingakaneliseki ukuthi leli kwakuyiqiniso. Kodwa ngokokuqala, ngathola ukuthi akuzona zonke izinkolo ezibizwa ngokuthi ezobuKristu ezazigubha uKhisimusi noma amanye amaholide obuqaba. Futhi njengoba ngangithandazele iqiniso, ngacabanga, ‘Kungaba yilo yini? Ingabe lena impendulo emthandazweni wami?’
Ngafuna wonke amasonto abizwa ngokuthi awobuKristu, encwadini yezinombolo zocingo. Ngawashayela ucingo futhi ngabuza nje kalula, “Ingabe niyawugubha umkhosi kaKhisimusi?” Ayethi yebo, bese ngilubeka phansi ucingo. Ekugcineni ngasala noFakazi BakaJehova. Kungenzeka yini lena kube yimpendulo emthandazweni wami? Ngangingakaze ngibalalele. Mhlawumbe kwase kuyisikhathi sokubalalela. Ngashayela eHholo labo LoMbuso. Kwaphendula umuntu omhlophe. Wafuna ukuza ekhaya ukuze atadishe iBhayibheli kanye nami. Kodwa ngangixwayile. Ngathi cha. Wayemhlophe; wayesenokuba uDeveli.
Ngabuza Imibuzo, Ngathola Izimpendulo
Ngakho saxoxa ocingweni. Ngokokuqala ekuphileni kwami, ngazizwa nganelisekile. Ngangimshayela nsuku zonke, ngibuza imibuzo eyengeziwe, ngithola izimpendulo ezengeziwe. Wanginika ubufakazi. Wayesekela akushoyo ngemibhalo evela eBhayibhelini. Ngahlabeka umxhwele. Kwakungokokuqala ngomuntu ukuba asebenzise iBhayibheli ekuphenduleni imibuzo yami. Umsebe wethemba waqala ukukhanya ngaphakathi kimi. Ngathola iNew World Translation of the Holy Scriptures eyayinezikhombo ezincane ngemuva. Ngayifundisisa ngokujulile futhi ngathola amaqiniso amaningi engeziwe.
Esikhathini esingangenyanga kamuva, ngathuthela eDallas, eTexas. Emva kokuba sengizinzile, ngashayela ucingo eHholo LoMbuso lendawo. Lowo owaphendula wangilanda futhi wangihambisa emhlanganweni ehholo. Lapho ngethulwa kuFakazi owavuma ukufunda nami. Ngaya ekhaya lakhe ukuze sifunde. Ngazizwa ngilambile ngokomoya, ngakho safunda kathathu ngesonto, amahora amaningi ngesifundo ngasinye. Igama lakhe kwakunguCurtis. Ngangisuke sengimlinde ekhaya kwakhe lapho efika evela emsebenzini. Wayengibekezelela kakhulu. Ngangingazi ukuthi izifundo zeBhayibheli zasemakhaya zazivamise ukuqhutshwa kanye ngesonto futhi ihora elilodwa kuphela, futhi uCurtis akazange angitshele. Waqala ukufunda nami ngoJanuary noma ngoFebruary ka-1975; saqeda incwadi Iqiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade ngoMay walowonyaka.
Ngokushesha kamuva, ngaphindela eNew Orleans, ngahlanganyela noFakazi eHholo LoMbuso, futhi ngaqala ukuhamba indlu ngendlu, ngimemezela izindaba ezinhle zoMbuso. Ngaba nomuzwa wokuthi njengoba ngangishiseka kangaka njengomBlack Muslim, ngichitha amahora angu-100 noma angu-150 ngenyanga ngithengisa amaphephandaba amaMuhammad Speaks futhi ngithola amahora amane kuphela okulala, kumelwe ngishiseke njengomunye woFakazi BakaJehova. Ngakho-ke ngaphandle kokuzitadishela ngokwami, ngangishumayela futhi ngiqhuba izifundo zeBhayibheli eziningi emakhaya abanye. Eqinisweni, ngikhumbula ukuthi kwesinye isimiso soMhlangano Wenkonzo, usihlalo wangibuza:
“Usebenze isikhathi esingakanani ensimini ngenyanga edlule?”
“Cishe amahora ayikhulu.”
“Zingaki izifundo zeBhayibheli oziqhubayo?”
“Ziyishumi.”
Kwaba nokuswebeza ezilalelini lapho zizwa lelinani eliphakeme, futhi ngamangala, ‘Ingabe ngikhulume iphutha? Ingabe angenzi okwanele?’
Izifiso Zami Zagcwaliseka
Ngathuthuka kwaze kwaba seqophelweni lokuzinikezela futhi ngabhapathizwa ngoDecember 21, 1975. Ngonyaka olandelayo uJehova wangibusisa ngomfazi omuhle, uBrenda. Eqinisweni, ngahlangana noBrenda okokuqala ngosuku engabhapathizwa ngalo. Wayengummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele ngalesosikhathi futhi waqhubeka enguye emva kokuba sesishadile. Eminyakeni emibili kamuva, ngo-1978, ngaqalisa ukumemezela isikhathi esigcwele kanye naye. Eminyakeni emibili emva kwalokho, ngo-1980, mina noBrenda samenyelwa ukuba ngamalunga oMkhaya waseBethel eBrooklyn, eNew York, indlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Sisaqhubeka sikhonza uJehova lapho.
Uma ngibheka emuva ekuphileni kwami, ngicabanga ngeminyaka yobusha bami lapho ngifisa ukuba umpristi wamaKatolika futhi ngikhonze uNkulunkulu nomuntu. Ngicabanga ngokufunisisa kwami injongo, okokuqala namaBlack Panther kamuva namaBlack Muslim, futhi ngikhumbula izinsuku zokudunyazwa yilezinhlangano, njengoba nje ukudumazeka kwakufikile ngaphambidlana ngobupristi. Kodwa kukho konke, ukholo lwami kuNkulunkulu aluzange luntengantenge. Ngiyambonga uJehova ngokuthi wangihlenga eziqalweni zenkolo yamanga nezombangazwe futhi wangibeka endleleni eya eqinisweni nasekuphileni.
Ekugcineni, izifiso zami zobusha zokukhonza uNkulunkulu nomuntu zigcwalisiwe!—Ilandiswa uVirgil Dugué.
[Isithombe ekhasini 23]
UVirgil noBrenda Dugué