Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Umsebenzi Wangemva Kwesikole Uyongisiza Ukuba Ngikhule?
BABILI kwabathathu—singako isibalo sabeve eshumini elinambili abasebenzayo eUnited States njengamanje. Futhi bachitha amahora asukela kwangu-16 kuya kwangu-20 ngesonto benza kanjalo!a
Kungani intsha ithutheleka ngamanani amakhulu emisebenzini? UBrian oneminyaka engu-16 uyachaza: “Esimweni sami kumelwe [ngisebenze]. Umama nobaba behlukanisile, futhi kumelwe ngisize umama nganoma iyiphi indlela engingakwazi ngayo.” Imikhaya eminingi idinga ngokufanayo usizo olungokwezomnotho. Futhi ngisho nalapho osemusha enganikeli ngokuqondile ezindlekweni zasekhaya, uma nje ekwazi ukuzithengela ezakhe izingubo noma ezinye izinto zomuntu siqu, lokhu kubakhulula ngokuphumelelayo abazali ekucindezelekeni okuthile okungokwezomnotho.
Yiqiniso, intsha eningi isebenzela ukuba yanelise ukuthanda kwayo izingubo ezibizayo, izicathulo, noma ukudla okuthengwayo okungenamsoco. Kodwa ngentsha ethile, umsebenzi ngokuyinhloko usho isinyathelo esikhulu esiya ebudaleni. USuzanne oneminyaka engu-19 wabhala kumagazini iSeventeen: “Ngiyasebenza ngoba ngiyakujabulela ukuzinakekela. Akudingeki ukuba ngithembele kubazali bami ukuze ngikhokhele izindleko zami. . . . Abazali bangabanika abantwana babo imali, kodwa ngeke babanike umuzwa wokwaneliseka oza nokuzuza okuthile.” Futhi mhlawumbe uzizwa ngendlela efanayo—ukuthi ukuba nomsebenzi kungaba okuhlangenwe nakho okuhle, ukuthi kungakusiza ukuba ukhule ngokushesha ngokwengeziwe. Kodwa ingabe ngempela kungenza kanjalo?
Ukusebenza—Izinzuzo
IBhayibheli liyabulahla ubuvila. “Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi-lutho,” kusho IzAga 13:4. “Kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa.” Ngakho uma ngempela udinga okuthile okubiza ngaphezu kokuba abazali bakho befuna, noma abangaba namandla okukukhokhela, umbono wokusebenza ngenkuthalo ukuze ukwazi ukuzithengela khona ngokwakho ungase utuseke.
Abaningi bayaqhubeka baphikise ngokuthi ukusebenza kungasiza ekufundiseni osemusha ngokuphila ezweni elingokoqobo. UEllen Greenberger noLaurence Steinberg baye benza ukucwaninga okubanzi futhi okusakazwe kabanzi ngesihloko esiphathelene nentsha esebenzayo. Bathola ukuthi intsha enjalo “ifunda ngezinqubo zezamabhizinisi, ukuphathwa kwezimali, nezibalo zabathengi.” Umsebenzi futhi ngeke uvulele omusha kuphela kokuhlangenwe nakho kokusebenza eduze nabantu abadala kodwa futhi nasekucindezelekeni kwabantu abadala nemithwalo yemfanelo. Angase futhi afunde ukuthi angasebenza kanjani ngaphansi komqashi “ongeneliseki kalula” noma onolaka, noma ukuthi angasebenzelana kanjani ngomusa nabathengi abanolaka—nasebenza nabo. (1 Petru 2:18) “Ngangimncane kunabo bonke emsebenzini,” kukhumbula uAnthony, “futhi wonke umuntu wayengigcona. Kodwa ngafunda ukuthi ngingasebenzelana kanjani nabantu.”
Ukusebenza futhi kungafundisa osemusha amakhono nemikhuba yokusebenza, njengokugcina isikhathi, okungaba usizo kamuva ekuphileni. (Qhathanisa nezAga 22:29.) “Ngafunda umthwalo wemfanelo,” kusho insizwa okuthiwa nguEric. “Ukusebenza nomalume kwangifundisa ukuthi ngingawenza kanjani umsebenzi ngezinga eliphezulu,” kwenezela uDuane. “Wayegcizelela ekucocekeni, futhi lapho yonke into yayingenzeki kahle, sasiyiphinda futhi.” UOlga owayenza umsebenzi wokuba unobhala ngenkathi esafunda uyenezela: “Ngathola okuhlangenwe nakho okuhle komsebenzi. Futhi ukukhuluma njalo ocingweni kwangifundisa ulimi oluhle.”
Ukusebenza kungafundisa futhi ukuziqhenya ngokufeza okuthile. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 2:24.
Kungakanani Umuntu Akufundayo Ngempela?
Noma kunjalo, abaningi bakholelwa ukuthi imisebenzi yanamuhla ayimsizi kangako osemusha ukuba akhule. Esikhathini esidlule, intsha esebenzayo yayifunda umsebenzi noma okungenani amakhono athile awusizo. Nokho, namuhla, intsha eningi (ikakhulukazi eUnited States) isebenza ezindaweni zokudlela ezithengisa ukudla okungenamsoco noma kwezinye izimboni lapho umsebenzi uhlanganisa imisebenzi enjengokufaka amahamburger emabhokisini noma ukusebenzisa umshini wemali. Abaningi bayakungabaza ukubaluleka okuhlala njalo komsebenzi onjalo. UGreenberger noSteinberg bayakhala: “Osemusha ovamile uchitha amaphesenti angaphansi kuka-10 esikhathi sakhe emsebenzini—cishe imizuzu emihlanu kuphela ngehora ngalinye—emisebenzini enjengokufunda, ukubhala, nezibalo. . . . Imisebenzi eminingi iphawuleka ngokungabinakho ukwehlukahluka, ngokuba eyohlobo olulodwa ngokwedlulele, nangokuphindaphindwa kwemisebenzi engathakazelisi.”
Isihloko esikuyiWall Street Journal sithi: ‘Iningi lentsha yanamuhla esebenzayo alifundi lutho oluwusizo ngaphandle kokufuna ukubukwa. Ubuchwepheshe buye bayiguqulela ekubeni icishe ibe imishini. Imishini yokubala impahla nemishini eyinkimbinkimbi yemali iyibalela amanani entengo iyibalele noshintshi. Ezindaweni ezithengisa ukudla okungenamsoco, imishini yokupheka ezisebenzela ngokwayo isusa ithuba lokugcina lokuthi osemusha angacosha nembijana yamakhono okupheka.’ Imisebenzi enjalo ngokungangabazeki inikeza izinkonzo ezidingekayo neziwusizo. Nokho, ingenza okuncane ukuze ihlomisele osemusha amathuba emisebenzi yabantu abadala.
Kodwa kuthiwani ngokuhlangenwe nakho kokusebenza nabantu abadala? UGreenberger noSteinberg bathi: “Indawo yezemisebenzi abantu abasha abaqashwe kuyo iye yaba ehlukene ngokweminyaka yobudala ngezinga elikhulayo. Kunokusebenza ngokuseduze nabantu abadala, . . . abantu abasha banamuhla bathambekele kakhulu ekusebenzeni ngokusondelana nenye intsha.” IWall Street Journal ibiza izindawo zokusebenza ezinjalo ngokuthi “imijondolo yentsha.”
“Ukuchuma Kungakabi Yisikhathi”
Intsha eningi eUnited States ngenyanga ihola ngaphezu kuka-R520 emisebenzini yayo. Ingabe ukuphatha lemali ngeke kube okuhlangenwe nakho okuwusizo? Cabangela ukuhlolwa kwabafundi abasebenzayo abasesikoleni esiphakeme abavela ezikoleni ezingaphezu kwenkulungwane ezihlukene. Kwatholakala ukuthi izingxenye ezintathu kwezine zabo azinikelanga lutho ezindlekweni zomkhaya. Cishe amaphesenti angu-60 abo awabekanga lutho eceleni ukuze onge! Likhululekile emthwalweni wokukhokhela intela yendlu, umshuwalense, nokudla, iningi lalisebenzisa imali yalo njengemali yokuzibheka—abayisebenzisa ngokuthanda kwabo.
UJerald G. Bachman weSikhungo Sokucwaninga Ngenhlalo uthi lapho “abeve eshumini elinambili beba nemali eningi yokuyisebenzisa,” kuba “ukuchuma kungakabi isikhathi,” noma ingcebo. Kungani kunjalo? UBachman uyachaza: “Abafundi abaningi basesikoleni esiphakeme bahlelela ukuthenga izinto zokunethezeka lezo abangase bangakwazi ukuzithola eminyakeni emihlanu kamuva, lapho iholo labo kuyomelwe lihlanganise nezinto ezingezona ezokunethezeka njengokudla nentela.” Yebo, kunokuba kufundise osemusha umthwalo wemfanelo ongokwezimali, ukuba nemali eningi kakhulu kungafundisa khona kanye okuphambene. Kungase kwakhe ukuthanda ukunethezeka okungekhona okungokoqobo futhi kwenze ukudlulela ezweni elingokoqobo lobudala kube okulimaza ngisho nangokwengeziwe.
IBhayibheli futhi libonisa ukuthi ukuphishekela ingcebo kuwukuzikhandla okuyize. Lithi: “Ungakhandlekeli ukuceba. . . . Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.”—IzAga 23:4, 5.
Ukuthi umsebenzi uba okuhlangenwe nakho okufundisayo kuyoxhomeka ohlotsheni lomsebenzi ohilelekile, uhlobo lwabantu osebenza nabo noma obasebenzelayo, nokuthi uzikhandla kangakanani emsebenzini wakho. Injongo yakho yokusebenza nokuthi uyisingatha kanjani leyomali oyiholayo nakho kuyokwenza umehluko omkhulu ekutheni ukusebenza kuyakusiza noma kuyakulimaza yini.
Kodwa uma kuwukuthi ukukhula yiyonanto onesithakazelo ngempela kuyo, phawula ukuthi uGreenberger noSteinberg baphetha kanjani: ‘Kunemisebenzi etholakalayo engase ibe ezuzisa ngokwengeziwe kunokusebenza. Lemisebenzi ihlanganisa ukufunda nokutadisha ngaphandle kwasesikoleni nokuthatha imithwalo yemfanelo yomsebenzi wokuzithandela ongakhokhelwa noma inkonzo yomphakathi.’ Ngokwesibonelo, uNina wenza inkonzo yomphakathi ewusizo kakhulu ngemva kwesikole njengesikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Uthi: “Ngahlela nomeluleki wami wezemfundo ukuthi ngibe nosuku lwesikole olufushane ukuze ngiphume esikoleni kusesemini. Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngiya emsebenzini wokushumayela wasobala. Ngiyathanda ukuwenza. Ngiwuthanda kakhulu!” Ingabe isimiso sakho nezimo zakho siqu kungakuvumela ukuba wenze okufanayo? Ukuthuthukisa “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” ngalendlela ngokungangabazeki kungaba okuzuzisa ngokwengeziwe kunokusebenza emsebenzini othile!—1 Thimothewu 4:8.
Kodwa enye intsha ingase ifune, noma idinge, ukuba isebenze ngenxa yezizathu ezingokwezimali. Izihloko ezizayo zizocubungula ubuhle nobubi balokho.
[Umbhalo waphansi]
a Isibalo esikhulayo sabafundi abasebenzayo siye sabizwa ngokuthi “isici esivelele saseMelika.” (When Teenagers Work, kaEllen Greenberger noLaurence Steinberg) Intsha kwamanye amazwe ithwele imithwalo emikhulu yemfundo, futhi imisebenzi ngokuvamile iyantuleka. Noma kunjalo, akungabazeki ukuthi lesihloko sizoyithakazelisa intsha eningi esemazweni okukhona kuwo amathuba omsebenzi. Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngesimo emazweni asathuthuka.
[Isithombe ekhasini 26]
Umsebenzi ungafundisa osemusha ukuthi angasebenzelana kanjani nabaqashi nasebenza nabo ngendlela yabantu abadala