Ukholo LukaWyndham—Indlela Oluye Lwabathinta Ngayo Abanye
UMAGAZINI iPhaphama! ka-August 22, 1991, wanyathelisa isihloko esikhuluma ngokwethembeka kukaWyndham Cook emthethweni kaNkulunkulu oyala amaKristu ukuba ayeke igazi. (IzEnzo 15:20; 21:25) UWyndham wayenemithambo edumbile emminzweni wakhe, futhi wayengumuntu onegazi elingakunqamuli ukopha. Isihloko sabika ukuthi wasinda eziwombeni zokopha eziningana, kokunye isilinganiso sakhe sehemoglobin sehla saba ngaphansi kuka-2. Ngokudabukisayo, njengoba lomagazini oshiwo ngenhla wawunyatheliswa, uWyndham wafa ngemva kwesinye isiwombe sokopha.
Umphumela Kwenye Intsha Ekanye Naye
Intsha eningi eUnited States yabhalela iPhaphama! izwakalisa ukwazisa ngalesihloko futhi ichaza umphumela esaba nawo kuyo. Omunye waseClinton, eIowa, wathi: “Lapho ngifunda indlela lomfana oneminyaka engu-15 ubudala abhekana ngayo ngesibindi nodokotela futhi nendlela abachazela ngesineke ngayo ukuthi kungani ayelenqaba igazi, kwangenza ngahlola ukholo lwami siqu futhi ngazibuza ukuthi yini engangiyoyenza. Ukholo lukaWyndham nokukhuthazela kwangenza ngazizwa ngizimisele ngokwengeziwe kunanini ukuthi uma bengisesimweni sokufa nokuphila, bengiyokuma ngendlela enza ngayo.”
Incwadi evela kothile oneminyaka engu-15 ubudala waseMaiden, eNyakatho Carolina, yathi: “Ngemva kokufunda ngokuhlupheka kukaWyndham nokuthembela kwakhe kuJehova kuze kube ngisho nasekufeni, ngakhala. Ngazibuza lowombuzo ohlola inhliziyo, ‘Ingabe mina ngaphansi kwezimo ezinjalo ngangiyobeka ukuphila kwami ezandleni zikaNkulunkulu futhi ngithembele kuye ngokuphelele ukuthi uyongikhumbula?’
“Ngiye ngasifunda ngokuphindaphindiwe lesihloko izikhathi eziningi, futhi ngihlose ukubhekisela kuso noma ngasiphi isikhathi lapho ngizizwa ngidabukile ngenxa yalelizwe elicindezelayo. Ukholo lukaWyndham lunikeza isikhuthazo. Ngibheke phambili ekumboneni emhlabeni omusha kaJehova othenjisiwe.”
Omunye osemusha, waseDolobheni laseNew York, wabhala: “Ngiyaye ngizicabange njalo ngisesimweni esifana nesikaWyndham Cook futhi ngizibuze ukuthi bengingathini uma udokotela wami engitshela ukuthi ngangizokufa uma ngingakwamukeli ukumpontshelwa igazi. Ngaso sonke isikhathi ngigcwala isibindi futhi ngiqiniswe izibonelo ezinamandla, njengesikaWyndham, ukuba ngenze okungcono enkonzweni eya kuJehova.”
Osemusha waseKent, eWashington, wachaza: “Ngilande lomagazini eposini izolo futhi ngaqeda ukuwufunda ngaphambi kokubuyela ekhaya. Ngashayela abangane bami abaningi basebandleni ucingo ukuze ngituse lesihloko. Khona-ke ngalobobusuku safunda sona esifundweni sethu somkhaya.” Ephawula umphumela esaba nawo kuye, wathi: “Asizange nje kuphela sibe ngesikhuthazayo nesiqinisa ukholo kodwa sangenza, njengoba ngineminyaka engu-17 ubudala, ngazibuza ukuthi ngingakwazi yini ukubhekana novivinyo olunjalo.”
Osemusha waseNyakatho Berwick, eMaine, wabhala: “Ngangimqonda uWyndham ngoba nami ngineminyaka engu-15 ubudala. Angikwazi ukusho ukuthi ukukhuthazela kwakhe nesibindi kuye kwangishukumisela kangakanani ekwenzeni okungcono kakhulu enkonzweni kaJehova. Uma wayengenza okukhulu kangaka ukuze ajabulise uNkulunkulu ngisho nasesimweni sakhe esibuthakathaka, khona-ke nginasiphi isizathu sokuzigodla?
“Lapho ngiqeda ukufunda lesihloko esihle, amehlo ami ayegcwele izinyembezi. Ngazizwa sengathi ngangimazi uWyndham konke ukuphila kwami. Ngifisa sengathi ngangimazi. Khona-ke ngabuka isithombe sakhe nabazali bakhe futhi ngacabanga ngendlela engangijahe ngayo ukuphinda ngibone ukumomotheka kwakhe okuhle ngemva kovuko lapho engasayikubuzwa nanini ubuhlungu.”
Omunye oneminyaka engu-15 ubudala wayefuna ukwazisa abazali bakaWyndham indlela ayezizwa ngayo ngalesihloko. Wabhala: “Isibindi sikaWyndham sangisiza ukuba ngibone ukuthi ngidinga ukuzilungiselela ukuba ngilwele izinkolelo zami. Noma yingasiphi isikhathi ngingaba sesimweni esifanayo. Ngifisa nje ukuthi uma kwenzeka kufika isikhathi lapho ngidinga ukwenza isinqumo, ngibe nesibindi futhi ngizimisele njengoba uWyndham ayenjalo ekulandeleni lokho iBhayibheli elikushoyo.
“Bengingamazi uWyndham, engiqinisekayo ngokuthi kuwukulahlekelwa ngokwakho, kodwa ngempela ngibheke phambili ekutheni ngimazi lapho umhlaba omusha usukhona. Indaba yakhe iye yangishukumisela ukuba ngenze konke engingakwenza enkonzweni kaJehova futhi ngikwenze kuze kube sekupheleni.”
Siqinisa Ukholo Kubo Bonke
Umzali othile waseNewark, eNew Jersey, wachaza: “Sekuyiminyaka engu-22 ngingomunye woFakazi BakaJehova kodwa ngangiya emihlanganweni ngaphambi kwalesosikhathi. Ngiye ngabafunda njalo bonke omagazini bami, kodwa angikaze ngifunde indaba eyayithinta inhliziyo ngokwengeziwe futhi ikhuthaza kunaleyo kaWyndham Cook.
“Manje ngingaqhubeka nokugcwalisa indima yami engiyinikwe uNkulunkulu njengomzali kuphela ngokusiza indodakazi yami eneminyaka eyishumi ubudala ukuba ime iqine futhi ivikele ukholo njengoba kwenza uWyndham. Kungakhathaliseki ukuthi impikiswano yegazi, izidakamizwa, ubulili, noma yikuphi ukuziphatha okubi uSathane akuletha kithi sonke, ikakhulukazi entsheni yethu, kumelwe siqhubeke sihlale siqinile ngokwakha ukholo lwethu.”
UFakazi othile waseCadiz, eKentucky, wazwakalisa imizwa efanayo, ebhala: “Lesi singezinye sezihloko ezithinta inhliziyo kakhulu engake ngazifunda. UWyndham wayeyisibonelo esihle kakhulu sokulandelwa yibo bonke abasebasha. Ngakhala njengoba ngangifunda ngalokho loFakazi omuhle osemusha okwakudingeka adlule kukho. Ngaqaphela indlela sonke, abancane nabadala ngokufanayo, okufanele silandele ngayo ukuma kwakhe kwesibindi. Isibonelo sikaWyndham sangenza ngazihlola kabusha. Siye sangenza ukuba ngizame kanzima ngisho nangokwengeziwe ukusebenzela uJehova ngomphefumulo wonke, ngaso sonke isikhathi ngizama ukubeka isibonelo esihle, njengoWyndham, sokungcwelisa igama likaJehova.”
Omunye uFakazi, wasePalm Springs, eCalifornia, wabhala: “Lesihloko sathinta inhliziyo yami ngokukhethekile. Nginezingane eziyisihlanu, futhi ngithemba futhi ngithandazela ukuthi uma kwenzeka zibhekana naloluhlobo lokuvivinywa, zibe namandla okholo uWyndham ayenawo. . . . UWyndham uyisibonelo esihle sentsha yethu.”
Ukholo lwangempela luwukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo ngisho nakuba umuntu engakaziboni noma ahlangabezane nazo lezinto. (Heberu 11:1) UWyndham wayenokholo emhlabeni omusha kaNkulunkulu nasovukweni lwabafile ngenxa yolwazi oluqondile lwezithembiso zeBhayibheli. (IzEnzo 24:15; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Ukholo olunjalo, oluboniswa ngisho nasekufeni, ngokuqinisekile lunikeza amandla kubazalwane bomhlaba wonke.—1 Petru 5:9.