Intsha ‘Enamandla Angaphezu Kwavamile’
UMNCANE. Uneminyaka engu-12 kuphela. Unomkhaya wakini owuthandayo. Unabangane basesikoleni obajabulelayo. Ushaywa umoya ebhishi nasezintabeni. Ushaywa uvalo lapho ubheka isibhakabhaka esigcwele izinkanyezi. Ngaphambi kwakho kukhona konke ukuphila kwakho.
Futhi manje unomdlavuza. Izindaba ezinjalo zibuhlungu lapho uneminyaka engu-60 ubudala. Ziyinhlekelele lapho uneminyaka engu-12.
ULenae Martinez
Kwabonakala kunjalo ngoLenae Martinez oneminyaka engu-12. Ithemba lakhe kwakuwukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Lelithemba laliqiniswa ukuqeqeshwa okungokweBhayibheli ayekuthole kubazali bakhe, abangoFakazi BakaJehova. Akazifundelanga yini eBhayibhelini ukuthi umhlaba uyohlala phakade, ukuthi wawudalelwe ukuba kuhlalwe kuwo phakade, nokuthi abathobekile bayodla ifa lomhlaba phakade?—UmShumayeli 1:4; Isaya 45:18; Mathewu 5:5.
Manje wayese-Valley Children’s Hospital eFresno, eCalifornia, e-U.S.A. Wayelaliswe lapho ngenxa yalokho okwakubonakala kuyisifo sezinso. Nokho, ukuhlola kwembula ukuthi wayene-leukemia. Odokotela ababelapha uLenae bathola ukuthi kufanele kumpontshelwe amangqamuzana egazi abomvu ajiyile nezinhlayiyana zegazi futhi kufanele baqale ngokushesha ukumelapha ngamakhemikhali.
ULenae wathi wayengalifuni igazi noma imikhiqizo yalo, ukuthi wayefundiswe ukuthi uNkulunkulu uyakwenqabela lokho, njengoba kuboniswe ezincwadini zeBhayibheli uLevitikusi nezEnzo. “Ngokuba kwaba-kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezizinto ezifunekayo zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.” (IzEnzo 15:28, 29) Abazali bakhe bamsekela kulokhu kuma, kodwa uLenae wagcizelela ukuthi kwakuyisinqumo sakhe futhi sasibaluleke kakhulu kuye.
Odokotela bakhuluma izikhathi eziningana noLenae nabazali bakhe. Noma kunjalo, bafika futhi ntambama ngolunye usuku. ULenae wathi ngokuphathelene nalokhu kuhambela: “Ngangibuthakathaka kakhulu ngenxa yabo bonke lobuhlungu futhi ngangilokhu ngihlanza igazi eliningi. Bangibuza imibuzo efanayo, kodwa ngendlela ehlukile. Ngaphinde ngabatshela: ‘Angifuni gazi nanoma yimiphi imikhiqizo yalo. Uma kudingekile, ngingamane ngamukele ukufa, kunokuba ngiphule isithembiso sami kuJehova uNkulunkulu sokwenza intando yakhe.’”
ULenae waqhubeka: “Babuya ekuseni ngosuku olulandelayo. Isilinganiso sezinhlayiyana zegazi sasehla, futhi imfiva eyayingiphethe yayisesezingeni eliphakeme. Ngabona ukuthi kulesikhathi udokotela wayengilalelisisa. Ngisho noma babengakuthandi ukuma kwami, basho ukuthi ngingumntwana oneminyaka engu-12 ovuthwe kakhulu. Kamuva udokotela wezifo zabantwana owayengelapha wangena futhi wangitshela ukuthi wayedabukile kodwa akukho okwakungangisiza ngaphandle kokwelashwa ngamakhemikhali nokumpontshelwa igazi. Waphuma wathi uzobuya kamuva.
“Lapho ephuma, ngaqala ukukhala kakhulu ngoba wayenginakekele kukho konke ukuphila kwami, futhi manje ngazizwa sengathi wayengikhaphela. Kamuva lapho engena, ngamtshela ukuthi wayengenze ngaphatheka kanjani—ukuthi wayengasangikhathaleli. Lokhu kwammangaza, futhi wathi wazisola ngalokho ayekushilo. Wayengahlosile ukungiphatha kabi. Wangibheka wayesethi: ‘Nokho, Lenae, uma kumelwe kube njalo, khona-ke ngiyokubona ezulwini.’ Wakhumula izibuko zakhe futhi, ehlengezela izinyembezi, wathi uyangithanda wabe esengigona. Ngambonga ngase ngithi: ‘Ngiyabonga. Nami ngiyakuthanda, Dkt. Gillespie, kodwa mina nginethemba lokuphila emhlabeni oyipharadesi ovukweni.’”
Khona-ke kwafika odokotela ababili nommeli, batshela abazali bakaLenae ukuthi bafuna ukukhuluma naye eyedwa, futhi bacela abazali bakhe ukuba baphume, nangempela baphuma. Kuyo yonke lengxoxo, labodokotela babenokucabangela nomusa futhi yabahlaba umxhwele indlela kaLenae yokukhuluma ecacile nokuqiniseka kwakhe okujulile.
Lapho besele naye, bamtshela ukuthi wayezobulawa i-leukemia futhi bathi: “Kodwa ukumpontshelwa igazi kuzokwelula ukuphila kwakho. Uma ulenqaba igazi, uzofa ezinsukwini ezimbalwa.”
ULenae wabuza: “Uma ngilamukela igazi, lizokwelula kangakanani ukuphila kwami?”
“Cishe ngezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha,” bephendula.
“Yini engingayenza ezinyangeni eziyisithupha?” ebuza.
“Uyoba namandla. Ungenza izinto eziningi. Ungavakashela eDisney World. Ungabona nezinye izindawo eziningi.”
ULenae wacabanga kafushane, wayesephendula: “Ngikhonze uJehova konke ukuphila kwami, iminyaka engu-12. Ungithembise ukuphila okuphakade ePharadesi uma ngimlalela. Ngeke ngimshiye manje ngenxa yokuthi ngizophila izinyanga eziyisithupha. Ngifuna ukwethembeka ngize ngife. Khona-ke ngiyazi ukuthi esikhathini sakhe esifanele uyongivusa ekufeni futhi anginikeze ukuphila okuphakade. Khona-ke ngiyoba nesikhathi esiningi sokwenza noma yini engifuna ukuyenza.”
Ngokusobala labodokotela nommeli babehlabeke umxhwele. Bamncoma base bephuma batshela abazali bakhe ukuthi ucabanga futhi akhulume njengomuntu omdala futhi uyakwazi ukwenza izinqumo zakhe siqu. Batshela ikomiti yezindinganiso zokuziphatha yase-Valley Children’s Hospital ukuthi uLenae kufanele abhekwe njengomntwana osevuthiwe. Lekomiti, eyakhiwe odokotela nezinye izingcweti zokunakekelwa kwempilo, kanye nomunye uprofesa wezindinganiso zokuziphatha waseFresno State University, yenza isinqumo sokuvumela uLenae ukuba azenzele izinqumo zakhe ngendlela yokwelashwa kwakhe. Babheka uLenae njengomntwana osevuthiwe. Akuzange kufunwe sinqumo senkantolo.
Ngemva kobusuku obude, obunzima, ngo-6:30 ekuseni, ngo-September 22, 1993, uLenae washonela ezingalweni zikanina. Isizotha nokuzola kwalobobusuku ngeke kulibaleke ezingqondweni zababekhona. Ababekhona enkonzweni yesikhumbuzo babengu-482, kuhlanganise nodokotela, abahlengikazi, nothisha, ababehlatshwe umxhwele ukholo nobuqotho kukaLenae.
Abazali nabangane bakaLenae bakubonga ngokujulile ukuthi odokotela nabahlengikazi nabaqondisi base-Valley Children’s Hospital bakuqonda kakhulu ukuvuthwa kwalomntwana nokuthi akudingekanga cala lasenkantolo ukuze kwenziwe lesosinqumo.
UCrystal Moore
UCrystal Moore oneminyaka engu-17 akazange acatshangelwe kanjalo lapho elaliswa e-Columbia Presbyterian Medical Center eDolobheni laseNew York. Wayephethwe isifo sokuvuvuka kwamathumbu. Lapho elaliswa kulesibhedlela, uCrystal, kanye nabazali bakhe, bakugcizelela ngokuphindaphindiwe ukwenqaba kwakhe igazi. Wayengakufuni ukufa; kunalokho, wayefuna ukwelashwa okuvumelana nomyalo weBhayibheli wokuyeka igazi.—IzEnzo 15:28, 29.
Iqembu lezokwelapha elalinakekela uCrystal laliqiniseka ukuthi isimo ayekuso sasidinga ukuba ampontshelwe igazi. Omunye udokotela walibeka ngesihloko: “Uma uCrystal engenakumpontshelwa igazi ngoLwesine, ngo-June 15, khona-ke ngoLwesihlanu, ngo-June 16, uyobe esefile!” Ngo-June 16, uCrystal wayesaphila, futhi lesibhedlela senza isicelo eNkantolo Ephakeme yasesiFundazweni saseNew York ukuze sithole igunya lokumpompela igazi ngenkani.
Ekuqulweni kwalelicala, okwenziwa ngokushesha ekuseni kulesibhedlela, omunye wodokotela waqinisekisa ukuthi uCrystal wayedinga ngokushesha izilinganiso ezimbili zegazi nokuthi okungenani wayengase adinge izilinganiso ezengeziwe eziyishumi. Waqhubeka wathi uma uCrystal engazama ukumelana nokumpontshelwa igazi, uyombophela embhedeni ngezihlakala nangemilenze ukuze kufezwe lenqubo. UCrystal watshela labodokotela ukuthi ‘uyomemeza futhi aklabalase’ uma bezama ukumfaka igazi nokuthi njengomunye woFakazi BakaJehova, wayebheka noma yikuphi ukufakwa igazi ngenkani njengokwenyanyeka njengokudlwengulwa.
Naphezu kwezicelo eziphindaphindiwe zommeli wakhe ngesikhathi sokuqulwa kwalelicala, uCrystal akalinikezwanga ithuba lokuzikhulumela phambi kwenkantolo ukuze abonise ikhono lakhe lokuzenzela izinqumo. Nakuba uCrystal ayesanda kuthola umklomelo we-Super Youth Program esikoleni esiphakeme ayefunda kuso ngokudla ubhedu kubafundi ezifundweni nasebuholini, umahluleli owayequla icala lakhe wamenqabela ukuba anikeze ubufakazi obala ngokwenqaba kwakhe igazi. Lokhu kwaphumela ekwenqatshweni kwamalungelo angokomthetho kaCrystal, ukuzikhethela ngokuqondene nalokho okwenziwa emzimbeni womuntu, inkululeko yomuntu siqu, nenkululeko engokwenkolo.
Nakuba inkantolo eyayiqula icala lakhe ingamvumelanga uCrystal ukuba anikeze ubufakazi obala, yamvakashela eyedwa uCrystal egunjini lakhe isikhathi esingaba imizuzu engu-20. Ngemva kwalokhu kuhambela umahluleli owayequla icala lakhe wathi uCrystal ‘ngokusobala wayehlakaniphe kakhulu’ futhi “eyiciko kakhulu” futhi wachaza ukuthi uCrystal “ngokuqinisekile wayehluzekile engqondweni” futhi “ekwazi ukuzikhulumela ngokugcwele.” Naphezu kwalokhu kuphawula, lenkantolo eyayiqula icala lakhe yenqaba ngokuqinile ukumnika ithuba lokuzinqumela ngokwelashwa kwakhe.
NgeSonto ekuseni, ngo-June 18, kwadingeka ukuba uCrystal ahlinzwe ngokushesha, lokho akuvuma kodwa waqhubeka elenqaba igazi. Kwalahleka igazi elingamamililitha angu-50 kuya kwayikhulu kuphela phakathi nalenqubo. Nokho, labodokotela babethe kwakungase kudingeke ukuba kumpontshelwe igazi ngemva kwalokhu kuhlinza. Omunye udokotela wagcizelela ukuthi kwakungeke kudingeke ukuba ampontshelwe igazi. Eminyakeni engu-13 edlule wayebhekane ngokuphindaphindiwe nezimo ezifanayo zokwelapha ngaphandle kokusebenzisa igazi, futhi kamuva akuzange kudingeke ukuba kumpontshelwe igazi.
Ngo-June 22, 1989, lenkantolo eyayiqula lelicala yanikeza lesibhedlela ilungelo lesikhashana lokunakekela uCrystal ngenjongo yokuba kumpontshelwe igazi kuphela uma “kudingeka ukuze kuvikelwe futhi kulondolozwe ukuphila kwakhe.” Lelilungelo lokunakekela laphela lapho uCrystal ephuma kulesibhedlela. UCrystal akazange alidinge nakancane igazi, futhi alizange limpontshelwe nakancane, kodwa kuyashaqisa ukubona indlela lenkantolo eyamphatha ngayo.
Selokhu aphuma esibhedlela, uCrystal waphumelela ngamalengiso esikoleni esiphakeme. Ngokushesha ngemva kwalokho, waba isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova. Waba umqondisi wezivakashi eHholo Lomhlangano loFakazi BakaJehova eJersey City futhi ngokuzithandela waba ilungu leqembu elakha futhi livuselele amaHholo OMbuso.
Nokho, odokotela baseColumbia Presbyterian Medical Center bathi uma engenakumpontshelwa igazi ngo-June 15, uyobe esefile ngo-June 16 nokuthi uma enqaba ukumpontshelwa igazi, uyoboshwa izihlakala nemilenze. Lapho odokotela abafuna izimvume zenkantolo belibeka ngesihloko ukuthi uma umahluleli engavumelani nabo ngokushesha, isiguli sizofa, mabakhumbule indaba kaCrystal Moore.
ULisa Kosack
Ubusuku bokuqala bukaLisa esiBhedlela Sabantwana Abagulayo saseToronto babungaphezu kwesenzakalo esihlasimulisayo. Wangena ngehora lesine ntambama futhi ngokushesha wahlolwa ngokuphindaphindiwe. Ngalobobusuku akazange ayiswe egunjini lakhe kwaze kwaba imizuzu eyishumi nanhlanu lishayile ihora leshumi nanye. Phakathi kwamabili—nokho, uLisa makalandise ukuthi kwenzekani. “Phakathi kwamabili kwangena umhlengikazi othile futhi wathi: ‘Kumelwe ngikufake igazi.’ Ngamemeza: ‘Ngeke ngilamukele igazi ngoba ngingomunye woFakazi BakaJehova! Ngiyethemba uyakwazi lokho! Ngiyethemba uyakwazi lokho!’ ‘Yebo, ngiyakwazi,’ esho, futhi ngokushesha wakhipha inalithi yokufaka igazi wayifaka ngesihluku emthanjeni wami. Ngangikhala futhi ngiklabalasa.”
Yeka impatho engenaluzwelo nenonya eyaboniswa kulentombazane eneminyaka engu-12 eyayigula futhi yesaba phakathi kwamabili isendaweni engayijwayele! Abazali bakaLisa babemyise esiBhedlela Sabantwana Abagulayo saseToronto benethemba lokuthi bayothola odokotela abanomusa futhi ababambisanayo. Kunalokho, phakathi kwamabili indodakazi yabo yaba isisulu sokumpontshelwa igazi okubangela umunyu, naphezu kokuma kukaLisa nabazali bakhe kokuthi igazi noma imikhiqizo yalo kuwukwephulwa komthetho kaNkulunkulu futhi akumelwe kusetshenziswe.—IzEnzo 15:28, 29.
Ekuseni ngosuku olulandelayo lesisibhedlela safuna imvume yasenkantolo yokumpompela igazi. Ukudingidwa kwalendaba kwadonsa izinsuku ezinhlanu, kwenganyelwe uMahlulel’ uDavid R. Main. Kwakuqhutshelwa egunjini kulesibhedlela, uLisa ekhona kuzo zonke lezizinsuku ezinhlanu. ULisa wayephethwe i-acute myeloid leukemia (isifo esibangela ukukhiqizeka ngokweqile ngaphambi kwesikhathi kwamangqamuzana amhlophe egazi), ngokuvamile okuyisimo esibulalayo, nakuba odokotela baqinisekisa ukuthi amathuba okuyelapha ayengamaphesenti angu-30. Batusa ukumpontshelwa igazi okuwuchungechunge nokwelapha ngamakhemikhali—ukwelapha okuhilela ubuhlungu obukhulu nemiphumela eqeda amandla.
Ngosuku lwesine lokudingidwa kwalendaba, uLisa wanikeza ubufakazi. Omunye wemibuzo ayibuzwa kwakuwukuthi wayezizwa kanjani ngokumpontshelwa kwakhe igazi ngenkani phakathi kwamabili. Wachaza ukuthi kwamenza wazizwa njengenja eyayisetshenziselwa umsebenzi wokuhlola, ukuthi wazizwa sengathi wayedlwengulwa, nokuthi abanye abantu baye bacabange ukuthi bangenza noma yini kuye ngoba engumntwana. Wayekuzonda ukubona igazi lomunye umuntu lifakwa kuye, ezibuza ukuthi wayengezukuthola yini kulo ingculaza noma isifo sokusha kwesibindi noma esinye isifo esithathelwanayo. Futhi ngokuyinhloko, wayekhathazeke ngokuthi uJehova wayeyocabangani ngokwephula kwakhe umthetho wakhe ngokufaka igazi lomunye umuntu emzimbeni wakhe. Wathi uma kungake kuphinde kwenzeke, ‘uyolwa futhi akhahlele uzime lwesikhwama segazi futhi akhiphe inalithi yokufaka igazi kungakhathaliseki ukuthi kuyoba buhlungu kangakanani, futhi uyobhoboza isikhwama segazi.’
Ummeli wakhe wambuza, “Kukwenza uzizwe kanjani ukuthi, i-Children’s Aid Society icela ukuba ilungelo lokuwinwa kwabantwana lithathwe kubazali bakho futhi linikezwe yona?”
“Nokho, kungenza ngizizwe ngithukuthele kakhulu; kungenza ngibe nomuzwa wokuthi banonya ngoba abazali bami abakaze bangishaye, baye bangithanda futhi nami ngiyabathanda, futhi noma nini lapho ngiphethwe umphimbo noma umkhuhlane noma yini, bebenginakekela. Ukuphila kwabo konke bekugxiliswe kimi, futhi manje ukuba nje kuvele othile, ngoba nje kuvuma othile, avele angithathe kubo ngicabanga ukuthi kuwunya olukhulu kakhulu, futhi kungicasula kakhulu.”
“Uyafuna ukufa?”
“Cha, angicabangi ukuthi ukhona ofuna ukufa, kodwa angikwesabi, ngoba ngiyazi ukuthi nginethemba lokuphila phakade epharadesi emhlabeni.”
Abaningi babekhihla isililo njengoba ngesibindi uLisa ayexoxa ngokufa kwakhe okwakuseduze, ukholo lwakhe kuJehova, nokuzimisela kwakhe ukuhlala elalela umthetho wakhe ngobungcwele begazi.
“Lisa,” kuqhubeka ummeli wakhe, “kungenza umehluko othile yini kuwe ukwazi ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo sokuba umpontshelwe igazi?”
“Cha, ngoba ngisazoqhubeka nokuhlala ngithembekile kuNkulunkulu wami nokulalela imiyalo yakhe, ngoba uNkulunkulu mkhulu kakhulu kunanoma iyiphi inkantolo noma yimuphi umuntu.”
“Lisa, ubungathanda ukuba umahluleli akhiphe siphi isinqumo kulendaba?”
“Nokho, engingathanda ukuba umahluleli akunqume kulendaba kuwukuba angivumele ngiye kubazali bami futhi abavumele baphinde babe nelungelo lokungengamela njengomntwana ukuze ngijabule, ukuze ngikwazi ukuya ekhaya futhi ngibe sendaweni ejabulisayo.”
Futhi yilokho okwanqunywa uMahlulel’ uMain. Okulandelayo izingcaphuno zesinqumo sakhe.
“UL. utshele lenkantolo ngokusobala futhi ngendlela eyiqiniso ukuthi, uma kwenziwa noma yimuphi umzamo wokuba ampontshelwe igazi, uyolwa nawo ngokusemandleni akhe. Uthe, futhi ngiyamkholelwa, uyomemeza azabalaze futhi uyokhipha engalweni yakhe inalithi yokufaka igazi futhi uyozama ukucekela phansi igazi elisesikhwameni esingenhla kombhede wakhe. Ngiyenqaba ukukhipha noma yisiphi isiqondiso esiyofaka lomntwana kulolosizi.”
Ngokuqondene nokumpontshelwa igazi ngenkani phakathi kwamabili, wathi:
“Kumelwe nginqume ukuthi uye wabandlululwa ngesisekelo senkolo yakhe nelungelo elifanele lobudala bakhe ngokuka-s. 15(1). Kulezizimo, ngokumpontshelwa igazi, kwephulwa ilungelo lakhe lokulondeka njengomuntu ngokuka-s. 7.”
Uyathakazelisa umbono wakhe ngoLisa:
“UL. ungumuntu omuhle, ohlakaniphe ngempela, oyiciko, onenhlonipho, oqondayo futhi, okubaluleke kunakho konke, unesibindi. Unokuhlakanipha nokuvuthwa okungaphezulu kakhulu kweminyaka yakhe futhi ngicabanga ukuthi kungaba okulungile ukusho ukuthi unazo zonke izimfanelo ezinhle ezifunwa yinoma yimuphi umzali kumntwana. Unenkolelo engokwenkolo ecatshangwe kahle, eqinile futhi ecacile. Ngokombono wami, asikho iseluleko kungakhathaliseki ukuthi ngesamuphi umthombo noma ukucindezela kwabazali bakhe noma komunye umuntu, kuhlanganise nesinqumo salenkantolo, okungazamazamisa noma kuguqule izinkolelo zakhe ezingokwenkolo. Ngikholelwa ukuthi uL. K. kufanele anikezwe ithuba lokulwa nalesifo ngesibindi nangokuthula kwengqondo.”
“Isicelo siyachithwa.”
Ngalolosuku uLisa nomkhaya wakubo bahamba kulesibhedlela. Ngempela, uLisa walwa nalesifo ngesibindi nangokuthula kwengqondo. Washonela kubo ngokuthula, ezandleni ezinothando zikanina noyise. Ngokwenza kanjalo waba ngomunye weqembu lentsha eningi engoFakazi BakaJehova ebeka uNkulunkulu kuqala. Ngenxa yalokho, yena, kanye nayo, bayojabulela ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJesu: “Olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.”—Mathewu 10:39.
U-Ernestine Gregory
Eneminyaka engu-17 ubudala, u-Ernestine waxilongwa kwatholakala ukuthi wayephethwe i-leukemia. Ngemva kokulaliswa esibhedlela, wayenqaba imikhiqizo yegazi yokusekela ukwelapha ngamakhemikhali odokotela ababemelapha ababefuna ukukusebenzisa. Ngenxa yokwenqaba kuka-Ernestine nokusekela kukanina ukwelashwa kwakhe ngaphandle kwegazi, lesibhedlela sabika lendaba ezikhulwini zenhlalakahle zaseChicago, e-Illinois, e-U.S.A., lezo ezafuna imvume yenkantolo ukuze kusetshenziswe igazi. Kwahlelwa ukuqulwa kwalelicala, lapho inkantolo yalalela khona ubufakazi buka-Ernestine, bukadokotela wokwelapha, udokotela wezifo zengqondo, kanye nobabanye abantu ababehilelekile.
U-Ernestine watshela udokotela wakhe ukuthi wayengalifuni igazi. Ukuthi kwakuyisinqumo sakhe siqu esisekelwe ekufundeni kwakhe iBhayibheli. Ukuthi ukumpontshelwa igazi ngenkani okwenziwe ngaphansi kwesiqondiso sasenkantolo kwakusewukungawuhloniphi umthetho kaNkulunkulu futhi yena wayekubheka njengokungalungile, kungakhathaliseki ukuthi kugunyazwe inkantolo. Ukuthi wayengamelene nokwelashwa ngemithi futhi wayengakufuni ukufa. Ukuthi isinqumo sakhe kwakungesona isinqumo sokuzifisela ukufa, noma ukuzibulala; nokho, wayengakwesabi ukufa.
UStanley Yachnin, M.D., waqinisekisa ukuthi ‘wahlatshwa umxhwele ukuvuthwa kuka-Ernestine, ukuqiniseka kwakhe,’ nobuqotho bezinkolelo zakhe ezingokwenkolo. Futhi wathi u-Ernestine uyasiqonda isimo nemiphumela yesifo sakhe. Ngenxa yokuqonda kwakhe, uDkt. Yachnin akabonanga sidingo sokubiza udokotela wezifo zengqondo noma isazi sokusebenza kwengqondo.
Noma kunjalo, omunye wabizwa, uNer Littner, M.D., udokotela wezifo zengqondo, okwathi ngemva kokukhuluma no-Ernestine wathi wayecabanga ukuthi unokuvuthwa komuntu oneminyaka ephakathi kuka-18 no-21. Wathi u-Ernestine wabonakalisa ukuqonda imiphumela yokwamukela noma ukungemukeli ukumpontshelwa igazi. Wathi wayekwamukela lokhu, hhayi ngoba ayengaphansi kokulawulwa ngothile, kodwa ngoba naye siqu wayekukholelwa lokhu. UDkt. Littner wathi kufanele u-Ernestine avunyelwe ukuzenzela isinqumo kulendaba.
UJane McAtee, ummeli walesibhedlela, wathi ngemva kokuxoxa no-Ernestine, wayekholelwa ukuthi u-Ernestine wayesiqonda isimo sesifo esimphethe nokuthi “wayebonakala ekwazi ngokuphelele ukuqonda isinqumo sakhe nokwamukela imiphumela yaso.”
Lenkantolo nayo yahlabeka umxhwele kakhulu ngobufakazi buka-Ernestine. Lenkantolo yathola ukuthi u-Ernestine wayengumuntu ovuthiwe oneminyaka engu-17, ukuthi u-Ernestine wayezenzele isinqumo ngokwakhe, nokuthi wayesiqonda isimo esesabekayo ayekuso. Nokho, nakuba abonakalisa ukuthi wayengowesifazane ovuthiwe osemusha okwaziyo ukuzenzela izinqumo ezizwakalayo, ezinokuhlakanipha ngokuphathelene nendlela yokwelashwa evumelana nezindinganiso nokuqiniseka kwakhe akusekela ngokujulile, ngokumangalisayo, lenkantolo eyayidingida lendaba, yanikeza isiqondiso esigunyaza ukumpontshelwa igazi.
Okokuqala lesiqondiso sasenkantolo sadluliselwa eNkantolo Yokudlulisela Izicelo yase-Illinois. Esinqumweni esasekelwa ababili kwabathathu, leNkantolo Yokudlulisela Izicelo yasekela ukuthi u-Ernestine akanakuphoqelelwa ukuba avume ukumpontshelwa igazi ngokumelene nentando yakhe. Lenkantolo yanquma ukuthi uMthetho-sisekelo Wokuqala welungelo lika-Ernestine elingokwenkolo lokukhulekela kanye nomthetho-sisekelo welungelo lobuntu bakhe kwakuvikela ilungelo lakhe njengomntwana osevuthiwe ukuba enqabe ukumpontshelwa igazi ngenxa yezizathu ezingokwenkolo.
Khona-ke izikhulu zezenhlalakahle zasidlulisela eNkantolo Ephakeme Yase-Illinois lesinqumo seNkantolo Yokudlulisela Izicelo. LeNkantolo Ephakeme Yase-Illinois yavuma, yanquma ukuthi nakuba u-Ernestine engumntwana, ubenelungelo lokwenqaba indlela yokwelapha angavumelani nayo. Lenkantolo ephakeme yasekela isinqumo sayo elungelweni lomthetho wendawo ngokuzinqumela komuntu nomthetho ophathelene nomntwana osevuthiwe. Indinganiso okufanele isetshenziswe ezindabeni eziphathelene nabantwana asebevuthiwe e-Illinois yafingqwa iNkantolo Ephakeme yase-Illinois esitatimendeni esilandelayo:
“Uma ubufakazi bucacile futhi buqinisekisa ukuthi umntwana uvuthwe ngokwanele ukuba aqonde imiphumela yezenzo zakhe, nokuthi umntwana uvuthwe ngokwanele ukuba asebenzise ukwahlulela komuntu omdala, khona-ke imfundiso ephathelene nomntwana osevuthiwe imnikeza ilungelo lomthetho wendawo lokwamukela noma ukwenqaba indlela yokwelashwa.”
U-Ernestine akazange elashwe ngamakhemikhali noma ngokumpontshelwa igazi, kodwa i-leukemia ayizange imbulale, njengoba odokotela babefisa ukuba inkantolo ikholelwe yilokho. U-Ernestine wama eqinile futhi wabeka uNkulunkulu kuqala, njengabanye abasha okukhulunywe ngabo ekuqaleni. Ngamunye wathola “amandla angaphezu kwavamile.”—2 Korinte 4:7, qhathanisa ne-NW.
[Ibhokisi ekhasini 13]
Izingozi Zokumpontshelwa Igazi
I-New England Journal of Medicine, ka-December 14, 1989, yabika ukuthi isilinganiso esisodwa segazi singase sithwale igciwane lengculaza elinamandla okungena kubantu abangafinyelela ezigidini ezingu-1,75!
Ngo-1987, ngemva kokuba sekwaziwa ukuthi ingculaza yayidluliselwa ngegazi elinikelwe, incwadi ethi Autologous and Directed Blood Programs yakhononda: “Lena kwakuyindida yezokwelapha edabukisa kunazo zonke; ukuthi isipho segazi esiyigugu esinikeza ukuphila sasingaphenduka sibe ithuluzi lokufa.”
UDkt. Charles Huggins, umqondisi womnyango wokumpompela igazi esibhedlela saseMassachusetts, e-U.S.A., wathi: “Liyinto eyingozi kunazo zonke esizisebenzisa ekwelapheni.”
I-Surgery Annual yaphetha: “Ngokusobala, kuphephe kakhulu ukungampontshelwa igazi.”
Ngenxa yokuthi umdlavuza ubuya ngezinkani ngemva kokuhlinza okuhilele ukumpontshelwa igazi, uDkt. John S. Spratt wathi kuyi-American Journal of Surgery, ka-September 1986: “Kungase kudingeke ukuba udokotela owelapha umdlavuza abe udokotela ongalisebenzisi igazi.”
Iphephabhuku i-Emergency Medicine lathi: “Okuhlangenwe nakho kwethu noFakazi BakaJehova kungase kuchazwe njengokusho ukuthi akufanele sithembele ekumpompeleni igazi, njengoba kungaba nezinkinga ezithile, ngaphezu kokuba sake sacabanga ngakho.”
Iphephabhuku i-Pathologist labhekisela ekwenqabeni koFakazi BakaJehova ukwamukela igazi lase lithi: “Kunobufakazi obuningi obusekela ukumelana kwabo nokufakwa igazi, naphezu kwezikhalazo eziphikisayo zezikhungo zokulondoloza igazi.”
UDkt. Charles H. Baron, uprofesa wezomthetho eBoston College Law School, wathi ngokuphathelene nokwenqaba koFakazi BakaJehova ukufakelwa igazi: “Kuye kwazuza wonke umphakathi waseMelika. Ngenxa yomsebenzi wamaKomiti OFakazi Okuxhumana Nezibhedlela, akubona oFakazi BakaJehova kuphela abangenakumpontshelwa igazi, kodwa nezinye iziguli.”