Intsha Iyabuza. . .
Ubungqingili—Ingabe Bubi Ngempela?
“Kusukela lapho ngisengumntwana, benginezinkanuko zobungqingili. Ngenxa yokuthi ngangingaziqondi, angizange ngithathe izinyathelo zokuqapha. Lokhu kwangiholela ekwenzeni into embi kakhulu nomngane wami othile. Ngaba nomuzwa ojulile wecala, futhi ngangicabanga ukuthi uJehova wayengasoze angithethelele.”
“I-TV Izama Ukuthonya Izingane Zethu Ngobungqingili.” Lesi kwakuyisihloko somhleli othile obhalela amaphephandaba izihloko. Lomlobi waphawula: “Izibukeli zethelevishini zichayeka ensadeni yezinhlelo ezidumisa indlela yokuphila yobungqingili.” Nokho, i-TV imane nje ingenye yezindlela ezisetshenziswayo kulezizinsuku ukuze kukhuthazwe ubungqingili phakathi kwentsha. Inkulumo-ze esekela ubungqingili ikhuthazwa nawothisha, ontanga, amabhayisikobho, izincwadi, nomagazini.
Umkhakha wezokwelapha nawo usuyahlanganyela kulokhu. Ngokuvamile, odokotela babebheka ubungqingili njengesifo. Kodwa ngo-1973, i-American Psychiatric Association yamemezela ukuthi ubungqingili babungasayikubhekwa njengokuphazamiseka kwengqondo. Kusukela ngalesosikhathi, abaningi abasemkhakheni wezokwelapha baye bagunyaza indlela yokuphila yobungqingili. Ngokwesibonelo, udokotela owelapha izifo zengqondo u-Albert Ellis wathi ubuhlobo bobungqingili “abuphendukezelwe neze kodwa bunokuziphatha kwabantu ngokobulili okunempilo. . . . Bujabulele uma uthanda, futhi ungavumeli muntu akukhohlise ukuba ukholelwe ukuthi ‘abulungile’ noma ‘buwukusangana.’”
Imibono enjalo isakazeke kabanzi kangangokuthi umagazini i-Newsweek uyabika: “Njengoba ishoshozelwa izithombe zemithombo yezindaba nesimo esisha sokukwamukela, intsha izitika ngokuqondile ngobungqingili nobuhlobo bobulili nabantu bobulili obuhlukile.” Nakuba ezikhathini ezidlule intsha yayimelene ngokuqinile nokuthandana nomuntu wobulili obufanayo, akulona ihaba ukuthi inani elandayo lentsha manje likubheka “njengemfashini.” Ngisho nentsha engahlanganyeli ezenzweni zobungqingili ngokuvamile ibabekezelela kakhulu labo abahlanganyela kuzo. “Ngicabanga ukuthi uma umngane wami ubengangitshela ukuthi ungungqingili, bengisengaqhubeka ngingumngane wakhe,” kusho osemusha okuthiwa uDarren. Omunye umfundi osemusha wasekolishi waze waveza ukukhathazeka ngokuthi kungenzeka akaphilile kahle ngempela njengoba “ayethanda amantombazane kuphela”!
Ngakho isimo sanamuhla sokuyekelela singayidida intsha engamaKristu—ikakhulukazi leyo ekhangwa abobulili obufana nobayo ngenxa yesizathu esithile.a Iyazi ukuthi ubungqingili abumthokozisi uNkulunkulu, futhi ngobuqotho ifuna ukubugwema. Nokho, ngezinye izikhathi ukulawula imizwa yayo kungase kube nzima kangangokuthi ingase iqale ukuzibuza ukuthi umbono weBhayibheli ulungile noma unengqondo yini. Ingase izibuze, ‘Ingabe ubungqingili bubi kangako ngempela?’
Lokho Okushiwo IZwi LikaNkulunkulu
Ukuze uthole impendulo, zifundele lokho okwashiwo umphostoli uPawulu kweyoku-1 Korinte 6:9, 10: “Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi [“abesilisa abayizifebe,” New International Version; “abaziphatha njengabesifazane,” King James Version], nabesilisa abalalanayo [“ongqingili,” Jerusalem Bible; “abanenkanuko yobungqingili ephendukezelwe,” Today’s English Version], namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” Phawula ukuthi uPawulu wakhuluma ngokuqondile ngalabo ngokusobala abathatha indima yobulili yowesifazane nalabo abafeza indima eqondile “yowesilisa” ebuhlotsheni babo bokuziphatha okubi. Ngaleyondlela wakwenza kwacaca ukuthi uNkulunkulu akazamukeli zonke izenzo zobungqingili.
Lokhu kusobala nasemazwini kaPawulu kweyabaseRoma 1:18-27: “Intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi . . . UNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo . . . Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza kwemvelo kwaba-ngokuphambene nemvelo; ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa.” Lapha uPawulu wabulahla ngokuqondile ubungqingili bamadoda nobabesifazane. Walahla imikhuba yobungqingili njengephambene nemvelo ‘neyichilo.’
Kuyenyanyeka Noma Kunempilo?
Cishe abaningi bangasabela kulokhu ngokuthi umbono weBhayibheli umane uyisidala, ushiywe isikhathi. Kodwa lapho ucabanga ngakho, ubani owazi ukwakheka kwethu ngokomzimba, ngokwengqondo, ngokomzwelo, nangokomoya kangcono kunoMdali wethu? UNkulunkulu wenza indoda nomfazi, futhi wafaka phakathi kubo ukukhangana okukhulu okukhona phakathi kwabo. (Genesise 1:27, 28) Akazange abenze ukuba bakhangwe ngokobulili othile wobulili obufanayo. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uye wanquma ukuthi ubuhlobo bobulili phakathi kwendoda nomfazi kufanele bube selungiselelweni lomshado kuphela.—Heberu 13:4.
Lokhu akusibangeli ubunzima. Ku-Isaya 48:17, uJehova uNkulunkulu uthi ‘usifundisa okusisizayo.’ Yebo, uyakwazi okusisizayo nalokho okusilimazayo. Nakuba kungase kubonakale kunzima kwabanye ukulandela izimfundiso zeBhayibheli, ngaso sonke isikhathi ‘ziyizifundiso eziphilileyo,’ okungukuthi, ziyinzuzo engqondweni nasemzimbeni. (Thithu 2:1) Ngakolunye uhlangothi, ubungqingili bungaba inhlekelele enhlalakahleni yomuntu engokomzimba, engokomzwelo, nengokomoya.
Usizi lwengculaza luyisibonelo sokuthi indlela yokuphila yobungqingili ayinampilo kangakanani. ENyakatho Melika, amadoda angongqingili asengozini enkulu yokungenwa yilesisifo. Kodwa ingculaza imane iyingxenye yobhadane lwezifo—ukusha kwesibindi, isifo sesibindi, isipatsholo, ugcunsula, nokugugudeka kwamathumbu nesisu—ngokuvamile ezihlasela ongqingili. Yini ebhebhethekisa lezizifo? UDkt. Joseph Nicolosi uyachaza: “Baningi abalobi abaye babhala ngezici ezihungayo, eziluthayo zendlela yokuphila yobungqingili.” Okunye ukuhlola okunzulu kwembula ukuthi “amaphesenti angu-28 amadoda angongqingili [aye] ahlanganyela ubulili nabantu abayinkulungwane noma ngaphezulu. . . . Cishe ingxenye yamadoda amhlophe angongqingili . . . yathi yayihlanganyele ubulili okungenani nabantu abangu-500 abahlukene.”
Incwadi ethi Homosexual Behavior ichaza ukuthi ongqingili abaningi “besaba isibopho somuntu siqu, ukusondelana, noma umthwalo wemfanelo . . . Ngezinye izikhathi ukunxanela ubulili obungenazibopho zomuntu siqu kunehuha elikhulu. Abanye balababantu bangase bahileleke ebuhlotsheni bobulili nabantu abayishumi noma ngaphezulu phakathi nosuku noma ubusuku obubodwa.” Ingabe ukuziphatha okunjalo okungalawuleki kungaba nempilo? Kunalokho, ingabe akukhona okunyanyekayo nokuhlazisayo? Labo abahlanganyela ekuziphatheni okuxekethile okubi ngalendlela ngokusobala “bayizigqila zokubhubha.”—2 Petru 2:19.
Ngaphandle kwalokho, ubulili obuningi bobungqingili bunonya, ubudlova, futhi buphendukezelwe ngokusobala. Umphostoli uPawulu wathi: “Okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho.” (Efesu 5:12) Ubudlova obunjalo bubonisa intukuthelo nobuhlungu obufihlekile kulendlela yokuphila okucatshangwa ukuthi “iyajabulisa.” Yiqiniso, abanye ongqingili bathi abaziphethe ngokuxekethile. Kodwa ongqingili “abanomngane oyedwa” bambalwa—futhi ngokuvamile ubuhlobo babo buhlala isikhathi esifushane. Ngisho noma ubuhlobo babantu bobulili obufanayo buhlala isikhathi eside, abunakuba umphumela wothando oluchazwe eBhayibhelini. Uthando olunjalo “aluziphathi ngokungafanele.”—1 Korinte 13:4, 5.
Imiphumela
UPawulu uthi kweyabaseRoma 1:27: “Amadoda awenza namadoda lamahlazo ahlasimulisayo, empeleni ezitholela ebuntwini bawo siqu imiphumela yokuphendukezelwa kobulili.” (The New Testament in Modern English kaJ. B. Phillips) Kanjani? Phakathi kokunye incwadi ethi Homosexual Behavior iyabika: “Abesifazane abangongqingili bahlushwa ngokuphawulekayo ukusebenzisa utshwala ngokweqile nokubusebenzisa kabi kunabesifazane ababa nobuhlobo bobulili nabesilisa.” Abanye abacwaningi bathi futhi ukuzama ukuzibulala kuvame ngendlela eyinqaba phakathi kwezinsizwa ezingongqingili.
Okonakalisa kakhulu kunakho konke imiphumela esimweni somuntu esingokomoya. Ongqingili bazithola “behlelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu.” (Efesu 4:18) Kodwa kuthiwani ngentsha eyesaba uNkulunkulu okuthi naphezu kokuba izazi izimiso zeBhayibheli, izithole ikhangwa abobulili obufana nobayo? Ngokusobala, ibhekene nempi yangempela. Yiqiniso, ukwazi ukuthi uNkulunkulu ububheka kanjani ubungqingili kuyayisiza ukuba ‘yenyanye okubi.’ (Roma 12:9) Kunezinyathelo futhi ezimbalwa eziwusizo engazithatha ukuze igweme ukunqotshwa izinkanuko ezingalungile. Lokhu kuyoxoxwa ngakho esihlokweni sesikhathi esizayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Nginalemizwa?” kumagazini wethu owandulele.
[Isithombe ekhasini 13]
Indlela yokuphila yobungqingili iphawuleka ngokuziphatha okuxekethile, ukucindezeleka ngokomzwelo, nezifo