Intsha Iyabuza. . .
Ukweba—Kungani Kungafanele?
“Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi nginenkinga enkulu. Muva nje, ngiqale ukweba kakhulu. Ngamane ngaya esitolo futhi ngeba amacici angamapheya ayisikhombisa. Ngiyesaba ukutshela noma ubani ngenkinga yami. Ngicela ningisize!”
YASHO kanjalo intombazane ethile eyayididekile lapho ibhalela ingosi kamagazini yokunikeza izeluleko. Omunye umlobi wabika: “Izimpahla ezithengiswayo ezibiza ama-dollar angaba izigidi eziyizinkulungwane eziyishumi [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-35] . . . ziyantshontshwa, ziyaphangwa, ziyakhwatshaniswa, noma zebiwe ezitolo [zase-United States] ngonyaka. Intsha yakha cishe ingxenye yabo bonke ababoshwa ngenxa yokweba ezitolo.”
Ngokwenhlolo-vo ethile yamuva, abafundi basesikoleni esiphakeme (isekhondari) abangaphezu kwengxenye eyodwa kwezintathu bavuma ukuthi bayeba ezitolo. Futhi ngokwenye inhlolo-vo, eyenziwa abacwaningi uJane Norman noMyron Harris, “cishe yonke [intsha] iyavuma ukuthi esikhathini esithile yake yathatha okuthile ngaphandle kokukukhokhela.”
Okwenza Yebe
Isela umuntu othatha ngamabomu into yomunye umuntu ngaphandle kwemvume. Ngezinye izikhathi ukweba kungabonakala kufanelekile ngenxa yesidingo somuntu siqu. “Ngangisesimweni esinzima,” kukhumbula osemusha othile ompofu. “Ngangiya ngemuva [kwethilomu lokudla okulungiswa ngokushesha] ngivule umnyango ngendluzula ngithathe amaqatha enkukhu. Kodwa kwakuphelela lapho. Ngangikwenza ngoba nje ngilambile.”
Isaga seBhayibheli sithi: “Abantu abalideleli isela ngenxa nje yokuthi liyeba ukuze lisuthise umphefumulo walo lapho lilambile.” Nakuba kunjalo, ukweba akulungile. Ngakho ivesi leBhayibheli elilandelayo libonisa ukuthi ngisho nesela elilambile kwakumelwe ‘likhokhe’ ngesijeziso esinzima.—IzAga 6:30, 31, NW.
Nokho, ngokumangalisayo, idlanzana nje lentsha engamasela eleba ngenxa yesidingo esizwakalayo. Isibonelo salokhu uMary Jane osemusha owavuma: “Yebo, ngiye ngeba ezitolo futhi kwakuyinqaba ngempela, ngoba angazi ukuthi ngangikwenzelani. Abazali bami banginikeza imali yokuthenga yonke into. Ngangingaswele lutho.”a Umagazini i-Seventeen wabika okufanayo: “Ekuhloleni okwenziwa i-National Crime Prevention Council, isizathu esivame ukushiwo izigilamkhuba siwukuthi zazifuna okuthile kwamahhala.” Enye intsha yayize ithethelele ukweba kwayo ngokuveza ukuthi izitolo ‘zibiza kakhulu’!
Entsheni eningi, ukweba kumane nje kuyindlela yokudambisa isithukuthezi. “Kwakuyinto nje engangiyenza ngemva kwesikole,” kuchaza owayeyisela okuthiwa uJeremy. Ukweba futhi kuwuhlobo lomdlalo oyingozi kakhulu; abanye kubonakala bekuthanda ukwenyuka kwamaphaphu okuba khona lapho begxisha esikhwameni iyembe elebiwe noma befaka i-compact disc kujosaka.
Ingabe Kufihla Ubuhlungu?
Yiqiniso, kunezindlela eziphephe kakhulu zokulwa nesithukuthezi kunokuzifaka engozini yokuboshwa. Khona-ke, kungenzeka yini ukuthi kukhona okwengeziwe okubangela lokhu kufuna injabulo kunesifiso sokuzijabulisa okwesikhashana? Ochwepheshe abaningi bakholelwa ukuthi kukhona. I-Ladies’ Home Journal yaphawula ukuthi enye intsha “ikuthola kunzima ukubhekana nokucindezela kokukhula. Ukulwa nabazali bayo, ukuphela kobungane, ukuthola amamaki aphansi ekuhlolweni, kungayenza ingakwazi ukuzilawula; ukwephula imithetho kubuyisa umuzwa wokuba namandla.”
Yebo, okungalé kwesibindi sesela kungase kube ukulimala nobuhlungu. Njengoba iBhayibheli likubeka, “nasekuhlekeni inhliziyo inobuhlungu.” (IzAga 14:13) Ubufakazi bubonisa ukuthi ukweba ezitolo ngokuphindaphindiwe kungase kube uphawu lokucindezeleka. Amanye amasela asemasha kuye kwatholakala ukuthi anomlando wokuxhashazwa lapho esengabantwana. Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela yobuhlungu, injabulo yokweba ingase ibonakale ibuqeda—okungenani okwesikhashana.b Ngokwesibonelo, cabanga ngosemusha othile waseMelika ojatshuliswa ukweba izimoto abese ezishayela ukuze azijabulise. “Kuyajabulisa,” esho. “Uzizwa wesaba, uzizwe wesasile.”
Ontanga Nokucindezela Kwabo
IBhayibheli lithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba enosizo.” (1 Korinte 15:33) Leli qiniso laziwa kabanzi. Umlobi uDenise V. Lang waphawula: “Kuyivelakancane ukuba osemusha angene enkathazweni eyedwa nje.” Ngokuvamile, ontanga babekelana inselele yokweba okuthile. Ngokudabukisayo, intsha eningi iyakuvumela lokhu kucindezela.
“Ngahileleka eqenjini lamantombazane esikoleni esiphakathi,” kusho uKathy osemusha. Kwakudingekani ukuze abe ilungu leqembu lawo elikhethekile? Ukweba ijezi elibizayo. Uyavuma: “Ngangifuna ukuba kulelo qembu, ngakho ngaya esitolo futhi ngeba ijezi lami.”
Ukuthola Umbono KaNkulunkulu
Ithemba lokuba nezinto ongenamali yokuzithenga, lokujabulela izinto eziyingozi kakhulu, noma lokwamukelwa ontanga lingase lenze ukweba kubonakale kukhanga. Nakuba kunjalo, omunye weMiyalo Eyishumi eBhayibhelini uthi: “Ungebi.” (Eksodusi 20:15) Umphostoli uPawulu wabhala ukuthi ‘amasela ngeke awuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.’ (1 Korinte 6:10) Intsha ekhuliswe njengamaKristu kufanele iwukhathalele kakhulu umbono kaNkulunkulu. Yeka ukuthi kungaba ubuzenzisi kanjani ukubukeka ulungile kanti ekusithekeni uyisela! Umphostoli uPawulu wakubeka ngalendlela: “Nokho, ingabe wena, ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba?”—Roma 2:21.
Ukucabanga ngokuhlazeka lapho uboshwa kuyisizathu esihle sokugwema isenzo esibi sokweba. Ngemva kokuboshwa, omunye osemusha oyisela wathi: “Ngangifuna ukufa.” Ukwazi ukuthi uJehova ‘uyakuzonda ukuphanga’ kuyisizathu esinamandla kakhulu sokugwema ukuvumela isifiso—noma ukucindezela—sokweba. (Isaya 61:8) Ngisho noma umuntu ekwazi ukufihla ubusela kubaphathi besitolo, emaphoyiseni, nakubazali, kodwa akanakubufihla kuJehova. Uyadaluleka nakanjani.—Isaya 29:15.
Futhi, khumbula ukuthi isono senza umuntu abe lukhuni. (Heberu 3:13) Ukweba izinto ezincane kuvame ukuqhubekela ekwebeni izinto ezinkulu. Ngokwesibonelo, uRoger osemusha waqala ukuphila ngobugebengu ngokweba imali esikhwameni sikanina. Ngokuhamba kwesikhathi wayesewisa phansi izalukazi futhi ebe izikhwama zazo zemali!
Ukulwa Nalesi Silingo
Kuyavunywa, uma umuntu eseqale ukweba ekusithekeni, kungase kube nzima ukuyeka. “Kwakufana nokulutheka,” kuvuma othile osemusha. Yini engasiza osemusha ukuba ashintshe izindlela zakhe?
Vuma izono zakho kuNkulunkulu. “Uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu” kulabo abaphendukayo emaphutheni abo futhi bavume izono zabo kuye.—Isaya 55:7.
Thola usizo. Abafundi abaningi balomagazini bajwayelene nebandla lobuKristu loFakazi BakaJehova endaweni yakubo. Abanjalo bangaya kubabonisi abangamaKristu endaweni yakubo futhi bacele usizo nokulungiswa okungokomoya. (Jakobe 5:14, 15) Abazali abanezimiso ezinhle zokuziphatha nabo bangaba umthombo wosizo nokusekela. Uma ukulimala, ubuhlungu, noma nje isithukuthezi kuyimbangela yalokhu kuziphatha okubi, ukukhuluma ngakho nomuntu oyisilaleli esinozwela kungase kube usizo kakhulu.—IzAga 12:25.
Buyisela owakuthatha. Ngaphansi koMthetho kaMose, kwakudingeka ukuba amasela akhokhe izinto ayezebile kanye nenzalo. (Levitikusi 6:4, 5) Ukwenza okufanayo akukhululi nje kuphela unembeza womuntu kodwa futhi kugcizelela kuye ubunzima abanye ababanabo ngokweba. IBhayibheli lithembisa ukuthi lapho umuntu ‘ekhokha ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila . . . uyakuphila nokuphila, angafi.’—Hezekeli 33:15.
Bulala imizwa yomona nobugovu. Owokugcina eMiyalweni Eyishumi uthi, “Ungafisi . . . nokunye okomakhelwane wakho.” (Eksodusi 20:17) Uma kunento oyidinga ngempela—noma oyifunayo—kodwa ungenamali yokuyithenga, mhlawumbe ungathola indlela yokuzuza imali ukuze uyithenge. Umphostoli uPawulu weluleka: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makenze umsebenzi onzima, enze lokho okuwumsebenzi omuhle ngezandla zakhe.”—Efesu 4:28.
Qaphela abangane bakho. “Uma unomngane noma iqembu labangane abenza okuthile okungalungile noma abenza ubugebengu,” kukhumbuza umlobi uDenise Lang, “nawe uyobhekwa njengonecala ngenxa nje yokuba nabo lapho.” Yiba nesibindi sokwenqaba lapho ontanga besikisela ukuba nenze okuthile okungemthetho.—IzAga 1:10-19.
Cabangela indlela ukweba okubalimaza ngayo abanye. Isela lizicabangela lona kuphela. Kodwa uJesu uyaseluleka: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lapho umuntu efunda ukukhathalela abanye, akathambekeli ekwenzeni okuthile okungabalimaza.
Cabangela imiphumela okuba nayo kuwe. (Galathiya 6:7) Esikhundleni sokucabanga ngendlela okungaba kuhle ngayo ukuba nobukhazikhazi ongeke ukwazi ukubuthenga, cabanga ngendlela okungadumaza ngayo ukubanjwa futhi uboshwe; cabanga ngesihlamba ongasiletha kubazali bakho nakuNkulunkulu ngokwakhe! Ngokuqinisekile uyophetha ngokuthi ukweba akuwona nakancane umqondo omuhle.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Asikhulumi nge-kleptomania—isifo sokuphazamiseka kwengqondo esibonakala ngesifiso sokungazithibi sokweba. Odokotela bathi ukuluthwa ukweba kuyivelakancane, kuhlupha abeba ezitolo abaziwayo abangamaphesenti amahlanu. Ngokuvamile lesi sifo selashwa ngemithi.
[Isithombe ekhasini 18]
Ngokuvamile abeba ezitolo babhekana nehlazo lokubanjwa