OFakazi BakaJehova Bawusizo Entuthukweni Yokuhlinzwa Kwenhliziyo
I-DAILY NEWS yaseNew York ka-August 27, 1995, yanikeza umbiko wayo isihloko esithi, “Ukuhlinza Ngaphandle Kwegazi.” Wathi i-New York Hospital-Cornell Medical Center ‘yayizokwambula indlela ehluke ngokuphelele yokuhlinzwa kwemithambo yenhliziyo—ukuhlinzwa okufana nalokho obekusanda kufunwa owayenguMphathi-dolobha uDavid Dinkins—ngaphandle kokulahlekelwa ngisho nayithonsi legazi.’
“Ukuthi lenqubo entsha, ebangelwe ukukhathazeka koFakazi BakaJehova, inhle kangakanani . . . kuzobonakala ekongiweni kwamakhulu ezinkulungwane zama-dollar zesibhedlela nasekuncipheni okuphawulekayo kwengozi yokungcoliswa kwegazi leziguli,” kusho leli phephandaba. UDkt. Todd Rosengart, umqondisi wohlelo lokuhlinza ngaphandle kwegazi lwalesi sibhedlela, wathi: “Manje sesiyakwazi ukunciphisa inani elidingekayo lokumpontshelwa igazi phakathi nalokhu kuhlinza kusukela emaphayintini amabili kuya kwamane esigulini ngasinye kuya esimweni sokungalisebenzisi igazi.”
UDkt. Karl Krieger, udokotela ohlinza inhliziyo wakulesi sibhedlela, owasiza ekusungulweni kwalenqubo, wathi: “Ngokuphelisa isidingo segazi elinikelwe nemikhiqizo yegazi, sinciphisa nengozi yemfiva neyezifo ezithelelanayo zangemva kokuhlinzwa ngokuvamile ezihlobene nokumpontshelwa igazi.”
Ezinye izazi zithi “ukuhlinzwa kwemithambo ngaphandle kwegazi kunciphisa isikhathi esiye sichithwe egunjini labagula kakhulu ngemva kokuhlinzwa—kusukela emahoreni angu-24 noma ngaphezulu kuya emahoreni ayisithupha nje kuphela. Iziguli okwakuhlolwa ngazo zakwazi ukululama futhi zaphuma esibhedlela esikhathini esingamahora angu-48 ngaphambi kwalezo ezazimpontshelwe igazi.” Lokho kusho ukonga okukhulu ngezibhedlela, uhulumeni, nezinkampani zomshuwalense. UDkt. Rosengart walinganisela ukuthi “lokhu kuhlinza kungase konge okungenani u-$1,600 [R5800] ngesiguli ngasinye.”
Ukulandisa kwe-Daily News kwaqhubeka:
“Ngokumangalisayo, lokhu kuhlinza okusha akuzange kusungulwe ngenxa yezimo eziphuthumayo zezomnotho noma ngisho nezokwelapha, kodwa ngenxa yentshiseko engokwenkolo. Umphakathi woFakazi BakaJehova—onezinkolelo ezenqabela ukumpontshelwa igazi—wawufunela amalungu asemadala usizo, anqotshwa kalula isifo senhliziyo. . . .
“Ngenxa yokunxusa komphakathi woFakazi BakaJehova, odokotela bahlanganisa amasu abo okonga igazi nezidakamizwa ezintsha. Babuye bathola indlela entsha yokusebenzisa umshini ovamile othatha isikhundla senhliziyo namaphaphu owawusetshenziselwa ukugcina iziguli ziphila phakathi nokuhlinzwa kwenhliziyo.
“Ngaphezu kweziguli ezingu-40 ezingoFakazi BakaJehova okwahlolwa ngazo okokuqala, ezinyangeni eziyisithupha ezidlule iqembu laseNew York-Cornell laqala lokhu kuhlinza emphakathini weziguli ezivamile. ‘Kusukela ngaleso sikhathi, liye lenza ukuhlinzwa kwemithambo yenhliziyo ngaphandle kwegazi okuyikhulu kulandelana kungabanga khona ofayo,’ kusho uKrieger. Izinga labafayo ekuhlinzweni kwemithambo yenhliziyo okuvamile licishe libe amaphesenti angu-2,3.”
Emhlabeni wonke izibhedlela ezingu-102 ziye zanezela izinhlelo zokuhlinza ngaphandle kwegazi ezinkonzweni zazo, zenza lezi zinqubo zokuhlinza eziphephile zatholakalela umphakathi weziguli ezivamile emhlabeni wonke.