Abantu Abafundiswe Ukuba Nothando
UTHANDO luwukusondelana ngokomzwelo okusekelwe ekukhangweni umuntu, ubuhle bakhe, noma ukuba nezithakazelo ezifanayo. Uthando luyisibopho esifudumele. Alunabugovu, luqotho futhi lubonisa ukukhathalela okunomusa ngenhlalakahle yabanye. Uthando luphambene ngokuphelele nenzondo. Umuntu oshukunyiswa inzondo ugxila emizwelweni yakhe; oshukunyiswa uthando ucabangela abanye.
Yini ebusa ukuphila kwakho—uthando noma inzondo? Lona akuwona nje umbuzo wokuhlola ulwazi ngoba ikusasa lakho laphakade lixhomeke empendulweni yawo. Nakuba bephila ezweni elifundiswe ukuba nenzondo, abantu abayizigidi bafunda ukuba nothando. Lokhu bakwenza ngokwembatha ubuntu obusha. Abakhulumi nje ngothando; bazikhandla ngamandla ukuba balubonise.
Uma wake waba khona emhlanganweni woFakazi BakaJehova, kungenzeka wahlatshwa umxhwele yilokho owakubona. Kungakhathaliseki ukuthi ubuzwe babo buyini, oFakazi BakaJehova banobunye ekukhulekeleni. Bakha ubuzalwane bomhlaba wonke ngempela. Lokhu kungabonakala emabandleni abo nasemihlanganweni yabo emikhulu, kodwa kubonakala kakhulu ezindaweni abazibiza ngokuthi amakhaya aseBethel. Lawa amaqembu ezisebenzi zokuzithandela ezihlala futhi zisebenze ndawonye njengomkhaya ekukhiqizeni nasekusakazeni izincwadi zeBhayibheli. Ezweni ngalinye, abanye kubo bengamele umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova lapho. Lokhu akuwona umsebenzi omncane, njengoba—kusukela ngo-1997—uhilela amabandla angaphezu kwangu-82 000 emazweni angu-233. Ukuze kufezwe lesi sidingo, abantu abangaphezu kuka-16 000 bakhonza emikhayeni yaseBethel emhlabeni wonke, kuhlanganise nasendlunkulu yomhlaba wonke nasemagatsheni amancane ahlukahlukene emazweni angu-103.
Imikhaya eminingi yaseBethel ngokuyinhloko inezakhamuzi zezwe zalapho kwakhiwe khona lelo hhovisi legatsha. Kodwa akuzona zodwa. Eminye imikhaya yaseBethel inoFakazi bezizwe nezinhlanga ezihlukahlukene kanye noFakazi ababenezizinda ezingokwenkolo ezihlukene. Ngokwesibonelo, emkhayeni waseBethel onabantu abangaba ngu-1200 oseSelters, eJalimane, kukhona izizwe ezingaba ngu-30. Yini ebenza bahlale, basebenze futhi bakhulekele ndawonye ngokuthula nangobunye, bengenayo inzondo? Balandela iseluleko seBhayibheli esikweyabaseKolose 3:14, esithi:
“Gqokani Uthando”
Akekho umuntu ozalwa egqokile, futhi akekho ogqoka ngokumane akhulume ngakho. Ukugqoka kuhlanganisa ukwenza izinqumo eziwujuqu bese wenza umzamo wokuzifeza. Ngokufanayo, akukho muntu ozalwa egqoke uthando. Ukukhuluma nje ngalo akwanele. Kudingeka umzamo.
Ukugqoka kufeza izinjongo eziningana. Kuvikela umzimba, kufihla izingxenye noma izici zomzimba ezingathandeki, futhi ngokwezinga elithile kuveza ubuntu balowo muntu. Nothando lunjalo. Luyisivikelo ngoba ukuthanda izimiso zokulunga nobudlelwane obufanele kushukumisela umuntu ukuba agweme ukujwayela abantu noma izindawo ezingaba ingozi. Lolu thando luvikela ubuhlobo phakathi kwabantu, okufanele sibazise. Umuntu onothando cishe naye uyothandwa, nalowo ogwema ukulimaza abanye cishe naye ngeke alinyazwe.
Uthando lufihla nezici ezingathandeki zobuntu bethu, ezingase zibaphazamise abantu esiphila nabo. Ingabe asithambekele ekukushayeni indiva ukushiyeka okuncane kwabantu abanothando kunokwabantu abaziqhenyayo, abazidlayo, abanobugovu futhi abangenalo uthando?
Abantu abagqoka uthando bembula ubuhle bobuntu obunjengobukaKristu. Nakuba ubuhle bomzimba bungaphandle, ubuhle obungokomoya buthonya bonke ubuntu. Kungenzeka kunabantu obaziyo ocabanga ukuthi bahle, hhayi ngenxa yokubukeka kwabo komzimba, kodwa ngenxa yobuntu babo obunemfudumalo ngempela. Ngakolunye uhlangothi, iningi lethu liye lahlangana nabesifazane abahle noma amadoda angamageza aye aphelelwa yibo bonke ubuhle bawo lapho kuvela ubuntu bawo bangempela. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuba phakathi kwabantu abaye bagqoka uthando!
Ukuba Nothando Esikhundleni Senzondo
Ukuthi inzondo ingathathelwa indawo uthando kuboniswa ukuhlolwa kwango-1994 koFakazi BakaJehova abangu-145 958 eJalimane.
Ukuphuza ngokweqile, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ubugebengu, ukugembula nokuziphatha okunobutha noma okunobudlova konke ngandlela-thile kuwukubonakaliswa kobugovu, okungayidala kalula inzondo. Kodwa abangamaphesenti angu-38,7 kulabo okwaxoxwa nabo bathi ukuze bahlangabezane nezindinganiso zeBhayibheli eziphakeme ezikhuthazwa oFakazi, baye banqoba inkinga eyodwa noma ngaphezulu kulezi. Ukuthanda uNkulunkulu nezindinganiso zakhe zokuziphatha ezilungile kwabashukumisela ukuba benze kanjalo. OFakazi BakaJehova banikeza usizo ngothando, ngokuvamile besiza umuntu ngamunye ngokuqondile. Phakathi naleminyaka emihlanu edlule (1992-1996), abantu abangu-1616-894 emazweni angu-233 basizwa ukuba benze ushintsho, banqobe inzondo ngothando olunamandla.
Ngokubonisa uthando olungenabugovu emishadweni yabo, oFakazi BakaJehova baba nobuhlobo obuqinile. Kwamanye amazwe umshado owodwa kwemibili noma emithathu uphela ngesehlukaniso. Kodwa ukuhlola okukhulunywe ngakho ngenhla kwabonisa ukuthi okwamanje oFakazi abangamaphesenti angu-4,9 kuphela abahlukanisile noma abahlala ngokuhlukana nabangane babo bomshado. Nokho, okungafanele kulibaleke ukuthi inani elikhulu kulaba lahlukanisa ngaphambi kokuba libe oFakazi BakaJehova.
Njengoba uNkulunkulu wothando enguMfundisi Omkhulu Kakhulu obafundisa izindlela zakhe labo abamthandayo, oFakazi BakaJehova babonisa uthando lwabo kuye kuqala. Ngokungafani nabanye abantu, okungenzeka ‘bangabathandi bezinjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu,’ oFakazi BakaJehova benza uNkulunkulu eze kuqala. (2 Thimothewu 3:4) Ngokuphambene nezindlela zalelizwe elingenazimiso, uFakazi ngokuvamile uchitha amahora angu-17,5 isonto ngalinye emisebenzini engokwenkolo. Ngokusobala laboFakazi bathambekele ezintweni ezingokomoya. Yilokho okubenza bajabule. UJesu wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.”—Mathewu 5:3.
Umlobi weHubo 118 uthi akudingekile ukuba inceku kaNkulunkulu yeqiniso yesabe abantu. “UJehova ungakimi, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” (Ivesi 6) Ukuthembela kuNkulunkulu ngokuphelele kususa enye yezimbangela zenzondo nokwesaba abanye abantu.
Ngokwazi ukuthi uNkulunkulu ‘uyabekezela, uvamé ubumnene nokuthembeka,’ umKristu uyozama ukulahla intukuthelo ekuphileni kwakhe, njengoba ingase ibe ngenye imbangela yenzondo. Ukuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu, kuhlanganise nobumnene nokuzithiba, kuyomsiza ukuba akufinyelele lokhu.—IHubo 86:15; Galathiya 5:22, 23.
UmKristu weqiniso uthobekile futhi akazicabangeli ngokweqile kunangendlela okufanele ngayo. (Roma 12:3) Uhlakulela uthando lapho esebenzelana nabanye. Ngokuphambene nenzondo, uthando “alucasuki. Alugcini umbhalo wokulinyazwa.”—1 Korinte 13:5.
Yebo, ukwesaba, intukuthelo, noma umuzwa wokuthi boniwe kungenza abantu babe nenzondo. Kodwa uthando lunqoba inzondo ngokususa izisekelo zayo. Ngempela, uthando lungamandla amakhulu endaweni yonke ngoba “uNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.
Ngokushesha Inzondo Izophela Phakade
Njengoba kungeyona ingxenye yobuntu bukaJehova uNkulunkulu, ubugovu nenzondo akunakuba khona phakade. Kumelwe kususwe, kuthathelwe indawo uthando, oluyohlala phakade. Uma ulangazelela izwe elingenanzondo, eligcwele uthando, cela oFakazi BakaJehova bakuchazele ngokweBhayibheli izimfuneko zokuphila kulelozwe.
Yebo, ngamunye wethu uyokwenza kahle ngokuzibuza, ‘Iyiphi imfanelo ebusa ukuphila kwami, uthando noma inzondo?’ Lokhu akuwona nje umbuzo wokuhlola ulwazi. Umuntu olandela isitha sikaNkulunkulu, unkulunkulu wenzondo, ngeke aphile isikhathi eside. Umuntu olandela uJehova, uNkulunkulu wothando, uyophila phakade!—1 Johane 2:15-17.
[Isithombe ekhasini 10]
Ngisho nanamuhla abantu bangalugqoka uthando