Ngasinda Ekuphahlazekeni Kwe-Flight 801
LAPHO indiza yehla iyohlala eGuam ngabuka ngaphandle ngefasitela. ‘Isimanga-ke lesi,’ ngicabanga. ‘Kubonakala kumnyama kakhulu.’ Yiqiniso, kwase kudlulile phakathi kwamabili, futhi kwakungabonakali kahle ngoba laliyithela imvula. Kodwa zazishonephi izibani ezijwayelekile zalesi siqhingi nemigwaqo yesikhumulo sezindiza ekhanyayo? Ngangibona izibani ezifiphele zezimpiko zendiza yethu kuphela.
Omunye wabasizi endizeni yethu wayesesenzile kakade isaziso esivamile lapho indiza isiyohlala, futhi ngalizwa igiya lendiza lokwehla lingena khaxa endaweni efanele. Ngokuphazima kweso, kwezwakala umsindo omkhulu njengoba indiza yethu ihuhuluza phansi. Indiza yadluthuleka ngokungalawuleki, futhi abagibeli babambelela ezihlalweni zabo bememeza, “Kwenzekani bo?”
Ngemva kwesikhashana, i-Boeing 747 yethu yaphahlazekela egqumeni, kusasele amakhilomitha amahlanu sifike esikhumulweni sezindiza, ngokusobala ngenxa yokuthi umshayeli wendiza wayenze iphutha ekulinganiseleni ibanga. Ngenxa yaleyo nhlekelele yendiza ngo-August 6, 1997, kwafa ingqikithi yabagibeli abangu-228 kanye nabaqondisi bendiza. Ngangingomunye wabangu-26 kuphela abasinda.
Ngaphambi nje kokuba ngigibele indiza eSeoul, eKorea, omelele le nkampane yezindiza wathi ngiyohlala engxenyeni engcono yendiza kunengangizohlala kuyo, wanginika isihlalo sokugcina esasisele egumbini le-first class. Ngajabula kangangokuba ngaze ngashayela umkami ucingo, uSoon Duck, owayezongihlangabeza esikhumulweni sezindiza eGuam. Lolo shintsho lwesihlalo lwangizuzisa ngendlela engangingakaze ngiyicabange.
Ukuphahlazeka Kwendiza Nesimo Ngemva Kwalokho
Ngenxa yokuthi kwakungabonakali kahle, kungenzeka ukuthi abaqondisi bendiza babengayiboni ingozi eyayisondela. Konke kwenzeka ngokuphazima kweso! Ngangisazilungiselela ukubhekana nokukhulu okwakuza, kodwa ngokushesha ngazibona sengiphansi ngaphandle kwendiza, ngisalokhu ngiboshelwe esihlalweni sami. Angiqiniseki ukuthi ngaquleka yini noma cha.
Ngazibuza: ‘Ingabe ngiyaphupha?’ Lapho ngiqaphela ukuthi ngangingaphuphi, okwafika kuqala engqondweni ukuthi wayezothini umkami lapho ezwa ngokuphahlazeka kwendiza. Kamuva, wangitshela ukuthi wayengazange alilahle ithemba. Ngisho nalapho ezwa othile esikhumulweni sezindiza ethi bangu-7 kuphela abagibeli abasindile, wayekholelwa ukuthi ngangingomunye wabo.
Indiza yethu yayiphahlazeke yaba izingcezu ezine, ezasabalala kule ndawo eyihlathi emagebhugebhu. Izidumbu zazisakazeke yonke indawo. Ezinye izingxenye zendiza zazisha, futhi ngezwa ukuqhuma kuhambisana nokububula nokukhala okubuhlungu. Kwakunamazwi anxusayo, ethi: “Ngisizeni! Ngisizeni!” Isihlalo sami sawela otshanini obuhlabayo obungamamitha amabili ubude futhi kulawo malangabi asabekayo omlilo, ngangibona igquma budebuduze. Cishe kwakungu-2:00 ekuseni, futhi imvula yayilokhu ina.
Ngashaqeka kangangokuba angizange ngicabange ngisho nokuthi kungenzeka ngangilimele, kwaze kwaba yilapho ngibona intombazanyana ethile kulenga isikhumba sogebhezi esiphundu sayo. Ngokushesha nami ngazithinta ekhanda ngathola ukuthi ngangopha ngenxa yenxeba ngenhla kweso lami lesobunxele. Ngabe sengihlola wonke umzimba wami futhi ngathola ukuthi nganginamanxeba amancane ezindaweni eziningi. Kodwa ngokujabulisayo alikho elalilibi kakhulu. Nokho, kwakunobuhlungu obuqeda amandla emilenzeni yami, okwakwenza kwaba nzima ukunyakaza. Imilenze yami yomibili yayiphukile.
Kamuva, lapho ngifika esibhedlela, odokotela bathi ngangilimele “kancane.” Futhi ngempela kwakunjalo, uma kuqhathaniswa nendlela abanye abasindile ababelimele ngayo. Umlisa othile wadonswa wakhishwa engozini kodwa imilenze yakhe yangatholakala. Abanye bashiswa umlilo kakhulu, kuhlanganise nabathathu abasinda lapho indiza iphahlazeka kodwa kamuva bafa, ngemva kwamasonto amaningi besezinhlungwini ezinjunjuthayo.
Ukukhathazwa Amalangabi
Kunokuba ngikhathazeke ngamanxeba ami, ngangikhathazeke ngokuthi abatakuli babezofika yini kimina kusenesikhathi. Izingxenye ezimaphakathi zendiza, lapho ngangizohlala khona ekuqaleni zacishe zaba incithakalo ngokuphelele. Ezinye ezazisele zazivutha amalangabi futhi abagibeli ababebambeke ngaphakathi bafa kabuhlungu. Angisoze ngikukhohlwe ukudazuluka kwabo befuna usizo.
Isihlalo sami sasiseduze nekhala lendiza. Ngangisengcupheni. Lapho ngilulela intamo yami emuva, ngangiwabona amalangabi. Ngangesaba ukuthi ngokushesha amalangabi ayezofika kimina, kodwa ngokujabulisayo awazange.
Ukuhlengwa Ekugcineni!
Isikhathi sadlula kancane. Kwadlula isikhathi esingaphezu kwehora. Ekugcineni, abatakuli abambalwa bayithola le ndawo lapho indiza yayiphahlazeke khona cishe ngo-3:00 ekuseni. Ngangibezwa bekhuluma phezulu egqumeni bethukile ngenxa yalokho ababekubona. Omunye wabo wamemeza: “Ingabe ukhona okhona lapho?”
Ngaphendula: “Ngilapha, Ngisizeni!” Abanye abagibeli nabo basabela. Omunye umtakuli wabhekisela komunye embiza ngokuthi “Ted.” Ngakho ngaqala ukumemeza, “Ted ngingapha!” futhi ngathi, “Ted, woza uzosisiza!”
Impendulo yathi: “Siyeza! Lindani.”
Imvula eyayina kakhulu, okungenzeka ukuthi yasindisa abaningi emalangabini omlilo, yaphazamisa abatakuli lapho behla kuleli gquma elishibilikayo. Ngenxa yalokho, kwaphela elinye ihora ngaphambi kokuba abatakuli bafike kwabasindile. Kwaba sengathi kuthathe iminyaka ukuba bangithole.
“Sesifikile,” kusho abatakuli ababili bephethe izibani ezinkulu ezikhanyayo. “Ningakhathazeki.” Ngokushesha kwafika abanye abatakuli ababili, futhi bonke bazama ukungisusa kule ndawo. Ababili babamba izingalo zami, futhi abanye ababili babamba imilenze yami. Kwakubuhlungu ngempela ukubanjwa ngaleyo ndlela, ikakhulukazi ngoba babelokhu beshibilika odakeni. Ngemva kokuhamba ibanga elifushane, bangibeka phansi. Omunye wabo walanda uhlaka, futhi ngayiswa lapho indiza yezempi yayingakwazi ukungithatha khona ingiyise kuyi-ambulensi eyayiphezulu egqumeni.
Ukubona Umkami Ekugcineni!
Ngafika ngo-5:30 ekuseni egumbini labadinga ukunakekelwa okuphuthumayo. Ngenxa yamanxeba enganginawo, odokotela abangivumelanga ukuba ngishaye ucingo. Ngakho-ke umkami akazange azi ukuthi ngisindile kwaze kwaba ngo-10:30 ekuseni, okucishe kube ngamahora angu-9 ngemva kokuphahlazeka kwendiza. Waziswa ngumngane wakhe owabona igama lami ohlwini lwabasindile.
Cishe ngo-4:00 ntambama, lapho umkami evunyelwa ukuba angibone, angizange ngikwazi ukumbona ngokushesha. Ingqondo yami yayidungekile ngenxa yemithi yezinhlungu. Amazwi okuqala awasho athi: “Ngiyabonga ngokuthi uyaphila.” Angisakhumbuli lutho ngaleyo ngxoxo, kodwa kamuva ngatshelwa ukuthi ngaphendula ngathi: “Ungabongi mina. Bonga uJehova.”
Ukugcina Uhlelo Lwezinto Eziza Kuqala Luqondile
Njengoba ngangilulama esibhedlela, ubuhlungu engangibuzwa ngangibujwayele. Ngo-1987 esikhathini esingaphansi konyaka ngemva kokusuka eKorea sithuthele eGuam, ngawa phezu kwesikafula esitezi sesine engozini yezokwakha futhi ngaphuka imilenze yomibili. Leyo ngozi yashintsha ukuphila kwami. Udadewethu omdala, ongomunye woFakazi BakaJehova, wayelokhu engigqugquzela ukuba ngifunde iBhayibheli. Isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha engasichitha ngilulama sanginikeza ithuba lokwenza lokho kanye. Ngenxa yalokho, ngawo kanye lowo nyaka ngazinikezela kuJehova uNkulunkulu futhi ngakubonakalisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi.
Selokhu kwaphahlazeka indiza, bengilokhu ngicabanga ngombhalo engiwuthandayo, othi: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso [kaNkulunkulu] nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:33) Njengoba ngangilulama engozini yokuphahlazeka kwendiza ngaba nethuba lokuhlaziya ukuphila kwami.
Ukuphahlazeka kwendiza i-Flight 801 kwagcizelela kimina ngendlela enamandla ukuthi ukuphila kuyigugu kangakanani. Ngangingase ngife nje kalula! (UmShumayeli 9:11) Kamuva, kwadingeka ukuba ngihlinzwe kaningana ukuze kulungiswe umzimba wami futhi ngachitha isikhathi esingaphezu kwenyanga ngilulama esibhedlela.
Manje ngifuna ukubonisa uMdali wethu omkhulu ukuthi ngisazisa ngempela isipho sakhe esiyingqayizivele sokuphila, kuhlanganise nelungiselelo lakhe lokuba isintu sijabulele ukuphila okuphakade epharadesi lasemhlabeni. (IHubo 37:9-11, 29; IsAmbulo 21:3, 4) Ngiyaqaphela ukuthi indlela engcono kunazo zonke yokubonisa lokho kwazisa ingokuqhubeka ngibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwami.—Inikelwe.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 23]
US Navy/Sipa Press