Uthando Lwami Ngomhlaba Luyokwaneliswa Phakade
NJENGOBA ILANDISWA UDOROTHY CONNELLY
Lapho ngiseyintombazanyana, ngatshelwa ukuthi ngizoya esihogweni ngoba ngingowoMdabu wase-Australia. Ngemva kweminyaka eminingi, ngo-1936, ngezwa inkulumo yeBhayibheli eqoshiwe eyacisha isihogo kodwa yokhela ilangabi enhliziyweni yami. Manje lelo langabi livutha kakhulu kunanini ngaphambili. Ngaphambi kokuba ngichaze ukuthi kungani, ake ngikutshele okuthile ngami.
NGAZALWA cishe ngo-1911. Ngithi “cishe” ngoba ngalezo zinsuku aboMdabu base-Australia babengenandaba nezinsuku nezitifiketi zokuzalwa. Abazali bami babengabantu abasebenza kanzima, ababesaba uNkulunkulu. Sasihlala edolobhaneni laseSpringsure, eduze noKhahlamba iCarnarvon olumangelengele noluhle, olusenkabeni yeQueensland, e-Australia.
Ubaba wakhuliselwa emkhayeni wabamhlophe ongamaRoma Katolika. Nokho, abazali bami abangaboMdabu base-Australia bagxilisa kimi amasiko abo endabuko nothando ngomhlaba. Sasizingela ama-kangaroo, ama-emu, izimfudu, nezinyoka bese sidoba izinhlanzi nama-witchetty grub (izibungu ezinkulu ezidliwayo). Kodwa ngangingayidli i-emu. Ekhaya, nganginqatshelwe ukuyidla ngoba yayiwuphawu lwami siqu. Ngokwesiko laboMdabu base-Australia, noma “Isikhathi sokuphupha,” ilungu ngalinye lesizwe linophawu lwalo siqu olumelelwa isilwane esithile, kanti umkhaya nesizwe babeshaya umthetho wokuba ungasidli leso silwane esiwuphawu.
Nakuba ukusetshenziswa kwezilwane njengezimpawu kuyinkolelo-ze, umthetho onqabela ukudla leso silwane wawuyisikhumbuzo sobungcwele bokuphila. AboMdabu base-Australia babengabulali ngoba befuna ukuzijabulisa. Ngikhumbula ngikhwantabala ngesikhathi ubaba engivuthela ngolaka ngoba engibambé ngijuqula izintethe eziphilayo ngiseyintombazanyana. Wathi: “Yinto embi leyo! Awazi yini ukuthi uNkulunkulu uyaluzonda unya? Ubungathanda yini uma othile enza okufanayo kuwe?”
Sasinezinkolelo-ze eziningi. Ngokwesibonelo, uma i-willie wagtail (inyoni encane) idlalela ngasekamu lethu, lokho kwakusho izindaba ezimbi; noma uma isikhova sihlala esiqwini sesihlahla esiseduze emini, sasikholelwa ukuthi kukhona owayezofa. Amaphupho athile nawo ayebhekwa njengabikezela ikusasa. Ngokwesibonelo, ukuphupha amanzi adungekile kwakusho ukuthi othile emkhayeni wayegula. Kodwa uma amanzi egcwele udaka, kwakucatshangwa ukuthi othile ufile. Yiqiniso, sasingamaKatolika, kodwa lokhu akuzange kuzichithe zonke izinkolelo-ze zesizwe sakithi.
Abasekhaya balondoloza nolimi lwethu lomdabu lwase-Australia. Nokho, manje lolu limi lungolunye lwezilimi ezisengcupheni yokuphela. Nakuba kunjalo, ngezikhathi ezithile ngiyalusebenzisa lapho ngikhuluma nabanye ngeBhayibheli. Nokho, ngokuvamile ngisebenzisa isiNgisi noma isifanakalo sabantu bendawo.
Ukuqeqeshwa Okuyigugu Ngisemncane
Lapho sengineminyaka engaba yishumi ubudala, umkhaya wakithi wawuhlala epulazini lezinkomo, ebangeni elingamakhilomitha angaba ngu-30 ukusuka eSpringsure. Ngangihamba amakhilomitha ambalwa usuku ngalunye ngiya endlini yepulazi ngiyokwenza imisebenzi yami yasekhaya. Ithini elincane lobisi nesinkwa kwakuyiholo lami losuku. Umkhaya wakithi wawuhlala emaqhugwaneni enziwe ngamagxolo ezihlahla, okuyizindlu ezingokwesiko zaboMdabu base-Australia. Lapho lina, sasilala emihumeni eseduze ebusuku. Ingabe le ndlela elula yokuphila ngangiyibheka njengenzima? Cha. Amakhulu eminyaka lena bekuyindlela yokuphila yaboMdabu base-Australia futhi sasiyamukela.
Empeleni, ngiyajabula ngokuthi angizange ngikhule ngikhomba ngophakathi, nokuthi nganginabazali abanothando ababengiyala, bengisebenzisa kanzima futhi bengifundisa ukuphila ngokulima. Ngo-1934, ngokushesha ngemva kokuthuthela esabelweni esiseduze naseWoorabinda, eQueensland, ngashiya ikhaya okokuqala ngqá ngaya entshonalanga ngiyosebenza emapulazini ezinkomo nezimvu njengesisebenzi sasemakhishini nanjengesisebenzi nje esivamile. Ekugcineni umsebenzi wangithumela empumalanga, ngaphandle nje kwedolobha elisogwini iRockhampton. Lapho ngahlangana khona nomyeni wami osewashona, uMartin Connelly, owayezalwa umuntu wase-Ireland. Sashada ngo-1939.
Ukufunda Iqiniso LeBhayibheli
Ngangilihlonipha ngokujulile iBhayibheli ngaso sonke isikhathi. Lapho ngisemusha, inkosikazi yepulazi lezinkomo yayisiqoqa sonke njengezingane—zaboMdabu nezimhlophe—bese isixoxela izindaba ezimayelana noJesu. Ngesinye isikhathi, wachaza lokho okushiwo amazwi kaJesu athi: ‘Ningabenqabeli abantwana ukuza kimi.’ (Mathewu 19:14, King James Version) Selokhu ngatshelwa ukuthi ngangizoya esihogweni, ngangiqala ngqá ukubona inhlansi yethemba.
Kamuva ngezwa inkulumo eqoshiwe, engikhulume ngayo ekuqaleni, eyayithi isihogo asishisi. Nakuba lokho kwangenza ngaqala ukucabanga, angizange ngihlangane noFakazi BakaJehova kwaze kwaba ngo-1949. Ngaleso sikhathi sase sihlala e-Emerald, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-250 entshonalanga yeRockhampton. Umuntu owasivakashela, uR. Bennett Brickell,a wakhuluma nathi ngeBhayibheli. Kamuva, uBen wayefikela ekhaya noma nini lapho esendaweni yakithi. Sonke, kuhlanganise noMartin nezingane zethu ezine, sasimhlonipha ngokujulile. UMartin wayengasithakazeleli isigijimi seBhayibheli, nakuba njalo ayebonisa umusa nomoya wokungenisa izihambi koFakazi futhi ikakhulukazi kuBen.
UBen wanginika izinsiza-kufundisa zeBhayibheli eziningi, kodwa kwakunenkinga enkulu—ngangingakwazi ukufunda. Ngakho, uBen ngesineke wayesifundela mina nezingane iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, echaza lokho ayekufunda njengoba eqhubeka. Yeka ukuthi wayehluke kanjani kubefundisi, okwakuthi ngemva kokwenza amasiko enkolo, bangabekeli eceleni ngisho nemizuzu emihlanu ukuze basifundise ukufunda! UBen wasibonisa ngeBhayibheli ukuthi uSathane namademoni akhe bangabasunguli bezinkolelo-ze eziningi ezibophe isintu, kuhlanganise nabantu bakithi. Yeka indlela engawazisa ngayo amazwi kaJesu: “Iqiniso liyonikhulula”!—Johane 8:32.
Kwangijabulisa ngempela ukufunda ngenjongo kaNkulunkulu yokwenza umhlaba ube ipharadesi lalabo abamlalelayo. Ngaphezu kwakho konke, ngalangazelela ukuvuswa kwabafileyo; umama wayeshone ngo-1939, kanti ubaba washona ngo-1951. Ngokuvamile ngibheka phambili osukwini lapho ngiyobamukela khona futhi emhlabeni ababewazisa kangaka. Futhi yeka injabulo okuyoba yiyo ukubafundisa ngoJehova uNkulunkulu nangoMbuso wakhe!
Umshumayeli Ongafundile
Njengoba ulwazi lwami lweBhayibheli lwaluya lukhula, ngangifuna ukuluhlanganyela nabanye. Ngakhuluma nezihlobo nabangane, kodwa ngangifuna ukwanuleka. Ngakho, lapho uBen ebuya futhi e-Emerald, ngalungisa izingane ngokushesha, futhi sonke sahamba naye sayoshumayela. Wangibonisa izintshumayelo ezilula futhi wangifundisa ukuncika kuJehova ngomthandazo. Kumelwe ngivume ukuthi intshumayelo yami yayingasheleli, kodwa yayisuka enhliziyweni.
Okokuqala, ngangitshela abaninikhaya ukuthi angikwazi ukufunda; okwesibili, ngangibacela ukuba bafunde amavesi eBhayibheli engangiwasho. Ngangiwazi ngekhanda la mavesi. Abantu babemangala kuleli lokishi labamhlophe, kodwa babengadeleli neze. Ngokuhamba kwesikhathi, ngafunda ukuzifundela. Yeka ukuthi lokhu kwaqinisa ukuzethemba nengokomoya lami kangakanani!
Umhlangano Wokuqala Engaya Kuwo
Ngo-March 1951, lapho senginikezele ukuphila kwami kuJehova, kwaba nezenzakalo ezimbili eziyingqopha-mlando ekuphileni kwami: ubhapathizo lwamanzi nomhlangano wokuqala woFakazi BakaJehova engaya kuwo. Kodwa lokho kwasho ukuya edolobheni elikhulu laseSydney—okuyinto esabisayo entombazaneni yasemaphandleni. Ngaphezu kwalokho, ngangingenayo imali yokukhokhela isitimela. Ngakho, ngangizokwenzenjani?
Nganquma ukugembula ukuze ngithole imali yokugibela. Ngacabanga: ‘Ngikwenzela uJehova lokhu, ngakho ngokuqinisekile uzongisiza ukuba ngiwine.’ Ngemva kokushaya amaphepha izikhathi ezimbalwa, ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayengisizile, ngoba ngase nginemali eyanele yokukhokhela uhambo lokuya nokubuya.
UBen wayazi ukuthi ngihlela ukuya eSydney, ngakho ngokulandelayo lapho efika, wangibuza ukuthi nganginemali eyanele yini. Ngaphendula: “Yebo! Ngithole imali yokukhokhela isitimela ngokugembula.” Wabheja waba bomvu, ngakho ngavele ngabona ngaso leso sikhathi ukuthi ngikhulume into engalungile. Ngakho ngokushesha ngizithethelela, nganezela: “Kwenzenjani? Angiyebanga!”
Lapho uBen esezothile, wachaza ngomusa ukuthi kungani amaKristu engagembuli wabe esenezela, engiqinisekisa: “Kodwa akulona iphutha lakho. Angizange ngikutshele.”
Ukwenziwa Ukuba Ngizizwe Ngamukelekile
Kulowo mhlangano wezinsuku ezine, ngo-March 22-25, 1951, ngangiqala ukuhlangana noFakazi abaningi kangaka. Njengoba ngangazi uBen kuphela nabanye abambalwa, ngangingaqiniseki ukuthi ngangizokwamukelwa kanjani. Ngakho ungase ucabange ukuthi ngajabula kanjani lapho ngamukelwa ngemfudumalo ababezoba abafowethu nodadewethu abangokomoya, abangalubonisanga neze ubandlululo. Ngazizwa ngikhululekile ngempela.
Lowo mhlangano usakhanya bhá engqondweni yami, ikakhulukazi ngoba ngangiphakathi kwabangu-160 ababhapathizwa eBotany Bay. Ngaba ngomunye waboMdabu base-Australia bokuqala ababa oFakazi BakaJehova. Isithombe sami savela ephephandabeni langeSonto nasembikweni wezindaba owaboniswa emabhayisikobho.
Ngangiwukuphela KukaFakazi Edolobheni
Ngemva kwenyanga ngibuyile eSydney, umkhaya wethu wathuthela eMount Isa, idolobha elinezimayini elisenyakatho-ntshonalanga yeQueensland. Sahlala eshedeni iminyaka eyisithupha njengabanakekeli besiqephu esikhulu sezwe esingaphandle kwedolobha. Sakha izindonga zeshede lethu ngezingodo esazigawula ehlathini eliseduze. Uphahla salwenza ngemigqomo yetiyela emidala esayisika emaceleni sayenza isicaba. UMartin wathola umsebenzi kwaloliwe, kodwa ukuphuza kwakhe kakhulu ekugcineni konakalisa impilo yakhe. Ngakho-ke, ngaba umondli womkhaya wethu. UMartin washona ngo-1971.
Zisuka nje, ngangiwukuphela kukaFakazi eMount Isa. UBen wayevakasha cishe njalo ngemva kwezinyanga eziyisithupha, njengoba iMount Isa yayiyingxenye yensimu enkulu ayeshumayela kuyo. Uma kwenzeka abe sedolobheni ngesikhathi seSikhumbuzo sokufa kukaJesu Kristu—okwakuwumkhosi okhethekile kuBen, njengoba ayenethemba lokuphila kwasezulwini—wayesigubha nomkhaya wami, ngezinye izikhathi ngaphandle ngaphansi kwesihlahla.
Ngokuvamile uBen wayengahlali isikhathi eside, ngakho-ke mina nezingane sasivame ukushumayela sodwa. Yiqiniso, sasisodwa; kodwa umoya kaJehova wawusinika amandla, ngokufanayo nenhlangano yakhe enothando. Ababonisi abajikelezayo abathembekile namakhosikazi abo babebhekana nokushisa okukhulu, izimpukane, uthuli nemigwaqo ekhandlayo ukuze beze eMount Isa bezosikhuthaza, nakuba iqembu lethu lalilincane iminyaka eminingi. Futhi, oFakazi basebandleni elingumakhelwane elalisanda kumiswa eDarwin, eqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-1200, babevakasha ngezikhathi ezithile.
Ukumiswa Kwebandla
Ngo-December 1953 kwamiswa ibandla eMount Isa. UBen wamiswa njengombonisi, futhi yimina nendodakazi yami u-Ann kuphela esasihlanganyela enkonzweni ngaleso sikhathi. Kodwa ngokushesha abanye oFakazi bathuthela kuleli dolobha. Insimu yethu nayo yaqala ukukhiqiza isivuno esikhulayo sabafundi, kuhlanganise, nedlanzana laboMdabu ngokuhamba kwesikhathi.
Ibandla laqhubeka likhula, futhi ngokushesha kwaba sobala ukuthi sasidinga iHholo LoMbuso esasizoqhubela kulo imihlangano yethu. Ngo-May 1960, ngemva komsebenzi onzima omkhulu, saqeda ukwakha ihholo lethu elisha. Phakathi neminyaka engu-15 eyalandela, landiswa kabili. Kodwa maphakathi nawo-1970, kwakunabangu-120 ababehlanganyela enkonzweni yasobala, futhi ihholo lase lilincane. Ngakho, kwakhiwa iHholo LoMbuso elihle elinezihlalo ezingu-250, futhi lanikezelwa ngo-1981. Ngenxa yokuthi sikhulu ngokwanele, lesi sakhiwo sisetshenziselwa nemibuthano emikhulu ebizwa ngokuthi imihlangano yesifunda.
Ukwanda KwaboMdabu Base-Australia
Ngo-1996 kwangijabulisa ukubunjwa kweqembu laboMdabu nama-Islander elalihlanganyela neBandla LaseMount Isa. Ama-Islander angaboMdabu base-Australia abakhe eziqhingini eziseduze nezwekazi lase-Australia. Umgomo osemqoka waleli qembu uwukunikeza ubufakazi obungcono kwaboMdabu, abanye kubona abazizwa bengakhululekile lapho beshunyayezwa abamhlophe.
Kunamanye amaqembu afanayo aboMdabu acishe abe ngu-20 asakazeke kulo lonke elase-Australia. Ngaphezu kwalokho, kuye kwamiswa amabandla aboMdabu base-Australia e-Adelaide, eCairns, e-Ipswich, ePerth naseTownsville. Abantu abangaba ngu-500—kuhlanganise nabanye bomkhaya wakithi—baba khona kula maqembu namabandla. Cishe amaphesenti ayishumi abamemezeli boMdabu angamaphayona, noma izikhonzi zesikhathi esigcwele!
Ngaphathwa isifo sikashukela ngo-1975, futhi phakathi neminyaka edlule lesi sifo, esikhathaza aboMdabu abaningi, siye sangikhinyabeza. Ukufunda sekunzima kakhulu. Nokho, uJehova uyaqhubeka engisekela futhi enginika injabulo.
Ngibonga izikhonzi ezinesibindi eziye zangikhonza kanye nomkhaya wami. Intshiseko yazo engapheli, uthando lwazo, namagugu angokomoya ezaziwathwala ngamabhayisikili njengoba zinqamula imigwaqo enothuli, engenabantu nezindlela zasemaphandleni zaseQueensland zakwenza kwaba nokwenzeka ukuba sifunde iqiniso leBhayibheli. Manje ngilinde ngethemba isikhathi lapho uthando lwami ngomhlaba luyokwaneliswa phakade.
[Imibhalo yaphansi]
a Indaba enhle yokuphila kukaBen Brickell yavela kumagazini INqabayokulinda ka-September 1, 1972, amakhasi 533-6.
[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Perth
Darwin
Cairns
Townsville
Mount Isa
Rockhampton
Emerald
Springsure
Woorabinda
Ipswich
Sydney
Adelaide
UDorothy namuhla
[Isithombe ekhasini 13]
Ukuprakthiza noBen phakathi nawo-1950