Umbono WeBhayibheli
Umbono Olinganiselayo Ngamasiko Athandwayo
“AWUKHO UMKHUBA ONGAKAZE UNQATSHELWE NGESIKHATHI ESITHILE ENDAWENI ETHILE, KANTI NGESINYE ISIKHATHI KWENYE INDAWO UYISIBOPHO ESINGOKOMTHETHO.”
NGALOKHU kuhlola, isazi-mlando sase-Ireland uWilliam Lecky sasifingqa kanjalo isimo sabantu esiguquguqukayo. Amazwi akhe angasebenza emikhubeni nasemasikweni ayekhona eminyakeni eminingi edlule. Yiqiniso, imikhuba eminingi eyake yabhekwa njengengxenye ebalulekile ekuphileni kwansuku zonke iye yenqatshwa muva nje. Lokhu akumangalisi, ngoba umphostoli ongumKristu uPawulu waphawula, “isimo salelizwe siyashintsha.”—1 Korinte 7:31.
Yebo, isimo somphakathi wesintu sishintshashintsha njalo. Ngokuvamile lokhu kubonakala esimweni sengqondo esivamile nasemikhubeni yomphakathi. AmaKristu awayona “ingxenye yezwe”—okungukuthi, azigcina ezihlukanisile nomphakathi wesintu odediselwe kude noNkulunkulu. Noma kunjalo, iBhayibheli liyavuma ukuthi amaKristu “asezweni,” futhi akudingeki ukuba abe ngonkom’ idla yodwa. Ngalokho, umbono olinganiselayo ngamasiko ubalulekile.—Johane 17:11, 14-16; 2 Korinte 6:14-17; Efesu 4:17-19; 2 Petru 2:20.
Ayini Amasiko?
Amasiko yimikhuba esebenza emphakathini futhi avame ezindaweni noma eqenjini elithile labantu. Amanye amasiko, anjengemikhuba emihle yokudla nokuziphatha kahle, angase avuse isidingo sokuqondisa ukuziphatha kwabantu emisebenzini yamaqembu, ibavumele babonise isizotha nokwethembana ngendlela enenhlonipho. Ezimweni ezinjalo, inhlonipho ngabantu ingafaniswa namafutha, ngenxa yokuthi yenza ubuhlobo babantu bushelele.
Amasiko aye athonywa kakhulu inkolo. Eqinisweni, amaningi, asuka ezinkolelweni-ze zasendulo nezisekelwe emibonweni yenkolo engasekelwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, ukunikeza abafelwe izimbali mhlawumbe kunomsuka wenkolelo-ze yenkolo.a Kuhlanganise, nombala oluhlaza njengesibhakabhaka—ngokuvamile ohlotshaniswa nabantwana babafana—okwakucatshangwa ukuthi uxosha amademoni. Isimonyo sezinkophe (mascara) sasinjengesivikelo ehlweni elibi, kuyilapho i-lipstick yayisetshenziselwa ukuvimbela amademoni ukuba angangeni emlonyeni wowesifazane abese ehlala kuye. Ngisho nesiko elingalimazi njengokuvala umlomo lapho uzamula kungenzeka lasuka embonweni wokuthi umphefumulo womuntu ungaphuma uma umlomo uvulwe kakhulu. Nokho, eminyakeni eminingi, ukuzihlanganisa nenkolo kuye kwaphela, futhi namuhla le mikhuba namasiko ayinakho ukubaluleka okungokwenkolo.
Okukhathalelwa AmaKristu
Uma umKristu kudingeka anqume ukuthi uyalilandela yini isiko elithile noma cha, akukhathalela ngokuyinhloko kufanele kube ukuthi, Uyini umbono kaNkulunkulu njengoba uboniswe eBhayibhelini? Esikhathini esidlule uNkulunkulu wayenqabela imikhuba ethile eyayibekezelelwa emiphakathini ethile. Lena yayihlanganisa ukwenza imihlatshelo ngabantwana, ukusetshenziswa kabi kwegazi nemikhuba ehlukahlukene yobulili. (Levitikusi 17:13, 14; 18:1-30; Duteronomi 18:10) Ngokufanayo, amasiko athile avamile namuhla ngokusobala awavumelani nezimiso zeBhayibheli. Phakathi kwawo kunamasiko angasekelwe eBhayibhelini ahlobene namaholide enkolo njengoKhisimusi nama-Easter noma imikhuba yokukholelwa ezeni ehlobene nokusebenzelana nemimoya.
Kodwa kuthiwani ngamasiko angaphambili ayehlobene nemikhuba engabazisayo kodwa namuhla abhekwa ngokuyinhloko njengokubonisa inhlonipho ngabanye? Ngokwesibonelo, amasiko amaningi avamile omshado—ahlanganisa ukufakana izindandatho nokudla ikhekhe—kungenzeka anemisuka yobuqaba. Ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu anqatshelwe ukugcina amasiko anjalo? Kudingekile yini ngamaKristu ukuba ahlolisise imicikilisho yalelo nalelo siko lomphakathi ukuze abone ukuthi ndawana thile noma ngesikhathi esithile lalinencazelo engavumelani nemiBhalo?
UPawulu waphawula ukuthi “lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko.” (2 Korinte 3:17; Jakobe 1:25) UNkulunkulu ufuna siyisebenzise le nkululeko, hhayi njengethuba lezinkanuko zobugovu, kodwa ukuze siqeqeshe amandla ethu okuqonda ukuze sahlukanise kokubili okulungile nokungalungile. (Galathiya 5:13; Heberu 5:14; 1 Petru 2:16) Ngakho, endabeni lapho kungekho ukuphulwa okuqondile kwezimiso zeBhayibheli, oFakazi BakaJehova abenzi umthetho oqinile. Kunalokho, umKristu ngamunye kumelwe acabangele izimo zakhe abese ezenzela isinqumo sakhe siqu.
Funa Inzuzo Yabanye
Ingabe lokhu kusho ukuthi njalo kufanelekile ukuba uhlanganyele esikweni elithile uma nje lingazephuli ngokuqondile izimfundiso zeBhayibheli? Cha. (Galathiya 5:13) UPawulu wabonisa ukuthi umKristu kufanele afune hhayi kuphela inzuzo yakhe siqu “kodwa eyabaningi.” Kufanele ‘zonke izinto azenzele inkazimulo kaNkulunkulu futhi angabi imbangela yokukhubeka.’ (1 Korinte 10:31-33) Ngakho umuntu ofuna ukuvunyelwa uNkulunkulu uyozibuza: ‘Abanye balibheka kanjani leli siko? Ingabe umphakathi ulihlanganisa nencazelo ethile engabazisayo? Ingabe ukuhlanganyela kwami kulo kubonisa ukuthi ngivumelana nemikhuba noma imibono edumaza uNkulunkulu?’—1 Korinte 9:19, 23; 10:23, 24.
Nakuba ngokuvamile engalimazi, amasiko athile angase enziwe endaweni yakini ngendlela ephambene nezimiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ngezikhathi ezikhethekile ukunikeza izimbali kungase kusho incazelo ekhethekile ephikisana nezimfundiso zeBhayibheli. Ngakho, yini ngokuyinhloko umKristu okufanele ayikhathalele? Nakuba kungase kube nesizathu sokuhlola umsuka wesiko elithile, kwezinye izimo kubaluleke kakhulu ukucabangela ukuthi lisho ukuthini isiko kubantu ngaleso sikhathi nasendaweni lapho behlala khona manje. Uma isiko lingavumelani nemiBhalo noma ngenye indlela linencazelo ephambene phakathi nenkathi ethile yonyaka noma ngaphansi kwezimo ezithile, ngokuhlakanipha umKristu angase anqume ukuba aligweme ngaleso sikhathi.
UPawulu wathandazela ukuba amaKristu aqhubeke evumela uthando lwawo luvame olwazini olunembile nokuqonda okugcwele. Ngokugcina umbono olinganiselayo ngamasiko avamile, amaKristu ‘aqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe, ukuze angabi nasici futhi angakhubekisi abanye.’ (Filipi 1:9, 10) Ngesikhathi esifanayo, ayokwenza ‘ukuba nengqondo kwawo kwaziwe yibo bonke abantu.’—Filipi 4:5.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwezazi ezithile zesayensi yendabuko, izimbali ezinephunga elimnandi ngezinye izikhathi zazisetshenziselwa umhlatshelo wabafileyo ukuze ubavimbele ekuhambeleni abaphilayo.
[Izithombe ekhasini 26]
Amanye amasiko asendulo, njengokuvala umlomo lapho uzamula nokupha abashonelwe izimbali, aye alahlekelwa incazelo yomsuka wawo