Mamatheka—Kukulungele!
Ngumlobeli we-Phaphama! eJapane
UMA kusuka enhliziyweni kuqeda izinsolo. Kuqeda ubandlululo obelulokhu lunqwabelana eminyakeni edlule. Kuthambisa izinhliziyo ezilukhuni ngenxa yokungakholwa nokungathembani. Kwenza ukuba abaningi bakhululeke futhi bajabule. Kutshela umuntu ukuthi, “Ngiyaqonda. Ungakhathazeki.” Kuyanxusa kuthi, “kwangathi singaba abangane.” Liyini leli thuluzi elinamandla kangaka? Ukumamatheka. Kungaba ukumamatheka KWAKHO.
Kuyini ukumamatheka? Ngokuvamile izichazamazwi zichaza ukumamatheka ngokuthi ‘yisimo esenza umlomo umoyizele ngenxa yokwenama, ukuvumelana nokuthile, noma injabulo.’ Ilapho-ke imfihlo yokumamatheka ngemfudumalo. Ukumamatheka kuyindlela yokuveza imizwa yakho noma yokudlulisela imizwa kwabanye ngaphandle kokukhuluma. Yiqiniso, ukumamatheka kungase kubonise indelelo noma ukunengeka, kodwa lokho kuhlukile.
Ingabe ukumamatheka kuyawenza umehluko ngempela? Uyakhumbula yini lapho ukumamatheka kothile kwakwenza wazizwa ukhululekile noma unethezekile? Noma lapho ubuso obungamamatheki bakwenza wazizwa wethukile noma ngisho ulahliwe? Yebo, ukumamatheka kuyawenza umehluko. Kuthinta kokubili lowo omamathekayo nalowo okubonayo. UJobe okukhulunywa ngaye eBhayibhelini wathi ngezitha zakhe: “[‘Ngabamamathekela,’ NW] bengenakukholwa; ukukhanya kobuso bami kabakufiphazanga.” (Jobe 29:24) Kungenzeka ukuthi “ukukhanya” kobuso bukaJobe kwakubhekisela ekuqhakazeni noma ekwenameni kwakhe.
Kuze kube namuhla leyo miphumela emihle yokumamatheka iseyiqiniso. Ukumamatheka ngemfudumalo kunganciphisa ukucindezeleka. Kungase kufane nesivimbo somoya ebhodweni elipheka ngesitimu. Lapho sizizwa sicindezelekile noma sikhungathekile, ukumamatheka kungasisiza ukuba sidambise ukucindezeleka futhi sikwazi ukubhekana nokukhungatheka kwethu. Ngokwesibonelo, uTomoko wayevame ukuphawula ukuthi abanye babemjeqeza. Wayethatha ngokuthi babembukela phansi, njengoba babemshalazela ngokushesha lapho bebona ukuthi usebabonile. UTomoko wayenesizungu futhi engajabule. Ngelinye ilanga umngane wasikisela ukuba amoyizele lapho amehlo akhe ehlangana nawabanye abantu. UTomoko wakwenza amasonto amabili lokhu futhi wamangala ukuthi bonke abantu basabela ngokumoyizela! Ukucindezeleka kwaphela. Uthi: “Ngempela ukuphila sekuyajabulisa.” Yebo, ukumamatheka kusenza sizizwe sikhululekile lapho sinabanye futhi kusenza sibe nobungane.
Umphumela Omuhle Kuwe Nakwabanye
Ukumamatheka kungathinta imizwelo yomuntu. Kukusiza ukuba ube nesimo sengqondo esihle. Futhi kugcina umzimba uphile kahle. Kunesisho esithi, “Ukuhleka kuyikhambi elihle.” Empeleni, ochwepheshe bezokwelapha baphawula ukuthi isimo somuntu sengqondo sihlobene eduze nesimo sakhe esingokomzimba. Ukucwaninga okuningi kubonisa ukuthi ukucindezeleka isikhathi eside, ukuba nemizwa ephambene, nokunye okunjalo kwenza ukuba isimiso sokuzivikela komzimba sibe buthakathaka. Ngakolunye uhlangothi, ukumamatheka kusenza sename, futhi ukuhleka kuqinisa isimiso sethu sokuzivikela komzimba.
Ukumamatheka kunomphumela omuhle kwabanye. Ake uzicabange uthola isiyalo noma ukuqondiswa. Isiphi isimo sobuso obungathanda ukusibona kulowo okunika isiyalo? Ubuso obuhwaqabele noma obungamamatheki bungase bubonise intukuthelo, ukunengeka, ukungamukelwa, noma ngisho nempi. Ngakolunye uhlangothi, ubuso obumamatheka ngemfudumalo balowo okunika isiyalo ngeke yini bukwenze ukhululeke, ngaleyo ndlela ukuthole kulula ukwamukela ukuyalwa? Ngokuqinisekile, ukumamatheka kunciphisa ukungaqondi ezimweni ezicindezelayo.
Imicabango Emihle Yenza Kube Lula Ukumamatheka
Yiqiniso, iningi lethu alifani nabadlali bamabhayisikobho abangochwepheshe abakwazi ukumamatheka noma nini; futhi asifisi ukufana nabo. Sifuna ukuba ukumamatheka kwethu kuzenzakalele ngokwemvelo futhi kusuke enhliziyweni. Uthisha wezokuxhumana kwabantu wathi: ‘Kubalulekile ukuba ukhululeke futhi umamatheke ngokusuka enhliziyweni, kungenjalo kuyobonakala ukuthi ukumamatheka kwakho okokuzenzisa.’ Singamamatheka kanjani ngobuqotho ngokusuka ezinhliziyweni? Kulokhu iBhayibheli lingasisiza. Likhuluma ngenkulumo yethu, liyasitshela kuMathewu 12:34, 35: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. Umuntu omuhle ukhipha izinto ezinhle emcebweni wakhe omuhle, kanti umuntu omubi ukhipha izinto ezimbi emcebweni wakhe omubi.”
Khumbula, ukumamatheka kuyindlela yokuveza imizwa yethu singazange sithi vú. Uma sikhumbula ukuthi sikhuluma “ngokuchichima kwenhliziyo” nokuthi “izinto ezinhle” zivela “emcebweni omuhle,” kuba sobala ukuthi isihluthulelo sokumamatheka ngokusuka enhliziyweni sixhomeke emicabangweni nasendleleni esizizwa ngayo. Yebo, ngokuqinisekile siyogcina sikushilo okusezinhliziyweni zethu, hhayi nje ngamazwi nangezenzo zethu kuphela kodwa nangesimo sobuso bethu. Ngakho, kudingeka siqhubeke sisebenzela ukugxilisa izingqondo zethu emicabangweni emihle. Isimo sobuso bethu sithintwa ngokunamandla imicabango yethu ngabanye abantu. Ngakho masigxile ezimfanelweni ezinhle zamalungu omkhaya, omakhelwane, nabangane bethu abahle. Siyokuthola kulula kakhulu ukumamatheka. Siyomamatheka ngobuqotho, ngoba kuyobe kusuka enhliziyweni egcwele ubuhle, isihe nomusa. Amehlo ethu ayoqhakaza, futhi abanye bayobona ukuthi sikwenza ngeqiniso.
Nokho, kumelwe sikwamukele ukuthi ngenxa yesizinda sabo nendawo ebazungezile, abanye abantu bakuthola kunzima ukumamatheka kunabanye. Ngisho noma bebafisela okuhle omakhelwane babo, bamane abakujwayele ukubamoyizelela. Ngokwesibonelo, ngokwesiko kulindeleke ukuba abesilisa baseJapane bahlale bezothile futhi bethule ngaso sonke isikhathi. Ngakho, abaningi abakujwayele ukumoyizelela abantu abababheka njengezihambi. Kungase kube into efanayo nakweminye imiphakathi. Noma abanye abantu bangase babe namahloni ngokwemvelo futhi bakuthole kunzima ukumoyizelela abanye. Ngakho, akumelwe sahlulele abanye ngokuthi bamamatheka kangakanani noma bamamatheka izikhathi ezingaki. Abantu abafani, futhi kunjalo nangezici zabo nendlela yabo yokukhuluma nabanye.
Noma kunjalo, uma ukuthola kuyinselele ukumoyizelela abanye, kungani ungakuhlakuleli? IBhayibheli liyeluleka: “Masingayeki ukwenza okuhle . . . Masisebenzeni okuhle kubo bonke.” (Galathiya 6:9, 10) Enye indlela yokwenza “okuhle” kwabanye ukuba sibamoyizelele—futhi ungakwenza lokhu! Ngakho thatha isinyathelo kuqala sokubingelela abanye futhi ubakhuthaze ngokumamatheka. Kuyokwaziswa kakhulu. Futhi, uyothola ukuthi ukumoyizela kuyoba lula kakhulu njengoba uwujwayela lo mkhuba.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Isixwayiso
Ngokudabukisayo akukhona konke ukumamatheka esikubonayo okusuka enhliziyweni. Abaphangi, abakhohlisi, abathengisi abangathembekile nabanye bangase bamamatheke ngendlela ekhangayo. Bayazi ukuthi ukumamatheka kungenza abantu badebesele futhi bangaqaphi. Abantu abanokuziphatha okungabazisayo noma abanezisusa ezingahlanzekile bangase bamoyizele ngendlela ekhangayo. Khona-ke, ukumamatheka kwabo akusho lutho; kuyakhohlisa. (UmShumayeli 7:6) Ngakho, nakuba singafuni ukusola abanye ngokungadingekile, kudingeka siqaphele ukuthi njengoba siphila ‘ezinsukwini zokugcina,’ okunzima ukubhekana nazo, kufanele ‘siqaphe njengezinyoka kodwa nokho sibe msulwa njengamajuba,’ njengoba kwayala uJesu.—2 Thimothewu 3:1; Mathewu 10:16.
[Isithombe ekhasini 13]
Thatha isinyathelo kuqala sokubingelela abanye ngokumamatheka