Ukwakha Isithombe Ngamagama
IZIMBONGI ziyingxube yengcweti yemidwebo nombhali wezingoma. Ezikubhalayo kugqugquzelwa izinhliziyo nezingqondo zazo. Ngakho, izinkondlo ezibhalwe kahle zingakuvusela usinga. Futhi zingakwenza ucabange, uhleke noma ukhale. Incwadi ethi The Need for Words ithi: “Ngokuvamile izinkondlo zimane nje zingamazwi ahlelwe ngendlela yokuba avele abe nethonya elinamandla. Lokho kungesinye isizathu esenza ukuba izinkondlo ezimnandi . . . zingalibaleki nhlobo.”
Izinkondlo ezinohlonze aziwona neze umsebenzi wokucabanga okukha phezulu. Izinkondlo zihlangene kakhulu nalokho okubalulekile ekuphileni—ubuhlobo, uthando, ingokomoya, imvelo nenjongo yokuphila. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi izinkondlo zingobunye bobuciko obudala kakhulu. Iqhathanisa izinkondlo namaprozi (ulimi oluvamile olubhalwayo), enye imbongi edumile yathi uma kokubili kuchaza into eyodwa futhi kubhalwe kahle kokubili, “inkondlo ibingafundwa izikhathi eziyikhulu kuyilapho iprozi ifundwa kanye.”
Nokho, njengoba kungenzeka ukuthi uye waqaphela, izinkondlo zinezimo eziningi ezihlukahlukene. Inkondlo ingase ibe nemvumelwano noma ingabi nayo. Ngezinye izikhathi ize ibonakale sengathi iyiprozi. Kanti ziyini ngempela izinkondlo?
Ziyini Izinkondlo?
Isichazamazwi i-Macquarie Dictionary sichaza izinkondlo ngokuthi “ubuciko bokuhlelwa kwamazwi, abhaliwe noma akhulunywayo, ukuze ajabulise ngemicabango emihle, oyibona ngeso lengqondo, noma ephakeme” nangokuthi “umsebenzi wokubhala onesakhiwo.” Phawula izici ezimbili eziyinhloko zezinkondlo—isigqi kanye nemitha. Isigqi siyingxenye yezwe elisizungezile. Sisibona emazeni olwandle, ezinkathini zonyaka ngisho nasekushayeni kwezinhliziyo zethu. Enkondlweni, isigqi ngumgqumo womsindo owenziwa ulimi; sizwa okuthile kuphindaphindeka njengoba sifunda. Imitha ukuhleleka kwesigqi, futhi ingahluka enkondlweni ngayinye. Esinye isici senkondlo esithandwayo imvumelwano. Izingxenye ezinemvumelwano kuvame ukuba amagama okugcina emushweni. Yiqiniso, imvumelwano iyahlukahluka. Ngezinye izikhathi imvumelwano ilandela ngokushesha emushweni olandelayo, noma ingase yephuze.
Njengoba ingancikile emvumelwaneni, i-haiku yamaJapane idume ngokuthi inamazwi anohlonze kanti imfushane kakhulu. Ifingqa imiqondo yayo ngemisho emithathu kuphela enamalunga angu-17—amahlanu emgqeni wokuqala nowesithathu nangu-7 kowesibili.a Ukuba nohlonze kwayo nokuba lula kuye kwenza i-haiku yaba indlela emnandi kwabaningi yokujwayela izinkondlo, ngisho nasezinganeni zasenkulisa.
Ngokuvamile, izinkondlo zaziwa ngokuveza imiqondo eminingi ngamagama ambalwa. I-World Book Encyclopedia ithi amazwi enkondlo “asikisela okungaphezulu kakhulu kwalokho akushoyo. Ashukumisa ingqondo . . . Ulimi lwezinkondlo alugaguli izinto futhi incazelo yegama elilodwa ingase ivule umqondo, ikwenze uvele uyibone yonke into eshiwo yinkondlo ngeso lengqondo.” Yiqiniso, ezinye izinkondlo kungase kudingeke uzifunde kaningana ngaphambi kokuba “zicace” engqondweni yakho, uziqonde.
Ukuze zifinyelele lokho ezikufunayo, izimbongi zikhetha amagama azo ngendlela umenzi wezinto zokuhloba eziyigugu akhetha ngayo amatshe akhe. INkosi uSolomoni yakwa-Israyeli, umqambi wezaga nezingoma, ‘yazindla, yaphenya’ ukuze ithole “amazwi anamisayo” kanye ‘namazwi eqiniso.’—UmShumayeli 12:9, 10; 1 AmaKhosi 4:32.
USolomoni noyise, uDavide, babhala ngendlela evamile yesiHeberu yosuku lwabo. Izinkondlo zesiHeberu, ezazivame ukuhaywa zihambisane nezinsimbi zomculo, azincikile emvumelwaneni. Kunalokho, ziphawuleka ngokuba nesigqi somqondo, noma imibono—indlela yokubhala izincwadi ebizwa ngokuthi impindamqondo. Imisho ingase ifane ngalokho ekushoyo, noma ingase iveze imicabango ephikisanayo. (IHubo 37:6, 9) Ngokuvamile umusho wesibili wenabisa umcabango womusho wokuqala ngokwenezela okuthile okusha. Phawula indlela lokhu okwenziwa ngayo kumaHubo 119:1:
Babusisiwe abaqotho endleleni,
Abahamba ngemithetho kaJehova.
Phawula indlela umusho wesibili okwembula ngayo ukuthi kusho ukuthini ukuba qotho, okungukuthi, ukuhamba ngemithetho kaJehova. Ngenxa yokuthi isiHeberu seBhayibheli sisebenzisa impindamqondo, noma isigqi esichazayo, esikhundleni semvumelwano, sihumusheleka kalula ezilimini eziningi.b
Umxhumanisi Wayo Yonke Imizwelo
Njengengoma, izinkondlo zingumxhumanisi omkhulu wokudlulisa imizwelo. Phawula indlela okuhlangana ngayo injabulo nomuzwa wokuvuzwa kokubekezela emazwini ka-Adamu lapho uJehova emnikeza u-Eva ensimini yase-Edene.
Lo useyithambo lamathambo ami
Nenyama yenyama yami;
Uyakubizwa ngokuthi indodakazi,
Ngokuba uthathwe endodeni.
Okuphawuleka kakhulu ngale ndima ukuthi kungakanani amazwi ayo akushoyo nendlela edlulisela ngayo imizwa ngemisho emibalwa nje—ukonga okubonakala nakakhulu olimini lokuqala. Ngokufanayo, izincwadi ezisankondlo zikaJobe, amaHubo, izAga nesiLilo zigcizelela imizwelo ehlukahlukene, ngaphandle kokufundisa amaqiniso angokomoya abalulekile. Eqinisweni, olimini lokuqala lwesiHeberu, ihubo lokuqala ngqá livula ngegama elithi “uyajabula” noma “ubusisiwe.” Ungayichaza kanjani imizwa yomlobi wamazwi alandelayo eHubo 63:1? Phawula ukunotha kwemifanekisomqondo, isici esivelele sezinkondlo zesiHeberu.
Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni;
Umphefumulo wami womele wena;
Inyama yami ilangazelela wena
Ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
Incwadi yesiLilo inomunye umoya. Kuyo uJeremiya ukhala ngenhlekelele eyehlela iJerusalema ezandleni zeBabiloni ngo-607 B.C.E. Uthulula inhliziyo yakhe ngezosha zesililo ezinhlanu eziveza ukudabuka kwalo mprofethi kodwa futhi uyaqaphela ukuthi kwakwenziwe ubulungisa baphezulu.
Izinkondlo Zisiza Inkumbulo
Ngenxa yezici zazo, izinkondlo zivame ukubanjwa ngekhanda. Izinkondlo zesiGreki ezindala kunazo zonke ezikhona, i-Iliad ne-Odyssey, zazishiwo ngekhanda emikhosini yamaGreki—okwakuyisenzo esikhulu, uma ucabangela ubude bezindima zazo! Ngokusobala, amahubo amaningi eBhayibheli ayebanjwa ngekhanda. Phawula umfanekisomqondo, ukucaca nobuhlakani obungenakungatshazwa esigqini semisho elandelayo yamaHubo 115:4-8 ebonisa ubuwula bokukhulekela izithombe:
Izithombe zabo ziyisiliva negolide,
Umsebenzi wezandla zomuntu.
Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;
Amehlo zinawo, kepha aziboni.
Izindlebe zinazo, kepha azizwa;
Zinamakhala, kepha azihogeli.
Zinezandla, kepha aziphathi;
Zinezinyawo, kepha azihambi;
Azikhulumi ngomphimbo wazo.
Abazenzayo bayafana nazo,
Bonke abazethembayo.
Akungabazeki ukuthi abantu abaningi ngeke babe nankinga ekukhumbuleni indima ecacile nenamandla njengale.
Uyafuna Yini Ukubhala Izinkondlo?
Kusukela emilolozelweni kuya emabikeni ezikhangiso, izinkondlo ziyingxenye yokuphila kwethu. Ngakho, abantu abaningi bajwayelene okungenani nemiqondo eyisisekelo yenkondlo. Kodwa uma ufuna ukuzibhalela izinkondlo, ungase uthande ukuqala ngokukhetha izinkondlo eziningi uzifunde. Lokhu kuyokusiza ukuba uthole izindlela ezihlukahlukene zesakhiwo, ngaphandle nje kokuthi kuyokwandisa ulwazi lwakho. Yiqiniso, kudingeka ukhethe ukuze ungazichayi entweni engcolile noma eyonakalisayo. (Filipi 4:8, 9) Ngokuvamile, indlela engcono kakhulu yokufunda ukubhala inkondlo ukuba uhlale phansi uthathe ipeni nephepha ubhale.
Ngokuhamba kwesikhathi ungase ukwazi nokubhala izinkondlo eziyojabulisa umkhaya nabangane. Kungani ungazami ukuveza imicabango yakho ngenkondlo lapho uthumela othile ikhadi lokuba abe ngcono noma lokubonga? Inkondlo yakho akudingeki ibe yinde noma ibe ubuchule. Mane ubhale imisho embalwa usho okusenhliziyweni yakho. Inselele ngeke ikwenze ujabule futhi ube nomuzwa wokwaneliseka kuphela kodwa ngokungangabazeki lowo eya kuye leyo nkondlo uyojabula lapho ebona umzamo owenzile ekuvezeni imicabango yakho ngendlela eshukumisayo nenomzwelo kangaka.
Akudingeki ukuba ube yiqaphuqaphu ukuze ujabulele ukubhala izinkondlo, njengoba nje kungadingeki ukuba ube umpheki oyingcweti ukuze ujabulele ukupheka. Uma uhlanganisa isifiso, ikhono lokubona ngeso lengqondo, umzamo nokuphikelela kanye nekhono lakho lokuba imbongi elingakaziwa, isithombe osidweba ngamagama singase sikushiye umangele.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo nge-haiku, sicela ubheke i-Phaphama! yesiNgisi ka-January 8, 1989.
b I-Phaphama! ihunyushwa ngezilimi ezingu-83. Ngakho, kulesi sihloko sikhethe ukusebenzisa izibonelo zezinkondlo zeBhayibheli, esikhundleni salezo okungezona ezeBhayibheli.
[Isithombe ekhasini 21]
Ingxenye enkulu yemiBhalo YesiHeberu iqukethe izinkondlo