Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 5/8 k. 16-k. 18 isig. 6
  • Kungani Eyinkinga Kangaka Umuntu Engihlala Naye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Eyinkinga Kangaka Umuntu Engihlala Naye?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlala Nomuntu Ongamazi
  • Izizinda Ezihlukene, Izindlela Ezihlukene
  • Ucingo—Inkinga
  • Ukungakwazi Ukuba Wedwa
  • Yini Engingayenza Ukuze Ngizwane Nomuntu Engihlala Naye?
    I-Phaphama!—2002
  • Ngingamthola Kanjani Umuntu Okahle Engizohlala Naye?
    I-Phaphama!—2002
  • Ingabe Sengikulungele Ukuhamba Ekhaya?
    Intsha Iyabuza
  • Umsebenzi Wokwenza Abafundi Uye Walolonga Ukuphila Kwami
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 5/8 k. 16-k. 18 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Eyinkinga Kangaka Umuntu Engihlala Naye?

“Ngiyinono ngempela. Kodwa uma ngifika endlini, umuntu engihlala naye uhlezi phansi deklé ubuka i-TV—kugcwele amaphepha no-“popcorn” yonke indawo. Njalo uma ngiya endlini ngibona ngeso lengqondo ukuthi ngizofica kunjani, bese ngithi ngenhliziyo, ‘Angifuni ukuya lapho.’”—UDavid.

“Umuntu engihlala naye wakhula ngokutotoswa. Ngiyabona wayecabanga ukuthi unesisebenzi esihlala nathi. Futhi njalo wayefuna izinto zenziwe ngendlela yakhe.”—URenee.a

“U KUFUNDA ukubekezelela imikhuba yomuntu okungeyena owakini kungase kukufundise . . . ukuvumelana nezimo nekhono lokubonelela,” kusho isihloko esithile kuyi-U.S.News & World Report. “Kodwa inqubo yokufunda ivame ukuba nzima.” Labo abake bahlala nothile endlini bangase bavume.

Abafundi abaningi baseyunivesithi bahlala nothile endlini ukuze banciphise izindleko zokufunda. Abanye abasebasha bahlala nothile ngoba befuna ukuphuma ngaphansi kwesandla sabazali. Phakathi kwamaKristu asemasha, abaningi baye bahlala nothile ukuze baphishekele izithakazelo ezingokomoya. (Mathewu 6:33) Bathola ukuthi ukuba nothile abangahlanganyela naye izindleko zokuphila kubasiza ukuba bakhonze njengabashumayeli besikhathi esigcwele. Ngezinye izikhathi ukuhlala nothile kuyingxenye yokuphila kwezithunywa zevangeli nenkonzo emahhovisi amagatsha ahlukahlukene oFakazi BakaJehova.b

I-Phaphama! yaxoxa nezinsizwa nezintombi eziningana eziye zahlala nabathile. Bonke bavuma ukuthi umuntu ohlala naye akayena nje umuntu okusiza ngentela yendlu—angaba umngane ongaxoxa naye futhi wenze naye izinto. “Sasihlala sixoxe izindaba zamantombazane noma sibukele amabhayisikobho,” kukhumbula uLynn. “Umuntu ohlala naye angakukhuthaza nokukukhuthaza,” kusho uRenee. “Ngezinye izikhathi uma usebenza, uzama ukukhokha zonke izikweletu, uzama ukushumayela, kumnandi ukuba nothile ohlala naye okukhuthazayo.”

Noma kunjalo, ukuhlala nothile—ikakhulukazi eningazani nhlobo naye—kungaba inselele enkulu. I-U.S.News & World Report yaphawula mayelana nesimo sasekolishi: “Naphezu kwemizamo emikhulu eyenziwa izikole eziningi ukuze zihlalise ndawonye abantu abazozwana, kuvamile ukuba nemiphumela enganelisi.” Ngempela, izingxabano phakathi kwabahlala ndawonye emakolishi ziye zashuba zaze zaba ubudlova! Ngakho kuye kwavumbuka izingosi ze-Internet ezivumela abafundi ukuba bazwakalise obala ukukhungatheka kwabo okubonakala kungapheli mayelana nalabo abahlala nabo. Kungani ukuhlala nothile kuvame ukuba nzima?

Ukuhlala Nomuntu Ongamazi

“Ukuqala ukuhlala nomuntu ongamazi kuyisenzakalo esithakazelisayo ngandlela-thile,” kusho uMark. “Usuke ungazi ukuthi uzoba njani.” Ngempela, umcabango wokuhlala nomuntu okungenzeka ninokuncane enifana ngakho noma anifani ngalutho nhlobo naye ungase ukuphazamise. Yiqiniso, amaKristu kumelwe abe nokuningi afana ngakho nezinto eziningi angaxoxa ngazo. Noma kunjalo, uDavid uyavuma: “Ngangesaba kakhulu ukuhlala nothile.”

Kwahlaluka ukuthi umuntu owayehlala noDavid wayenesizinda esifana nesakhe. Kodwa akubona bonke abahlaliswa ndawonye abafana kahle kangako. UMark uthi: “Umuntu wokuqala engangihlala naye wayethule. Uma nihlala nothile ndawonye, kudingeka nikhulume ngempela. Kodwa wayengakhulumi. Kwaqala ukungicasula.”

Ukuhluka kwesizinda kungase kubangele okunye ukucindezeleka. ULynn uthi: “Uma uqala ukuphuma ekhaya, ufuna ukwenza izinto ngendlela yakho. Kodwa usheshe uthole ukuthi kunabanye abantu okumelwe ubacabangele.” Ngempela, uma uvela endaweni evikelekile yomkhaya wakini, kungase kukushaqise ukuthola ukuthi abanye abantu babheka izinto ngendlela ehluke kanjani.

Izizinda Ezihlukene, Izindlela Ezihlukene

Okuningi kuxhomeke ekuqeqeshweni umuntu akuthola kubazali bakhe—noma ekuntulekeni kwako. (IzAga 22:6) UFernando osemusha uthi: “Ngingumuntu oyinono, kodwa umuntu engangihlala naye wayeyidlabha. Ngokwesibonelo endaweni yezingubo zokugqoka: Wayethanda ukusakaza izimpahla yonke indawo. Mina ngangithanda ukulengisa yonk’ into kahle.” Ngezinye izikhathi izindinganiso ziyahluka kakhulu.

URenee uyakhumbula: “Ngangihlala nomuntu ikamelo lakhe elalinjengesibaya sezingulube! Kanti ngike ngahlala nabanye abangalisuli itafula ngemva kokudla futhi abashiya izitsha ezingcolile izinsuku ezimbili noma ezintathu.” Yebo, uma kuziwa emsebenzini wasendlini, abanye bafakazela amazwi ezAga 26:14: “Isicabha siphenduka ngezingibe zaso, nevila ecansini lalo.”

Ngakolunye uhlangothi, ukuhlala nomuntu oyinono ngokweqile nakho akumnandi. Ikhuluma ngomuntu eyayihlala naye, intokazi okuthiwa uLee ithi: “Ngokwakhe, kwakufanele sihlanze ihora nehora. Angilona inuku, kodwa ngezinye izikhathi ngiyazishiya izinto phezu kombhede, njengezincwadi. Yena wayenomuzwa wokuthi kufanele angigade.”

Abanye bangase babe nemibono yabo ngenhlanzeko yomuntu. UMark uyachaza: “Umuntu engihlala naye uyephuza ukuvuka. Umane avuke azithele ngamanzi ekhanda, ashay’ achithe.”

Ukwehluka kwesizinda nobuntu kungathinta ukuzijabulisa nokuzilibazisa enikukhethayo. UMark uthi ngomuntu ahlala naye: “Asithandi umculo ofanayo.” Nokho, uma behloniphana, ukuhluka okunjalo kungase kube yinzuzo, mhlawumbe kusize bobabili abahlala ndawonye ukuba banuleke ezintweni abazithandayo. Kodwa ngokuvamile, lokhu kwehlukana kubangela ingxabano. UFernando uthi: “Ngithanda umculo weSpanishi, kodwa umuntu engihlala naye uhlale ewugxeka.”

Ucingo—Inkinga

Ukusebenzisa ucingo kungaba enye yezimbangela ezinkulu zengxabano. UMark uthi: “Ngifuna ukulala. Kodwa umuntu engihlala naye ukhuluma ocingweni kuze kube sebusuku. Lokho kungakucasula ngemva kwesikhathi.” ULynn naye uyakhumbula: “Ngezinye izikhathi abangane bomuntu engihlala naye babeshaya ucingo ngehora lesithathu noma lesine ekuseni. Uma engekho, kwakufanele ngivuke ngiphendule ucingo.” Ikhambi labo? “Saqiniseka ukuthi ngamunye unocingo lwakhe.”

Kodwa akuyona yonke intsha engakwazi ukuba nocingo lwayo, futhi eningi iyaphoqeleka ukuba iluhlanganyele. Lokhu kungase kubangele izikhathi ezinzima kakhulu. URenee uyakhumbula: “Omunye engangihlala naye wayethandana nothile, ngakho wayevame ukuba socingweni amahora amaningi. Ngenye inyanga isikweletu socingo saba ngaphezu kuka-R1 000. Wayelindele ukuba ngamunye wethu akhokhe ingxenye yaso, ngoba sasivumelene ngokuthi isikweletu sizosicaza phakathi.”

Kwakona ukuthola ithuba lokusebenzisa ucingo nje kungase kube enye indaba. “Ngangihlala nomuntu owayemdala kunami,” kukhumbula uLee. “Sasinocingo olulodwa. Ngangihlala ngisocingweni ngoba nganginabangane abaningi. Wayengasho lutho. Ngangicabanga ukuthi uma efuna ukusebenzisa ucingo uzongitshela. Manje sengiyabona ukuthi ngangingamcabangeli.”

Ukungakwazi Ukuba Wedwa

“Wonke umuntu udinga isikhathi sokuba yedwa,” kusho uDavid. “Ngezinye izikhathi ngidinga ukuhlala nje ngingenzi lutho.” Kodwa, ukuthola izikhathi zokuba wedwa kungaba yinselele uma uhlala nothile. “Ngiyathanda ukuba nesikhathi sokuba ngedwa,” kuvuma uMark. “Ngakho into enzima ngami ukungakwazi ukuba ngedwa. Mina nomuntu engihlala naye sinesimiso esifanayo. Ngakho kunzima ukuthola isikhathi sokuba ngedwa.”

Ngisho noJesu wayekudinga ukuba yedwa ngezinye izikhathi. (Mathewu 14:13) Ngakho-ke, ungakhungatheka uma ukuhlala nothile kwenza kube nzima, noma kungenzeki nhlobo ukufunda, ukutadisha noma ukuzindla. UMark uthi: “Kunzima ukutadisha ngoba kuhlale kukhona okuthile okwenzekayo. Usuke evakashelwe abangane, esocingweni, noma ebukele i-TV noma elalele umsakazo.”

Noma kunjalo, nakuba kuyinselele ukubekezelela umuntu ohlala naye, izinkulungwane zentsha ziye zakwenza ngempumelelo. Izihloko ezilandelayo kulolu chungechunge zizoxoxa ngezindlela eziwusizo zokuhlala nothile ngempumelelo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Nakuba lesi seluleko siqondiswe entsheni, singase sibe usizo kwabadala okuye kwadingeka bahlale nothile ngemva kokushintsha kwezimo, njengokushonelwa umngane womshado.

[Isithombe ekhasini 16, 17]

Ukuthanda izinhlobo ezihlukene zomculo kubanga izinselele

[Isithombe ekhasini 18]

Ukungacabangeli omunye kungabangela izingxabano

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela