Ukubuka Okwezwe
◼ Ucwaningo lwamuva “luthole ukuthi abantu abayisithupha kwabayishumi baseBrithani bacabanga ukuthi inkolo isiyimbangela yokwehlukana.”—I-CATHOLIC HERALD, EBRITHANI.
◼ EPortugal, kwakhiwe indawo yokuguqula imisebe yelanga ibe ugesi enkulu kunazo zonke emhlabeni. Kunamabhodi abamba imisebe yelanga athatha indawo engama-hekthare angu-250 futhi azokwazi ukukhiqiza ugesi owanele ukusetshenziswa emizini engaba ngu-30 000.—I-EL PAÍS, ESPAIN.
◼ Emhlabeni wonke intsha engaba ngu-900 000 ifa ngaphambi kwesikhathi unyaka ngamunye—engaphezu kuka-2 000 ngosuku. Izimbangela ezinkulu izingozi zomgwaqo, ukuminza nokusha.—I-DIE WELT, EJALIMANE
◼ “Nakuba izinga lokugawulwa kwamahlathi liye lehla kule minyaka yamuva, umhlaba usalahlekelwa amahlathi angamakhilomitha-skwele angu-200 ngosuku.”—I-FOOD AND AGRICULTURE ORGANIZATION OF THE UNITED NATIONS, E-ITALY.
◼ Ngo-January 2009, abaduni bemikhumbi abahlanu baminza ngemva nje kokuba iqembu labo lithole imali engu-R24 000 000 yokuhlenga umkhumbi waseSaudi Arabia othutha uwoyela. Isidumbu somunye wabo sakhukhulekela ogwini lolwandle sinesikhwama esinemali engu-R1 224 000 ephaketheni.—I-ASSOCIATED PRESS, ESOMALIA.
Intsha Ithi Ontanga Yayo Bayatotoswa
Ngokwephephandaba i-Volkskrant, intsha yaseNetherlands “inomuzwa wokuthi ontanga yayo bayatotoswa” nokuthi “bakhuthazwa kakhulu ngokuthi bangazibukeli phansi, okwenza ukuba bangabacabangeli abanye abantu.” Phakathi kwabantu abaneminyaka engu-16 kuya ku-24, “ababili kwabathathu . . . banomuzwa wokuthi amalungelo entsha awasahambisani nemisebenzi yayo,” kubika leli phephandaba. Umbono ovamile uwukuthi “intsha ifuna okuningi kakhulu . . . kodwa ayivamile ukuzibuza ukuthi yini engayenza ukuze nayo ifake isandla emphakathini.”
Izingane Zenza Ukudla Kwasemini
Lapho uthisha-nhloko wesikole esithile eJapane efuna izindlela zokwenza ukuba abazali nezingane bachithe isikhathi esengeziwe ndawonye, isikole sathatha umbono wakhe wokuba abafundi bazenzele ukudla kwasemini kanye ngenyanga. Manje amakhulu ezikole asenza into efanayo. Iphephandaba laseJapane i-IHT Asahi Shimbun lithi: “Akulindelekile ukuba izingane zizenzele yonke into ngokwazo. Ibanga ngalinye linomgomo walo. Izingane ezisemabangeni aphansi zicela amalungu emikhaya yazo ukuba azisize ekukhetheni uhlobo lokudla nokuthenga izinto ezizodingeka. . . . Emabangeni aphakeme kugxilwa ekuhleleni uhlobo lokudla okunomsoco.” Uyini umphumela? Leli phephandaba liqhubeka lithi: “Izikole zibike ukuthi amakhono okupheka ezingane aye athuthuka, kuncane ukudla okulahlwayo futhi imikhaya iba nokuthile engaxoxa ngakho.” Kanti nezingane zithi “zifunde ukukwazisa lokho abazali bazo abazenzela khona.”
Ukuhlanza ISouth Pole
Njengengxenye yesimiso sokulondoloza imvelo, ngonyaka odlule, ochwepheshe bezindawo ezibandayo baseRussia basusa udoti ongamathani angu-360 e-Antarctica lapho behlanza le ndawo. Imfucumfucu elahlwa eduze nezikhungo zokucwaninga eSouth Pole ihlanganisa izinto zokwakha, imishini ephukile nemiphongolo yamafutha engenalutho. Umagazini waseRussia i-Itogi, uthi, “Ngokomthetho wokuvikela imvelo esemaphethelweni eningizimu omhlaba, izwe ngalinye kufanele lizithathele imfucumfucu yalo. Elithembeke kunawo wonke ekwenzeni lokhu iJapane.”