Ukubuka Okwezwe
Umnyango Wezindaba Zezenkolo eSerbia usamukele isicelo soFakazi BakaJehova sokubhalisa inhlangano yabo ngokusemthethweni. Ngokombiko ogciniwe kahulumeni, oFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona kule ndawo kusukela cishe ngo-1930.
Kulinganiselwa ukuthi ukuthathwa komculo ongamaphesenti angu-95 kuyi-Internet emhlabeni wonke ngo-2009, kwakungekho emthethweni.—I-TIME, E-U.S.A.
Ukuzamazama Komhlaba—“Izinhlekelele Ezibulala Kunazo Zonke”
I-United Nations International Strategy for Disaster Reduction, eseGeneva, eSwitzerland ithi, “Ukuzamazama komhlaba kwabangela izinhlekelele ezibulala kunazo zonke kuleli shumi leminyaka elidlule.” Kulabo abafa ngenxa yezinhlekelele phakathi nalesi sikhathi, cishe abangamaphesenti angu-60 babulawa ukuzamazama komhlaba. Le “nhlekelele engokwemvelo” iyaqhubeka iwusongo olukhulu, uma kubhekwa ukuthi amadolobha angu-8 kwayishumi anabantu abaningi asezindaweni ezingase zibe nokuzamazama komhlaba. Eminyakeni eyishumi edlule kwafa abantu abangaphezu kuka-780 000 ezehlakalweni ezingu-3 852 ezibhekwa njengezinhlekelele.
Umsebenzi Oyingozi
“Ngo-2009, kwafa izintatheli ezingu-110 ngenxa yomsebenzi wazo, okwenza lowo nyaka waba omubi kakhulu kweyishumi edlule” kulo mkhakha, kusho i-International Press Institute, eseVienna, e-Austria. Ezindaweni ezinezinxushunxushu, njengase-Afghanistan, e-Iraq, ePakistan naseSomalia, ziye “zahlaselwa ngokuqondile izintatheli” kule minyaka yamuva, ngokusho kwalo mbiko. Lokhu kuye kwabangela ukuba zinciphe izintatheli ezibika izindaba, kwabangela “nokukhathazeka ngenxa yokungabi nalwazi . . . ngezenzakalo eziyinkimbinkimbi” kulezi zindawo. I-Iraq yaba yizwe eliyingozi kakhulu ezintathelini eshumini leminyaka elidlule, lilandelwe yiPhilippines, iColombia, iMexico neRussia.
Izimpahla Ezishibhile Ezivela Kwamanye Amazwe, Zinciphisa Ukugqekeza
“Ukwanda kwezinto ezishibhile ezisebenza ngogesi” kungase kwenze izigebengu ezigqekezayo eBrithani ziphelelwe umsebenzi, ngokusho kombiko we-Reuters eLondon, ucaphuna isazi esifundisa izifundo eziphathelene nobelelesi uJames Treadwell, e-University of Leicester, eNgilandi. Ngokwesibonelo, ukushibha kwemishini yokudlala ama-DVD, kusho ukuthi lezi zinto zibiza imali ewubala nakakhulu lapho sezidayiswa yizigebengu. UTreadwell uthi, “kuwukudlala ngesikhathi ukuzeba.” Nokho, ukwehla kwamanani ezinto akubuqedanga ubugebengu. Kunalokho, amasela aseba izinto ezibizayo nezidayisekayo, ‘njengomakhalekhukhwini nama-ipod, izinto abantu abavame ukuziphatha.’ Labo ababegqekeza sebephendukela kobunye ubugebengu, njengokubamba inkunzi.