Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ukugcina Usuku Olungcwele Lwamasonto Onke Kuyimfuneko?
EMHLABENI jikelele, izigidi zamaMuslim, zamaJuda nezalabo abazibiza ngamaKristu zibekela eceleni usuku olulodwa ngesonto ukuze zenze izinto ezingokwenkolo ngokukhethekile. Kungani? Ngokwesibonelo, u-Ibrahim ongumMuslim ozinikele oya ethempelini njalo ngoLwesihlanu ukuze athandaze alalele nentshumayelo, uyachaza: “Ngifuna ukuzizwa ngisondelene noNkulunkulu futhi ngibe nokuthula kwengqondo.”
Ingabe iBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu ufuna sigcine usuku olungcwele lwamasonto onke? Ingabe ukukhulekela ngosuku oluthile olukhethekile kuyiyona ndlela yokuthola ukuqabuleka kwangempela ngokomoya?
Ilungiselelo Lesikhashana
Eminyakeni engaphezu kuka-3 500 edlule, uNkulunkulu wasebenzisa umprofethi uMose ukuze enze uhlu lwemithetho ekhethekile. Leyo Mithetho yayihlanganisa nesimiso sezinsuku zokuphumula noma amaSabatha, ayebekelwe eceleni ukuze kukhulekelwe. Usuku lokuphumula olwalufika njalo kwakuyiSabatha lamasonto onke. Laliqala ekushoneni kwelanga ngoLwesihlanu luqhubeke kuze kube sekushoneni kwelanga ngoMgqibelo.—Eksodusi 20:8-10.
Ingabe lolu suku lokuphumula lwamasonto onke kwakumelwe lugcinwe abantu bazo zonke izizwe? Cha, kwakungadingeki. UMthetho KaMose wawunikezwe ama-Israyeli namaproselithe kuphela. UNkulunkulu wathi kuMose: “Abantwana bakwa-Israyeli kumelwe bagcine isabatha . . . Phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli liyisibonakaliso kuze kube nini nanini.”a—Eksodusi 31:16, 17.
IBhayibheli lithi uMthetho KaMose ‘wawuyisithunzi sezinto ezizokuza.’ (Kolose 2:17) Ngakho, iSabatha laliyingxenye yelungiselelo lesikhashana lokukhulekela elalibhekisela elungiselelweni eliphakeme lesikhathi esizayo. (Hebheru 10:1) IBhayibheli libonisa ukuthi ngokombono kaNkulunkulu, uMthetho owawunikezwe u-Israyeli, kuhlanganise nemfuneko yokugcina iSabatha lamasonto onke, wayeka ukusebenza ekufeni kukaJesu. (Roma 10:4) Yini eyathatha indawo yawo?
Indlela Entsha Yokukhulekela
Indlela yokukhulekela eyaba eyamukelekayo kuNkulunkulu ngemva kokuba uMthetho KaMose usuyifezile injongo yawo, ichazwe ngokucacile eBhayibhelini. Ingabe ihlanganisa ukukhulekela ngosuku oluthile olukhethekile isonto ngalinye?
ImiBhalo ibonisa ukuthi eminye imiyalo eyayinikezwe u-Israyeli yayisebenza nasebandleni lobuKristu. Lena yayihlanganisa imiyalo yokudeda ekukhulekeleni izithombe, ebufebeni nasekudleni igazi. (IzEnzo 15:28, 29) Kuyaphawuleka ukuthi imiyalo ephathelene neSabatha lamasonto onke ayizange ihlanganiswe kuleyo amaKristu okwakudingeka ayilalele.—Roma 14:5.
Yini enye iBhayibheli elisitshela yona mayelana nendlela amaKristu ekhulu lokuqala ayekhulekela ngayo? Ayehlangana njalo ukuze athandaze, afunde imiBhalo, alalele izinkulumo futhi ahlabelele izingoma ezidumisa uNkulunkulu. (IzEnzo 12:12; Kolose 3:16) Kuleyo mihlangano, amaKristu ayethola iziqondiso, eqinisa ukholo lwawo futhi ekhuthazana.—Hebheru 10:24, 25.
Akukho lapho iBhayibheli lithi khona imihlangano yamaKristu kwakufanele ibe ngeSonto noma nganoma yiluphi olunye usuku olukhethekile phakathi nesonto. Khona-ke, kungani abaningi abazibiza ngamaKristu bebheka usuku lwangeSonto njengosuku olungcwele? Umkhuba wokukhulekela ngeSonto waqala ngemva kokuba ukulotshwa kweBhayibheli sekuphelile futhi sekuqale ukuvela izinkolelo ezihlukahlukene namasiko angasekelwe eBhayibhelini.
Ingabe kamuva uNkulunkulu wabuye wamisa usuku oluthile lapho abantu babengakhulekela khona ndawonye? Cha. Yonke indlela yokukhulekela kweqiniso ichazwe ngokuningiliziwe eBhayibhelini. Ayikho eminye imibhalo ephefumulelwe eye yanezelwa emiBhalweni Engcwele. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Ngisho noma thina noma ingelosi evela ezulwini besingamemezela kini okungalé kwalokho esakumemezela kini njengezindaba ezinhle, makaqalekiswe lowo.”—Galathiya 1:8.
Ukukhulekela Okuqabulayo Nokujabulisa UNkulunkulu
Nakuba abaholi benkolo bosuku lukaJesu babelugcina ngokucophelela usuku olungcwele lwamasonto onke, ukukhulekela kwabo kwakungamukeleki kuNkulunkulu ngoba izinhliziyo zabo zazizimbi. Babethanda imali futhi bebabukela phansi abantu abavamile nabaphansi. Babefisa ukuvelela, bekhohlakele futhi bengene shí kwezombangazwe zosuku lwabo. (Mathewu 23:6, 7, 29-33; Luka 16:14; Johane 11:46-48) Babethi bamelela uNkulunkulu. Kodwa baphendula iSabatha, lelo uNkulunkulu ayehlose ukuba libe umthombo wokuqabuleka, balenza isimiso esicindezelayo semithetho eyenziwe abantu.—Mathewu 12:9-14.
Ngokusobala, ukugcina usuku olungcwele lwamasonto onke akuyona ngempela into esemqoka ekukhulekeleni okujabulisa uNkulunkulu. Yini edingekayo? UJesu wanikeza lesi simemo esikhangayo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” (Mathewu 11:28) Ukukhulekela okusekelwe ezimfundisweni zikaJesu ngempela kuyaqabula. Akunakho ukuzenzisa namasiko awumthwalo.
Emhlabeni kabanzi, oFakazi BakaJehova basilandela eduze isibonelo sokukhulekela sabalandeli bakaJesu bokuqala. OFakazi bajabulela isimiso samasonto onke sokufundiswa ngeBhayibheli. Izinsuku abaqhuba ngazo imihlangano yabo zinqunywa izimo zendawo, hhayi isiko elingasekelwe emiBhalweni. Kungani ungayi komunye wale mihlangano ngakini futhi uzizwele lokhu kukhulekela okuqabulayo?
[Umbhalo waphansi]
a Inkulumo yeBhayibheli ethi “nini nanini” ayisho ukuthi phakade ngaso sonke isikhathi. Ingabhekisela nasesikhathini eside esinganqunyiwe.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Ingabe kumelwe ukhulekele uNkulunkulu ngosuku olukhethekile phakathi nesonto?—Roma 10:4; 14:5.
● Kungani kufanele sihlangane ndawonye ukuze sikhulekele?—Hebheru 10:24, 25.
● Yini edingekayo ukuze sikhulekele ngendlela eyanelisa ngempela?—Mathewu 11:28.
[Ishadi/Izithombe emakhasini 10, 11]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ULWESIBILI
ULWESITHATHU
1 ULWESINE
2 ULWESIHLANU
3 UMGQIBELO
4 ISONTO