Umbuzo Obaluleke Kunayo Yonke
ISAZI sezakhi zofuzo uFrancis S. Collins sabuza: “Ukhona yini kodwa emlandweni wesintu umbuzo obaluleke ukudlula othi, ‘Ingabe ukhona uNkulunkulu?’” Uveza iphuzu elibalulekile. Uma engekho uNkulunkulu, khona-ke akukho okunye ukuphila ngale kwalokhu, alikho igunya eliphakeme ezindabeni zokuziphatha.
Isizathu esenza abanye abantu bangabaze ukuthi uNkulunkulu ukhona, ukuthi ososayensi abaningi abakholelwa kuye. Kodwa, ngezinye izikhathi imibono ethandwayo ingaba yiphutha kakhulu, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.
Ngokudabukisayo, izinkolo eziningi zomhlaba ziye zanezela kulokhu kudideka ngokufundisa izinto eziphikisana nolwazi lwesayensi olwethenjwayo. Isibonelo esiphawulekayo, umbono ongahambisani neBhayibheli wokuthi uNkulunkulu wadala umhlaba ngezinsuku eziyisithupha zamahora angu-24 eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbalwa.
Bebhekene nezimfundiso namafilosofi angqubuzanayo, abaningi bayayeka ukufuna iqiniso lokuba khona kukaNkulunkulu. Kodwa yini engazuzisa kakhulu nengaba nomphumela omuhle—ngaphezu kokuthola impendulo eyiqiniso yalo mbuzo obaluleke kangaka? Kuyiqiniso ukuthi akekho kithi owake wabona uNkulunkulu noma owayekhona lapho indawo yonke nezinto eziphilayo kuqala ukuba khona. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi siyakholelwa kuNkulunkulu noma cha, imibono yethu ihilela izinga elithile lokuba nokholo. Kodwa ukholo olunjani?
Ukholo Lwangempela Lusekelwa Ebufakazini Obuyiqiniso
Ukholo—okungenani ngokwezinga elithile—luyingxenye ebalulekile yokuphila kwethu. Siyawamukela umsebenzi ngoba silindele ukuthi sizoholelwa. Sitshala imbewu ngoba siqiniseka ukuthi izohluma. Siyabethemba abangane bethu. Siyayethemba imithetho yemvelo elawula indawo yonke. Lokhu kuwukukholelwa entweni eqinisekile, ngoba kusekelwe ebufakazini. Ngokufanayo, ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu kusekelwe ebufakazini.
KweyamaHebheru 11:1, iBhayibheli lithi: ‘Ukholo ukuboniswa okusobala kwezinto ezingokoqobo nakuba zingabonakali.’ Enye inguqulo ithi: ‘Ukholo lwenza siqiniseke ngezinto ezikhona kodwa esingaziboni.’ (I-New English Bible) Ngokwesibonelo: Ake sithi uhamba ogwini lolwandle, lapho ngokungazelelwe uzwa ukundindizela komhlabathi. Ngemva kwalokho ubona amanzi olwandle ehlehlela emuva. Uyaphawula ukuthi lokhu kuyisixwayiso se-tsunami ezayo. Kulesi sibonelo, ukundindizela nokuhlehla kwamanzi ‘kuwukuboniswa okusobala’ kwesenzakalo esingokoqobo nakuba singakabonakali, amagagasi ezayo. Khona-ke, ukholo olusekelwa ubufakazi, lukushukumisela ukuba ubalekele endaweni ephakeme nephephile.
Nokholo kuNkulunkulu kufanele lusekelwe olwazini, okuwukusabela ebufakazini obugculisayo. Kungemva kwalokho kuphela lapho uNkulunkulu engaba ‘ngokoqobo kuwe nakuba engabonakali.’ Ingabe kufanele ube usosayensi ukuze uhlolisise ubufakazi obunjalo? UVladimir Prelog owathola umklomelo kaNobel uyavuma ukuthi ngisho “nabathole uMklomelo kaNobel abanalo ulwazi olungaphezu kolwabanye abantu ngoNkulunkulu, ngenkolo nangokuphila ngemva kokufa.”
Ukuba nenhliziyo eqotho nokomela iqiniso kufanele kukushukumisele ukuba uhlole ubufakazi ngobuqotho futhi ubuvumele bukuholele eqinisweni. Ibuphi ubufakazi obukhona ongabuhlola?
[Isithombe ekhasini 3]
Umlimi uba nokholo lokuthi imbewu izohluma futhi ikhule