Kuzoba Nokudla Okunempilo Kwabo Bonke—Maduze!
UNGATHATHA izinyathelo ezingokoqobo ukuze ujabulele ukudla okuphephile. Kodwa, kunezici eziningi ongenakuzilawula. Ngokwesibonelo, ngeke ukwazi ukuzihlolela wena konke ukudla ngaphambi kokukuthenga noma ukukupheka. Kungase kudingeke uthenge ukudla osekwenziwe kakade futhi okuvela kude. Okunye ukudla okuthengayo kungase kungenwe amakhemikhali ayingozi asemoyeni, emanzini noma emhlabathini.
Embikweni onesihloko esithi “Ukulawula Izifo Ezibangelwa Ukudla: Inselele YeSizwe,” izikhulu ze-World Health Organization zithi izinkinga eziphathelene nokuphepha kokudla “azinakuxazululwa ohulumeni bamazwe; zidinga ukubambisana komhlaba wonke.” Izifo ezibangelwa ukudla ziyinkinga yembulunga yonke!
Yingakho-ke abaningi bebuza ukuthi kungani sisho ngokuqiniseka ukuthi kuyoba nokudla okuphephile kwabo bonke abantu. Kungenxa yokuthi ‘uJehova, iNkosi yomhlaba wonke,’ uthembisa isixazululo senkinga yabantu ephathelene nokudla. (Joshuwa 3:13) Abanye bangase bathi ukuba khona kokudla okungaphephile kumane nje kubonisa ukuthi uNkulunkulu akanakwethenjwa. Kodwa cabanga: Uma umuntu ophiwe isipho esisebenzisa kabi leso sipho, kungafaneleka yini ukusola umuntu omphile? Lutho neze.
Ngokufanayo, akuyena uMdali, kodwa abantu abayimbangela yokonakala kokudla okuhle okusemhlabeni. Ukwanda kokudla okungaphephile kuyinkinga ebangelwe ngumuntu. UNkulunkulu uthembisa ukuthi ‘uyochitha abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.
Iqiniso liwukuthi uNkulunkulu usebonisile ukuthi uyalikhathalela izinga lokudla esikudlayo. NguYe owadala umhlaba wenza nemithi ‘engafiseleki nje kuphela emehlweni omuntu’ kodwa futhi ‘nekufanelekele ukudliwa.’ (Genesise 2:9) Ngisho nangemva kokuba isintu sesiqala ukugula, uJehova uNkulunkulu wanika abantu bakhe iziqondiso ezithile ezazizovikela ukudla nemizimba yabo.—Bheka ibhokisi elithi “Imithetho Ephathelene Nempilo.”
Hlobo luni lokudla uNkulunkulu afuna silujabulele? IBhayibheli liyasitshela: “Wenza ukuba utshani obuluhlaza buhlumele izilwane, nezimila ngenjongo yokuba zisetshenziswe isintu, ukuze abangele ukudla ukuba kuhlume emhlabeni, newayini elenza inhliziyo yomuntu ofayo ijabule, ukuze enze ubuso bucwebezele ngamafutha, nesinkwa esisekela inhliziyo yomuntu ofayo.” (IHubo 104:14, 15) IBhayibheli liphinde lithi “zonke izilwane ezihambayo eziphilayo zingaba ukudla kini.”—Genesise 9:3.
Ngokuphathelene nekusasa lethu, iZwi lakhe liyathembisa: “Ngokuqinisekile uyonika imvula yokunisela imbewu yenu eniyihlwanyele emhlabathini futhi aninike isinkwa njengomkhiqizo womhlabathi, esiyoba ngesinothile nesinamafutha. Ngalolo suku imfuyo yenu iyoklaba edlelweni elivulekile.” (Isaya 30:23) Yebo, ngokushesha izindaba ezivama ukuba sematheni namuhla zizothathelwa indawo isaziso esithi: “Kunokudla okunempilo kwabo bonke!”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
UMdali usithembisa ikusasa eliqhakazile elinokudla okuningi okuhle
[Ibhokisi ekhasini 8]
“IMITHETHO EPHATHELENE NEMPILO”
Cishe eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, u-Israyeli wanikezwa uMthetho KaMose. Lowo mthetho wavikela ama-Israyeli ezifweni eziningi ezibangelwa ukudla. Cabanga iziqondiso ezilandelayo:
● Gwema izitsha ezithinte isilwane esifile: “Noma yisiphi isitsha esisetshenziselwa okuthile siyofakwa emanzini, futhi kumelwe sibe esingcolile kuze kuhlwe bese siba esihlanzekile.”—Levitikusi 11:31-34.
● Ungasidli isilwane esizifele: “Akumelwe nidle noma yini eyingcuba.”—Duteronomi 14:21.
● Ukudla okusalile kufanele kudliwe ngokushesha: “Okusele kwawo kungase kudliwe nangosuku olulandelayo. Kodwa inyama yomhlatshelo esele nangosuku lwesithathu kumelwe ishiswe ngomlilo.”—Levitikusi 7:16-18.
U-A. Rendle Short, M.D, wamangazwa ukuthi uMthetho KaMose—uma uqhathaniswa nowezizwe ezazizungezile—uqukethe “imithetho yezempilo ehlakaniphile nenengqondo.”