Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/12 kk. 16-18
  • Ibonakala Kanjani Indoda Yangempela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ibonakala Kanjani Indoda Yangempela?
  • I-Phaphama!—2012
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Yenza Ukuthuthuka Kwakho Kuqhame’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Obaba Bangahlala Kanjani Besondelene Namadodana Abo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe Simane Singabangane Nje—Noma Kungaphezu Kwalokho?, Ingxenye 2
    I-Phaphama!—2012
  • Ingabe Lo Muntu Ungifanele?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 12/12 kk. 16-18

Intsha Iyabuza

Ibonakala Kanjani Indoda Yangempela?

“Ubaba washona ngiseneminyaka emithathu ubudala. Ngezinye izikhathi ngiye ngifise ukuba njengabafana abakhule benobaba. Babonakala benokuzethemba kakhudlwana kunami.”—U-Alex.a

“Mina nobaba asisondelene kangako. Kuye kwadingeka ukuba ngizifundele ukuthi kusho ukuthini ukuba yindoda yangempela.”—UJonathan.

WAKE wazizwa yini njengalezi zinsizwa ezicashunwe ngenhla? Kungenzeka yini ukuthi, ngasizathu simbe uyesaba ukuthi awusoze wazi ukuthi kusho ukuthini ukuba yindoda yangempela? Uma kunjalo, ungalilahli ithemba!

Cabanga ngendlela onganqoba ngayo lezi zinselele ezimbili ezivamile.

INSELELE 1: Imibono eyiphutha ethandwayo ngobudoda

Lokho abanye abantu abakushoyo:

  • Amadoda angempela aqinile futhi awakhali.

  • Amadoda angempela awatshelwa.

  • Amadoda angcono kunabantu besifazane.

Enye indlela ongakubheka ngayo lokhu: Ubudoda buphambene nokuba ngumfana—hhayi nokuba ngumfazi. Uba yindoda yangempela lapho ushiya izici zobungane. Umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “Ngesikhathi ngiseyingane, ngangikhuluma njengengane, ngicabanga njengengane, ngisebenzisa ingqondo njengengane; kodwa njengoba sengiyindoda, sengizilahlile izici zobungane.” (1 Korinte 13:11) Ngamanye amazwi, uma ushiya izindlela zobungane zokucabanga, zokukhuluma nezokuziphatha bese ushintshela ezindleleni zokucabanga, zokukhuluma nezokuziphatha ezibonisa ukuvuthwa, yilapho-ke uzibonakalisa khona ukuthi uyindoda yangempela.b

Zama lokhu: Bhala phansi izimpendulo zale mibuzo:

  1. Ebuntwini bami, ikuphi lapho sengiye ngathuthuka khona ngokulahla “izici zobungane”?

  2. Kukuziphi izici lapho ngingathuthukisa khona?

Amavesi okusikiselwa ukuba uwafunde: Luka 7:36-50. Bona indlela uJesu azibonakalisa ngayo eyindoda yangempela (1) ngokumelela okwakulungile (2) nangendlela ayebaphatha ngenhlonipho ngayo abanye—kuhlanganise nabesifazane.

“Ngiyamhlonipha umngane wami uKen. Uyindoda eqinile—ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya—kodwa futhi unomusa. Isibonelo sakhe singifundise ukuthi indoda yangempela ayibalulazi abanye ukuze nje iziphakamise.”—UJonathan.

INSELELE 2: Ukuswela umuntu odlala indima kababa ekuphileni kwakho

Lokho abanye abantu abakushoyo:

  • Uma ubaba wakho engahilelekile ekuphileni kwakho, awusoze ngempela wafunda ukuthi kusho ukuthini ukuba yindoda.

  • Uma ubaba wakho ebeka isibonelo esibi, nawe uzoba njengaye.

Enye indlela ongakubheka ngayo lokhu: Ngisho noma kungase kuthiwe awukhulelanga ngaphansi kwezimo ezinhle, lokho akusho ukuthi nakanjani uyoba isehluleki! Usengakwazi ukwenza okungcono ngokuphila kwakho. (2 Korinte 10:4) Ungakhetha ukulalela iseluleko iNkosi uDavide eyeluleka ngaso indodana yayo uSolomoni: ‘Yiba namandla ube yindoda.’—1 AmaKhosi 2:2.

Kuyavunywa, kungaba nzima ukukhula unobaba ongenandaba—noma ungenaye nhlobo. “Ukungamazi ubaba wakho kuyinto embi kakhulu ekuphileni,” kusho u-Alex, ocashunwe ekuqaleni. “Ngineminyaka engu-25 manje, kodwa ngizizwa sengathi yima ngifunda izinto okufanele ngabe ngazifunda lapho nje ngisanda kweva eshumini nambili.” Uma uzizwa ngendlela ethi ayifane neka-Alex, yini ongayenza ngalokho?

Zama lokhu: Thola umeluleki—umuntu obeka isibonelo esihle njengendoda.c Mbuze ukuthi iziphi izimfanelo akholelwa ukuthi zibaluleke ngokukhethekile endodeni yangempela. Yibe usumbuza indlela wena ongazihlakulela ngayo lezo zimfanelo kuwe.—IzAga 1:5.

Izahluko okusikiselwa ukuba uzifunde: IzAga izahluko 1-9. Phawula iseluleko sikababa esingasiza umfana ukuba akhule abe yindoda ehlakaniphile nengokomoya.

“Ngiyaziqhenya ngohlobo lwendoda engiba yilo. Nakuba ngifisa sengathi ubaba ubekhona njengoba ngikhula, nginombono omuhle ngekusasa. Ngiyaqiniseka ukuthi ngeke ngihluleke.”—UJonathan.

Ngemva kukamagazini we-Phaphama! ka-December 2012, izihloko ezithi “Intsha Iyabuza” seziyotholakala kuphela engosini

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

b Bheka ibhokisi elithi “Ukuqhathanisa Indoda Nomfana.”

c Abadala ebandleni lobuKristu bangaba abeluleki abakahle.

U-Ian—Ukuba yindoda akusho ukuba isidlakela nje kuphela, kodwa futhi kusho nokuba umuntu ozimisele ukusebenza kanzima, ukulawula imizwelo nokuzimela.

UKUQHATHANISA INDODA NOMFANA

Ingane ngokuvamile ingaba . . .

  • luhlaza.

  • ezicabangela yona kuphela.

  • egxile ekutholeni injabulo.

  • elawulwa imizwelo.

Indoda yangempela ilwela ukuba . . .

  • ehloniphayo.—Roma 12:10.

  • ezidelayo.—1 Korinte 10:24.

  • ekwazi ukuzimela.—Galathiya 6:5.

  • ekwazi ukulawula imizwelo yayo.—IzAga 16:32.

KUNGANI UNGABUZI ABAZALI BAKHO?

Nicabanga ukuthi yini ebonisa ukuba yindoda yangempela? Nginjani mina uma kuziwa endabeni yokuvuthwa?

OKUFANELE KUPHAWULWE ABAZALI

KOBABA—

Ngokuyinhloko, indodana yakho iyofunda ukuthi kusho ukuthini ukuba yindoda ngokubheka isibonelo sakho. Uma uphatha umkakho ngenhlonipho, ufundisa indodana yakho ukuba ibaphathe ngenhlonipho abantu besifazane. Uma uzikhandla ukuze wondle umkhaya wakho—ngisho noma ukwenza kanjalo kudinga ukuba wenze umsebenzi ophansi noma okhandlayo—ufundisa indodana yakho ukuba isebenze kanzima futhi ikwazi ukuzimela.—1 Thimothewu 5:8.

Kungenzeka ubuhlobo bakho nobaba wakho babungebuhle. Mhlawumbe naye akazange abe nobuhlobo obuhle noyise. Kodwa khumbula: Wena unethuba lokusilungisa leso simo. Ungadlali ngalo! Khetha ukuhlala usondelene nendodana yakho.d Yibekele isibonelo esihle, mhlawumbe lokho kungayenza ibe indoda yangempela uma isikhulile—indoda nawe oyoziqhenya ngokuthi iyindodana yakho.—IzAga 23:24.

KOMAMA—

Ungayisiza kanjani indodana yakho ukuba ikhule ibe indod’ emadodeni? Gwema ukuyiqhathanisa nomyeni wakho ngendlela engeyinhle. Ngokwesibonelo, ake sithi indodana yakho yenza iphutha elikukhumbuza elomyeni wakho. Ungase uphahluke uthi: “Yeka leyo nto! Wena wamfuza wangamshiya uyihlo!” Yiqiniso, wenza kahle ngokweluleka indodana yakho uma yenza iphutha. Kodwa khumbula: Uma amazwi noma izenzo zakho kubonisa ukuthi yonke into eyenziwa umyeni wakho ayilungile, ungase uthiye ukukhulela kwendodana yakho ebudodeni ungaqondile.

Sekela imizamo yomyeni wakho yokuhileleka ekuphileni kwendodana yenu. Bakhuthaze ukuba bachithe isikhathi ndawonye futhi ufune amathuba okuqokomisa izimfanelo ezinhle zomyeni wakho nezinto ezinhle azenzayo. Ingabe usebenza kanzima ukuze ondle umkhaya? Uyasichitha yini isikhathi nezingane zakhe? Ubaphatha ngenhlonipho yini abanye? Tshela indodana yakho indlela ozazisa ngayo lezo zinto. Lokho kuyoyisiza ukuba ifunde ezicini ezinhle zesibonelo esibekwa nguyise.

d Ukuze nithole ukwaziswa okwengeziwe, bhekani isihloko esithi “Obaba Bangahlala Kanjani Besondelene Namadodana Abo?” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2011, eyanyatheliswa OFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela