Incwadi Ewusizo Kakhulu Emlandweni
IBhayibheli liye lahunyushwa futhi lasakazwa kabanzi emhlabeni wonke. Ngakho ukuhlakanipha kwalo kuye kwafinyelela futhi kwasiza abantu abaningi ukwedlula noma iyiphi enye incwadi. Ake sicabangele lezi zibalo:
UKUHUNYUSHWA NOKUSAKAZWA KWEBHAYIBHELI
u-96.5% wabantu emhlabeni uyakwazi ukuthola iBhayibheli
Litholakala ngezilimi ezingu-3 350 (LIPHELELE NOMA LIYINGXENYE)
Cishe angu-5 000 000 000 amakhophi eBhayibheli akhiqiziwe, ukwedlula noma iyiphi enye incwadi emlandweni
FUNDA OKWENGEZIWE
NGENA KUYIWEBUSAYITHI YETHU ETHI JW.ORG/ZU. LAPHO UNGA:
Funda iBhayibheli kuyi-inthanethi (litholakala ngamakhulu ezilimi)
Dawuniloda ikhophi yeBhayibheli
Thola izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli
Funda ukuthi iBhayibheli liye lakuthuthukisa kanjani ukuphila kwabantu abaningi
Tadisha iBhayibheli kuyi-inthanethia
OFAKAZI BAKAJEHOVA NEBHAYIBHELI
OFAKAZI BAKAJEHOVA BANENGXENYE EKUHUMUSHENI NASEKUSAKAZENI IBHAYIBHELI.
Lezi, ezinye izinguqulo esiye sazisakaza eminyakeni edlule:
I-American Standard Version yango-1901
I-Bible in Living English kaByington
I-Emphatic Diaglott
I-King James Version
I-Revised Standard Version
I-New Testament kaTischendorf
I-NGUQULO YEZWE ELISHA
zingu-180+ izilimi elitholakala ngazo (LIPHELELE NOMA LIYINGXENYE)
AYIZIGIDI EZINGU-227 AMAKHOPHI E-NGUQULO YEZWE ELISHA AKHIQIZIWE KUSUKELA NGO-1950
a Okwamanje ungalithola ngesiNgisi nangesiPutukezi. Kusazokwenezelwa nezinye izilimi