2. Ingabe Yithi Esiyimbangela Yokuhlupheka Kwethu?
Okwenza Kubaluleke Ukwazi Lokhu
Uma impendulo inguyebo, kusho ukuthi singakwazi ukunciphisa ukuhlupheka.
Lokho Ongacabanga Ngakho
Abantu banesandla kangakanani kulokhu kuhlupheka okulandelayo?
Ukuhlukunyezwa.
IWorld Health Organization (i-WHO) ilinganisela ukuthi umuntu omdala oyedwa kwabane wake wahlukunyezwa ngokomzimba lapho eseyingane kanti owesifazane oyedwa kwabathathu useke wabhekana nokuhlukumezeka ngokomzimba noma ngokocansi (noma kokubili) phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe.
Ukushonelwa.
I-World Health Statistics Ka-2018, eshicilelwe i-WHO ithi: “Kulinganiselwa ukuthi kwabulawa abantu abangaba ngu-477 000 ngo-2016 emhlabeni wonke.” Lokhu kwenezela enanini labantu abangu-180 000 okucatshangwa ukuthi babulawa ezimpini nasezingxabanweni ngalowo nyaka.
Izinkinga Zempilo.
Esihlokweni esikhishwe kumagazini i-National Geographic, esibhalwe uFran Smith, kuthiwa: “Abantu abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane bayabhema, futhi ugwayi ubalwa phakathi kwezinto ezinhlanu eziyizimbangela zokufa ezihamba phambili: isifo senhliziyo, unhlangothi, izifo ezihlobene nokuphefumula, isifo sokucinana emaphashini kanye nomdlavuza wamaphaphu.”
Ukungalingani Ngokwezenhlalo.
UJay Watts onguDokotela wengqondo uyabika, “Ubumpofu, ukungalingani, ukucwaswa ngokobuhlanga, ngokobulili, ukuphelelwa yindawo yokuhlala nomoya wokuncintisana, konke lokhu kwandisa amathuba okucindezeleka.”
FUNDA OKWENGEZIWE
Bukela ividiyo ethi: Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba? ku-jw.org/zu.
Lokho Okushiwo IBhayibheli
Abantu bayimbangela enkulu yokuhlupheka.
Okuningi kwakho kubangelwa ohulumeni abacindezelayo abaye benza ukuphila kwaba nzima kubantu abababusayo nakuba bethi bayabasiza.
‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’—UMSHUMAYELI 8:9.
Ukuhlupheka kungancishiswa.
Imiyalo yeBhayibheli ikhuthaza impilo engcono nobudlelwane obunokuthula nabanye.
“Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba, kodwa umhawu ungukubola emathanjeni.”—IZAGA 14:30.
“Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.”—EFESU 4:31.