Isahluko 10
Lokho UNkulunkulu Afunga Ukukwenzela Isintu—Manje Kuseduze!
1, 2. (a) Kungamuphi umqondo uNkulunkulu afunga ngawo, futhi ngani? (b) UNkulunkulu uthini kuIsaya 45:23? (c) Yimaphi amazwi omprofethi uIsaya okumelwe sikwazi ukuvumelana nawo?
INGABE uNkulunkulu uyafunga? Yebo, uNkulunkulu uyafunga, kodwa akayisebenzisi inhlamba, akathukutheli alahlekelwe ukuzithiba. Ngaso sonke isikhathi ukufunga kwakhe kwenzelwa ukugcizelela lokho athi kuyinjongo yakhe. Kunikeza isiqinisekiso esengeziwe kulabo abazothinteka. Ngakho-ke, sonke isintu senza kahle ngokuqaphela amazwi akhe akuIsaya 45:23: “Ngizifungile mina, kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga, aliyikubuya, lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo, nezilimi zonke ziyakufunga.”
2 Namuhla, eminyakeni engaphezu kwezi-2 700 ngemva kwalesosiprofetho, ingabe siyaneliseka ukuthi inkulumo yomprofethi kuIsaya 45:24 iyiqiniso: “KuJehova kuphela nginokulunga namandla; bayakufika kuye, bajabhe bonke abamvuthelayo”? Uma kunjalo, khona-ke singavumelana futhi namazwi kaIsaya alandelayo evesini 25: “KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwaIsrayeli iyakulungisiswa, ibe-nodumo.”
3, 4. (a) Kungani uIsaya 45:25 kungamelwe asenze sicabange ngeRepublic of Israel? (b) Ingabe kuye kwaba khona ukwehluleka ekugcwalisekeni kukaIsaya 45:23-25, futhi kungani uphendula kanjalo?
3 Lapho sifunda uIsaya 45:25, ingabe kumelwe sicabange ngeRepublic of Israel? Cha! LawomaIsrayeli awanikezi uNkulunkulu wemiBhalo yawo yesiHeberu engcwele udumo ngokunqoba kwawo. Ngenxa yokulihlonipha okuyiphutha enqaba ngisho nokubiza igama lakhe.
4 Ingabe ngalokhu sisho ukuthi uIsaya 45:23-25 wehlulekile ukugcwaliseka kuze kube yilonyaka? Cha! Akukaze kwehluleke ukugcwaliseka kwesiprofetho ngesikhathi sikaJehova esimisiwe. Kuyena, ukwehluleka kwesiprofetho sakhe kuyinto engenakwenzeka! Akukhona nje kuphela ukuthi izwi lakhe ngokwalo lithembekile futhi linokwethenjelwa kodwa kunjalo ngokwengeziwe lapho uJehova elifungela, enezela isifungo sakhe, ukuze aqinisekise.
UNkulunkulu Ulamula Ngesifungo
5. AmaHeberu 6:13-18 akuchaza kanjani ukulamula kukaNkulunkulu ngesifungo esithembisweni asenza kuAbrahama?
5 Ngokuqondene nalokhu, kumaHeberu 6:13-18 siyafunda: “Ngokuba lapho uNkulunkulu wamthembisa uAbrahama, wazifunga yena, lokhu kungekho omkhulu kunaye angamfunga, wathi: Impela ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngiyakukwandisa nokukwandisa; kanjalo kwathi esebekezele, wakuzuza okwathenjiswayo. Ngokuba abantu bafunga omkhulu kunabo; kubona isifungo siyaqeda ukuphikisana konke, siqinise. Kulokhu-ke uNkulunkulu, ethanda kakhulu impela ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, walamula ngesifungo, ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe-nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo.”
6. (a) Isiphi isisusa esenza uNkulunkulu wazifunga yena ngokuqondene nesithembiso sakhe kuAbrahama? (b) UJehova wayengamsebenzisa kanjani “umngane” wakhe?
6 Ngokuvamile, kunesisusa esinamandla sokufunga, sokugomela ngesifungo. Lokho kunjalo ikakhulukazi uma ukufunga kungokokuzibonela kukaNkulunkulu, kungokokuzithandela. Isisusa esinjalo siveziwe kulendaba lapho uJehova evezwa efunga, yebo, ezifunga yena. Isithembiso esaboshwa ngesifungo uJehova asenza kuAbrahama “umngane” wakhe, sisithinta sonke namuhla. UJehova wakwazisa lapho uAbrahama enza ngokwesimemo saphezulu futhi eshiya izwe lakubo eya ezweni uJehova ayeyolinikeza inzalo ka-Abrahama. UJehova ngokungenqeni wayengenza igama ‘lalomngane’ libe likhulu futhi wayengamsebenzisa ekubusiseni abanye. UJehova wayengathi kuye: “Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”—Genesise 12:3; Isaya 41:8.
7. (a) UNkulunkulu wabonisa uAbrahama umusa ngasiphi isimangaliso lapho umkakhe eseneminyaka engama-90? (b) UAbrahama walubonisa kanjani ukholo lwakhe nokulalela ngendlela engavamile?
7 Lapho umka-Abrahama uSara eseneminyaka engama-90, esedlule kakhulu esikhathini sokuthola abantwana, uNkulunkulu ngokuyisimangaliso wambonisa umusa ngokuba azalele uAbrahama indodana yabo ethandekayo, uIsaka, ekuqhubekiseni isithembiso saKhe esimangalisayo kuAbrahama. UAbrahama wazibonakalisa ekulungele futhi ezimisele ukunikela ngisho nangalendodana eyigugu njengomhlatshelo wobuntu elalela umthetho kaNkulunkulu wakhe, uJehova. Lokhu kuboniswa okuvelele kokholo nokulalela kwashukumisa uJehova kangangokuthi wathi ‘kumngane’ wakhe, uAbrahama:
8, 9. (a) UJehova wasabela kanjani kulokhu kuboniswa kokholo nokulalela kuka-Abrahama? (b) UNkulunkulu wazenza waba nokulandisa kubani?
8 “Ngizifungile, usho uJehova, ukuthi njengokuba ukwenzile lokhu, ungagodlanga indodana yakho eyodwa, ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe-ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo, nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, ngokuba ulalele izwi lami.”—Genesise 22:15-18.
9 Lena indawo yokuqala eBhayibhelini lapho uJehova evezwa efunga. Ngenxa yokuthi akekho omkhulu kunaye ayengamfunga, wazifunga yena, ezibopha ngaso. Ngalendlela wenza kwangababikho omunye ayengalandisa kuye kodwa kuye ngokwakhe. Kumelwe ukuba ufeza injongo yakhe ngenxa yodumo lwakhe siqu.
Ngaliphi izinga?
10. Cishe sesiside kangakanani isikhathi uNkulunkulu enza isivumelwano sakhe noAbrahama, ngakho-ke imiphi imibuzo ephakamayo?
10 UAbrahama wangena ezweni lesithembiso laseKhanani cishe eminyakeni eyizi-4 000 edlule. Ngakho manje, siye safezwa ngezinga elingakanani lesosithembiso esenziwa ngo-1943 B.C.E.?
11. (a) Kubonisani ukuba kweRepublic of Israel yilungu leUN, futhi kuba namiphi imiphumela? (b) Ingabe inzalo ka-Abrahama engokwemvelo iyahlangabezana nezimfuneko zokuba “inzalo” ethenjisiwe?
11 Namuhla, kukhona iRepublic of Israel eMpumalanga ePhakathi. Ngenxa yobugovu, iyilungu leZizwe Ezihlangene. IUN imelele ukwenqatshwa koMbuso kaJehova uNkulunkulu ‘ngenzalo’ ka-Abrahama ethenjisiwe futhi ngalokho iyobhujiswa “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” eHarmagedoni. Wonke amalungu eUN, kuhlanganise neRepublic of Israel, ayoshanelwa aphele nyá. Ngokudabukisayo, inzalo ka-Abrahama engokwenyama, engokwemvelo ayihlangabezani nezimfuneko zokuba ‘inzalo’ yobuMesiya ethenjisiwe uJehova uNkulunkulu ayobusisa ngayo sonke isintu.—IsAmbulo 16:14-16.
12, 13. (a) Ngokungafani nokhokho wakhe uDavide, kungani “iNkosi yokuthula” ingenakubusa iyodwa? (b) Ingabe amaKristu agcotshiwe kwadingeka alinde kuze kumiswe uMbuso ngo-1914 ukuze athole isibusiso esithenjisiwe, futhi sazi kanjani?
12 Ngokusobala ngokwanele ukuba wonke umuntu abone, uMesiya othenjisiwe akabusi eJerusalema lasemhlabeni, eMpumalanga ePhakathi ekugcwalisekeni kwesivumelwano sika-Abrahama. Ngokungafani nokhokho wakhe uDavide wasendulo, uMesiya ‘neNkosi yokuthula’ ngeke abuse eyedwa. Wathembisa ukuhlanganisa kanye naye abaphostoli bakhe abathembekile abayi-12 nabanye abafundi bakhe abazelwe ngomoya ekubuseni kwakhe, babe yizi-144 000. (IsAmbulo 7:1-8; 14:1-4) Kusekhona insali yalabobafundi emhlabeni. Yini eye yayenzelwa ekuqhubekiseni ukugcwaliseka kwesivumelwano sika-Abrahama uNkulunkulu asifungela? Omunye owayeyilungu eliphambili elaliyohlanganyela kulowoMbuso, umphostoli uPawulu, waloba kwabaseGalathiya 3:8: “Kepha umbhalo, ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walishumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, wathi: Izizwe zonke ziyakubusiswa kuwe.”
13 AmaKristu ayekhethwe phakathi kwezizwe akudingekanga ukuba alinde kuze kube ngemva kokumiswa koMbuso ngo-1914 ukuze athole isibusiso esithenjisiwe, ngoba umphostoli uPawulu waqhubeka wathi: “Njalo-ke abokukholwa bayabusiswa kanye noAbrahama okholwayo.” (Galathiya 3:9) UPawulu wayengumKristu futhi wayebusiswa, ngokufanayo nangawo wonke amanye amaKristu azelwe ngomoya osuku lwakhe.a Ngokufanayo namuhla, insali, eyakhiwe amaKristu azelwe ngomoya anamathela okholweni kuMesiya ‘njengenzalo’ ka-Abrahama eyinhloko yokubusisa sonke isintu, ithola isibusiso esithenjisiwe.
14. (a) AmaKristu agcotshiwe aye abusiswa kanjani ngokukhethekile ngokwesivumelwano sika-Abrahama? (b) Lokhu kuye kwamlwela ngayiphi indlela uJehova?
14 Ngokuzinikezela kuJehova nangokubonakalisa lokhu kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi bese umoya kaNkulunkulu uwazalela esimweni esingokomoya, lamaKristu aye aba amadodana angokomoya ka-Abrahama oMkhulu, uJehova uNkulunkulu. Aye aba futhi izindlalifa kanye noJesu Kristu, uIsaka oMkhulu. (Roma 8:17) Ngempela abusiswa ngokukhethekile ngokwesivumelwano sika-Abrahama. UJehova ubefeza lokho afunga ukuthi uyokwenza, ngaleyondlela ezilwela njengokhuluma iqiniso, Lowo okwazi ngokuphelele ukufeza lokho afunga wagomela ukuthi uzokwenza ngegama lakhe siqu.
15. Umphostoli uPawulu uthi ilungu ngalinye lensali yamaKristu azelwe ngomoya liyini?
15 Ngalinye ilungu lensali yamaKristu azelwe ngomoya lingumJuda ngomqondo ongokomoya. Njengoba umphostoli uPawulu asho: “UmJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni; kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama.”—Roma 2:28, 29.
16. Yisiphi isigaba esakhiwa amaJuda angokomoya esabikezelwa kuZakariya 8:23?
16 ‘Kulesiphelo sesimiso sezinto,’ lawomaKristu azelwe ngomoya, angamaJuda ngaphakathi ngokusokwa kwezinhliziyo zawo, akha isigaba samaJuda esibikezelwa kuZakariya 8:23, lapho kulotshwe khona ukuthi: “Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngalezozinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani [“bantu,” NW], ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”
17. (a) Obani abamelelwa “amadoda ayishumi” afuna ukukhulekela uJehova nensali yanamuhla yamaJuda angokomoya? (b) Ngokuhlanganyela namaJuda angokomoya ekukhulekeleni uJehova, yini amalungu “ezinye izimvu” ayijabulelayo manje?
17 ‘Abantu’ ‘lawomadoda ayishumi’ afuna ukuya nabo ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu bayinsali yanamuhla yalabo abangamaJuda angokomoya, isigaba esakha “inceku ethembekileyo neqondayo” kaMathewu 24:45-47. Njengoba ishumi limelele ukuphelela kwasemhlabeni, “amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe” ayeyomelela zonke izimvu ezingokomfanekiso ezabikezelwa kuMathewu 25:32-46. Lawa angawesigaba ‘sezinye izimvu’ uJesu athi wayeyoziletha zihlangane nensali enjengezimvu zakhe nayo ‘umhlambi munye’ onakekelwa ‘umalusi munye,’ yena ngokwakhe. (Johane 10:16) Ngalendlela zinambitha kusengaphambili izibusiso zesivumelwano sika-Abrahama ‘ngenzalo’ ka-Abrahama oMkhulu, uJehova uNkulunkulu. Khona-ke, ngokuqinisekile lokho uNkulunkulu afunga ukukwenzela sonke isintu kuseduze!
[Umbhalo waphansi]
a Ubhekisela egameni elithi “amaKristu,” umbhalo waphansi weReference Bible kuzEnzo 11:26 uthi: “NgesiHeberu, Meshi·chi·yimʹ, ‘Abalandeli BakaMesiya.’”
[Isithombe ekhasini 89]
IBhayibheli labikezela ukuthi abantu abavela kuzo zonke izizwe babeyozihlanganisa noIsrayeli ongokomoya