Isahluko 13
“Izwi LikaNkulunkulu Liyaphila”
Esahlukweni esandulelayo, sibonile ukuthi iseluleko seBhayibheli singasisiza ukuba sixazulule izinkinga futhi sigweme amaphutha. Ukuhlakanipha okungaphelelwa isikhathi kweseluleko seBhayibheli kuwubufakazi obunamandla bokuphefumlelwa kwalo. IBhayibheli ngokwalo lithi: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16) Kodwa iBhayibheli lenza okungaphezu nje kokusinikeza iseluleko esihlakaniphile. NjengeZwi likaNkulunkulu, libashintsha ngokoqobo abantu.
1-3. (a) IBhayibheli lisigcizelela kanjani isidingo sezinguquko zobuntu? (b) Ikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa amandla eBhayibheli okushintsha ubuntu obuhlukahlukene?
INGABE iBhayibheli lingabashintsha ngempela abantu? Yebo, lingaguqula ngisho nobuntu babo. Cabangela leseluleko esilotshwe eBhayibhelini: “Nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso, nenziwe-basha emoyeni wengqondo yenu, nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.”—Efesu 4:22-24.
2 Ingabe kungenzeka ngempela ukwembatha ubuntu obusha? Yebo, kungenzeka! Eqinisweni, ukuba umKristu ngezinye izikhathi kuhilela izinguquko zobuntu ezinkulu kakhulu. (1 Korinte 6:9-11) Ngokwesibonelo, umfana othile eNingizimu Melika waba intandane eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala. Njengoba akhula ngaphandle kwesiqondiso sabazali, waba nezinkinga zobuntu ezingathi sína. Uyalandisa: “Ngenkathi ngineminyaka eyi-18, ngangiwumlutha wezidakamizwa ngokuphelele futhi ngase ngike ngaboshelwa ukweba ukuze ngisekele lomkhuba.” Nokho, ubabekazi wakhe, wayengomunye woFakazi BakaJehova, futhi ngokuhamba kwesikhathi wakwazi ukumsiza.
3 Uyachaza: “Ubabekazi waqala ukufunda nami iBhayibheli, futhi ngemva kwezinyanga eziyisikhombisa ngakwazi ukugqashula emkhubeni wezidakamizwa.” Wahlukana futhi nabangane bakhe bangaphambili futhi wathola abangane abasha phakathi koFakazi BakaJehova. Uyaqhubeka: “Labangane abasha, kanye nesifundo sami sasikhathi sonke seBhayibheli, bangenza ngakwazi ukuthuthuka futhi ekugcineni nginikezele ukuphila kwami ekukhonzeni uNkulunkulu.” Yebo, lomlutha wezidakamizwa nowawuyisela ngaphambili waba umKristu okhuthele, futhi lolushintsho olukhulu lwafinyelelwa ngamandla eBhayibheli. Ngempela, njengoba umphostoli uPawulu esho, “Izwi likaNkulunkulu [liyaphila, NW], linamandla.”—Heberu 4:12.
Bashintsha Ngenxa Yolwazi
4, 5. NgokwabaseKolose 3:8-10, yini edingekayo ukuze sihlakulele ubuntu obusha?
4 IBhayibheli libashintsha kanjani abantu? Impendulo ibonakala kulendinyana yeBhayibheli: “Manilahle konke lokho, ulaka, nokuthukuthela, nobubi, nokuhlambalaza, nokukhuluma amahlazo aphuma emlonyeni wenu; ningaqambelani amanga, lokhu nikhumulé umuntu omdala kanye nezenzo zakhe, nembethe omusha, owenziwa-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.”—Kolose 3:8-10.
5 Phawula ingxenye ebalulekile efezwa ulwazi oluqondile lweBhayibheli. IBhayibheli liyachaza ukuthi iziphi izimfanelo okudingeka sizilahle nokuthi iziphi okufanele sizihlakulele. Ulwazi olunjalo ngokwalo lungaba nethonya elinamandla, njengoba insizwa ethile eningizimu Yurophu yathola. Yayinenkinga yangempela: ulaka olunobudlova. Lapho isakhula, yayilwa njalo, futhi ukuze ibhodle ubudlova bayo, yangenela isibhakela; kodwa yayisalokhu ingakwazi ukulawula isimo sayo sobudlova. Lapho ibuthelwe ebusosheni, yangena enkathazweni ngokushaya isosha ekanye nalo. Ngemva kokuyeka ubusosha, yashada kodwa yayisiqala ukushaya umkayo. Kwenye impikiswano yomkhaya, yashaya ngisho noyise, yamlahla phansi. Ngempela insizwa enolaka futhi enobudlova!
6, 7. Ulwazi oluqondile lweBhayibheli lwayisiza kanjani insizwa ethile eningizimu Yurophu ukuba ishintshe ubuntu bayo?
6 Nokho, ekugcineni yafunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi yezwa iseluleko esinjengalesi esilandelayo: “Ningaphindiseli-muntu okubi ngokubi; . . . uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaziphindiseli nina-bathandwa, kodwa dedelani ulaka.” (Roma 12:17-19) Lokhu kwayisiza ukuba ibone ukuthi babububi kangakanani ubuthakathaka bayo bokuba nolaka olunobudlova. Yayeka isibhakela, eyaqaphela ukuthi sasingafanelani nobuntu bomKristu obunokuthula. Kodwa kwakusadingeka ilwisane ngempela nesimo sayo sobudlova.
7 Nokho, yasizwa ulwazi lwayo olukhulayo lwezimiso zeBhayibheli. Lokhu kwalolonga unembeza wayo, nawo owayisiza ekulwisaneni nesififane sayo. Ngesinye isikhathi, ngemva kokuba seyenze intuthuko ethile ezifundweni zayo zeBhayibheli, umuntu othile wayithukuthelela futhi wayichapha ngenhlamba. Lensizwa yezwa ulaka lwayo oluvamile lukhula ngaphakathi. Khona-ke, yezwa namanye amandla: umuzwa wamahloni; futhi lomuzwa wayivimbela ukuba ivumele ulaka lwayo. Kunokuba ‘iphindise ububi ngobubi,’ yalawula umoya wayo. Manje, ingumuntu oshintshile, onobuntu obusha, ngenxa yolwazi oluqondile lweBhayibheli.
Ukwazi UNkulunkulu
8. (a) Umuntu omusha wenziwe ngomfanekiso kabani? (b) Ulwazi oluqondile olulolonga umuntu omusha kumelwe luhlanganise nolwazi ngobani?
8 Yiqiniso, abantu abaningi bayakwazi okulungileyo okumelwe bakwenze, kodwa bavuma ukunqotshwa ubuthakathaka benyama. Ngokusobala, ukuba nje nolwazi oluqondile lokuhle nokubi akukhona konke okudingekile. Kunokunye okwasiza labantu ababili abachazwe ngenhla ukuba bashintshe. Kwakuyini? Indinyana okubhekiselwe kuyo ekuqaleni yathi: “Nembethe [umuntu] omusha, owenziwa-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.” (Kolose 3:10) Phawula ukuthi njengoba nje uAdamu ekuqaleni ayenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, kanjalo nobuntu obusha benziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Ngakho ulwazi oluqondile olwasiza lezinsizwa ezimbili kwakudingeka luhlanganise ulwazi ngoNkulunkulu. Lokhu kusikhumbuza amazwi kaJesu: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
9. Ulwazi ngoNkulunkulu lusisiza kanjani ukuba sishintshe ubuntu bethu?
9 Ulwazi ngoNkulunkulu lusisiza kanjani ukuba sishintshe ubuntu bethu? Lusinikeza isisusa sokwenza kanjalo. Uma siqala ukumazi uNkulunkulu ngesifundo sethu seBhayibheli, sifunda ngezimfanelo zakhe zaphezulu futhi sibone uthando alubonisile kithi. Lokhu kusiholela ekubeni nathi simthande. (1 Johane 4:19) Khona-ke, singalalela lokho uJesu athi kungumyalo wokuqala nomkhulu kunayo yonke: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho.” (Mathewu 22:37) Ukuthanda uNkulunkulu kusenza sifune ukwembatha ubuntu obusha obumthokozisayo. Kusenza sifune ukufana naye ngokwengeziwe, kungakhathaliseki ukuthi kungase kudingeke silwe kanzima kangakanani ukuze senze kanjalo.
Ubuthakathaka Osebunemisuka Ejulile
10, 11. Ulwazi oluqondile lwamsiza kanjani owesifazane othile osemusha waseNyakatho Melika ukuba aqale ukushintsha ubuntu bakhe?
10 Kwezinye izimo, kuwumzabalazo ngempela. Owesifazane othile osemusha eNyakatho Melika kwadingeka alwe kanzima ukuze ashintshe. Njengoba ayeyisisulu sokunukubezwa ngokobulili ebuntwaneni, wakhuliswa emkhayeni onobudlova, futhi ekugcineni waphendukela ekusebenziseni izidakamizwa. Nokho, izidakamizwa zazibiza, ngakho wathengisa ngomzimba wakhe ukuze akhokhele lomkhuba. Wayekhathaza futhi ephanga izihambi ezizobuka indawo futhi wagcina echitha isikhathi esiningi emajele nasezindlini zokugembula kunaleso ayesichitha esekhaya.
11 Lapho oFakazi BakaJehova behlangana naye—ngemva kokukhipha izisu kaningi—wayesenomntwana owumlanjwana. Noma kunjalo, wakuthanda lokho akuzwa kuvela eBhayibhelini futhi waqala ukulifunda. Ngokushesha wakha ubuhlobo noNkulunkulu futhi wenza izinguquko ezithile ekuphileni kwakhe.
12, 13. Chaza indlela ulwazi oluqondile, uma selufakiwe kumuntu, olusebenza ngayo njengamandla ashukumisela oshintshweni.
12 Nokho, wayesalindwe ukulwa okunzima, ngenxa yokuthi ubuntu obudala babunemisuka ejulile. Ngesinye isikhathi, wacasukela iseluleko esithile esasinikezwa ngenhloso enhle, wayeka ukufunda iBhayibheli, futhi wabuyela ezindleleni zakhe ezingcolile. Kodwa akakwazanga ukukhohlwa iqiniso leBhayibheli elalifakwe kuye, futhi uyavuma: “Ngaso sonke isikhathi ngangiba nemizwa yecala, futhi amazwi eyesi-2 Petru 2:22 ayenkeneneza engqondweni yami: ‘Inja ibuyela ebuhlanzweni bayo nengulube egeziwe ibuyela odakeni.’”
13 Ekugcineni, lolulwazi lwamshukumisela ukuba enze omunye umzamo wokuzimisela. Uthi: “Ngaqala ukuvulela uJehova umnyango futhi ngathandaza kaningi ngicela usizo.” Kulokhu, ubuntu obusha baba obugxile kakhulu, nakuba kwakusadingeka alwe kanzima. Ngesinye isikhathi, ngomzuzu wokuba buthakathaka, wawela ekudakweni nasekuziphatheni okubi. Nokho, kulesikhathi, ukusabela kwakhe kwabonisa ukuthi wayeshintsha ngempela. Wayezenyanya futhi wathi: “Ngathandaza kaningi futhi ngafunda kakhulu.” Ekugcineni, iZwi likaNkulunkulu laba namandla ekuphileni kwakhe kangangokuba waba umKristu okhuthele, ophila ukuphila okuhlanzekile, nokuhloniphekile. Iminyaka eminingi manje, ubengumuntu ohluke ngokuphelele kumuntu ayenguye ngaphambili onukubeziwe, owumlutha wezidakamizwa, nowayephila ukuphila kobulwane.
Abantu Abashintshwe IZwi LikaNkulunkulu
14, 15. (a) Imaphi amandla avela kuNkulunkulu asebenza ngeBhayibheli? (b) Iziphi ezinye zezici zamaKristu eqiniso namuhla?
14 Amandla iBhayibheli eliye laba nawo ekuphileni kwabantu abathobekile abonisa ukuthi lingaphezulu kakhulu kokuba nje incwadi yomuntu. NjengeZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, liwumgudu wokusebenza komoya kaNkulunkulu. Lomoya ofanayo owenza izimangaliso uJesu azenza zaba nokwenzeka uyasisiza namuhla ukuba sinqobe izimfanelo ezimbi futhi sihlakulele ubuntu bobuKristu. Ngempela, izimfanelo eziyisisekelo amaKristu okudingeka azihlakulele—uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ukulunga, ukholo, ubumnene, nokuzithiba—zibizwa eBhayibhelini ngokuthi “izithelo zikamoya.”—Galathiya 5:22, 23.
15 Namuhla, lomoya awusebenzi kubantu abambalwa nje kuphela kodwa ezigidini eziningi eziye ‘zafundiswa uJehova’ futhi ezijabulela ‘ukuthula okukhulu’ okuvela kuYe. (Isaya 54:13) Bangobani laba? UJesu wanikeza indlela eyodwa yokubabona, ethi: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Johane 13:35) Uthando lobuKristu luyisithelo somoya futhi luyingxenye eyisihluthulelo yobuntu obusha bomKristu. Ingabe likhona iqembu labantu elibonisa uthando ngendlela eyashiwo uJesu?
16, 17. Caphuna ukukhulumela okuthile kwamaphephandaba okusiza ekuboneni labo ‘abafundiswa uJehova’ nalabo abajabulela ‘ukuthula okukhulu.’
16 Nokho, lalela lengcaphuno ethathwe encwadini eyabhalelwa iNew Haven Register, iphephandaba laseNyakatho Melika: “Kungakhathaliseki ukuthi uye wadinwa noma wacasulwa [wathukutheliswa], njengoba kunjalo ngami, ngokuphendulela kwabo abantu enkolweni yabo, kumelwe uncome ukuzinikezela kwabo, ubumsulwa babo, isibonelo sabo esivelele sokuziphatha kobuntu nesokuphila okunempilo.” Iphephandaba laseJalimane iMünchner Merkur lalikhuluma ngeqembu elifanayo lapho lithi: “Bangabantu abakhokha intela ngesikhathi nabathembeke kakhulu eRepublic Ehlangene [yaseJalimane]. Ukuthobela kwabo imithetho kungabonakala endleleni abashayela ngayo kanye nasemananini obugebengu.”
17 Lamaphephandaba amabili ayekhuluma ngobani? Ngeqembu elifanayo elachazwa kuyiHerald yaseBuenos Aires, eArgentina. Leliphephandaba lathi: “OFakazi BakaJehova baye bazibonakalisa eminyakeni eminingi ukuthi bayizakhamizi ezikhuthele, ezimnene, ezongayo nezesaba uNkulunkulu zohlobo ngokusobala oludingwa isizwe.” Ukuhlola kwezenhlalo eZambia okwakhishwa kuyiAmerican Ethnologist kubhekisela kuleliqembu elifanayo. Kuthi: “OFakazi BakaJehova bathola impumelelo enkudlwana kunamalungu amanye amasonto ekulondolozeni izibopho zomshado ezigxilile.”
18, 19. OFakazi BakaJehova eNtaliyane naseNingizimu Afrika baye bachazwa kanjani?
18 Iphephandaba iStampa eNtaliyane nalo lalikhuluma ngoFakazi BakaJehova lapho lithi: “Bayizakhamizi ezithembeke kunazo zonke noma ubani angafisa ukuba nazo: abazibalekeli izintela noma bafune ukugwema imithetho engathandeki ngokwenzuzo yabo. Izindinganiso zokuziphatha zothando ngomakhelwane, ukwenqaba izikhundla zokubusa, ukungabi nabudlova nokwethembeka komuntu siqu (lokho kumaKristu amaningi ‘okuyimithetho yangeSonto’ yokushunyayelwa epulpiti kuphela) zingena endleleni yabo yokuphila ‘yansuku zonke.’”
19 Uprofesa othile waseYunivesithi ethile yaseNingizimu Afrika owahlangabezana nokubandlululwa ngaphansi kwemithetho yezinhlanga yalelozwe ubiza oFakazi BakaJehova ngokuthi “abantu abafundiswe ngezindinganiso eziphakeme zeBhayibheli ukuba ‘bangakhethi-bala’ ngempela.” Echaza lokhu, wanezela: “Naba abantu ababona lokho abanye abayikho ngaphakathi, hhayi nje ibala lesikhumba sabo. OFakazi BakaJehova namuhla bakha okuwukuphela kobuzalwane beqiniso besintu.”
20. Kungani oFakazi BakaJehova bevelela njengabahlukile?
20 Lamazwi abonisa ukuthi kukhona iqembu labantu abaye bamukela iBhayibheli ngenhliziyo futhi umoya kaNkulunkulu obulokhu usebenza kubo. Kungokufanele ukuphawula ukuthi labantu bangabantu abafanayo nalabo esibachaze ngaphambili njengabalalela umyalo kaJesu wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba. (Mathewu 24:14) Kungani oFakazi BakaJehova bevelela ngalezindlela? Ngezindlela eziningi bayefana nabanye abantu. Banobuthakathaka obufanayo ngokwenyama, izinkinga ezifanayo ngokwezomnotho, nezidingo ezifanayo eziyisisekelo. Kodwa njengeqembu, bayamthanda uNkulunkulu, babheka iBhayibheli ngokungathi sína, futhi balivumela ukuba libe namandla ekuphileni kwabo.
21. Yini efakazelwa iqiniso lokuthi abantu abanjengoFakazi BakaJehova bangaba khona ngisho nakulelizwe lanamuhla eligcwele inzondo?
21 Izigidi zoFakazi BakaJehova zitholakala emazweni angaphezu kwangama-200. Zihlanganisa abantu bazo zonke izinhlanga, izilimi, nezigaba emphakathini ongazicabanga. Nokho, bangabazalwane abanobunye, abanokuthula, bezizwe zonke. Bayizakhamizi ezinhle kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuliphi izwe, kodwa okubaluleke kunakho konke, bayizikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu, futhi bonke bakhuthele kakhulu ekutsheleni abanye ngezindaba ezinhle zalowoMbuso. Kuyamangalisa ngempela ukuthi kulelizwe elihlukene, eligcwele inzondo, kungaba khona iqembu elinjengoFakazi BakaJehova. Ukuba khona kwabo kuwubufakazi obunamandla bokuthi umoya kaNkulunkulu usasebenza phakathi kwesintu. Futhi kuwubufakazi bokuthi iBhayibheli ngempela ‘liyaphila futhi linamandla.’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 177]
IBhayibheli libashintsha ngokoqobo abantu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 181]
Ulwazi ngoNkulunkulu lwenza umuntu afune ukufana naye