Ukuphulukisa
Incazelo: Ukubangela ukuba umuntu ogulayo ngokomzimba, ngokwengqondo, noma ngokomoya athole impilo enhle. Abanye babaprofethi abangamaHeberu bangaphambi kobuKristu kanye noJesu Kristu namanye amalungu ebandla lobuKristu lakuqala ayekwazi ngomoya kaNkulunkulu ukuphulukisa ngokuyisimangaliso.
Ingabe ukuphulukisa ngokuyisimangaliso osukwini lwethu kwenziwa ngomoya kaNkulunkulu?
Kungenzeka yini amandla okwenza izimangaliso avele komunye umthombo ngaphandle kukaNkulunkulu weqiniso?
UMose noAroni baya phambi kukaFaro waseGibithe beyocela ukuba amaIsrayeli avunyelwe aye ehlane ayokwenza imihlatshelo kuJehova. Njengobufakazi bokusekelwa kwaphezulu, uMose wayala uAroni ukuba alahle induku yakhe phansi yaba inyoka enkulu. Lesosimangaliso senziwa ngamandla kaNkulunkulu. Kodwa abapristi baseGibithe abenza imilingo balahla izinduku zabo phansi, nazo futhi, zaba izinyoka ezinkulu. (Eks. 7:8-12) Basenza ngamandla kabani isimangaliso sabo?—Qhathanisa noDuteronomi 18:10-12.
Kulelikhulu lama-20 leminyaka ukuphulukisa ngokuthandazela kuyenziwa ezinkonzweni eziqhutshwa ngabefundisi beLobukholwa. Phakathi kwezinkolo ezingebona ubuKristu kukhona abapristi bamalumbo, izangoma, izinyanga, nabanye abaphilisayo; ngokuvamile basebenzisa umlingo nokubhula. Abanye “abaphulukisa ngemilingo” bathi ukuphilisa kwabo akuthintene ngalutho nenkolo. Kuzo zonke lezizimo, ingabe lawomandla okuphulukisa avela kuNkulunkulu weqiniso?
Math. 24:24: “Kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu [“imilingo,” TEV] nezimangaliso, ukuze kudukiswe nabakhethiweyo, uma kungenzeka.”
Math. 7:15-23: “Xwayani abaprofethi bamanga . . . Abaningi bayakuthi kimi ngalolosuku: Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla [“imilingo” JB, NE, TEV] ngegama lakho, na? Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina-benzi bokubi.”
Ingabe ukuphilisa kwemilingo kosuku lwethu kwenziwa ngendlela efanayo njengokuphilisa okuyisimangaliso kukaJesu nabafundi bakhe bakuqala?
Izindleko zalezinkonzo: “Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.” (Math. 10:8) (Ingabe abaphilisi namuhla benza lokho—bapha ngesihle, njengoba uJesu ayala?)
Izinga lempumelelo: “Isixuku sonke safuna ukumthinta [uJesu], ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.” (Luka 6:19) “Bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo. Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungezé iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.” (IzE. 5:15, 16) (Osukwini lwethu, ingabe bonke abaya kwabaphilisayo noma ezithombeni ezingokwenkolo befuna ukuphiliswa bayaphulukiswa?)
Ingabe indlela yokuphila yamalungu ezinhlangano “abaphilisi” abayingxenye yazo inikeza ubufakazi bokuthi anomoya kaNkulunkulu?
Njengeqembu ingabe azibonakalisa ngokuvelele izithelo zomoya ezinjengothando, ukubekezela, ubumnene, nokuzithiba?—Gal. 5:22, 23.
Ingabe ngempela ‘awayona ingxenye yezwe,’ abalekela noma ikuphi ukuhileleka ezindabeni zezombangazwe zezwe? Ingabe aye ahlala engenabala ecaleni legazi ngezikhathi zempi? Ingabe anedumela elihle ngenxa yokugwema ukuziphatha kwezwe okubi?—Joh. 17:16; Isaya 2:4; 1 Thes. 4:3-8.
Ingabe amaKristu eqiniso namuhla abonakala ngamandla okuphulukisa ngokuyisimangaliso?
Joh. 13:35: “Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.” (Yilokhu uJesu akusho. Uma simkholelwa ngempela, sifuna uthando, hhayi ukuphulukisa ngokuyisimangaliso, njengobufakazi bobuKristu beqiniso.)
IzE. 1:8: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele [usu]fikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami . . . kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (Ngaphambi nje kokushiya abaphostoli bakhe ukuba abuyele ezulwini, uJesu wabatshela ukuthi lokhu, hhayi ukuphulukisa, kwakuwumsebenzi obalulekile okwakumelwe bawenze. Bheka futhi uMathewu 24:14; 28:19, 20.)
1 Kor. 12:28-30: “UNkulunkulu umisile abathile ebandleni, kuqala abaphostoli, okwesibili abaprofethi, okwesithathu abafundisi, besekuba-yimisebenzi yamandla, besekuba-yiziphiwo zomusa zokuphulukisa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi. Bonke bangabaphostoli na? Bonke bangabafundisi na? Bonke bangabenza imisebenzi yamandla na? Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na?” (Ngakho, iBhayibheli libonisa ngokukhanyayo ukuthi akuwona wonke amaKristu eqiniso ayeyoba nesiphiwo sokuphulukisa.)
UMarku 16:17, 18 akabonisi yini ukuthi amandla okuphulukisa abagulayo ayeyoba uphawu olubonakalisa abakholwayo?
Marku 16:17, 18: “Lezizibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba-nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”
Lamavesi ayavela kweminye imibhalo yeBhayibheli nezinguqulo zekhulu lesihlanu nelesithupha C.E. Kodwa awaveli emibhalweni emidala yesiGreki, iSinaiticus neVatican MS. 1209 yekhulu lesine. UDr. B. F. Westcott, isazi semibhalo yeBhayibheli, wathi “lamavesi . . . awayona ingxenye yokulandisa kokuqala kodwa athasiselwe.” (An Introduction to the Study of the Gospels, London, 1881, k. 338) Umhumushi weBhayibheli uJerome, ekhulwini lesihlanu, wathi “cishe yonke imibhalo emidala yesiGreki ayinawo lamavesi.” (The Last Twelve Verses of the Gospel According to S. Mark, London, 1871, J. W. Burgon, k. 53) INew Catholic Encyclopedia (1967) ithi: “Amazwi asetshenziswe kuwo nendlela yokubhalwa ihluka kakhulu kulo lonke leliVangeli kangangokuthi akubonakali kunokwenzeka ukuthi uMarku ngokwakhe wawabhala [okungukuthi, amavesi 9-20].” (Umq. IX, k. 240) Akukho-mbhalo wokuthi amaKristu akuqala ayephuza okubulalayo noma ephatha izinyoka ukuze abonise ukuthi ayekholwa.
Kungani izipho ezinjengamandla okuphulukisa ngokuyisimangaliso zanikezwa amaKristu ekhulu lokuqala?
Heb. 2:3, 4: “Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na?—okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo, uNkulunkulu futhi efakaza kanye nabo ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla eyizinhlobonhlobo, nangokwabelwa kukaMoya oNgcwele ngokwentando yakhe.” (Lobu kwakuwubufakazi obuqinisekisa ngempela, bokuthi ibandla lobuKristu, elalilisha ngalesosikhathi, lalingelikaNkulunkulu ngempela. Kodwa uma lokho sekwaziwa kahle, ingabe kwakuyobe kusadingekile ukuba kufakazelwe ngokuphindaphindiwe?)
1 Kor. 12:29, 30; 13:8, 13: “Bonke bangabaphostoli na? . . . Bonke baneziphiwo zomusa zokuphulukisa na? Bonke bakhuluma ngezilimi na? . . . Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka . . . Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.” (Uma seziyifezile injongo yazo, lezoziphiwo eziyisimangaliso zaziyonqamuka. Kodwa izimfanelo ezingenakuthengwa ngamali eziyizithelo zomoya kaNkulunkulu zaziyoqhubeka zibonakala ekuphileni kwamaKristu eqiniso.)
Uma umuntu ephulukisiwe, ingabe kubaluleke ngempela ukuthi kwenziwa kanjani?
2 Thes. 2:9, 10: “Lowo [ongenamthetho] okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla [“zonke izinhlobo zemilingo,” JB], nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.”
Luka 9:24, 25: “Yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?”
Yiliphi ithemba elikhona lokuphulukiswa ngempela kukho konke ukugula?
IsAm. 21:1-4: “Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha; ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile, . . . azesule [uNkulunkulu] izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”
Isaya 25:8: “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade; iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.” (NesAmbulo 22:1, 2)
Isaya 33:24: “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.”
Uma Umuntu Ethi—
‘Uyakholelwa ekuphiliseni?’
Ungase uphendule: ‘Noma ubani ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu unamandla okuphilisa akalikholelwa iBhayibheli. Kodwa ngiye ngizibuze ukuthi abantu bakwenza ngendlela eqondile yini namuhla.’ Khona-ke mhlawumbe unganezela: (1) ‘Ake ngikufundele umbhalo, sibone ukuthi uzosiphawula yini isenzo esingafani nesosuku lwethu. (Math. 10:7, 8) . . . Ingabe uyakuphawula nawe okuthile lapha uJesu athi abafundi bakhe babeyokwenza kodwa abaphilisi banamuhla abaye bahluleka ukukwenza? (Abakwazi ukuvusa abafileyo.)’ (2) ‘Asibona abahluleli babanye abantu, kodwa kungokuphawulekayo ukuthi uMathewu 24:24 uphawula okuthile esidinga ukuba sikuxwaye.’
Noma ungase uthi: ‘Ngokuqinisekile ngiyakholelwa ukuthi lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphilisa kuyiqiniso. Kodwa noma ikuphi ukuphilisa okwenziwa kulesimiso sezinto kuletha izinzuzo zesikhashana kuphela, akunjalo? Ekugcineni sonke siyafa. Ingabe siyoke sibe khona isikhathi lapho wonke umuntu ophilayo eyojabulela impilo enhle futhi kungadingeki ukuba aphinde afe? (IsAm. 21:3, 4)’