Isahluko Seshumi Nesikhombisa
Ukubona Abakhulekeli Beqiniso Esikhathini Sokuphela
1. NgokukaDaniyeli isahluko 7, yiziphi izenzakalo ezingavamile ezaziyokwehlela iqembu elincane labantu abangenamandla okuzivikela osukwini lwethu?
IQEMBU elincane labantu abangenamandla okuzivikela lihlaselwa ngonya umbuso wezwe onamandla. Liyasinda lingabi namyocu lize lithole nokuvuselelwa—alisindi ngenxa yamandla alo kodwa ngenxa yokuthi uJehova uNkulunkulu uyalazisa. UDaniyeli isahluko 7 wazibikezela lezi zenzakalo ezenzeka ekuqaleni kwekhulu lama-20. Babengobani-ke nokho laba bantu? Sona lesi sahluko sikaDaniyeli sathi ‘bangabangcwele boPhezukonke,’ uJehova uNkulunkulu. Sembula nokuthi ekugcineni laba bantu bayohlanganyela njengababusi eMbusweni kaMesiya!—Daniyeli 7:13, 14, 18, 21, 22, 25-27.
2. (a) UJehova uzizwa kanjani ngezinceku zakhe ezigcotshiwe? (b) Iyiphi inkambo okungaba ukuhlakanipha ukuyilandela kulezi zikhathi?
2 Njengoba sifundile kuDaniyeli isahluko 11, inkosi yasenyakatho iyofinyelela esiphelweni sayo ngemva kokusongela izwe elilondekile elingokomoya lalaba bantu abathembekile. (Daniyeli 11:45; qhathanisa noHezekeli 38:18-23.) Yebo, uJehova akafuni lutho ngabagcotshiweyo bakhe. IHubo 105:14, 15 liyasitshela: “[UJehova] akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo, ethi: ‘Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.’” Awuvumi-ke yini ukuthi kulezi zikhathi zezinxushunxushu, kungaba ukuhlakanipha ‘ngesixuku esikhulu’ esandayo ukuba sizihlanganise eduze ngangokunokwenzeka nalaba abangcwele? (IsAmbulo 7:9; Zakariya 8:23) UJesu Kristu watusa ukuba abanjengezimvu benze lokho kanye—bazihlanganise nabafowabo abangokomoya abagcotshiwe ngokubasiza emsebenzini wabo.— Mathewu 25:31-46; Galathiya 3:29.
3. (a) Kungani kungelula ukuthola abalandeli bakaJesu abagcotshiwe nokuhlala eduze nabo? (b) UDaniyeli isahluko 12 uzosiza kanjani kulokhu?
3 Nokho, iSitha sikaNkulunkulu, uSathane, besilokhu silwa nabagcotshiwe. Siye sabhebhezela inkolo yamanga, saphumelela ekugcwaliseni umhlaba ngamaKristu-mbumbulu. Ngenxa yalokho, abantu abaningi baye badukiswa. Abanye bamane baphelelwe ithemba lokuthi bayoke babathole abantu abasenkolweni yeqiniso. (Mathewu 7:15, 21-23; IsAmbulo 12:9, 17) Ngisho nalabo abawutholayo ‘umhlambi omncane’ bazihlanganise nawo kumelwe balwe ukuze balondoloze ukholo, ngoba leli zwe lihlale lifuna ukuluqeda ukholo. (Luka 12:32) Kuthiwani ngawe? Usubatholile yini ‘abangcwele boPhezukonke,’ futhi ingabe usuzihlanganisile nabo? Ingabe uyabubona ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi labo obatholile ngempela yibo abakhethwe uNkulunkulu? Ubufakazi obunjalo bungaluqinisa ukholo lwakho. Bungakuhlomisela nokuba usize abanye baphume ekudidekeni okusezinkolweni zezwe lanamuhla. UDaniyeli isahluko 12 uqukethe ingcebo yalolu lwazi olusindisa ukuphila.
ISIKHULU ESIGQAMILEYO SITHATHA ISINYATHELO
4. (a) UDaniyeli 12:1 ubikezela ziphi izinto ezimbili ezicacile ngoMikayeli? (b) Encwadini kaDaniyeli, ngokuvamile kusuke kushiwo ukuthini ‘ngokuma’ kwenkosi?
4 UDaniyeli 12:1 ufundeka kanje: “Ngaleso sikhathi uMikayeli [“uyokuma,” NW] isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho.” Leli vesi libikezela lezi zinto ezimbili eziphawulekayo ngokuphathelene noMikayeli: eyokuqala, ukuthi ‘umile,’ okusikisela isimo esiqhubeka inkathi ethile yesikhathi; eyesibili, “uyokuma,” okusikisela isenzakalo sangaleyo nkathi yesikhathi. Okokuqala, sifuna ukwazi inkathi uMikayeli ‘ama’ ngayo ‘emela abantwana babantu [bakubo kaDaniyeli].’ Khumbula ukuthi igama elithi Mikayeli yigama uJesu alinikezwa uma kukhulunywa ngaye njengoMbusi wasezulwini. Uma kukhulunywa ‘ngokuma’ kwakhe sikhumbula indlela leli gama elisetshenziswa ngayo kwenye indawo encwadini kaDaniyeli. Ngokuvamile lisuke libhekisela esenzweni senkosi, njengokuthatha kwayo amandla ombuso.—Daniyeli 11:2-4, 7, 20, 21, qhathanisa ne-NW.
5, 6. (a) UMikayeli umi phakathi nayiphi inkathi yesikhathi? (b) UMikayeli ‘uyokuma’ nini futhi kanjani, bese iba yini imiphumela?
5 Kusobala ukuthi ingelosi lapha yayibhekisela enkathini yesikhathi okukhulunywa ngayo kwenye indawo esiprofethweni seBhayibheli. UJesu wayibiza ngokuthi “ukuba khona” kwakhe (ngesiGreki, pa·rou·si’a), lapho ayeyobe ebusa khona njengeNkosi ezulwini. (Mathewu 24:37-39) Le nkathi yesikhathi ibizwa nangokuthi “izinsuku zokugcina” nokuthi ‘isikhathi sokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1; Daniyeli 12:4, 9) Selokhu le nkathi yaqala ngo-1914, uMikayeli ubemile njengeNkosi yasezulwini.—Qhathanisa no-Isaya 11:10; IsAmbulo 12:7-9.
6 ‘Uyokuma’ nini-ke kodwa uMikayeli? Lapho ephakama ngenjongo yokuthatha isinyathelo esikhethekile. UJesu uzokwenza esikhathini esizayo lokhu. IsAmbulo 19:11-16, ngokwesiprofetho sichaza uJesu ngokuthi uyiNkosi enguMesiya, enamandla, egibele ihhashi, ehola ibutho lezingelosi futhi ebhubhisa izitha zikaNkulunkulu. UDaniyeli 12:1 uyaqhubeka: “Kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi.” Njengoba enguMkhiphi-sahlulelo Omkhulu omiswe uJehova, uKristu uyoqeda sonke lesi simiso sezinto phakathi ‘nosizi olukhulu’ olubikezelwe.—Mathewu 24:21; Jeremiya 25:33; 2 Thesalonika 1:6-8; IsAmbulo 7:14; 16:14, 16.
7. (a) Bonke abathembekile bayoba naliphi ithemba phakathi ‘nesikhathi sokuhlupheka’ esizayo? (b) Iyini incwadi kaJehova, futhi kungani kusemqoka ukuba sitholakale kuyo?
7 Abantu ababonisa ukholo kuyobahambela kanjani phakathi nalesi sikhathi sobumnyama? UDaniyeli wabuye watshelwa: “Ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.” (Qhathanisa noLuka 21:34-36.) Iyini le ncwadi? Ngokuyinhloko, ifanekisela isenzo sikaJehova uNkulunkulu sokukhumbula labo abenza intando yakhe. (Malaki 3:16; Heberu 6:10) Labo abalotshwe kule ncwadi yokuphila bangabantu abalondeke kunabo bonke emhlabeni, ngoba bathola isivikelo saphezulu. Noma bangehlelwa yini, iyolungiswa nakanjani. Ngisho noma bangaficwa ukufa singakafiki lesi sikhathi esizayo “sokuhlupheka,” bahlala bephephile enkumbulweni kaJehova engenamkhawulo. Uyobakhumbula futhi abavuse phakathi nokuBusa KukaJesu Kristu Kweminyaka Eyinkulungwane.—IzEnzo 24:15; IsAmbulo 20:4-6.
ABANGCWELE ‘BAYAVUKA’
8. UDaniyeli 12:2 unikeza liphi ithemba elenamisayo?
8 Ithemba lovuko liyaduduza ngempela. UDaniyeli 12:2 ukhuluma ngalo, ethi: “Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.” (Qhathanisa no-Isaya 26:19.) La mazwi angase asikhumbuze isithembiso sikaJesu Kristu esishukumisayo sovuko. (Johane 5:28, 29) Yeka ithemba elivusa amadlingozi! Cabanga nje ngabangane abathandekayo namalungu emikhaya—abafileyo manje—benikezwa ithuba lokuphinde baphile esikhathini esizayo! Kodwa lesi sithembiso esisencwadini kaDaniyeli ngokuyinhloko sibhekisela kolunye uhlobo lovuko—uhlobo oselwenzekile kakade. Kanjani?
9. (a) Kungani kunengqondo ukulindela ukuba uDaniyeli 12:2 agcwaliseke ezinsukwini zokugcina? (b) Lesi siprofetho sibhekisela kuluphi uhlobo lovuko, futhi sazi kanjani?
9 Cabangela umongo. Njengoba sesibonile, ivesi lokuqala lesahluko 12 alisebenzi kuphela ekupheleni kwalesi simiso sezinto kodwa nakuyo yonke inkathi yezinsuku zokugcina. Eqinisweni, ingxenye enkulu yalesi sahluko igcwaliseka phakathi nesikhathi sokuphela, hhayi epharadesi lasemhlabeni elizayo. Ingabe luye lwaba khona uvuko phakathi nale nkathi? Umphostoli uPawulu wabhala ngovuko ‘lwalabo abangabakaKristu’ wathi lwenzeka “phakathi nokuba khona kwakhe.” Nokho, labo abavuselwa ekuphileni ezulwini bavuswa “benokungonakali.” (1 Korinte 15:23, 52) Akekho noyedwa kubo ovuselwa “ihlazo nokunengwa okuphakade” okwabikezelwa kuDaniyeli 12:2. Lukhona yini olunye uhlobo lovuko? EBhayibhelini, ngezinye izikhathi uvuko luba ngomqondo ongokomoya. Ngokwesibonelo, encwadini kaHezekeli neyesAmbulo kunezindima ezingokwesiprofetho ezisebenza ekuvuselelweni okungokomoya noma uvuko.—Hezekeli 37:1-14; IsAmbulo 11:3, 7, 11.
10. (a) Insali egcotshiwe yavuswa ngamuphi umqondo esikhathini sokuphela? (b) Abanye babagcotshiwe abavuselelwa bavuselwa kanjani ‘ehlazweni nasekunengweni okuphakade’?
10 Ingabe kwenzekile ukuvuselelwa ngokomoya okunjalo kwezinceku ezigcotshiwe zikaNkulunkulu esikhathini sokuphela? Yebo! Kuyiqiniso elingokomlando ukuthi ngo-1918 insali encane yamaKristu athembekile yahlaselwa ngendlela engakaze ibonwe, kwaphazamiseka inkonzo yayo yasobala ehlelekile. Kwathi ngo-1919 yavuka qingqó ngomqondo ongokomoya, nakuba kwakungabonakali kungenzeka. La maqiniso afanelana nencazelo yovuko eyabikezelwa kuDaniyeli 12:2. Abanye ‘bavuka’ ngokomoya ngaleso sikhathi nakamuva. Kuyadabukisa nokho ukuthi akubona bonke abahlala besesimweni sokuphila ngokomoya. Labo okwathi sebevusiwe bakhetha ukuyilahla iNkosi enguMesiya nabashiya inkonzo kaNkulunkulu bazilethela ‘ihlazo nokunengwa okuphakade’ okuchazwe kuDaniyeli 12:2. (Heberu 6:4-6) Nokho, abagcotshiwe abathembekile bayisekela ngobuqotho iNkosi enguMesiya, besisebenzisa kahle isimo sabo sokuvuselelwa ngokomoya. Ekugcineni, ukuthembeka kwabo kuholela ‘ekuphileni okuphakade,’ njengoba kusho isiprofetho. Namuhla, ubungqabavu babo obungokomoya naphezu kokuphikiswa kuyasisiza sibabone ukuthi bangobani.
‘BAKHANYA NJENGEZINKANYEZI’
11. Obani “abahlakaniphileyo” namuhla, futhi bakhanya njengezinkanyezi ngamuphi umqondo?
11 Amavesi amabili alandelayo kaDaniyeli isahluko 12 asisiza nakakhulu ukuba sibone ‘abangcwele boPhezukonke.’ Evesini lesithathu ingelosi itshela uDaniyeli: “Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.” Obani “abahlakaniphileyo” namuhla? Ubufakazi bukhomba bona laba ‘abangcwele boPhezukonke.’ Angithi iyona insali yabagcotshiwe abathembekile eyaqonda ukuthi uMikayeli, iSikhulu Esigqamileyo, waqala ukuma njengeNkosi ngo-1914? Ngokushumayela amaqiniso anjengalawa—nangokulondoloza ukuziphatha kobuKristu—ibilokhu ‘ikhanya njengezinkanyiso’ kuleli zwe elisebumnyameni obungokomoya. (Filipi 2:15; Johane 8:12) Ngokuqondene nayo, uJesu waprofetha: “Ngalesosikhathi abalungileyo bayokhanya ngokukhazimulayo njengelanga embusweni kaYise.”—Mathewu 13:43.
12. (a) Esikhathini sokugcina, abagcotshiwe baye bahileleka kanjani ‘ekuletheni abaningi ekulungeni’? (b) Abagcotshiwe bayobaletha kanjani abaningi ekulungeni futhi ‘bakhanye njengezinkanyezi’ phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane?
12 UDaniyeli 12:3 usitshela nangohlobo lomsebenzi la maKristu ayeyobe ewenza esikhathini sokuphela. Ayobe ‘ephendulela abaningi ekulungeni.’ Insali egcotshiwe yaqala ngokubutha inani elalisele lezindlalifa ezikanye noKristu ezingu-144 000. (Roma 8:16, 17; IsAmbulo 7:3, 4) Lapho usuphothuliwe lo msebenzi—cishe maphakathi neminyaka yawo-1930—yaqala ukubutha “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu.’ (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Naso sibonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu. Ngakho-ke, sinokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova. Njengoba sibalelwa ezigidini namuhla, siyalazisa ithemba lokusinda ekubhujisweni okuzayo kwaleli zwe elonakele. Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, uJesu namakhosi nabapristi akanye nabo abangu-144 000 bayosebenzisa izinzuzo ezigcwele zesihlengo esintwini esilalelayo emhlabeni, ngaleyo ndlela basize bonke labo ababonisa ukholo ukuba bavuthulule yonke iminonjana yokugcina yesono abasizuza njengefa ku-Adamu. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 7:13, 14; 20:5, 6) Ngomqondo ophelele, abagcotshiwe bayobe sebehlanganyela ‘ekuphenduleleni abaningi ekulungeni’ futhi ‘bayokhanya njengezinkanyezi’ ezulwini. Ingabe uyalazisa ithemba lokuphila emhlabeni ngaphansi kukahulumeni wasezulwini okhazimulayo ophethwe uKristu nababusi abakanye naye? Yeka ilungelo okuyilo ukuhlanganyela ‘nabangcwele’ ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu!—Mathewu 24:14.
‘BEHLA BENYUKA’
13. Amazwi encwadi kaDaniyeli anamatheliswa futhi enziwa imfihlo ngamuphi umqondo?
13 Isimemezelo sengelosi kuDaniyeli, esaqala emuva kuDaniyeli 10:20, manje siphetha ngala mazwi ajabulisa inhliziyo: “Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.” (Daniyeli 12:4) Okuningi kwalokho uDaniyeli aphefumulelwa ukuba akubhale ngempela kwagcinwa kuyimfihlo futhi kwanamatheliswa ukuze abantu bangakuqondi. Phela, kamuva uDaniyeli ngokwakhe wabhala: “Ngakuzwa, kepha angiqondanga.” (Daniyeli 12:8) Ngalo mqondo, incwadi kaDaniyeli yahlala inamathelisiwe amakhulu amaningi eminyaka. Kuthiwani ngesikhathi sanamuhla?
14. (a) Phakathi ‘nesikhathi sokugcina,’ obani abaye ‘behla benyuka,’ futhi kuphi? (b) Yibuphi ubufakazi bokuthi uJehova uye wakubusisa lokhu ‘kwehla nokwenyuka’?
14 Sinelungelo ngokuphila ‘esikhathini sokugcina’ esabikezelwa encwadini kaDaniyeli. Njengoba kwaprofethwa, abaningi abathembekile baye ‘behla benyuka’ eZwini likaNkulunkulu. Umphumela ube yini? Ngesibusiso sikaJehova, ulwazi lweqiniso luye lwaba luningi. OFakazi BakaJehova abathembekile abagcotshiwe baye babusiswa ngokuqonda okubenza bakwazi ukuqonda ukuthi iNdodana yomuntu yaba iNkosi ngo-1914, bakwazi ukubona izilo zesiprofetho sikaDaniyeli nokuxwayisa ‘ngesinengiso esichithayo’—futhi lezi yizibonelo ezimbalwa nje. (Daniyeli 11:31) Khona-ke, lolu lwazi oluningi lungolunye uphawu ‘lwabangcwele boPhezukonke.’ Kodwa uDaniyeli wathola ubufakazi obengeziwe.
‘BAYAPHOHLOZWA’
15. Ingelosi ibuza muphi umbuzo manje, futhi ungase usikhumbuze bani?
15 Sizokhumbula ukuthi uDaniyeli wathola le miyalezo ezingelosini esosebeni ‘lomfula omkhulu’ iHidekeli, owaziwa nangokuthi iTigris. (Daniyeli 10:4) Manje usebona izidalwa ezintathu ezisazingelosi abese ethi: “Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya. Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: ‘Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?’” (Daniyeli 12:5, 6) Lo mbuzo obuzwa yingelosi lapha ungase uphinde usikhumbuze ‘abangcwele boPhezukonke.’ Ekuqaleni ‘kwesikhathi sokugcina,’ ngo-1914, wawubakhathaza kakhulu umbuzo othi kwakuzodlula isikhathi esingakanani andukuba izithembiso zikaNkulunkulu zigcwaliseke. Ukuthi yibo okugxilwe kubo kulesi siprofetho kucaciswa yimpendulo yalo mbuzo.
16. Yisiphi isiprofetho esishiwo yingelosi, futhi ikugcizelela kanjani ukuthi siyogcwaliseka nakanjani?
16 Ukulandisa kukaDaniyeli kuyaqhubeka: “Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.” (Daniyeli 12:7) Lena indaba ebaluleke ngempela. Ingelosi ifunga ngokuphakamisa izandla zombili, mhlawumbe ukuze zibone lezi zingelosi ezimbili ezingapha nangapha komfula obanzi. Ngaleyo ndlela igcizelela ukuthi lesi siprofetho siyogcwaliseka nakanjani. Nokho, zinini lezi zikhathi ezimisiwe? Ukuthola impendulo akunzima njengoba ungase ucabange.
17. (a) Yikuphi ukufana okutholakala eziprofethweni ezikuDaniyeli 7:25, Daniyeli 12:7 nakusAmbulo 11:3, 7, 9? (b) Zinde kangakanani izikhathi ezintathu nengxenye?
17 Lesi siprofetho sifana ngendlela emangalisayo nezinye ezimbili. Esinye, esaxoxa ngaso eSahlukweni 9 sale ncwadi, sitholakala kuDaniyeli 7:25; kanti esinye sitholakala kusAmbulo 11:3, 7, 9. Phawula ezinye izinto ezifana ngazo. Zombili zisebenza phakathi nesikhathi sokuphela. Zombili zithinta izinceku zikaNkulunkulu ezingcwele, ziziveza zishushiswa futhi zihluleka ukufeza umsebenzi wazo wokushumayela obala okwesikhashana. Isiprofetho ngasinye siphawula ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ziyavuseleleka bese ziqala umsebenzi wazo kabusha, okujabhisa abashushisi bazo. Futhi ngasinye siveza ubude balesi sikhathi sobunzima ababezobhekana nabo abangcwele. Zombili iziprofetho ezikuDaniyeli (7:25 no-12:7) zikhuluma ‘ngesikhathi, izikhathi, nengxenye yesikhathi.’ Ngokuvamile izazi zithi lokhu kusho izikhathi ezintathu nengxenye. IsAmbulo sikhuluma ngenkathi efanayo ngokuthi iyizinyanga ezingu-42, noma izinsuku ezingu-1 260. (IsAmbulo 11:2, 3) Lokhu kugcizelela ukuthi izikhathi ezintathu nengxenye ezikuDaniyeli zibhekisela eminyakeni emithathu nengxenye enezinsuku ezingu-360 umunye. Kodwa zaqala nini lezi zinsuku ezingu-1 260?
18. (a) NgokukaDaniyeli 12:7, yini eyoba uphawu lokuphela kwezinsuku ezingu-1 260? (b) “Amandla abangcwele” agcina ephohlozwe nini, futhi kwenzeka kanjani lokhu? (c) Zaqala nini izinsuku ezingu-1 260, futhi abagcotshiwe ‘baprofetha’ kanjani “bembethe indwangu yesaka” phakathi naleyo nkathi?
18 Lesi siprofetho siyakhanyisa ukuthi izinsuku ezingu-1 260 zaziyophela nini—lapho “sebeqedile ukuphohloza amandla abangcwele.” Maphakathi no-1918, amalungu aholayo e-Watch Tower Bible and Tract Society, kanye nomongameli wayo uJ. F. Rutherford, bamangalelwa ngamacala amanga, bagwetshwa isikhathi eside bevalelwe futhi beboshiwe. Abangcwele bakaNkulunkulu ngempela babona umsebenzi wabo ‘uphohlozwa,’ amandla abo eqedwa. Uma sibala iminyaka emithathu nengxenye sisuka maphakathi no-1918 sihlehle, sifika ekupheleni kuka-1914. Ngaleso sikhathi iqembu elincane labagcotshiwe lalizilungiselela ukushushiswa ngonya. IMpi Yezwe I yayisigqashukile, futhi kwakwanda ukuphikiswa komsebenzi wabo. Ngonyaka ka-1915, baze basekela itekisi labo lonyaka kulo mbuzo uKristu awubuza abalandeli bakhe: “Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?” (Mathewu 20:22, King James Version) Njengoba kwabikezelwa kusAmbulo 11:3, inkathi yezinsuku ezingu-1 260 eyalandela yayiyinkathi yokuzila kwabagcotshiwe—kwakungathi baprofetha begqoke indwangu yesaka. Ukushushiswa kwashuba. Abanye baboshwa, abanye bahlaselwa amaqembu ezichwensi, kanti abanye bahlukunyezwa. Abaningi baphuka umoya ngokufa kukamongameli wokuqala weNhlangano, uC. T. Russell, ngo-1916. Kodwa yini eyayizokwenzeka ngemva kokuphela kwalesi sikhathi sefu elimnyama ngokuqedwa kwalaba abagcotshiwe njengenhlangano eshumayelayo?
19. Isiprofetho esikusAmbulo isahluko 11 sisiqinisekisa kanjani ngokuthi abagcotshiwe babengeke bathuliswe isikhathi eside?
19 Isiprofetho esifuze lesi esikusAmbulo 11:3, 9, 11 sibonisa ukuthi ngemva kokubulawa ‘kofakazi ababili,’ bádindiliza inkathi yesikhathi emfushane—izinsuku ezintathu nengxenye—kwaze kwaba yilapho bevuselelwa khona. Ngokufanayo, isiprofetho esikuDaniyeli isahluko 12 sibonisa ukuthi abangcwele babengeke baqhubeke bethule kodwa babenomsebenzi owengeziwe phambi kwabo.
‘BAYAHLANZWA, BENZIWE MHLOPHE, BACWENGISISWE’
20. Ngokusho kukaDaniyeli 12:10, yiziphi izibusiso ezaziyotholwa abagcotshiwe ngemva kwezehlakalo ezinzima ezazibehlele?
20 Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uDaniyeli wazibhala lezi zinto kodwa wayengaziqondi. Noma kunjalo, kumelwe ukuba wayezibuza ukuthi abangcwele babezophelela ezandleni zabashushisi babo yini, ngoba wabuza, “Ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?” Ingelosi yaphendula: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina. Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.” (Daniyeli 12:8-10) Kwakunethemba eliqinisekile ngabangcwele! Kunokuba babhujiswe, babeyokwenziwa mhlophe, babusiswe ngokuma okuhlanzekile phambi kukaJehova uNkulunkulu. (Malaki 3:1-3) Ukuqonda kwabo izinto ezingokomoya kwakuyobenza bahlale behlanzekile emehlweni kaNkulunkulu. Ngokuphambene, ababi babeyonqaba ukuqonda izinto ezingokomoya. Kodwa kwakuyokwenzeka nini konke lokhu?
21. (a) Inkathi yesikhathi ebikezelwe kuDaniyeli 12:11 yayiyoqala uma sekwenzeke miphi imibandela? (b) Wawuyini “umnikelo oshiswa imihla yonke,” futhi wasuswa nini? (Bheka ibhokisi elisekhasini 298.)
21 UDaniyeli watshelwa: “Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.” Ngakho le nkathi yesikhathi yayizoqala lapho sekugcwaliseke imibandela ethile. ‘Umnikelo oshiswa imihla yonke’—noma “umhlatshelo ongapheli”a—kwakuyodingeka ususwe. (Daniyeli 12:11, umbhalo waphansi we-NW) Yimuphi lo mhlatshelo owawushiwo yingelosi? Akuwona umhlatshelo wezilwane onikelwa kunoma yiliphi ithempeli lasemhlabeni. Angithi ngisho nethempeli elake laba seJerusalema lalimane ‘liyisiboniselo sokungokoqobo’—ithempeli likaJehova elikhulu elingokomoya, elaqala ukusebenza ngesikhathi uKristu eba umPristi Ophakeme ngo-29 C.E.! Kuleli thempeli elingokomoya, elifanekisela ilungiselelo likaNkulunkulu lokukhulekela okumsulwa, asikho isidingo seminikelo yesono eqhubekayo, ngoba ‘uKristu wanikelwa kanye kwaba kuphela ukuze athwale izono zabaningi.’ (Heberu 9:24-28) Noma kunjalo, wonke amaKristu eqiniso ayanikela ngemihlatshelo kuleli thempeli. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngaye [uKristu] masinikeleni ngaso sonke isikhathi kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa, okuwukuthi, isithelo sezindebe ezivuma obala igama lakhe.” (Heberu 13:15) Ngakho lo mbandela wokuqala walesi siprofetho—ukususwa ‘komnikelo oshiswa imihla yonke’—wagcwaliseka maphakathi no-1918 lapho umsebenzi wokushumayela umiswa okwesikhashana.
22. (a) Siyini “isinengiso” esichithayo, futhi samiswa nini? (b) Yaqala nini inkathi yesikhathi eyabikezelwa kuDaniyeli 12:11, futhi yaphela nini?
22 Kuthiwani-ke ngombandela wesibili—‘ukumiswa,’ noma ukubekwa, “kwesinengiso esichithayo”? Njengoba sibonile engxoxweni yethu kaDaniyeli 11:31, lesi sinengiso kwaqale kwaba iNhlangano Yezizwe, sabuye savela kamuva sesiyiZizwe Ezihlangene. Zombili ziyisinengiso ngoba ziye zadunyiswa ngokuthi ziwukuphela kwethemba lokuthula emhlabeni. Ngaleyo ndlela, ezinhliziyweni zabantu abaningi, lezi zinhlangano empeleni zithatha isikhundla soMbuso kaNkulunkulu! Le Nhlangano yahlongozwa ngokusemthethweni ngo-January 1919. Khona-ke, ngaleso sikhathi yomibili le mibandela kaDaniyeli 12:11 yagcwaliseka. Ngakho izinsuku ezingu-1 290 zaqala ekuqaleni kuka-1919 zaqhubeka kwaze kwaba sekwindla (Enhla Nenkabazwe) ka-1922.
23. Abangcwele bakaNkulunkulu bathuthukela kanjani ekumeni okuhlanzekile phakathi nezinsuku ezingu-1 290 ezabikezelwa kuDaniyeli isahluko 12?
23 Ngaleso sikhathi, ingabe abangcwele bathuthuka baba mhlophe futhi bahlanzeka phambi kukaNkulunkulu? Impela! Ngo-March 1919 umongameli we-Watch Tower Society nabangane bakhe bakhululwa ejele. Kamuva asulwa amacala amanga ababethweswe wona. Beqaphela ukuthi umsebenzi wabo wawungakapheli, baba matasa zisuka nje, bahlela ukuba kube nomhlangano ngo-September 1919. Ngawo lowo nyaka, kwanyatheliswa okokuqala umagazini owumngane we-Watch Tower. Njengoba ekuqaleni wawubizwa ngokuthi i-Golden Age (manje i-Phaphama!), ubulokhu usiza INqabayokulinda ekudaluleni ngesibindi ukukhohlakala kwaleli zwe nasekusizeni abantu bakaNkulunkulu ukuba bahlale behlanzekile. Lapho kuphela izinsuku ezingu-1 290 ezazibikezelwe, abangcwele base bekufinyelele ukuma okuhlanzekile futhi bebuyiselwe. Ngo-September 1922, ngaso kanye isikhathi eyaphela ngaso le nkathi, baqhuba umhlangano oyingqopha-mlando eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A. Wafaka umfutho omkhulu emsebenzini wokushumayela. Nokho, kwakusenesidingo sokuthuthuka ngokwengeziwe. Kwakuzokwenzeka ngenkathi elandelayo ephawulekayo.
INTOKOZO YABANGCWELE
24, 25. (a) Iyiphi inkathi yesikhathi ebikezelwa kuDaniyeli 12:12, futhi kubonakala sengathi yaqala nini futhi yaphela nini? (b) Sasiyini isimo esingokomoya sensali egcotshiwe ekuqaleni kwezinsuku ezingu-1 335?
24 Ingelosi kaJehova iphetha isiprofetho sayo esiphathelene nabangcwele ngala mazwi: “[“Uyajabula,” NW] olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.” (Daniyeli 12:12) Ingelosi ayisitsheli ukuthi le nkathi iqala futhi iphele nini. Umlando usikisela ukuthi ilandela inkathi eyandulele. Uma kunjalo yaqala ekwindla ka-1922 kwaze kwaba ngasekupheleni kwentwasahlobo ka-1926 (Enhla Nenkabazwe). Ingabe abangcwele baba sesimweni sentokozo ekupheleni kwaleyo nkathi? Yebo, ngezindlela ezingokomoya ezibalulekile.
25 Ngisho nangemva komhlangano ngo-1922 (osekhasini 302), abanye babangcwele bakaNkulunkulu babesabheka esikhathini esidlule ngokulangazela. Izincwadi eziyinhloko zokufunda emihlanganweni yabo kwakuseyiBhayibheli nemiqulu ethi Studies in the Scriptures, kaC. T. Russell. Ngaleso sikhathi, kwakunombono owawusakazekile wokuthi u-1925 kwakuwunyaka wokuqala kovuko nowokubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni. Ngakho abaningi babekhonza benosuku oluthile engqondweni. Abanye ngokuziqhenya benqaba ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela obala. Lesi simo sasingajabulisi.
26. Njengoba izinsuku ezingu-1 335 ziqhubeka, sashintsha saba njani isimo esingokomoya sabagcotshiwe?
26 Kodwa njengoba izinsuku ezingu-1 335 zaziqhubeka, konke lokhu kwaqala ukushintsha. Ukushumayela kwaba yinto ephambili, njengoba kwakwenziwa amalungiselelo okuba wonk’ umuntu abe neqhaza enkonzweni yasensimini. Kwahlelwa imihlangano ukuze kufundwe INqabayokulinda isonto ngalinye. Umagazini (wesiNgisi) ka-March 1, 1925, wawunesihloko esaqopha umlando esithi “Ukuzalwa Kwesizwe,” esenza abantu bakaNkulunkulu bakuqonda ngokugcwele lokho okwenzeka ngenkathi ka-1914-19. Ngemva kuka-1925, abangcwele ababange besakhonza uNkulunkulu benombono wosuku oluthile olugaguliwe. Kunalokho, ukungcweliswa kwegama likaJehova kwaba semqoka. Leli qiniso elibalulekile laqokonyiswa kunanini ngaphambili kuyi-Nqabayokulinda (yesiNgisi) ka-January 1, 1926, esihlokweni esithi “Ubani Oyodumisa UJehova?” Emhlanganweni wango-May 1926, kwakhululwa incwadi ethi Deliverance. (Bheka ikhasi 302.) Le ncwadi yayingezinye eziwuchungechunge ezaziklanyelwe ukuthatha indawo yethi Studies in the Scriptures. Abangcwele babengasabhekile esikhathini esidlule. Ngokuqiniseka babebheke esikhathini esizayo nasemsebenzini owawubahlalele. Njengoba kwakuprofethiwe, izinsuku ezingu-1 335 zaphela abangcwele besesimweni sentokozo.
27. Ukuhlola uDaniyeli isahluko 12 kusisiza kanjani ukuba sibone ngaphandle kokudideka ukuthi abagcotshiwe bakaJehova bangobani?
27 Yebo, akubona bonke abakhuthazela kule nkathi yeziyaluyalu. Ngokungangabazeki yingakho ingelosi yayigcizelele ukubaluleka ‘kokulinda.’ Labo abakhuthazela futhi bahlala belindile babusiswa kakhulu. Ukuhlola isahluko 12 sikaDaniyeli kukwenza kucace lokhu. Njengoba kwabikezelwa, abagcotshiwe bavuselelwa, noma bavuswa, ngomqondo ongokomoya. Benziwa baliqonda ngendlela evelele iZwi likaNkulunkulu, banikwa amandla ‘okwehla benyuka’ kulo, futhi beqondiswa umoya ongcwele, bembula izimfihlakalo ezindala. UJehova wabahlanza futhi wabacwebezelisa ngokomoya, bakhanya kuhle kwezinkanyezi. Ngenxa yalokho, benza abaningi baba nokuma okulungile noJehova uNkulunkulu.
28, 29. Yini okufanele sizimisele ukuyenza njengoba ‘isikhathi sokugcina’ sisondela ekupheleni?
28 Njengoba sinazo zonke lezi zimpawu ezingokwesiprofetho zokubona ‘abangcwele boPhezukonke,’ zikhona yini izaba zokuhluleka ukubabona ukuze sizihlanganise nabo? Isixuku esikhulu, esihlanganyela nalesi sigaba esinciphayo sabagcotshiwe ekukhonzeni uJehova, silindelwe yizibusiso ezimangalisayo. Sonke kumelwe sihlale silindele ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. (Habakuki 2:3) Osukwini lwethu uMikayeli, iSikhulu Esigqamileyo, sekungamashumi eminyaka emele abantu bakaNkulunkulu. Maduze nje uzothatha isinyathelo njengomkhiphi wesahlulelo saphezulu omiselwe ukwahlulela lesi simiso sezinto. Lapho ekhipha isahlulelo, kuyokwenzekani ngathi?
29 Impendulo yalowo mbuzo iyoxhomeka ekutheni sikhetha ukuphila ukuphila okuqotho yini manje noma cha. Ukuze siqinise ukuzimisela kwethu ukwenza kanjalo njengoba ‘isikhathi sokugcina’ sisondela ekupheleni, masicabangele ivesi lokugcina lencwadi kaDaniyeli. Lapho sixoxa ngalo esahlukweni esilandelayo sizosizakala sibone indlela uDaniyeli ama ngayo phambi kukaNkulunkulu nendlela ayokuma ngayo phambi kwaKhe esikhathini esizayo.
[Umbhalo waphansi]
a Kuyi-Septuagint yesiGreki kuhunyushwe ngokuthi nje “umhlatshelo.”
YINI OYIZUZILE?
• UMikayeli ‘umi’ phakathi nayiphi inkathi yesikhathi, futhi ‘uyokuma’ kanjani futhi nini?
• UDaniyeli 12:2 ubhekisela kuluphi uhlobo lovuko?
• Yiziphi izinsuku okwaqala futhi kwaphela ngazo
izikhathi ezintathu nengxenye okukhulunywa ngazo kuDaniyeli 12:7?
izinsuku ezingu-1 290 ezabikezelwa kuDaniyeli 12:11?
izinsuku ezingu-1 335 okwaprofethwa ngazo kuDaniyeli 12:12?
• Ukunaka uDaniyeli isahluko 12 kusisiza kanjani ukuba sibone abakhulekeli bakaJehova beqiniso?
[Ibhokisi ekhasini 298]
UKUSUSWA KOMNIKELO OSHISWA IMIHLA YONKE
Encwadini kaDaniyeli, inkulumo ethi “umnikelo oshiswa imihla yonke” ivela kahlanu. Isho umhlatshelo wokudumisa—“isithelo sezindebe”—esinikelwa yizinceku zikaJehova uNkulunkulu njalo kuye. (Heberu 13:15) Ukususwa kwawo okwabikezelwa kukhulunywa ngakho kuDaniyeli 8:11, 11:31 no-12:11.
Phakathi nazo zombili izimpi zezwe, abantu bakaJehova bashushiswa kanzima ezindaweni ‘zenkosi yasenyakatho’ ‘nezenkosi yaseningizimu.’ (Daniyeli 11:14, 15) Ukususwa ‘komnikelo oshiswa imihla yonke’ kwenzeka ngasekupheleni kweMpi Yezwe I ngesikhathi umsebenzi wokushumayela ucishe uma maphakathi no-1918. (Daniyeli 12:7) Phakathi neMpi Yezwe II, “umnikelo oshiswa imihla yonke” ‘wasuswa’ ngendlela efanayo nguMbuso WamaNgisi NamaMelika izinsuku ezingu-2 300. (Daniyeli 8:11-14; bheka iSahluko 10 sale ncwadi.) Wasuswa ‘nayizingalo’ zamaNazi inkathi yesikhathi engadalulwanga emiBhalweni.—Daniyeli 11:31; bheka iSahluko 15 sale ncwadi.
[Ishadi/Izithombe ekhasini 301]
INKATHI YEZIKHATHI EZINGOKWESIPROFETHO KUDANIYELI
Izikhathi eziyisikhombisa October 607 B.C.E. kuya
(iminyaka engu-2 520): ku-October 1914 C.E.
Daniyeli 4:16, 25 (UMbuso kaMesiya uyamiswa.
Bheka iSahluko 6 sale ncwadi.)
Izikhathi ezintathu nengxenye December 1914 kuya ku-June 1918
(Izinsuku ezingu-1 260): (AmaKristu agcotshiwe ayahlushwa.
Daniyeli 7:25; 12:7 Bheka iSahluko 9 sale ncwadi.)
Ubusuku obungu-2 300 June 1 noma 15, 1938, kuya
nemini: ku-October 8 noma 22, 1944
Daniyeli 8:14 (“Isixuku esikhulu” siyavela,
siyanda. Bheka iSahluko 10 sale
ncwadi.)
Amasonto angu-70 455 B.C.E. kuya ku-36 C.E.
(iminyaka engu-490): (Ukuza kukaMesiya nenkonzo
Daniyeli 9:24-27 yakhe yasemhlabeni.
Bheka iSahluko 11 sale ncwadi.)
Izinsuku ezingu-1 290: January 1919 kuya
Daniyeli 12:11 ku-September 1922
(AmaKristu agcotshiwe ayavuswa
futhi athuthuke ngokomoya.)
Izinsuku ezingu-1 335: September 1922 kuya ku-May 1926
Daniyeli 12:12 (AmaKristu agcotshiwe aba
sesimweni sentokozo.)
[Isithombe ekhasini 287]
Izinceku zikaJehova ezivelele zathunyelwa ngokungafanele ejele lamazwe ahlangene e-Atlanta, eGeorgia, e-U.S.A. Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: (abahlezi) u-A. H. Macmillan, uJ. F. Rutherford, uW. E. Van Amburgh; (abamile) uG. H. Fisher, uR. J. Martin, uG. DeCecca, uF. H. Robison noC. J. Woodworth
[Isithombe ekhasini 299]
Imihlangano eyingqopha-mlando yaqhutshwa eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A. ngo-1919 (ngenhla) nango-1922 (ngezansi)
[Isithombe esigcwele ikhasi 302]