Isahluko Sesine
Indlu KaJehova Iyaphakanyiswa
1, 2. Yimaphi amagama aqoshwe odongeni lwendawo yeZizwe Ezihlangene, futhi avelaphi?
“ZIYOKHANDA izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe izikele zokuthena izihlahla. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisafunda ukulwa.” La magama aqoshwe odongeni lwesakhiwo seZizwe Ezihlangene eNew York City. Sekungamashumi amaningi eminyaka ungashiwo umthombo wale ngcaphuno. Njengoba umgomo we-UN uwukusebenzela ukuthula komhlaba wonke, kwakulula ukuphetha ngokuthi le ngcaphuno yavela kubasunguli be-UN, ngo-1945.
2 Nokho, ngo-1975, igama elithi Isaya laqoshwa odongeni ngezansi kwale ngcaphuno. Khona-ke kwaba sobala ukuthi la mazwi awasungulwanga ezikhathini zanamuhla. Eqinisweni, alotshwa njengesiprofetho eminyakeni engu-2 700 edlule kulokhu manje okuyisahluko sesibili sencwadi ka-Isaya. Sekuyiminyaka eyizinkulungwane abathandi bokuthula bezibuza ukuthi izinto ezabikezelwa u-Isaya ziyokwenzeka kanjani futhi nini. Asisekho manje isidingo sokuzibuza. Namuhla sibona ukugcwaliseka okuphawulekayo kwalesi siprofetho sasendulo.
3. Zingobani lezi zizwe ezikhanda izinkemba zazo zibe amageja?
3 Zingobani lezi zizwe ezikhanda izinkemba zazo zibe amageja? Ngokuqinisekile, akuzona izizwe zezombangazwe nohulumeni banamuhla. Kuze kube manje lezi zizwe zilokhu zakha izinkemba, noma izikhali, ngenjongo yokuzama ukulondoloza “ukuthula” ngezikhwepha. Empeleni, ukuthambekela kuye kwaba ukuba izizwe zikhande amageja abe izinkemba! Isiprofetho sika-Isaya sigcwaliseka kubameleli abavela kuzo zonke izizwe, abantu abakhulekela uJehova, “uNkulunkulu wokuthula.”—Filipi 4:9.
Izizwe Ezigobhozela Ekukhulekeleni Okumsulwa
4, 5. Amavesi okuqala ka-Isaya isahluko 2 abikezelani, futhi yini egcizelela ukuba nokwethenjelwa kwalawo mazwi?
4 U-Isaya isahluko 2 uqala ngala mazwi: “Into u-Isaya indodana ka-Amozi ayibona embonweni ngokuphathelene noJuda neJerusalema: Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa ngokuqinile ngaphezu kwesiqongo sezintaba, futhi ngokuqinisekile iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma; futhi zonke izizwe ziyogobhozela kuyo.”—Isaya 2:1, 2.
5 Phawula ukuthi lokho u-Isaya akubikezelayo akukhona ukufunisela. U-Isaya uqondiswa ukuba abhale izenzakalo okumelwe zenzeke—nakanjani. Noma yini uJehova ayijongile ‘iyophumelela ngokuqinisekile.’ (Isaya 55:11) Ngokusobala, ukuze agcizelele ukuba nokwethenjelwa kwesithembiso sakhe, uNkulunkulu waphefumulela umprofethi uMika, owayephila ngesikhathi sika-Isaya, ukuba alobe encwadini yakhe isiprofetho esifana nesiku-Isaya 2:2-4.—Mika 4:1-3.
6. Sigcwaliseka nini isiprofetho sika-Isaya?
6 Siyogcwaliseka nini isiprofetho sika-Isaya? “Engxenyeni yokugcina yezinsuku.” I-New International Version ifundeka kanje: “Ezinsukwini zokugcina.” ImiBhalo YamaKristu YesiGreki yabikezela izici ezaziyokwenza ibonakale le nkathi. Phakathi kwazo kukhona izimpi, ukuzamazama komhlaba, izifo eziwumshayabhuqe, ukuntuleka kokudla ‘nezikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’a (2 Thimothewu 3:1-5; Luka 21:10, 11) Ukugcwaliseka kweziprofetho ezinjalo kunikeza ubufakazi obukhulu bokuthi siphila “engxenyeni yokugcina yezinsuku,” izinsuku zokugcina zalesi simiso sezwe samanje. Kunengqondo-ke ukuba silindele ukubona izinto ezabikezelwa u-Isaya zigcwaliseka esikhathini sethu.
Intaba Okumelwe Kukhulekelwe Kuyo
7. U-Isaya udweba muphi umfanekiso ongokwesiprofetho?
7 Ngamazwi ambalwa, u-Isaya udweba umfanekiso ogqamile ongokwesiprofetho. Sibona intaba ephakeme, phezu kwayo kunendlu ekhazimulayo, ithempeli likaJehova. Le ntaba yinde kunezintaba namagquma ayizungezile. Nokho, ayikwenzi ushaywe uvalo noma ikwesabise; iyakhanga. Abantu bazo zonke izizwe bafisa ukukhuphukela kule ntaba yendlu kaJehova; bagobhozela kuyo. Kulula ukukubona ngeso lengqondo lokhu, kodwa kusho ukuthini?
8. (a) Ngosuku luka-Isaya, amagquma nezintaba kuhlotshaniswa nani? (b) Kufanekiselani ukugobhozela kwezizwe ‘entabeni yendlu kaJehova’?
8 Ngosuku luka-Isaya amagquma nezintaba avame ukuhlotshaniswa nokukhulekela. Ngokwesibonelo, asetshenziswa njengezindawo zokukhulekela izithombe nezezindlu ezingcwele zawonkulunkulu bamanga. (Duteronomi 12:2; Jeremiya 3:6) Nokho, indlu kaJehova noma ithempeli lakhe, ihlobisa isiqongo seNtaba iMoriya eJerusalema. Ama-Israyeli athembekile aya eJerusalema kathathu ngonyaka, aqwale iNtaba iMoriya ayokhulekela uNkulunkulu weqiniso. (Duteronomi 16:16) Ngakho ukugobhozela kwezizwe ‘entabeni yendlu kaJehova’ kufanekisela ukubuthana kwabantu abaningi beze ekukhulekeleni kweqiniso.
9. Imelelani “intaba yendlu kaJehova”?
9 Yebo, namuhla abantu bakaNkulunkulu ababuthaneli entabeni engokoqobo enethempeli lamatshe. Ithempeli likaJehova eJerusalema labhujiswa amabutho amaRoma ngo-70 C.E. Ngalé kwalokho, umphostoli uPawulu wakwenza kwacaca ukuthi ithempeli laseJerusalema netabernakele elalandulelayo kwakufanekisela okuthile. Kwakumelela okuthile okungokomoya okukhulu ngokwengeziwe, ‘itende leqiniso, elamiswa uJehova, hhayi umuntu.’ (Heberu 8:2) Lelo thempeli elingokomoya liyilungiselelo lokukhulekela uJehova elisekelwe emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu. (Heberu 9:2-10, 23) Ngokuvumelana nalokhu, “intaba yendlu kaJehova” okukhulunywa ngayo ku-Isaya 2:2 imelela ukukhulekelwa kukaJehova okuphakeme nokumsulwa esikhathini sethu. Labo abamukela ukukhulekela okumsulwa ababuthaneli endaweni ethile engokoqobo; babuthana ngobunye ekukhulekeleni.
Ukuphakanyiswa Kokukhulekela Okumsulwa
10, 11. Ukukhulekelwa kukaJehova kuye kwaphakanyiswa ngamuphi umqondo osukwini lwethu?
10 Umprofethi uthi “intaba yendlu kaJehova,” noma ukukhulekela okumsulwa, ‘yayiyomiswa ngokuqinile ngaphezu kwesiqongo sezintaba’ futhi ‘iphakanyiswe ngaphezu kwamagquma.’ Kusasele isikhathi eside ngaphambi kwesikhathi sika-Isaya, iNkosi uDavide yaletha umphongolo wesivumelwano phezulu eNtabeni YaseZiyoni eJerusalema, eyayiphakeme ngamamitha angu-760 ukusuka olwandle. Lo mphongolo wahlala lapho waze wayiswa ethempelini elase liqediwe eNtabeni YaseMoriya. (2 Samuweli 5:7; 6:14-19; 2 IziKronike 3:1; 5:1-10) Ngakho, ngosuku luka-Isaya umphongolo ongcwele wawusuphakanyiswe ngokoqobo wabekwa ethempelini, endaweni ephakeme kunamagquma amaningi ayezungezile ayesetshenziselwa ukukhulekela kwamanga.
11 Yebo, ngomqondo ongokomoya, ukukhulekelwa kukaJehova bekulokhu kuphakeme kunemikhuba yenkolo yalabo abakhonza onkulunkulu bamanga. Nokho, osukwini lwethu, uJehova uye waphakamisa ukukhulekelwa kwakhe kwafinyelela phezulu ezulwini, kwadlula zonke izinhlobo zokukhulekela okungahlanzekile, yebo, kwaba ngaphezu kwawo wonke ‘amagquma nesiqongo sezintaba.’ Kanjani? Ikakhulu ngokubuthela ndawonye bonke labo abafuna ukumkhulekela “ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:23.
12. Obani “amadodana ombuso,” futhi yikuphi ukubutha okuye kwenzeka?
12 UKristu Jesu wabiza “isiphelo sesimiso sezinto” ngokuthi isikhathi sokuvuna lapho izingelosi ziyoqoqa khona “amadodana ombuso”—labo abanethemba lokubusa noJesu enkazimulweni yasezulwini. (Mathewu 13:36-43) Kusukela ngo-1919, uJehova uye wanika “abaseleyo” bala madodana amandla ukuze bahlanganyele nezingelosi emsebenzini wokuvuna. (IsAmbulo 12:17) Ngakho, kuqale kuqoqwe “amadodana ombuso,” abafowabo bakaJesu abagcotshiwe. Bese behlanganyela emsebenzini oqhubekayo wokuqoqa.
13. UJehova uyibusise kanjani insali egcotshiwe?
13 Phakathi nalesi sikhathi sokuvuna, uJehova uye waqhubeka esiza insali egcotshiwe ukuba iqonde futhi isebenzise iZwi lakhe, iBhayibheli. Nalokhu kuye kwaba neqhaza ekuphakanyisweni kokukhulekela okumsulwa. Nakuba ‘ubumnyama ngokwabo bumboza umhlaba nesigayegaye amaqembu ezizwe,’ abagcotshiwe ‘bakhanya njengezinkanyiso’ phakathi kwesintu, njengoba beye bahlanzwa futhi bacwengisiswa uJehova. (Isaya 60:2; Filipi 2:15) ‘Begcwele ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya,’ laba abagcotshiwe ‘bakhanya ngokukhazimulayo njengelanga embusweni kaYise.’—Kolose 1:9; Mathewu 13:43.
14, 15. Ngaphandle kokuqoqwa ‘kwamadodana ombuso,’ yikuphi ukuqoqwa okuye kwenziwa, futhi uHagayi wayekubikezele kanjani lokhu?
14 Ngaphezu kwalokho, nabanye baye bagobhozela ‘entabeni yendlu kaJehova.’ Njengoba uJesu ebabiza ngokuthi “ezinye izimvu,” banethemba lokuphila phakade epharadesi emhlabeni. (Johane 10:16; IsAmbulo 21:3, 4) Kusukela ngawo-1930, beza ngezinkulungwane, kwase kuba ngamakhulu ezinkulungwane futhi manje beza ngezigidi! Embonweni owanikezwa umphostoli uJohane, bachazwa ngokuthi “isixuku esikhulu okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.”—IsAmbulo 7:9.
15 Umprofethi uHagayi wabikezela ukuvela kwalesi sixuku esikhulu. Wabhala: “Yilokhu uJehova wamabutho akushilo, ‘Kusazoba kanye—yisikhashana nje—ngizamazamise amazulu nomhlaba nolwandle nomhlabathi owomile. Ngizozamazamisa zonke izizwe, futhi izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe [labo abahlanganyela namaKristu agcotshiwe ekukhulekeleni okumsulwa] nakanjani ziyongena; futhi ngizoyigcwalisa le ndlu ngenkazimulo,’ kusho uJehova wamabutho.” (Hagayi 2:6, 7) Ukuba khona kwalesi “sixuku esikhulu” esiqhubeka sanda, nabangane baso abagcotshiwe, kuphakamisa, yebo kukhazimulise, ukukhulekela okumsulwa endlini kaJehova. Akukaze nanini kubikwe abantu abaningi kangaka abamunye ekukhulekeleni uNkulunkulu weqiniso, futhi lokhu kuletha inkazimulo kuJehova naseNkosini yakhe ebekwe esihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu. INkosi uSolomoni yaloba: “Ngobuningi babantu kuba khona ukuhloba kwenkosi.”—IzAga 14:28.
Ukuphila Kwabantu Kuphakamisa Ukukhulekela
16-18. Yiziphi izinguquko abanye abazenzile ukuze bakhulekele uJehova ngokwamukelekayo?
16 UJehova ufanelwe yilo lonke udumo ngokuphakanyiswa kokukhulekela okumsulwa esikhathini sethu. Noma kunjalo, labo abaya kuye banelungelo lokuhlanganyela kulo msebenzi. Njengoba nje ukukhuphuka intaba kudinga umzamo, kudinga umzamo nokufunda izindinganiso zikaNkulunkulu zokulunga nokuphila ngazo. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, izinceku zikaNkulunkulu namuhla zishiye izindlela zokuphila nemikhuba engavumelani nokukhulekela kweqiniso. Izifebe, abakhonza izithombe, iziphingi, amasela, abantu abahahayo, izidakwa nabanye baye bashintsha izindlela zabo futhi ‘bagezwa bahlanzeka’ emehlweni kaNkulunkulu.—1 Korinte 6:9-11.
17 Okuhlobene nalokhu yisibonelo sentokazi ethile eyabhala: “Ngake ngaphelelwa yithemba. Ngangiziphatha kabi futhi ngidakwa. Nganginezifo zobulili. Ngangidayisa nezidakamizwa, ngingenandaba nalutho.” Ngemva kokufunda iBhayibheli yenza izinguquko ezinkulu ukuze izivumelanise nezindinganiso zikaNkulunkulu. Manje ithi: “Ngijabulela ukuthula kwengqondo, ukuzihlonipha, ithemba lekusasa, umkhaya wangempela, futhi okuhle kunakho konke, ngijabulela ubuhlobo noBaba wethu, uJehova.”
18 Ngisho nangemva kokuba nokuma okwamukelekayo phambi kukaNkulunkulu, sonke kumelwe siqhubeke siphakamisa ukukhulekela okumsulwa ngokukubeka phambili ekuphileni kwethu. Ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, uJehova, ngo-Isaya, wathi uyaqiniseka ukuthi namuhla kuyoba nezixuku ezizimisele ukwenza ukumkhulekela kube yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwazo. Ingabe uphakathi kwazo?
Abantu Abafundiswa Indlela KaJehova
19, 20. Abantu bakaNkulunkulu bafundiswani, futhi kuphi?
19 U-Isaya usitshela okwengeziwe ngalabo abamukela ukukhulekela okumsulwa namuhla. Uthi: “Izizwe eziningi ngokuqinisekile ziyohamba zithi: ‘Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; uzosifundisa ngezindlela zakhe, futhi sizohamba ezindleleni zakhe.’ Ngoba kuyophuma umthetho eZiyoni, nezwi likaJehova eJerusalema.”—Isaya 2:3.
20 UJehova akabayeki abantu bakhe bazulazule kuhle kwezimvu ezilahlekile. NgeBhayibheli nangezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ubanikeza “umthetho” wakhe “nezwi” lakhe ukuze bafunde izindlela zakhe. Lolu lwazi lubahlomisela ‘ukuhamba ezindleleni zakhe.’ Ngezinhliziyo ezigcwele ukwazisa nangokuvumelana nesiqondiso saphezulu, baxoxelana ngezindlela zikaJehova. Babuthana ndawonye emihlanganweni emikhulu nasemaqenjini amancane—emaHholo OMbuso nasemizini yabanye—ukuze bezwe futhi bafunde izindlela zikaNkulunkulu. (Duteronomi 31:12, 13) Ngaleyo ndlela balingisa isibonelo samaKristu okuqala, wona ayehlangana ndawonye ukuze akhuthazane futhi avuselelane ukuze akhule “othandweni nasemisebenzini emihle.”—Heberu 10:24, 25.
21. Yimuphi umsebenzi izinceku zikaJehova ezineqhaza kuwo?
21 Bamema abanye ukuba ‘bakhuphukele’ ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu okuphakeme. Yeka ukuthi lokhu kuvumelana kanjani nomyalo uJesu awunika abafundi bakhe ngaphambi nje kokuba anyukele ezulwini! Wabatshela: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Bethola ukusekelwa kwaphezulu, oFakazi BakaJehova bayalalela, baye emhlabeni wonke bafundise futhi benze abantu abafundi, bababhapathize.
Izinkemba Zibe Amageja
22, 23. Yini ebikezelwa u-Isaya 2:4, futhi esinye isikhulu se-UN sathini ngakho?
22 Manje siza evesini elilandelayo, ingxenye yalo eqoshwe odongeni lwesakhiwo se-UN. U-Isaya uyabhala: “Ngokuqinisekile uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe futhi aqondise izindaba ngokuqondene namaqembu amaningi abantu. Kuyomelwe zikhande izinkemba zazo zibe ngamageja nemikhonto yazo ibe izikele zokuthena imithi. Isizwe ngeke sisaphakamisela isizwe inkemba, futhi ngeke zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:4.
23 Kwakungeke kube yinto encane ukufeza lokhu. UFederico Mayor, umqondisi-jikelele we-United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization, wake wathi: “Bonke ububi bempi, obulethwa emizini yethu namuhla ngemishini yokubuka izinto, abubonakali bukwazi ukunqanda ukwanda kwezinhlelo ezinkulu zempi eziye zamiswa futhi zalondolozwa emakhulwini eminyaka adlule. Izizukulwane zanamuhla zinomsebenzi ongumyalo weBhayibheli cishe ezingenakuwenza ‘wokukhanda izinkemba zazo zibe amageja’ nokwenza ushintsho lokuyeka ukuthanda impi—ebilokhu ikhona kusukela endulo—zithande ukuthula. Ukufinyelela lokhu kungaba isenzo esihle kunazo zonke nesiphakeme kunazo zonke ‘umphakathi wembulunga yonke’ ongasenza, nefa elihle kunawo wonke ongalishiyela izizukulwane zethu.”
24, 25. Amazwi ka-Isaya agcwaliseka kobani, futhi ngayiphi indlela?
24 Izizwe zizonke azisoze zawufinyelela lo mgomo ophakeme. Uphakeme kakhulu kunazo. Amazwi ka-Isaya agcwaliswa abantu abavela ezizweni eziningi, abamunye ekukhulekeleni okumsulwa. UJehova uye ‘walungisa izindaba’ nabo. Ufundise abantu bakhe ukuba bahlalisane ngokuthula. Ngempela, ezweni elihlukene nelikhungethwe izingxabano, ngomqondo ongokomfanekiso, baye bakhanda ‘izinkemba zabo zaba amageja, nemikhonto yabo yaba izikele zokuthena imithi.’ Kanjani?
25 Phakathi kokunye, abathathi hlangothi ezimpini zezizwe. Ngaphambi nje kokufa kukaJesu, kwafika amadoda ahlomile ezombopha. Lapho uPetru egalela ngenkemba ukuze avikele iNkosi yakhe, uJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke labo abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Kusukela ngaleso sikhathi, abalandeli bezinyathelo zikaJesu baye bakhanda izinkemba zabo zaba amageja futhi baye benqaba ukuthatha izikhali ukuze babulale omunye umuntu nokusekela imizamo yempi ngezinye izindlela. ‘Baphishekela ukuthula nabantu bonke.’—Heberu 12:14.
Ukuphishekela Izindlela Zokuthula
26, 27. Abantu bakaNkulunkulu ‘bakufuna’ kanjani ‘ukuthula futhi bakuphishekele’? Nikeza isibonelo.
26 Ukuthula kwabantu bakaNkulunkulu kudlulela ngalé kokwenqaba ukuhlanganyela ezimpini. Nakuba betholakala emazweni angaphezu kuka-230 futhi bemelela izilimi namasiko amaningi, bajabulela ukuthula phakathi kwabo. Kubona kubonakala ukugcwaliseka kwanamuhla kwamazwi kaJesu, owathi kubafundi bakhe ekhulwini lokuqala: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Namuhla amaKristu “angabenzi bokuthula.” (Mathewu 5:9, umbhalo waphansi) ‘Afuna ukuthula akuphishekele.’ (1 Petru 3:11) Asekelwa uJehova, “uNkulunkulu onikeza ukuthula.”—Roma 15:33.
27 Kunezibonelo ezinhle kakhulu zalabo abaye bafunda ukuba abenzi bokuthula. Insizwa ethile ibhala ngokuphila kwayo isencane: “Ukuhlupheka kwangifundisa indlela yokuzilwela. Kwangenza ngaba lukhuni futhi ngangakuthanda ukuphila. Ngangihlale ngilwa njalo. Ngangilwa nezingane ezihlukahlukene zonke izinsuku endaweni yakithi, ngezinye izikhathi ngangizishaya ngenqindi, ngamatshe noma ngamabhodlela. Ngakhula nginobudlova kakhulu.” Nokho, ekugcineni yasamukela isimemo sokuya ‘entabeni yendlu kaJehova.’ Yafunda izindlela zikaNkulunkulu futhi yaba inceku kaNkulunkulu enokuthula.
28. Yini amaKristu angayenza ukuze aphishekele ukuthula?
28 Izinceku zikaJehova eziningi aziveli ezizindeni ezinobudlova kanjalo. Kodwa ngisho nasezintweni ezincane—izenzo zomusa, ukuthethelela nozwela—zilwela ukuthuthukisa ukuthula nabanye. Nakuba zingaphelele, zizama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli sokuba ‘ziqhubeke zibekezelelana futhi zithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye.’—Kolose 3:13.
Ikusasa Elinokuthula
29, 30. Kunaliphi ithemba ngomhlaba?
29 UJehova wenze into enhle kakhulu manje kule ‘ngxenye yokugcina yezinsuku.’ Kuzo zonke izizwe uqoqe abantu abafuna ukumkhonza. Ubafundise ukuhamba ezindleleni zakhe, izindlela zokuthula. Laba yilabo abayosinda “osizini olukhulu” oluzayo, badlulele emhlabeni omusha onokuthula lapho impi iyobe isiqedwe khona phakade.—IsAmbulo 7:14.
30 Izinkemba—izikhali—ziyobe zingasekho. Umhubi wabhala ngokuphathelene naleso sikhathi: “Wozani, bukani imisebenzi kaJehova, ukuthi uzihlelé kanjani izenzakalo ezimangalisayo emhlabeni. Wenza ukuba izimpi ziphele kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube izicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.” (IHubo 46:8, 9) Ngenxa yalelo themba, isikhuthazo sika-Isaya esilandelayo siyafaneleka namuhla njengoba sasifaneleka ngesikhathi esibhala: “O madoda endlu kaJakobe, wozani sihambe ekukhanyeni kukaJehova.” (Isaya 2:5) Yebo, ukukhanya kukaJehova makukhanyise indlela yethu manje, futhi siyohamba endleleni yakhe kuze kube phakade.—Mika 4:5.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, isahluko 11 esithi “Lezi Izinsuku Zokugcina!,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.