ISIFUNDO 47
Ukusebenzisa Izinsiza-kufundisa Ngempumelelo
KUNGANI kumelwe usebenzise izinsiza-kufundisa lapho ufundisa? Ngoba ukuzisebenzisa kungakwenza uphumelele ngokwengeziwe ekufundiseni kwakho. UJehova uNkulunkulu noJesu Kristu bazisebenzisa izinsiza-kufundisa, futhi singafunda kubo. Uma izinsiza-kufundisa zihambisana namazwi athile, indaba yamukelwa ngezindlebe nangamehlo. Lokhu kungasiza kubambe isithakazelo sezilaleli zakho futhi lokho okushiwoyo kugxile kuzo. Ungazifaka kanjani izinsiza-kufundisa lapho wethula izindaba ezinhle? Ungaqiniseka kanjani ukuthi uzisebenzisa ngendlela ephumelelayo?
Indlela Abafundisi Abakhulu Abazisebenzisa Ngayo Izinsiza-kufundisa. UJehova wasebenzisa izinsiza-kufundisa ezikhumbuleka kalula lapho efundisa izifundo ezibalulekile. Ebusuku ngelinye ilanga wakhiphela u-Abrahama ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala. . . . Kuyakuba njalo inzalo yakho.” (Gen. 15:5) Ngisho noma lokho ayekuthenjiswa kwakubonakala kungenakwenzeka ngokubheka komuntu, u-Abrahama wathinteka ngokujulile, waba nokholo kuJehova. Ngesinye isikhathi, uJehova wathuma uJeremiya emzini wombumbi wathi makangene eshabhu lombumbi abukele leyo ndoda ilolonga ubumba. Yeka isifundo esikhumbuleka kalula mayelana negunya uMdali analo phezu kwabantu! (Jer. 18:1-6) UJona yena wayengasilibala kanjani isifundo sesihe uJehova amfundisa sona ngesihlahla somhlakuva? (Jona 4:6-11) UJehova waze watshela ngisho nabaprofethi bakhe ukuba bakwenze ngokoqobo lokho okwakuqukethwe iziprofetho, besebenzisa izinto ezithile ezifanelekayo. (1 AmaKh. 11:29-32; Jer. 27:1-8; Hez. 4:1-17) Itabernakele nezici zethempeli kuyizifanekiso ezisisiza ukuba siqonde izinto ezingokoqobo zasezulwini. (Heb. 9:9, 23, 24) UNkulunkulu wasebenzisa nemibono eminingi ukuze adlulisele ukwaziswa okubalulekile.—Hez. 1:4-28; 8:2-18; IzE. 10:9-16; 16:9, 10; IsAm. 1:1.
UJesu yena wazisebenzisa kanjani izinsiza-kufundisa? Lapho abaFarisi nabalandeli beqembu likaHerode bezama ukumhila ngenkulumo, uJesu wacela udenariyu, wakhomba isithombe sikaKesari esasikuwo. Wabe esechaza ukuthi izinto zikaKesari kufanele zibuyiselwe kuKesari, kodwa ezikaNkulunkulu kuNkulunkulu. (Math. 22:19-21) Ukuze afundise isifundo sokudumisa uNkulunkulu ngakho konke esinakho, uJesu wakhomba umfelokazi ompofu owayesethempelini, omnikelo wakhe—izinhlamvu zemali ezimbili ezincane—wawuyikho konke ayeziphilisa ngakho. (Luka 21:1-4) Ngesinye isikhathi wasebenzisa umntwana njengesibonelo sokuthobeka, nesokungafisi izikhundla. (Math. 18:2-6) Wabonisa ngokoqobo ukuthi ukuthobeka kusho ukuthini ngokugeza izinyawo zabafundi bakhe.—Joh. 13:14.
Izindlela Zokusebenzisa Izinsiza-kufundisa. Ngokungefani noJehova, asikwazi ukuxhumana nabanye ngemibono. Noma kunjalo, ezincwadini zoFakazi BakaJehova kunezithombe eziningi ezishukumisa amandla okucabanga. Zisebenzisele ukusiza abantu abathakazelayo balibone ngeso lengqondo iPharadesi lasemhlabeni, elithenjiswe eZwini likaNkulunkulu. Esifundweni seBhayibheli sasekhaya, ungase ubonise umfundi isithombe esihlobene nalokho enikufundayo, bese umbuza ukuthi ubonani. Masikhumbule ukuthi ngesikhathi umprofethi u-Amose enikezwa imibono ethile, uJehova wabuza: “Amose, ubonani na?” (Amose 7:7, 8; 8:1, 2) Nawe ungabuza imibuzo efanayo lapho ubonisa abantu izithombe eziyizinsiza-kufundisa.
Uma ubhala izibalo noma usebenzisa ishadi lezikhathi elibonisa ukulandelana kwezenzakalo ezibalulekile, abantu bangasizakala baziqonde kalula iziprofetho ezinjengalesi ‘sezikhathi eziyisikhombisa’ esikuDaniyeli 4:16 ‘nesamasonto angamashumi ayisikhombisa’ esikuDaniyeli 9:24. Izinsiza-kufundisa ezinjalo ziyavela kweziningi izincwadi zethu zokutadisha.
Esifundweni seBhayibheli somkhaya wakho, izingxoxo zezinto ezinjengetabernakele, ithempeli laseJerusalema, nombono wethempeli kaHezekeli kungaba lula ukuziqonda uma usebenzisa izithombe noma umdwebo. Ungazithola kuyi-Insight on the Scriptures, isithasiselo se-New World Translation of the Holy Scriptures—With References, namakhophi ahlukahlukene e-Nqabayokulinda.
Lapho ufunda iBhayibheli nomkhaya wakho, wasebenzise impela nje amabalazwe. Landela uhambo luka-Abrahama esuka e-Uri eya eHarana abuye ehlele eBethele. Hlola indlela eyathathwa ama-Israyeli njengoba esuka eGibithe eya eZweni Lesithembiso. Funa izindawo ezanikezwa isizwe ngasinye sakwa-Israyeli njengefa. Bheka ubukhulu bendawo eyayibuswa uSolomoni. Landela indlela eyathathwa u-Eliya ebaleka esuka eJizreyeli aze ayofika ehlane ngalé kweBeri-Sheba ngemva kokusongelwa uJezebeli. (1 AmaKh. 18:46–19:4) Bheka amadolobha amakhulu namancane uJesu ashumayela kuwo. Landela uhambo lukaPawulu, njengoba luchazwe encwadini yezEnzo.
Izinsiza-kufundisa ziyasiza lapho ujwayelanisa abafundi beBhayibheli nendlela ibandla elisebenza ngayo. Ungase ubonise umfundi isimiso somhlangano esinyathelisiwe bese umchazela ngezinto esizifunda emihlanganweni yesifunda neyesigodi. Abaningi baye bakujabulela ukuboniswa iHholo LoMbuso noma ukuvakashiswa ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova. Kungaba indlela ephumelelayo lena yokuqeda ukuqondwa kabi komsebenzi wethu nenjongo yawo. Lapho umbonisa iHholo LoMbuso, veza ukuthi lihluke kanjani kwezinye izindawo zokukhulekela. Gcizelela ukuthi liyindawo efanelekela ukufunda ngoba inesizotha. Mtshengise izici eziklanyelwe inkonzo yethu yasobala—izindawo zokuphaka izincwadi, amabalazwe ensimu, namabhokisi omnikelo (ngokungafani nezitsha zenkongozelo).
Uma ekhona ama-video enziwe ngaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo, wasebenzise ukuze umenze abe nokholo eBhayibhelini, ujwayeze abafundi umsebenzi woFakazi BakaJehova, futhi ukhuthaze abawabukele ukuba baphile ngokwezimiso zeBhayibheli.
Ukufundisa Iqembu Elikhulu Ngezinsiza-kufundisa. Uma zilungiselelwe kahle futhi zasetshenziswa kahle, izinsiza-kufundisa zingawafundisa kahle kakhulu amaqembu amakhulu. Isigaba senceku ethembekileyo neqondayo sinazo izinsiza-kufundisa ezihlukahlukene kanjalo.
Indaba efundwayo kuyi-Nqabayokulinda ngokuvamile iba nezinsiza-kufundisa eziyizithombe umqhubi angase azisebenzisele ukugcizelela amaphuzu abalulekile. Zikhona nasezincwadini ezisetshenziswa eSifundweni Sencwadi Sebandla.
Ezinye izinhlaka zezinkulumo zeningi zingase zidinge ukuba kusetshenziswe izinsiza-kufundisa ukuze kufanekiswe amaphuzu athile. Nokho, ngokuvamile kuhle kakhulu ukugxila kulokho okushiwo yiBhayibheli, ngoba izilaleli eziningi zisuke ziwaphethe. Uma ngezinye izikhathi kudingeka kucaciswe amaphuzu amaningana ayinhloko ngesithombe noma ngamaphuzu ambalwa amafushane, hlola kusengaphambili ukuthi leyo nsiza-kufundisa ibonakala kahle yini (noma ifundeka kahle yini) uma usezihlalweni ezingemuva. Izinto ezinjalo akufanele zisetshenziswe njalo.
Umgomo wethu wokusebenzisa izinsiza-kufundisa lapho sikhuluma futhi sifundisa akukona ukujabulisa abanye. Uma kusetshenziswa insiza-kufundisa enesizotha, kufanele igcizelele amaphuzu adinga ukugcizelelwa ngokukhethekile. Izinsiza-kufundisa ezinjalo zifeza injongo ewusizo uma zisiza ekukhanyiseni okushiwoyo, zikwenze kube lula ukukuqonda, noma uma zinikeza ubufakazi obunamandla bokuthi loko okushiwoyo kuyiqiniso. Uma isetshenziswa ngendlela efanele, insiza-kufundisa ingase yenze okushiwoyo kugxile kakhulu engqondweni kangangokuba yona nephuzu elikhanyisayo kukhumbuleke iminyaka eminingi.
Ikhono lokuzwa nelokubona linendima ebalulekile ekufundeni. Khumbula indlela abaFundisi abakhulu kunabo bonke abazisebenzisa ngayo lezi zinzwa, uzame ukubalingisa lapho uzama ukufinyelela abanye.