Isahluko Sesithathu
Libambe Ngokuqinile IZwi LikaNkulunkulu
1. (a) U-Israyeli wasendulo wakubona kanjani ukuba yiqiniso kwezwi likaNkulunkulu? (b) Kungani kufanele sibe nesithakazelo kulokho?
“NIYAZI ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini.” (Joshuwa 23:14-16) Washo kanjalo uJoshuwa emadodeni amadala akwa-Israyeli lapho esezinzé eZweni Lesithembiso. Yebo, izithembiso zikaJehova zazithembekile. Lowo mlando—kanye nalo lonke iBhayibheli—wagcinelwa thina ukuze “sibe nethemba.”—Roma 15:4.
2. (a) IBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu’ ngamuphi umqondo? (b) Njengoba sazi ukuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, yimuphi umthwalo wemfanelo esinawo?
2 Nakuba kwasetshenziswa abalobi abangabantu abangaba ngu-40 ekulobeni iBhayibheli, uJehova ngokwakhe nguyena onguMlobi walo. Ingabe lokhu kusho ukuthi wakuqondisa ngokuphelele konke okulotshwe kulo? Yebo. Lokhu wakwenza ngomoya wakhe ongcwele onamandla, amandla akhe asebenzayo. Umphostoli uPawulu wayeqinisile lapho ethi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu . . . ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.” Kuyo yonke indawo, abantu abaqinisekayo ngalokho balalela iBhayibheli futhi baphile ngokuvumelana nalokho elikuqukethe.—2 Thimothewu 3:16, 17; 1 Thesalonika 2:13.
Siza Abanye Ukuba Balazise
3. Iyiphi indlela engcono kakhulu yokusiza abaningi abangakholelwa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu?
3 Abaningi esixoxa nabo abakholelwa njengathi ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Singabasiza kanjani? Ngokuvamile, indlela engcono kakhulu iwukuba sivule iBhayibheli sibabonise lokho elikuqukethe. “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heberu 4:12) “Izwi likaNkulunkulu” aliwona umlando ofile; liyaphila! Izithembiso zeBhayibheli zisondela ekugcwalisekeni ngokuqinisekile. Ithonya lesigijimi seBhayibheli ezisuseni zangempela zenhliziyo yomuntu linamandla kunanoma yini esingase siyisho thina.
4. Yiziphi izincazelo zamaqiniso eBhayibheli eziye zashintsha isimo sengqondo sabanye abantu ngeBhayibheli, futhi ngani?
4 Ukubona igama likaNkulunkulu eBhayibhelini kuye kwenza abaningi baliphenyisisa. Abanye baye banquma ukutadisha iBhayibheli lapho beboniswa lokho elikushoyo ngenjongo yokuphila, isizathu sokuba uNkulunkulu avumele ububi, lokho okushiwo yizenzakalo zamanje, noma ithemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Emazweni lapho abantu beye bahlushwa khona imimoya emibi ngenxa yemikhuba yenkolo, incazelo yeBhayibheli ngembangela yalokhu nendlela yokuphunyula kukho iye yavusa isithakazelo. Kungani la maphuzu ebahlaba umxhwele abantu abaqotho? Kungenxa yokuthi iBhayibheli liwukuphela komthombo wokwaziswa okunokwethenjelwa kuzo zonke izindaba ezinjalo ezibalulekile.—IHubo 119:130.
5. (a) Yiziphi izizathu ezingase zenze abantu bathi abalikholelwa iBhayibheli? (b) Singabasiza kanjani abantu abanjalo?
5 Kodwa-ke, kuthiwani uma abantu besitshela ukuthi abalikholelwa iBhayibheli? Ingabe lokho kufanele kunqamule ingxoxo? Akufanele kube njalo uma bezimisele ukubonisana nathi. Kungenzeka babheka iBhayibheli njengencwadi yeLobukholwa. Umlando weLobukholwa wokuzenzisa nokuzigaxa kwezombangazwe, kanye nokukhankasela kwalo imali njalo, kungenzeka yikona okubenza bangalithandisisi iBhayibheli. Kungani ungababuzi ukuthi kunjalo yini? Ukulahla kweBhayibheli izindlela zezwe zeLobukholwa, kanye nomahluko phakathi kweLobukholwa nobuKristu beqiniso, kungase kuvuse isithakazelo kubo.—Mika 3:11, 12; Mathewu 15:7-9; Jakobe 4:4.
6. (a) Yini ekwenza uqiniseke wena ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu? (b) Yiziphi ezinye izizathu ezingavezwa ukuze kusizwe abantu baqonde ukuthi ngempela iBhayibheli livela kuNkulunkulu?
6 Abanye bangase basizwe yingxoxo eqondile yobufakazi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu. Yini ekubonisa ngokucacile wena ukuthi iBhayibheli livela kuJehova uNkulunkulu? Ingabe yilokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo ngomsuka walo? Noma ingabe yiqiniso lokuthi iBhayibheli liqukethe iziprofetho eziningi ezibonisa ulwazi olubanzi ngekusasa, iziprofetho okumelwe ukuba zavela emthonjeni ongaphezu kwabantu? (2 Petru 1:20, 21) Ingabe ukuthi iBhayibheli linokuvumelana okuhle kwangaphakathi, yize libhalwe amadoda angu-40 enkathini eyiminyaka engaba ngu-1 600? Noma ingabe ukunemba kwalo ngokwesayensi uma liqhathaniswa neminye imibhalo yangalezo zikhathi? Noma ukuthembeka kwabalobi balo? Noma ukulondolozwa kwalo naphezu kwemizamo enonya yokulibhubhisa? Noma yini wena oye wayithola ikuhlaba umxhwele ingasetshenziswa nasekusizeni abanye abantu.a
Ukufunda Kwethu IBhayibheli
7, 8. (a) Yini okufanele siyenze ngeBhayibheli? (b) Yini enye esiyidingayo ngaphandle kokufunda iBhayibheli ngokomuntu siqu? (c) Wena uye wakwazi kanjani ukuqonda izinjongo zikaJehova?
7 Ngaphandle nje kokusiza abanye bakholelwe eBhayibhelini, thina ngokwethu kufanele sizinike isikhathi sokulifunda njalo. Ingabe uyakwenza lokho? Le ncwadi ibaluleke kakhulu kunazo zonke izincwadi ezake zakhiqizwa. Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi uma siyifunda sisodwa, asidingi lutho olunye. ImiBhalo iyasixwayisa ukuba singazihlukanisi. Akufanele sicabange ukuthi singazitholela konke ngokuzicwaningela thina. Kudingeka kokubili isifundo somuntu siqu nokuba khona njalo emihlanganweni yabantu bakaNkulunkulu ukuze sibe amaKristu azinzile.—IzAga 18:1; Heberu 10:24, 25.
8 Ngokuphathelene nalokhu, iBhayibheli lisitshela ngesikhulu esingumTopiya esasifunda isiprofetho sika-Isaya. Ingelosi yaqondisa umvangeli ongumKristu uFiliphu ukuba abuze le ndoda: “Empeleni, ingabe uyakwazi lokho okufundayo?” Ngokuthobeka, lo mTopiya waphendula: “Ngingakwazi kanjani nje ngempela, ngaphandle kokuba othile angiqondise?” Wanxusa uFiliphu ukuba amchazele le ndima yomBhalo. UFiliphu wayengeyena nje umfundi weBhayibheli ozimele owayechaza imiBhalo ngokombono wakhe. Wayesondelene eduze nenhlangano kaNkulunkulu ebonakalayo. Ngakho wakwazi ukusiza umTopiya ukuba azuze emfundweni uJehova ayeyenza itholakale ngaleyo nhlangano. (IzEnzo 6:5, 6; 8:5, 26-35) Ngokufanayo nanamuhla, akekho oqonda izinjongo zikaJehova ngokunembile eyedwa. Sonke sidinga usizo uJehova alunikeza ngothando ngenhlangano yakhe ebonakalayo.
9. Yisiphi isimiso sokufunda iBhayibheli sonke esingazuza kuso?
9 Ukuze isisize siqonde iBhayibheli, inhlangano kaJehova isinikeza ukwaziswa okuhle okungokomBhalo ngezincwadi ezihlukahlukene. Ngaphezu kwalokho, sihlelelwe isimiso sasikhathi sonke sokufundwa kweBhayibheli eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini esiqhutshwa kuwo wonke amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Singazuza kakhulu ngokuzihlolela imiBhalo Engcwele thina mathupha. (IHubo 1:1-3; 19:7, 8) Yenza umzamo okhethekile wokufunda iBhayibheli njalo. Nakuba ungakuqondi konke ngokugcwele, ukuba nolwazi ngemiBhalo iyonke kuyoba nenzuzo enkulu. Ngokwesibonelo, uma ufunda amakhasi amane noma ayisihlanu kuphela ngosuku, ungaliqeda lonke iBhayibheli ngesikhathi esingangonyaka.
10. (a) Ulifunda nini iBhayibheli? (b) Obani abanye okufanele bahlanganyele ekufundeni iBhayibheli, futhi kungani kubalulekile ukukwenza njalo?
10 Ungalifunda nini iBhayibheli? Uma ubekela eceleni ngisho nemizuzu eyishumi noma engu-15 ngosuku ukuze wenze kanjalo, uyozuza kakhulu. Uma kungenjalo, hlela isikhathi njalo isonto ngalinye, bese unamathela kuleso simiso. Uma ushadile, wena nomngane wakho womshado ningajabulela ukufundelana iBhayibheli ngokuzwakalayo. Uma kunezingane esezikhule ngokwanele ezikwaziyo ukufunda, zingashintshana zifunde ngokuzwakalayo. Ukufunda iBhayibheli kufanele kube umkhuba wokuphila konke, njengokudla ukudla. Njengoba wazi, uma umuntu engadli ngendlela efanele, impilo yakhe iba buthaka. Ngakho ukuphila kwethu okungokomoya, kanjalo nokuphila kwethu kwaphakade, kuxhomeke ekondliweni njalo “ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.
Umgomo Wethu
11. Kufanele ube yini umgomo wethu wokufunda iBhayibheli?
11 Kufanele sifunde iBhayibheli sinamuphi umgomo? Umgomo wethu akufanele kube nje ukufunda amakhasi ayinani elithile. Umgomo wethu kufanele ube ukwazi uNkulunkulu kangcono ukuze simthande ngokwengeziwe futhi simkhulekele ngokwamukelekayo. (Johane 5:39-42) Kufanele sibe nesimo sengqondo esinjengesomlobi weBhayibheli owathi: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho.”—IHubo 25:4.
12. (a) Kungani kubalulekile ukuzuza “ulwazi olunembile,” futhi yimuphi umzamo odingekayo lapho umuntu efunda ukuze athole lolo lwazi? (b) Singasebenzisa maphi amaphuzu amane ukuze sikuhlaziye ngokuzuzisayo lokho esikufunda eBhayibhelini? (Bheka ibhokisi ekhasini 30.) (c) Bonisa indlela la maphuzu asebenza ngayo ngokuphendula imibuzo ekulesi sigaba. Bheka imibhalo ekhonjiwe kodwa engacashuniwe.
12 Njengoba sithola izimfundiso ezivela kuJehova, kufanele sibe nesifiso sokuzuza “ulwazi olunembile.” Ngaphandle kwalo, singalisebenzisa kanjani ngendlela efanele iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu noma silichazele abanye ngokunembile? (Kolose 3:10; 2 Thimothewu 2:15) Ukuzuza ulwazi olunembile kudinga ukuba sifunde ngokucophelela, futhi uma indima inzima, kungase kudingeke siyifunde kaningana ukuze sithole umqondo wayo. Siyozuza futhi uma sizinika isikhathi sokuzindla ngendaba, sicabange ngayo siyiphenduphendule engqondweni. Ekhasini 30, kuqokonyiswe amaphuzu amane awusizo ezinto esingazindla ngazo. Izingxenye eziningi zemiBhalo zingahlaziywa ngokuzuzisayo ngokusebenzisa iphuzu elilodwa noma engeziwe kulawa. Njengoba uphendula imibuzo emakhasini alandelayo, uzobona ukuthi kungani kunjalo.
(1) Ngokuvamile, ingxenye yomBhalo oyifundayo ingakutshela okuthile ngohlobo lomuntu uJehova ayilo. Ngokwesibonelo, kumaHubo 139:13, 14, sibona indlela uNkulunkulu abakhathalela ngayo abangakazalwa: “Wangaluka esiswini sikamame. Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.” Yeka indlela emangalisa ngayo imisebenzi kaJehova yendalo! Indlela abantu abenziwe ngayo ifakazela uthando lwakhe olukhulu ngathi.
Uma sibheka okushiwo kuJohane 14:9, 10, lapho sifunda indlela uJesu abaphatha ngayo abanye, sibona indlela uJehova ngokwakhe abengenza ngayo ngempela. Sicabanga ngalokho, singaphetha ngani mayelana noJehova ngokwezenzakalo ezilotshwe kuLuka 5:12, 13 nakuLuka 7:11-15?
(2) Cabangela indlela lokho kulandisa okuhlobene ngayo nesihloko seBhayibheli: ukulwelwa kobukhosi bukaJehova nokungcweliswa kwegama lakhe ngoMbuso ongaphansi kukaJesu Kristu, iNzalo ethenjisiwe.
UHezekeli noDaniyeli basigcizelela kanjani isihloko seBhayibheli? (Hezekeli 38:21-23; Daniyeli 2:44; 4:17; 7:9-14)
IBhayibheli limveza kanjani uJesu ngokucacile njengeNzalo ethenjisiwe? (Galathiya 3:16)
IsAmbulo siwuchaza kanjani umvuthwandaba omkhulu wesihloko soMbuso? (IsAmbulo 11:15; 12:7-10; 17:16-18; 19:11-16; 20:1-3; 21:1-5)
(3) Zibuze ukuthi ungakusebenzisa kanjani lokho okufundayo. Ngokwesibonelo, encwadini ka-Eksodusi kuya kwekaDuteronomi, sifunda ngokuziphatha okubi kwama-Israyeli nokuvukela kwawo. Sifunda ukuthi leso simo sengqondo nezenzo kwaletha imiphumela emibi. Ngakho, kufanele sishukunyiselwe ukuba sithokozise uJehova ngokungasilingisi isibonelo esibi sama-Israyeli. “Lezizinto zaqhubeka zibehlela njengezibonelo, futhi zalotshelwa ukuba zibe isixwayiso kithi esesifikelwe ukuphela kwezimiso zezinto.”—1 Korinte 10:11.
Sifundani ekulandiseni okumayelana nokubulala kukaKayini u-Abela? (Genesise 4:3-12; Heberu 11:4; 1 Johane 3:10-15; 4:20, 21)
Ingabe iseluleko seBhayibheli kumaKristu anethemba lasezulwini siyasebenza nakulabo abanethemba lokuphila okuphakade emhlabeni? (Numeri 15:16; Johane 10:16)
Nakuba sinokuma okuhle ebandleni lobuKristu, kungani kufanele sicabangele indlela esingasisebenzisa ngayo ngokugcwele iseluleko seBhayibheli esesisazi kakade? (2 Korinte 13:5; 1 Thesalonika 4:1)
(4) Cabangela indlela ongase ukusebenzise ngayo okufundayo ekusizeni abanye. Bonke abantu bakhathazeke ngezinkinga zempilo, ngakho singabafundela lokho uJesu akwenza ukuze sibonise lokho azokwenza ngezinga elikhulu lapho esephethe uMbuso: “Izixuku ezinkulu zasondela kuye, ziza nabantu ababeyizinyonga, abagogekile, abayizimpumputhe, abayizimungulu, nabaningi ababengenye indlela, . . . wabelapha.”—Mathewu 15:30.
Obani abangase basizwe ukulandisa okuphathelene nokuvuswa kwendodakazi kaJayiru? (Luka 8:41, 42, 49-56)
13. Imiphi imiphumela esingayilindela uma sinesimiso esiqhubekayo sokufunda iBhayibheli nokutadisha nenhlangano kaJehova?
13 Yeka indlela okuzuzisa ngayo ukufunda iBhayibheli uma sicabangela amaphuzu amane ashiwo ngenhla! Kuyiqiniso ukuthi ukufunda iBhayibheli kuyinselele. Kodwa kungasizuzisa kukho konke ukuphila kwethu, ngoba njengoba sifunda imiBhalo, siyokhula siqine ngokomoya. Ukufunda iBhayibheli njalo kuyosisondeza kuBaba wethu onothando, uJehova, nakubafowethu abangamaKristu. Kuyosisiza ukuba silalele iseluleko sokuba ‘silibambe ngokuqinile izwi lokuphila.’—Filipi 2:16.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole izizathu zokuthi kungani kufanele uhlole iBhayibheli, bheka incwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ingxoxo Yokubukeza
• Kungani iBhayibheli lalotshwa futhi lalondolozwa kwaze kwaba sosukwini lwethu?
• Singabasiza kanjani abanye ukuba balazise iBhayibheli?
• Kungani kuzuzisa ukuba umuntu ngamunye afunde iBhayibheli njalo? Yimaphi amaphuzu amane esingawasebenzisa ekuhlaziyeni ngokuzuzisayo lokho esikufundayo?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 30]
LAPHO UFUNDA INGXENYE ETHILE EBHAYIBHELINI, CABANGA
Ngalokho ekutshela kona ngoJehova njengomuntu
Ngendlela ehlobana ngayo nesihloko seBhayibheli lilonke
Ngendlela okufanele ithinte ngayo ukuphila kwakho
Ngendlela ongayisebenzisa ngayo ukuze usize abanye