ISAHLUKO 2
Ukuqaphela Indima KaKristu Elungiselelweni LikaNkulunkulu
“EKUQALENI uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba,” futhi konke akwenza “kwakukuhle kakhulu.” (Gen. 1:1, 31) UJehova wenza abantu benamathemba amahle kakhulu ngekusasa. Kodwa ukuhlubuka kwase-Edene kwasiphazamisa okwesikhashana isimo sokujabula kwabantu. Noma kunjalo, injongo kaJehova ngomhlaba nangesintu ayizange ishintshe. UNkulunkulu waveza ukuthi inzalo ka-Adamu elalelayo yayiyokhululwa. Ukukhulekela kweqiniso kwakuyobuyiselwa, uNkulunkulu abhubhise omubi kanye nayo yonke imisebenzi yakhe emibi. (Gen. 3:15) Izinto zaziyophinde zibe ‘zinhle kakhulu.’ UJehova wayeyofeza lokhu ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu. (1 Joh. 3:8) Ngakho, kumelwe nakanjani siyiqaphele indima kaKristu elungiselelweni likaNkulunkulu.—IzE. 4:12; Fil. 2:9, 11.
INDIMA KAKRISTU
2 Lapho sicabanga ngendima kaKristu elungiselelweni likaNkulunkulu, siyaqaphela ukuthi inezici eziningi. UJesu ukhonza njengoMhlengi wesintu, njengomPristi Ophakeme, njengeNhloko yebandla lobuKristu, futhi manje ukhonza njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Ukuzindla ngalezi zindima kukhulisa ukwazisa kwethu ilungiselelo likaNkulunkulu, kujulise nothando lwethu ngoKristu Jesu. IBhayibheli liyazichaza ezinye zezindima zakhe ezihlukahlukene.
UJesu ungumuntu oyinhloko ekufezekeni kwenjongo kaJehova ngesintu
3 Phakathi nenkonzo kaKristu yasemhlabeni, kwacaca ukuthi isintu esilalelayo sasiyobuyiselwa kuNkulunkulu ngoJesu. (Joh. 14:6) NjengoMhlengi wesintu, uJesu wazinikela waba isihlengo sabaningi. (Math. 20:28) Ngakho uJesu akasona nje kuphela isibonelo sokuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu. Ungumuntu oyinhloko ekufezekeni kwenjongo kaJehova ngesintu. Uwukuphela kwendlela esingabuyiselwa ngayo emseni kaNkulunkulu. (IzE. 5:31; 2 Kor. 5:18, 19) Ukufa kukaJesu okuwumhlatshelo nokuvuswa kwakhe kuvule indlela yokuba isintu esilalelayo sithole izibusiso zaphakade lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.
4 UJesu, njengomPristi Ophakeme, uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu,’ ahlawulele nezono zabalandeli bakhe abazinikele lapha emhlabeni. Umphostoli uPawulu wachaza: “Lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.” UPawulu wabe esekhuthaza labo ababonisa ukholo kuJesu Kristu ukuba balisebenzise ngokugcwele leli lungiselelo lokubuyisana noNkulunkulu, ethi: “Ngakho-ke, masisondele ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe, ukuze sizuze isihe futhi sithole umusa ongafanelwe wokusiza ngesikhathi esifanele.”—Heb. 4:14-16; 1 Joh. 2:2.
5 UJesu ubuye abe yiNhloko yebandla lobuKristu. Njengoba kwakunjalo ngabalandeli bakhe ekhulwini lokuqala, nathi namuhla asimdingi umholi ongumuntu. UJesu unikeza isiqondiso ngomoya ongcwele nangabelusi abangaphansi abafanelekayo abayolandisa kuye nakuYise wasezulwini ngendlela abanakekela ngayo umhlambi kaNkulunkulu. (Heb. 13:17; 1 Pet. 5:2, 3) Eprofetha ngoJesu, uJehova wathi: “Bheka! Ngimnike ukuba abe ngufakazi emaqenjini ezizwe, abe ngumholi nomyali emaqenjini ezizwe.” (Isaya 55:4) UJesu wafakazela ukugcwaliseka kwalesi siprofetho lapho etshela abafundi bakhe: “Ningabizwa futhi ngokuthi ‘abaholi,’ ngoba munye onguMholi wenu, uKristu.”—Math. 23:10.
6 Ukuze aveze isimo sakhe sengqondo nokuthi uzimisele ukusisiza, uJesu uyasimema: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba nginomoya omnene futhi ngithobekile ngenhliziyo, nizotholela imiphefumulo yenu ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.” (Math. 11:28-30) Ngokuphatha izindaba zebandla lobuKristu ngobumnene nangendlela esiqabulayo, uJesu Kristu uzibonakalise ‘engumalusi omuhle,’ elingisa uYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu.—Joh. 10:11; Isaya 40:11.
7 Encwadini yakhe yokuqala kwabaseKorinte, uPawulu wachaza esinye isici sendima kaJesu Kristu ngala mazwi: “Kumelwe abuse njengenkosi kuze kube yilapho uNkulunkulu esebeke zonke izitha ngaphansi kwezinyawo zakhe. Kodwa lapho zonke izinto sezibekwe ngaphansi kwakhe, khona-ke neNdodana ngokwayo iyozithoba kuLowo owabeka zonke izinto ngaphansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kuwo wonke umuntu.” (1 Kor. 15:25, 28) Engakezi emhlabeni, uJesu ‘wayeyisisebenzi esiyingcweti’ esisebenza noNkulunkulu, futhi wayeyizibulo lendalo kaNkulunkulu. (IzAga 8:22-31) Lapho uNkulunkulu emthumela emhlabeni, wafike wenza intando kaNkulunkulu zikhathi zonke. Wabekezelela uvivinyo olukhulu kunalo lonke futhi wafa ethembekile kuYise. (Joh. 4:34; 15:10) Ngenxa yokuthi iNdodana yakhe yathembeka kwaze kwaba sekufeni, uNkulunkulu wayivusela ezulwini wayinika igunya lokuba iNkosi yoMbuso wasezulwini. (IzE. 2:32-36) NjengeNkosi yoMbuso, uKristu Jesu unesabelo esikhulu asinikwe uNkulunkulu sokuhola izidalwa zomoya eziningi ezinamandla ekususeni ohulumeni babantu emhlabeni nasekuqedeni bonke ububi embulungeni yethu. (IzAga 2:21, 22; 2 Thes. 1:6-9; IsAm. 19:11-21; 20:1-3) Ngemva kwalokho, uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ophethwe uKristu yiwona kuphela oyobe unegunya lokubusa wonke umhlaba.—IsAm. 11:15.
LOKHO OKUSHIWO UKUQAPHELA INDIMA YAKHE
8 UJesu Kristu, iSibonelo sethu, uphelele. Uthunywe ukuba asinakekele. Ukuze sizuze ekunakekeleni kwakhe kothando, kudingeka sihlale siqotho kuJehova futhi sihambisane nenhlangano yakhe eqhubekela phambili.
9 Abalandeli bakaJesu ekhulwini lokuqala bayiqaphela ngokugcwele indima kaKristu elungiselelweni likaNkulunkulu. Babonisa lokhu ngokusebenzisana ngobunye ngaphansi kobunhloko bukaKristu, bazithoba esiqondisweni sakhe njengoba ayesinikeza ngomoya ongcwele. (IzE. 15:12-21) Umphostoli uPawulu wabhekisela ebunyeni bebandla lamaKristu agcotshiwe lapho ebhala: “Sikhuluma iqiniso, masikhule ngothando kuzo zonke izinto sikhulele kuye oyinhloko, uKristu. Wonke umzimba ubangela ukukhula komzimba usuka kuye ukuze uzakhe othandweni, ngokuhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo nangokwenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo, ngokokusebenza kwelungu ngalinye ngokuhluka kwalo ngesilinganiso esifanele.”—Efe. 4:15, 16.
10 Lapho umuntu ngamunye ebandleni ebambisana nabanye futhi bonke besebenza ngokuvumelana ngaphansi kobunhloko bukaKristu, kuba nokwanda nomoya ofudumele wothando, ‘oluyisibopho esiphelele sobunye.’—Joh. 10:16; Kol. 3:14; 1 Kor. 12:14-26.
11 Izenzakalo zezwe ezigcwalisa isiprofetho seBhayibheli zinikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi kusukela ngo-1914 uJesu Kristu uye waphathiswa amandla oMbuso. Manje ubusa phakathi kwezitha zakhe. (IHu. 2:1-12; 110:1, 2) Kusho ukuthini lokhu kubantu abaphila emhlabeni manje? Maduze nje uJesu uzobonisa indima yakhe yokuba iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi lapho ekhipha isahlulelo saphezulu ezitheni zakhe. (IsAm. 11:15; 12:10; 19:16) Ngaleso sikhathi isithembiso sikaJehova sokukhululwa esashiwo ekuqaleni kokuhlubuka kwabantu siyogcwaliseka kulabo abasemseni kaKristu. (Math. 25:34) Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi siyiqaphele indima kaKristu elungiselelweni likaNkulunkulu! Kwangathi singahlale siyenza ngobunye inkonzo yomhlaba wonke ngaphansi kokuhola kukaKristu kulezi zinsuku zokugcina.