Ukwanda Kokukhanya Ezikhathini Zanamuhla
“Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube-semini.”—IzAga 4:18.
1. Yibuphi ubufakazi esiye sabucabangela kakade ngokuqondene nokugcwaliseka kwezAga 4:18?
UMBIKO weBhayibheli kusukela kuGenesise kuya esAmbulweni ubonisa ukuthi umkhondo wezinceku zikaJehova ngempela uye waba njengokukhanya okuqhubeka kukhanya kakhulu. (IzAga 4:18) Ezinsukwini zikaJesu nezabaphostoli bakhe iziprofetho eziningi eziqondene noMesiya zaqondakala, ngisho nanjengoba uMathewu nabanye ababhali beVangeli bakufakazela. Futhi ukuthululwa komoya kaNkulunkulu ngePentekoste nokuyiswa kwe“zindaba ezinhle” kwabeZizwe kwakuhambisana nokukhanyiswa okwengeziwe kweZwi likaNkulunkulu.—IzEnzo 2:14-36; 10:34-43; 15:6-21.
2. (a) Yini eyabangela inkathi yobumnyama eyehlela abalandeli bakaJesu Kristu abaqinisekile? (b) Yini eyafeza indima enkulu emsebenzini wokuvuna ohlukanisayo?
2 Nokho, ngemva kokufa kwabaphostoli isikhathi sobumnyama kancane kancane sasibekela ababethi bangabalandeli beqiniso bakaJesu Kristu. “Izimpisi ezihahayo” zangena. (IzEnzo 20:29, 30) Kwakunjengoba uJesu abikezela komunye wemifanekiso yakhe. Wafanisa umbuso wezulu no‘muntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe.’ Khona-ke “kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele.” Kanjalo-ke, ukhula lwabaluningi kuleyonsimu yenkolo yezwe lonke, amakhulu amaningi eminyaka. Kodwa ngesikhathi sokuvuna kulapho kuvela khona umehluko. Lesikhathi sokuvuna sesikuso manje, ngoba ‘ukuvuna kuyisiphelo salesimiso sezinto.’ Ngokujabulisayo, isigaba sa“mabele” samaKristu eqiniso siye sabuthwa. Amaqiniso abonisa ukuthi ukukhanya okwandayo njalo endleleni yalamaKristu kufeza indima enkulu ekuwahlukaniseni ‘okhuleni’ olungenamthetho, olusiphelo salo ukubhujiswa.—Mathewu 13:24-30, 36-43.a
UKUKHANYA KUJEHOVA UNKULUNKULU NASEZWINI LAKHE
3, 4. Yimaphi amaqiniso ngokuqondene noMdali, uJehova uNkulunkulu, abaFundi BeBhayibheli bakuqala abafunda ukuwaqaphela?
3 Ngasekuqaleni kwawo-1870 iqembu labafundi beBhayibheli abaqotho, laqala ukuhlanganyela esifundweni esingabandlululi seZwi likaNkulunkulu. Esikhundleni sezivumo zokholo zeLobukholwa, bathatha imiBhalo ephefumlelwe njengesiqondiso sabo. Ukuhlakanipha, ukuqonda, ukuvumelana namandla esigijimi seBhayibheli kwakhanya ezinhliziyweni zabo. Kwabaqinisekisa—ngokuphambene nezimfundiso ezivamile zokungakholelwa kuNkulunkulu nezokuziphendukela kwemvelo—ngeqiniso eliyisisekelo lokuthi uMdali ohlakaniphile ukhona ngempela. Babona ukuthi “imiphumela kumelwe ukuba ivezwa izimbangela ezifanele” nokuthi “ubukhulu bendalo, ukufanana kwayo, ubuhle, ukuhleleka, ukuvumelana, ukwahlukahlukana” kuyafakaza ngokuqondene naYe njengoMklami omkhulu.b (Roma 1:20) Bathola futhi umqondo okhanyayo ngobuntu boMdali, ukuthi unezimfanelo ezine eziyinhloko noma izimfanelo eziyisisekelo, okungukuthi, ukuhlakanipha okungenakulinganiswa, amandla angenamkhawulo, ukulunga okuphelele, nothando olungenakufaniswa.—Duteronomi 32:4; IHubo 62:11; IzAga 2:6, 7; 1 Johane 4:8.
4 Ngokungaphezulu, bafunda ukuqaphela ukuthi uNkulunkulu ukhona “kusukela phakade kuze kube phakade” nokuthi igama lakhe nguJehova. (IHubo 83:18; 90:2) Baqala ukubona ukuthi imfundiso eyinhloko yeLobukholwa—imfundiso kaZiqu-zintathu—ayinangqondo futhi ayikho ngokombhalo. Ukukhanya kweqiniso leBhayibheli kwababonisa ukuthi uNkulunkulu ungu‘Jehova oyedwa,’ nokuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu (ubufakazi bakhe siqu buqinisa ukuthi uYise ‘mkhulu kunaye’) nokuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu, njengoba ungenakuba nangamuphi umqondo umuntu wesithathu kaZiqu-zintathu, ‘ungamandla kaNkulunkulu awasebenzisayo ekufezeni imiphumela ehlukahlukene.’c—Marku 12:29; Johane 14:28; IzEnzo 2:17, 18.
5. Ikuphi ukuma labobathandi beqiniso abakuthatha ngokuqondene neBhayibheli?
5 Ngesibindi nangokholo bashumayela ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe; ukuthi ngokombono wezimfanelo zikaNkulunkulu kunengqondo ukulindela uMdali aveze isambulo saphezulu sokuqondisa umuntu. Bachaza iBhayibheli njenge“sibani sempucuko nenkululeko.” Liyi“ncwadi endala kakhulu ekhona; liye lasinda ezivunguvungwini zamakhulu amathathu eminyaka.” Ngokungaphezulu, “zonke izincwadi zihlanganisiwe ziye zehluleka ukuletha ukujabula, ukuthula nesibusiso endalweni ebubulayo lokho iBhayibheli eliye lakuletha.”d Labafundi abaqotho babona ekuphileni kwababhali beBhayibheli okungenabugovu, kokuzidela ubufakazi obusobala bokuthi izisusa zabo zazimsulwa. Ngamafuphi, baphawula ukuthi ‘iBhayibheli linengqondo nezinkulumo ezivumelanayo ngezimbangela zobubi, nokuthi liveza ikhambi nemiphumela yokugcina; futhi lisebenza ukuqondisa nokuqinisa izinceku zikaJehova uNkulunkulu.’
UJESU KRISTU NOMBUSO
6. Yimaphi amaqiniso labaFundi BeBhayibheli abawaqaphela ngokuqondene noJesu Kristu?
6 Kusukela ekuqaleni labaFundi BeBhayibheli, njengoba babezibiza kanjalo, bawaqonda ngokukhanyayo amaqiniso ayisisekelo ngokuqondene noJesu Kristu. Uyi‘Ndodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.’ Wayephila ngaphambi kokuba kwakhe umuntu. Wanikela ngokuphila kwakhe kwaba “inhlawulo yabo bonke.” Wavuselwa emoyeni futhi wenyukela ezulwini njengomoya, futhi wayezobuya njengomoya—inkosi engabonakaliyo yombuso wobuMesiya kaNkulunkulu. Ngempela ibalulekile indaba yokubuya kwesibili kukaKristu: Ngani, kanjani futhi nini?—Johane 3:16; 17:5; 1 Thimothewu 2:5, 6; 1 Petru 3:18.
7. Ukukhanya okwandayo kwembulani ngokuqondene nombuso kaNkulunkulu nezibusiso zawo?
7 Ukukhanya okuqhubeka njalo kwenza kwakhanya kulamaKristu ukubaluleka kombuso kaJehova njengokuwukuphela kwekhambi ezinkathazweni zesintu. Lowombuso uhlanganisa uJesu Kristu namalungu akhe ayizi-144 000, ahlengwe phakathi kwabantu, futhi abusa naye njengamakhosi nabapristi iminyaka eyi-1 000. Ngokwesisekelo somnikelo wesihlengo kaKristu, iNkosi ivusa bonke abahlengiweyo emathuneni enkumbulo ngethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Kanjalo iBhayibheli linikeza ikusasa elikabili lesintu esisindisiwe—ikusasa lasezulwini lo“mhlambi omncane” wezindlalifa zoMbuso, nokuphila emhlabeni kwe“zinye izimvu” zikaJesu, ezihlanganisa “isixuku esikhulu” sabasinda “osizini olukhulu” kakhulu lomhlaba, futhi nezinye, izigidi eziningi ezisemathuneni enkumbulo futhi eziyovuswa ukuze zijabulele ukuphila emhlabeni oyipharadesi.—Luka 12:32; Johane 5:28, 29; 10:16; IsAmbulo 7:9, 14; 14:1, 4; 20:6.
8. Ikuphi ukuqonda okwatholwa ngokuphathelene nomphefumlo womuntu nesimo sabafileyo?
8 Ukukhanya okwandayo kwabuye kwembula kulabafundi beBhayibheli abangakhethi ukuthi izimfundiso zeLobukholwa ngesimo somphefumulo womuntu nangesimo sabafileyo zisephutheni ngokuphelele! Babona ngokukhanyayo ukuthi lapho uAdamu edalwa ‘waba umphefumlo ophilayo,’ nokuthi lapho ebuyela emhlabathini ngenxa yokungalaleli kwakhe, wafa njengomphefumlo, ngokusobala ekhawuka ukuba khona. Yebo, wabuyela othulini ayethathwe kulo ekuqaleni. Esimweni sokufa akukho ukuzwa, akukho msebenzi. (Genesise 2:7; 3:19; UmShumayeli 9:5, 10) “Inkokhelo yesono ingukufa,” ayikhona ukuhlushwa kwaphakade. Isihogo esivuthayo nesihlanzo sokuhlushwa sikhona kuphela ezingqondweni zabantu benkolo abadukisiwe. Kungenxa yokuthi umuntu ngempela uyayeka ukuba ophilayo ekufeni ukuthi kube nesidingo sovuko, ukuze angase azuze emhlatshelweni kaKristu.—Roma 6:23.
IZIBOPHO ZOBUKRISTU
9. Ikuphi ukuma lamaKristu akhanyiselwe akuthatha ngokuphathelene nobungcwele?
9 LamaKristu futhi akuthatha ngoku ngathi sína lokho iBhayibheli elikushoyo ngobungcwele beqiniso. Lokhu akumelwe kuhlanganiswe nobokuzisholo ubumnene noma ukuzenza olungile. Ayabona ukuthi kumelwe aphile ngezimiso zeBhayibheli ezinjengalezi, “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) Ayakuqonda ukuthi awanakuthalalisa noma abekezelele phakathi kwawo imikhuba enjengobufebe, ukuphinga nobungqingili—okulahlwa iBhayibheli. (1 Korinte 6:9, 10) Ngokufanayo, kumelwe agweme konke ukwephula umthetho, anike “uKesari okukaKesari,” noku“kaNkulunkulu kuNkulunkulu.” Kumelwe athembeke kukho konke ukusebenzelana kwawo nabanye, aphile ngokomthetho wobuKristu: “Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.”—Mathewu 22:21; Luka 6:31.
10. Iliphi iqiniso lamaKristu akuqala aliqaphela ngokuphathelene nokuthunywa kobuKristu?
10 Ukukhathalela okuyinhloko kwalabaFundi BeBhayibheli ngokusobala kwakuwukuhlakulela ubuntu obunjengobukaKristu. Futhi, babona isidingo sokufakaza ngoNkulunkulu noJesu. Baqaphela ukuthi umKristu ngamunye, owamukele ukukhanya kweqiniso, wayenesibopho sokusakaza lokho kukhanya kwabanye. Baphawula isidingo sokuba isikhonzi sikaNkulunkulu, ngokuvumela ukukhanya komuntu kukhanye kokubili ngokuziphatha okuhle kobuKristu nangezwi lomlomo. (Mathewu 5:14-16) Eqinisweni, ekuqaleni impela isimemezelo saphuma: “Kudingeka, Abashumayeli abayi-1 000.” Kwakuyisicelo esikhethekile kulabo ababengenazibopho zemikhaya ababenganikela ingxenye noma ngaphezulu yesikhathi sabo ekusakazeni “izindaba ezinhle” ngamapheshana anyathelisiwe.
11. Iziphi izinyathelo umuntu okudingeka azithathe ukuze abe isikhonzi esingumKristu, futhi kungani ukuzahlukanisa kobufundisi kwanqatshwa?
11 Ukuze abe isikhonzi esingumKristu, wonke umuntu kumelwe alikholelwe iZwi likaNkulunkulu, aphenduke, aguquke futhi akholwe kuNkulunkulu nakuJesu Kristu njengomHlengi wesintu. Umuntu kumelwe abe “ongcweliselwe” uNkulunkulu, ukuba enze intando yaKhe futhi abhapathizwe ngokucwiliswa okuphelele emanzini. (IzEnzo 3:19; Mathewu 28:19, 20) Njengoba onke ayeyizikhonzi, lamaKristu akwenqaba ukuphakanyiswa kobufundisi. NgokweZwi likaNkulunkulu, nokho, asibona isidingo sokumisa amadoda afanelekayo njenga“badala” na“madiyakoni” ukuba anakekele izidingo zebandla ngalinye.—Filipi 1:1; 1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13.
12. Iliphi iqiniso ngokuqondene nezinhlangano abafunda ukuliqaphela, futhi yini eyalandela ngokunengqondo?
12 Njengoba ukukhanya kwakuqhubeka kukhanya, bakwazisa kakhulu impela ukubaluleka kokumenyezelwa kwegama likaJehova, nombuso wakhe njengokuwukuphela kwethemba lesintu. Babona futhi ukuthi kunezinhlangano ezimbili kuphela endaweni yonke nokuthi wonke umuntu uba senhlanganweni kaNkulunkulu noma kwekaSathane, ekaSathane esemhlabeni ihlanganisa amabhizinisi amakhulu, ezombangazwe ezinkulu nenkolo enkulu. Inhlangano kaNkulunkulu esezulwini yezidalwa ezithembekile ezingokomoya imelelwe emhlabeni ofakazi bakhe abahlelekile. (Galathiya 4:26; 2 Korinte 4:4) Kusobala-ke ukuthi amaKristu awanakuhileleka kwezombangazwe noma ahileleke ebudloveni phakathi kwezizwe; eqinisweni, awanakuthatha ngisho nengxenye ezenzweni zokushisekela ubuzwe. Izinceku zikaJehova uNkulunkulu zisekela futhi zilwela umbuso wakhe, kodwa hhayi ngezikhali zenyama.—Mathewu 26:52; Johane 15:19; 18:36; 2 Korinte 10:4; Jakobe 1:27; 4:4.
13. Ukuqondwa kwayiphi impikiswano enkulu okwabangela labaFundi BeBhayibheli ukuba bathathe igama elithi “oFakazi BakaJehova,” futhi kungani kwakufanelekile?
13 Ngokuhamba kwesikhathi lezizinceku zikaJehova ezithembekile zaqala ukubona ukuthi ukulwela igama likaJehova kuyimpikiswano enkulu ebhekene nesintu, nokuthi lokhu kubaluleke kakhulu, ngisho nangaphezu kosindiso lwezidalwa ezingabantu. Ngempela lokhu kwakuwukukhanya okukhazimulayo, okwakukhanya ngokukhanya okukhulu kunanoma yini eyayiqondwa ngaphambili. Leliqiniso elimangalisayo lenza umehluko phakathi kwenkolo yamaKristu eqiniso neyamanga ube sobala kakhulu. Lapho sebenokwazisa ngaleliqiniso elibalulekile akubanga sikhathi eside lamaKristu abona ukuthi ukubizwa kwawo (AbaFundi BeBhayibheli), nakuba kwakungekhona okuphambukile, kwakungabehlukanisi ngokwanele. Ngenxa yokuthi, umsebenzi oyinhloko wokuthunywa kwabo nenjongo ekuphileni wawungekhona nje ukuba abafundi beBhayibheli kodwa futhi ukuba ofakazi bakaJehova. Igama elithi abaFundi BeBhayibheli alibehlukanisanga ezigidini zababethi bafunda iBhayibheli kodwa, nokho, ababesengaphansi kwephutha lesivumo sokholo. Ngakho ngamandla akhanyiselayo omoya ongcwele kaNkulunkulu babona ukuthi igama elalibafanele neliqondile ngokuvelele kwakuyilelo elitholakala kuIsaya 43:10-12, okungukuthi, “ofakazi bakaJehova.” Ngo-1931, balemukela ngenjabulo leligama.
UKUKHANYA EZIPROFETHWENI NASEMIFANEKISWENI
14. Ikuphi ukuqonda ukukhanya okwandayo okwakwembula ngokuqondene neziprofetho zokubuyiselwa?
14 Kuze kube yilesikhathi, abantu abaningi basenombono wokuthi ukubuyela kwamaJuda ezweni lakubo kwakuwukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli. Kodwa akunjalo, leziprofetho ezinhle futhi ezikhuthazayo zokubuyiselwa zazinokugcwaliseka kwazo kokuqala emuva lé ekhulwini lesithupha B.C.E. lapho amaJuda ebuya eBabiloni, futhi zinokugcwaliseka okuyinhloko osukwini lwethu kuIsrayeli ongokomoya. Sibona ubufakazi bokugcwaliseka kwazo epharadesini elingokomoya kulelo “uIsrayeli kaNkulunkulu” wanamuhla nabangane bakhe abathembekile abazithola bekulo.—2 Korinte 12:4; Galathiya 6:16.
15, 16. Ikuphi ukukhanya okwakhanya emifanekisweni emibili kaJesu?
15 Kwaphumela ekuqondweni ngokwengeziwe kwemifanekiso kaJesu. Isibonelo esingesivelele sasihilela umfanekiso wezimvu nezimbuzi, njengoba ulotshwe kuMathewu 25:31-46. Esikhathini eside bekucatshangwa ukuthi lomfanekiso uyoba nokugcwaliseka phakathi neminyaka eyi-1 000 yokubusa kukaKristu. Kodwa oFakazi BakaJehova base bebona ukuthi ngokusobala awunakusebenza ngalesosikhathi. Phakathi kwezizathu eziningi kwaba yikuthi phakathi nokubusa kukaKristu kweminyaka eyinkulungwane ‘abafowabo’ bayobe bengekho emhlabeni, kungasaphathwa-ke ukuswela ngenxa yokugula noma ukushushiswa. Ngakho kumelwe ukuba sigcwaliseke manje, njengoba uJesu osesihlalweni sobukhosi ezulwini ebutha izizwe ukuba azahlulele, futhi lokhu kuvezwa amaqiniso esiwabona egcwaliseka.
16 Futhi, umfanekiso wesicebi noLazaru uye wakhanyiswa. Kwabonwa ukuthi isicebi sasingamelele isizwe samaJuda sisonke, kodwa abanobuzenzisi abaholi benkolo abanothile bosuku lukaJesu, futhi ngokuhambelanayo, abafundisi benkolo beLobukholwa osukwini lwethu.—Luka 16:19-31.
17. Ikuphi ukuqonda okuphawulekayo abakuzuza ngokuqondene nencwadi yesAmbulo?
17 Ngokufanayo, ukukhanya okwandile kwabangela izinceku zikaJehova ukuba zazise ukuthi incwadi yesAmbulo inokugcwaliseka kwayo okuwumvuthwandaba okuqala ngo“suku lweNkosi,” okungukuthi, kusukela ngo-1914, hhayi phakathi nawo wonke umlando webandla lobuKristu kusukela ezikhathini zobuphostoli kuze kube namuhla, njengoba kwake kwacatshangwa kanjalo. (IsAmbulo 1:10) Zaqala ukuqonda ukuthi ukuqala ko“suku lweNkosi” kuye kwaphawulwa ngempi ezulwini lapho uMikayeli (uJesu Kristu osesihlalweni sobukhosi) nezingelosi zakhe bekhipha uSathane nezingelosi zakhe ezulwini. (IsAmbulo 12:1-12) Abantu bakaJehova bajabula kakhulu ukuphawula ukuthi umsebenzi wabo woMbuso uye wabikezelwa, ikakhulukazi kusAmbulo izahluko 2, 3, 6-11.
UKUHLELEKA OKUNGOKWASEZULWINI
18. Yini eyafundwa ngokuphathelene nehlelo elingokwasezulwini emabandleni obuKristu, futhi lokhu kwasetshenziswa kanjani?
18 Izibonelo eziningi ngokwengeziwe zinganikezwa zokwanda kokukhanya ezikhathini zanamuhla, kodwa isikhala sisivumela ukuba sisho esisodwa esengeziwe. Lesi siphathelene nomthetho ongokwasezulwini noma inqubo ebuswa uNkulunkulu. Engxenyeni yokugcina yekhulu le-19, abaFundi BeBhayibheli babephatha amabandla abo ngendlela yokukhetha kweningi; babefuna ukusiyeka isimiso sobushiqela. Kodwa ngonyaka ka-1938 baqaphela ukuthi lelilungiselelo lokukhetha kweningi lalintula ukusekelwa okungokomBhalo. Lalingakavumelani nehlelo elingokwasezulwini, eliwukubusa okuvela kuNkulunkulu kwehle, kunokuba kusuke kubantu kuye phezulu. (Isaya 60:1, 17-19) Ngakho ezikhathini zamuva nje, ngokuqondisa kukamoya ongcwele, “inceku ethembekileyo neqondayo”e yenza ukumiswa kwamadoda emabandleni ukuba akhonze njengabadala nezinceku ezikhonzayo. (IzEnzo 20:28) Lawa kumelwe abe nezimfanelo ezingokomBhalo njengoba zishiwo kweyo-1 Thimothewu 3:1-13 nakuThithu 1:5-9.
19. Kungani kwakungenakulindeleka ukuba ukukhanya okugcwele nokuphelele kufike ngesikhathi esisodwa?
19 Ngokuqinisekile, konke osekuphawuliwe kubonisa ukuthi indlela yabantu bakaJehova iye yaba futhi isenjengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya kakhulu. (IzAga 4:18) Njengoba baphuma ebumnyameni obukhulu obuhaqe “iBabiloni Elikhulu” umbuso wezwe wenkolo yamanga, kwakungenakulindeleka ukuba babone zonke izinto ngokushesha njengoba zinjalo. (IsAmbulo 17:5) Ukukhanya kweqiniso elambuliwe kwakungaba nomphumela ophuphuthekisayo, ngisho nodidayo kubo, ngokomoya. Lokhu kungaqhathaniswa nokuphuma komuntu endlini emnyama bhuqé ephumela ekukhanyeni okukhazimulayo. Kungathatha isikhathi ukuba amehlo alowo muntu akwazi ukubona kulokho kukhanya okusheshayo kokukhazimula kwelanga.
20. (a) Iluphi uhlu olubanzi oluye lwahlanganiswa wukukhanya okuqhubekayo kweqiniso? (b) Imuphi umbuzo osadinga ukucatshangelwa?
20 Futhi, njengoba sesibonile, ukukhanya okuthuthukayo kweqiniso kuhlanganisa uhlu olubanzi. Kunokuqonda okulungisiwe ngokuqondene nezimfundiso, iziprofetho, ukuziphatha kobuKristu nomsebenzi wamaKristu, ngokuphathelene nencazelo yemifanekiso kaJesu, nokuhlelwa okufanele kwebandla, nokunye. Konke lokhu kuyakhanya ngokwanelisayo. Kodwa abanye bangase babuze lombuzo: Kungani kubonakala sengathi indlela yamaKristu ayihambi iqonde phambili ngaso sonke isikhathi? Iyini incazelo? Ukuze athole izimpendulo kulemibuzo sikhomba umfundi esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka amakhasi 102, 103 encwadini “Let Your Kingdom Come,” ekhishwe iWatch Tower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Studies in the Scriptures, Umq. 1, kk. 29-35.
c “The Watch Tower Reprints,” Umq. 1, kk. 369-371.
d Studies in the Scriptures, Umq. 1, k. 38.
e UJesu Kristu wabikezela ukuthi wayeyobeka “inceku ethembekileyo neqondayo” kukho konke anakho ukuba inikeze abalandeli bakhe ukudla okungokomoya. Amaqiniso angaphambili afakazela ukuthi le“nceku” ingabantu abahlangene futhi ikanye namaKristu angoFakazi BakaJehova.—Mathewu 24:45-47.
[Ibhokisi ekhasini 26]
Izinceku zikaJehova zanamuhla zakuqonda ekuqaleni ukuthi:
UJehova unguNkulunkulu oyedwa weqiniso nokuthi uJesu Kristu uyiNdodana yakhe ezelwe yodwa.
Umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu ayisiphekupheku.
Umphefumlo uyafa nokuthi ithemba labafileyo lisovukweni.
UKristu uyoba nezindlalifa eziyizi-144 000 ezulwini, kanti uquqaba lwesintu esilalelayo luthole ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi.
Ngokuhamba kwesikhathi zaba nokwazisa:
Ukuthi uNkulunkulu uvumele ububi ngenxa yempikiswano yokubuswa kwendawo yonke.
Ukuthi iziprofetho zokubuyiswa zisebenza kuIsrayeli ongokomoya.
Ukuthi ukugcwaliseka kwesAmbulo kwenzeka o‘sukwini lweNkosi.’
[Isithombe ekhasini 24]
Ukuqonda izinjongo zikaJehova njengoba zenziwe zaziwa nge“Nqabayokulinda” kuye kwakhanya eminyakeni eminingi