Ukusinda Noma Ukubhujiswa “Osizini Olukhulu”
“Laba bayakumuka baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.”—Mathewu 25:46.
1, 2. Yimuphi umbono abanye abaye bawuveza, futhi kungani lokhu kuyingozi futhi kufanele kugwenywe?
UMQONDO wokuba abathile babhujiswe phakade uyacasula kwabanye. Lokhu kunjalo kubantu abakholelwa ukuthi ekugcineni wonke umuntu uyosindiswa. Emuva lé ekhulwini lesithathu C.E., umbhali wezenkolo uOrigen akawucabangelanga ngokungathi sína umqondo wosindiso lokugcina lwabo bonke. Ngaphandle kokuya ekudeni kangako, abanye namuhla abathi bangamaKristu baveza umbono wokuthi mhlawumbe bonke abantu bayovuswa, kuhlanganise nazo zonke izisulu zesikhathi esizayo zo“sizi olukhulu.”—Mathewu 24:21, 22.
2 Ngobuwula, labo abamukela lomqondo basondela ngokuyingozi emfundi sweni yeLobukholwa yo“vuko lwabo bonke.” Amasonto ayinhloko afundisa ukuthi izidumbu zabo BONKE abafileyo ziyovuswa zihlangane nemiphefumulo yazo ezulwini noma “esihogweni.” Nokho, iBhayibheli alilufundisi olunjalo ‘uvuko lwabo bonke’ njengoba luqondwa ngeLobukholwa, alikufundisi nokuthi BONKE abafileyo, ngisho nababi, bayovuswa noma bayobuyiselwa ekuphileni.
Akusibo Bonke Abafileyo Abayovuswa
3. UJesu wakubonisa kanjani ukuthi abayikuvuswa bonke?
3 UJesu wabonisa ukuthi abayikuvuswa bonke. Wayephendula umbuzo onobuqili awubuzwa ngabaSadusi, ababekholelwa ukuthi akukho muntu oyovuswa. Wakhuluma ngalabo “abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyonkathi nasekuvukeni kwabafileyo.” (Luka 20:35) Amazwi akhe abonisa ukuthi akubona bonke abayobe bezibonakalise befanelwe ukuvuselwa esimisweni esisha sezinto esithenjiswe uNkulunkulu.
4. NgokwesAmbulo isahluko 20, abafileyo bayophuma kuphi, kodwa iyiphi indawo engokomfanekiso engabakhiphi abafileyo bayo?
4 KusAmbulo isahluko 20, esikhuluma ngovuko lwa“bafileyo ababesele” abangahlanganyeli “ekuvukeni kokuqala,” iBhayibheli lithi “ulwandle” ne“Hayidese” kukhipha abafileyo abakukho. Alisho ukuthi abafileyo baphuma “echibini lomlilo,” noma ‘ekufeni kwesibili,’ kwenye indawo okuthiwa “iGehenna” (Geʹi Hinnomʹ, ngesiHeberu). (Luka 12:5) Njengoba nje igama elithi “ulwandle” likhomba ithuna eliqoqayo elingamanzi lalabo abafela ekujuleni futhi abazidumbu zabo azitholakalanga ukuba zingcwatshwe emhlabeni, igama lesiGreki haʹdes alibhekiseli kunoma iliphi ithuna lomuntu, kodwa, kunalokho, kwelasemhlabeni ithuna elivamile lesintu. Lisho okufanayo negama elithi “Sheol” elitholakala emiBhalweni yesiHeberu. UJesu uthi: “Ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kubephakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese.” (IsAmbulo 1:18) Phakathi nokubusa kwakhe kweminyaka eyinkulungwane uyosebenzisa lezi“zihluthulelo” ukuze akhulule ekufeni labo ‘abafanele ukufinyelela kuleyonkathi nasekuvukeni kwabafileyo.’
5. Yini efanekiselwa i“Gehena”?
5 Ngakolunye uhlangothi, akukho lapho imiBhalo ibonisa khona ukuthi uKristu unezihluthulelo zeGehena. Wakhuluma ngeGehena, ethi: “Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni [uJehova] onamandla oku bhubhisa nomphefumulo nomzimba eGehena.” (Mathewu 10:28, NW) Lapho ekhuluma ngalelivesi encwadini yakhe ethi Ukungafi Komphefumulo Noma Uvuko Lwabafileyo? (ngesiFulentshi), uProfesa Oscar Cullmann uyabhala: “elithi “psy·kheʹ [umphefumulo] lapho alisho umphefumulo ngomqondo wesiGreki kodwa kumelwe lihunyushwe ngokuthi ‘ukuphila.’ . . . UW. G. Kümmel . . . naye uloba ngokunengqondo: “UMath. 10:28 ‘akazami ukuqokomisa ukungafi komphefumulo, kodwa ugeizelela iqiniso lokuthi uNkulunkulu yedwa angabhubhisa hhayi nje ukuphila kwasemhlabeni kuphela kodwa nokuphila kwasezulwini.’” Yebo, iGehena limelele ukubhujiswa kwaphakade ukuvuswa okungenakwenzeka kukho. IThe New Bible Commentary (Uhlelo Lwesibili, ikhasi 786) ichaza elithi Gehena njenge“ncazelo yo’kufa kwesibili.’”—IsAmbulo 21:8.
6. Bonisa ngokuvela eBhayibhelini ukuthi abanye baya eGehena ngaphambi koSuku Lokwahlulela lweminyaka eyi-1 000 futhi ngalokho abanathemba lokuvuswa.
6 Manje, iBhayibheli libonisa ngokuqondile ukuthi abanye baphelela eGehena elingokomfanekiso ngaphambi kokuba uSuku Lokwahlulela lweminyaka eyi-1 000 luqale. UJesu watshela ababhali nabaFarisi abangaphenduki ukuthi bona namaproselite abo abeZizwe babeyi‘zigqila zeGehena’ noma, ngokoqobo, ‘amadodana eGehena.’ (Mathewu 23:15, 33-35; bheka futhi uJohane 9:39-41; 15:22-24.) Uma ngisho umproselite wabaFarisi waba isigqila seGehena ngokuphindwe kabili kunabo, kakhulu kangakanani ngoJuda Iskariyoti, owenza isenzo esibi kakhulu nabo sokukhaphela iNdodana kaNkulunkulu! UJesu wayeqonde lokhu lapho ebiza uJuda ngokuthi “indodana yokulahlwa.” (Johane 17:12) Ngokufanayo, izihlubuki ezingaphenduki ekufeni, ziya, hhayi eShoel, noma eHayidese, kodwa eGehena. (Heberu 6:4-8; 2 Petru 2:1) Okufanayo kwenzeka kumaKristu azinikezele aphikelela esonweni sangamabomu noma lawo ‘ahlehlela emuva.’ (Heberu 10:26-31, 38, 39) Lezi kumane kuyizibonelo zokubonisa ukuthi abanye, ngisho ‘kulesimiso sezinto,’ baye benza isono esingenakuthethelelwa, hhayi ngisho nasesimisweni sezinto ‘esizayo.’ (Mathewu 12:31, 32; qhathanisa no-1 Johane 5:16.) Ngakho-ke, abayikuvuswa.
Isiphetho Sezahlulelo ZikaJehova
7. Yini futhi efakazela ukuthi uJehova ukhipha isahlulelo sokugcina ngokumelene nabanye ngisho phakathi nesamanje isimiso sezinto?
7 Lona kanye iqiniso lokuthi uJesu wathi ‘abahlambalaza umoya’ abayikuthethelelwa ‘kulesimiso sezinto nakwesizayo’ kumelwe liqinisekise noma ubani oyingabazayo indaba yokuthi uJehova ukhipha isahlulelo sokugcina ngokumelene nabathile ngisho phakathi ‘nalesimiso.’ Abanjalo ‘banecala lesono esingapheliyo.’ ‘Abanakuthethelelwa naphakade.’ (Marku 3:28, 29) Khona-ke, kungani kumelwe bavuswe?
8. (a) Kumelwe sisibonise kanjani isimo esifana nesikaJehova? (b) Kungani kumelwe simethembe uJehova neNdodana yakhe njengabaHluleli, futhi isiphi isibonelo esingavezwa sokubonisa isiphetho sesahlulelo saphezulu?
8 Ngempela, njengabaphakanyisiwe ofakazi bakaNkulunkulu wethu uJehova, asihambi sisongela abantu ngokubhujiswa. Sinombono kaJehova ngezinto. Ngaye, kuthiwa ‘uyabekezela,’ ngoba ‘akathandi ukuba kubhubhe namunye kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.’ (2 Petru 3:9) Ngakolunye uhlangothi, kumelwe sigweme ukukhathazeka kakhulu futhi, mhlawumbe ngobuwula, sigxeke indlela kaJehova yokwenza izinto. UJehova ungumaHluleli ophelele. (Duteronomi 32:4) NoKristu Jesu unjalo. (Johane 5:30) Lapho icala lilethwa phambi kwabahluleli abangabantu abangaphelele futhi lihlolwa kusukela enkantolo ephansi kakhulu kuya enkantolo ephakeme kakhulu yezwe, abantu bacabangela ukuthi ukwahlulela ngokulunga kuye kwenziwa, futhi akusekho sikhalo esingenziwa. Khona-ke, kungani kumelwe singabaze izahlulelo zikaJehova nesiphetho sazo?—IHubo 119:75.
9. UMathewu 10:28 usibonisa kanjani isiphetho sezahlulelo zikaJehova?
9 Nakuba uJehova ezibonakalise ngokwakhe ukuba ‘obekezela’ ngokumangalisayo ngenxa yokuba ‘efuna bonke beze ekuphendukeni,’ uyazi ukuthi akubona bonke abayophenduka. Yingakho uJesu asixwayisa ukuba ‘sesabe lowo ongabhubhisa kokubili umphefumulo [ukuphila] nomzimba eGehena.’ Lapho ikhulumela lelivesi, iNew International Dictionary of New Testament Theology ithi: “UMath. 10:28 akafundisi ukungabi nakufa komphefumulo kodwa ukungabi nakuguqulwa kwesahlulelo saphezulu kwabangaphenduki.”
10. Yini uJesu ayisho ngokuqondene na“baningi” naba“yingcosana,” futhi iyini incazelo yegama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukubhujiswa”?
10 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi; nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni [ngesiGreki, apoleia]; baningi abangena khona. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.” (Mathewu 7:13, 14) Izichazamazwi zesiGreki zichaza elithi apoleia njengelisho “ukubhujiswa,” “ukubhujiswa phakade,” (Arndt & Gingrich) noma “ukubhujiswa okuphelele, hhayi nje ngomqondo wokupheliswa kokuba khona okungokwenyama.” (Theological Dictionary of the New Testament) Ngakho-ke, akukho sisekelo esingokweBhayibheli sokukholelwa ngokomzwelo ukuthi abantu abaphilayo namuhla ababhekene no“sizi olukhulu” kakhulu kusukela ekuqaleni kwezwe, bananoma ikuphi okunye ukukhetha ngaphandle ‘kokuphila’ noma ‘ukubhujiswa.’—Mathewu 24:21, 22.
Ukusinda Noma Ukubhujiswa
11. (a) Asho ukuthini amazwi athi ‘usuku lukaJehova’? (b) Luyini “usuku olukhulu lukaJehova” oluzayo, futhi yini eyokwenzeka ngalesosikhathi?
11 “Usuku olukhulu lukaJehova luseduze.” (Zefaniya 1:14) Awakaze lamazwi ashayise uvalo kangako ngaphambili. Yiqiniso, kuye kwaba khona ezinye izinkathi ezikhethekile emlandweni lapho uJehova akhipha isahlulelo sakhe futhi wangcwelisa igama lakhe, futhi ngayinye yalezi yayincane kuno‘suku lukaJehova.’ IJerusalema elingathembekile, iBabiloni neGibithe kwathola ‘izinsuku’ ezinjalo. (Isaya 2:1, 6-17; 13:1-6; Jeremiya 46:1-10) Kodwa olukhulu kakhulu ‘usuku lukaJehova’ luseza. Luwu“suku” lapho isahlulelo sikaJehova siyokhishwa phezu kweLobukholwa, kosele okaSathane umbuso wezwe wenkolo yamanga naso sonke isimiso sakhe esibi. Lolu “lungusuku lolaka, usuku lokuhlupheka nolosizi, usuku lwencithakalo nolokuyize.” Isiprofetho siyaqhubeka: “Ngiyacindezela abantu, . . . ngokuba bonile kuJehova. . . . Nasiliva labo nagolide labo akuyibanamandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa umlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni. Lungakanehleli ulaka oluvuthayo lukaJehova, lungakafiki phezu kwenu usuku lolaka lukaJehova. Funani uJehova nina nonke bathobekileyo bomhlaba enisebenzile ukwahlulela kwakhe; funani ukulunga; funani ukuthobeka; mhlawumbe niyakusitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova.”—Zefaniya 1:15-2:3.
12. Ingabe isiprofetho sikaZefaniya sibhekisela kuJuda kuphela, noma sinokusebenza kwaso okubanzi?
12 Ngisho abacwaningi abaningi beBhayibheli beLobukholwa bayaqaphela ukuthi lesiprofetho sasingasebenzi kuJuda kuphela kodwa sasibikezela “isahlulelo sezwe lonke phezu kwawo wonke umhlaba” (Keil-Delitzsch), “isiphelo senkathi yesono,” (iEcumenical Bible, yesiFulentshi), “usuku lapho isahlulelo sezwe lonke siyokwehliselwa phezu kwabo bonke ububi futhi intukuthelo kaNkulunkulu yehliselwe kubo bonke abangamazi uNkulunkulu nabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu.”—New Bible Commentary, Uhlelo Lwesibili.
13. (a) NgokukaPawulu, lufanele lube nlni ‘usuku lukaJehova’? (b) Uyini “umuntu ongenamthetho” futhi ikuphi ukwahlulela okulindele lo“muntu” ongokomfanekiso?
13 Umphostoli uPawulu uhlanganisa “usuku lukaJehova” no“kubakhona kweNkosi yethu uJesu Kristu.” (2 Thesalonika 2:1, 2, NW) Ngemva kokukhuluma ngo“kuhlubuka” lokho ekugcineni okuveza “umuntu ongenamthetho,”—isigaba sezihlubuki ezingabefundisi bamasonto eLobukholwa—uPawulu uyenezela: “Khona-ke, ngempela, ongenamthetho uyakwembulwa, lowo iNkosi uJesu eyakumchitha ngomoya womlomo wayo futhi imqede ngokubonakaliswa kokuba khona kwayo.” (2 Thesalonika 2:3, 8) Abefundisi abayizihlubuki bayo‘chithwa,’ noma ‘baqedwe,’ ekuqaleni ko“sizi olukhulu.” (IsAmbulo 17:1-5, 16, 17) Lesosigaba sibizwa futhi ngokuthi “indodana yokulahlwa [apoleia],” okusho ukuthi sibheke “ekubhujisweni phakade” eGehena, njengabafana nabosuku lukaJesu.—2 Thesalonika 2:3; Mathewu 23:33.
14. Kungani abanye abaningi ‘beyobhubha,’ ngakho-ke ikuphi ukukhetha okuphambi kwaso sonke isintu?
14 Kodwa kuthiwani ngabo bonke abantu abalandele abefundisi ne“nkohliso yokungalungi” kwabo? Umphostoli uPawulu ukhuluma ngabo njenga“babhubhayo [ngokoqobo: “abazibhubhisayo” njengesijeziso NW], ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe. Ngalokhoke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga, ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.” (2 Thesalonika 2:10-12) Namuhla, izwe liye laba umgodi wobubi, ukuziphatha okubi nokonakala. Iningi lesintu ‘lijabulela ukungalungi’ futhi ‘alimukeli uthando lweqiniso’ ukuze lingase lisindiswe. (Qhathanisa noHezekeli 9:4-7.) Ngakho-ke, bayo‘kulahlwa’ futhi baphele ‘njengesijeziso esifanelekile.’ “Osizini olukhulu” oluzayo ukukhetha kuyakhanya impela. Kuphakathi kokusinda nokubhujiswa.
Balekelani EMbusweni Ukuze Nisindiswe
15. Umfanekiso we“zimvu” ne“zimbuzi” uveza kanjani ukukhetha kwazo zonke izizwe zesintu?
15 Yebo, “usuku olukhulu lukaJehova luseduze; luseduze, lushesha kakhulu.” (Zefaniya 1:14) Siphila esikhathini sokwahlulela lapho ‘izizwe zonke’ zibuthelwe phambi kukaKistu Jesu. Abantu bazo zonke lezozizwe bahlukaniselwa ezigabeni ezimbili, ese“zimvu” nese“zimbuzi.” Umphumela wokugcina ubekwe ngokukhanyayo: “izimvu,” ziya “ekuphileni okuphakade,” ne“zimbuzi” ziya “ekujezisweni okuphakade.”—Mathewu 25:31-33, 46.
16, 17. (a) Abe-2 Thesalonika 1:6-9 basibonisa kanjani isiphetho sokwahlulela kukaJehova akwehlisa “osizini olukhulu”? (b) Ukwenezelwa kubahluphi babantu bakaNkulunkulu, obani abayobhujiswa, futhi ngani?
16 Ebonisa futhi isiphetho sesahlulelo sikaJehova, uPawulu uyabhala: “Kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo, aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni [apokalypsis] kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:6-9.
17 Phawula ukuthi “isijeziso esingukubhujiswa okuphakade” asehliselwa kuphela kulabo ‘abahlupha’ abantu bakaNkulunkulu kodwa futhi “kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli.” Encwadini yakhe kwabaseRoma, uPawulu uchaza isizathu sokuba a“bangamazi uNkulunkulu” ‘bengenakuxolelwa’ nokuthi kungani beyolahlwa. (Roma 1:18-20; 2:5-16) ‘Ingelosi endiza emkhathini wezulu,’ okukhulunywa ngayo kusAmbulo isahluko 14, imema bonke “abahlezi emhlabeni” ukuba ‘besabe uNkulunkulu futhi bamnike udumo ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.’ Ngakho-ke abantu bayanxuswa ukuba ba“khuleke kuye owenza izulu nomhlaba nolwandle.” Labo abahluleka ukwenza kanjalo, nabo bonke abakholelwa kuso “isilo sasendle” esingokwezombangazwe zikaSathane kunaseMbusweni kaNkulunkulu wobuMesiya, bayobhujiswa naleso“silo” “esikhamweni sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu.”—IsAmbulo 14:6, 7, 9, 10, 14-20; 19:11-21.
18. (a) Yini noma ubani othemba ukusinda okumelwe ayenze manje? (b) Obani iBhayibheli elithi basinda ‘osizini olukhulu,’ futhi iliphi ithemba elingaphambi kwabo?
18 Noma ubani othemba uku“sitshekelwa ngosuku lolaka lukaJehova” kumelwe ‘afune ukulunga, afune ukuthobeka’ futhi ‘asebenzise isinqumo sokwahlulela sikaJehova uqobo,’ kunokuba asigxeke. (Zefaniya 2:2, 3) Noma ubani ofuna ukucatshangelwa nguMahluleli kaJehova ‘njengemvu’ ukuze alondolozwe “osizini olukhulu” kumelwe azibonakalise engo“lungileyo,” ngenkuthalo esiza futhi esekela ‘abafowabo,’ bakaKristu abagcotshiwe, abakha isigaba se“nceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 25:33, 40, 46; 24:45-47) Okuwukuphela kwalabo iBhayibheli elibelulela ithemba lokusinda “osizini olukhulu” ‘abafowabo’ bakaKristu, “abakhethiweyo,” ne‘sixuku esikhulu,’ se“zimvu” ‘esinikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu’ ngaphandle kokuyeka ngokuqhubekayo sithi kubo bonke ukuba bezwe: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” Njengoba abafundi ababhapathiziwe bethathwa ‘kubantu bazo zonke izizwe,’ lesi“sixuku esikhulu” siluswa yiWundlu, uKristu Jesu, osiqondisa “emithonjeni yamanzi okuphila” engayikusha. “UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo.”—Mathewu 24:21, 22; 25:34; 28:19, 20; IsAmbulo 7:9-17.
IMIBUZO YOKUBUKEZA
□ Amasonto eLobukholwa asho ukuthini ngo“vuko lwabo bonke” abafileyo, kodwa ingabe lemfundiso ingokweBhayibheli?
□ Imiphi imibhalo ebonisa ukuthi akubona bonke abafileyo abayovuswa?
□ Yini i“Gehena”?
□ Yini ebonisa ukuthi uJehova ukhipha isahlulelo sokugcina ngokumelene nabathile ngisho naphakathi nalesisimiso sezinto samanje?
□ Yini eyokwenzeka ngo“suku lukaJehova,” futhi labo abayobhujiswa ingabe bayovuswa?
□ Yini okumelwe umuntu ayenze ukuze asinde, ngalokho imuphi umsebenzi ophuthuma kakhulu kunanini?
[Isithombe ekhasini 23]
UJuda, “indodana yokulahlwa,” uyoba phakathi kwalabo abangenakuvuswa