Igatsha Elisha EKorea
KWAKUNGO-1952 lapho omagazini INqabayokulinda nePhaphama! beqala ukukhishwa ngolimi lwesiKorea. Kuyo yonke leminyaka eminingi, kuze kube ngo-1982, ukunyatheliswa komagazini kuye kwenziwa abanyathelisi bezentengiselwano basendaweni. Njengoba manje kunoFakazi BakaJehova abayizi-30 000 abahlanganyela ekushumayeleni ngombuso eKorea, ukunyatheliswa komagazini kuye kwakhula kwafinyelela omagazini abayizi-100 000 isikhathi ngasinye ophuma ngaso, noma cishe izigidi ezinhlanu ngonyaka! Ingabe lokhu kunyathelisa kungafezwa oFakazi basendaweni ngokwabo, njengoba kunjalo kwamanye amazwe kulo lonke izwe?
Ukunikezelwa kwegatsha elikhulu elisha eKorea kuloMay 8 odlule kumelwe kwenze lokhu kube nokwenzeka. Ungawubona umfanekiso wegatsha elisha ekhasini elilandelayo. Lihlanganisa amahekthare ama-3,6 endawo engamakhilomitha angama-64 ngaseningizimu yomuzi waseSeoul endaweni enhle esemaphandleni eKongdo, eAnsung County
Njengoba yayingekho indlu yokungenisa bonke ababengathanda ukuba khona esimisweni sokunikezela, abayi-1 882 ababekhona babethole isimemo esikhethekile. Yeka isikhathi esivusa amadlingozi okwakuyiso kubo, njengoba bezwa omakadebona bebukeza isibusiso sikaJehova uNkulunkulu ngokwanda komsebenzi wombuso lapha! Phakathi kwalabo ababekhona kwakunguDon noEarlene Steele, izithunywa zevangeli zokuqala eKorea. Lapho befika ngoAugust 1949, iminyaka engamashumi amathathu nantathu edlule, bathola oFakazi basendaweni abangaphansi kwamashumi amabili. Iningi labo lalisinde ekuboshweni nokuhlushwa phakathi nokuphathwa kwendawo ngamaJaphane esikhathini sempi.
Kungani Kwakudingeka Igatsha Elisha
Izithunywa zevangeli zathuthela ekhaya elihle esiqongweni saseSodaemun, eSeoul. Nakuba impi yaseKorea, eyaqala ngo-1950, yaziphoqelela ukuba zishiye lelozwe okwesikhashana, uDon noEarlene Steele ngokushesha bakwazi ukuphindela futhi bahlala ekhaya labo elidala, manje elalinezibazi zezimbobo. Kamuva ukukhula komsebenzi wombuso kwashesha kakhulu. Ngo-1953 kwakukhona abamemezeli abangama-417. Ngalowonyaka ihhovisi legatsha lamiswa kulelozwe.
Ezinye izithunywa zevangeli zeza ukuze zizohlanganyela nabakwaSteele, futhi eminyakeni elandelayo ukwanda okukhulu kwenza inani labamemezeli laba yizi-5 538 ngo-1964. Ngalowonyaka isimiso sokuqala sokwakha senziwa eSeoul. Ihhovisi elikhulu legatsha, izindawo zokuhlala ezinezelayo neHholo LoMbuso kwakhiwa njengesandiso sekhaya lakuqala.
Phakathi neminyaka elandelayo ukushumayela ngoMbuso kwaqhubeka kuthola ukwamukelwa ngentshiseko phakathi kwabantu baseKorea. Ngenxa yalokho, ngo-1972 inani labamemezeli lase likhule cishe ngokuphindwe izikhathi ezintathu, laba ngaphezu kwezinkulungwane eziyi-15. Lokhukwanda kwabantu enhlanganweni kwafuna okuqhubekayo ukwandiswa kwesakhiwo. Ngakho-ke enye ingxenye yanezelwa esakhiweni segatsha eSeoul, yaqedwa ekuqaleni kuka-1975.
Nokho, ukwandisa okuqhubekayo kwadingeka ngokushesha, ikakhulukazi uma izincwadi zeBhayibheli zazizonyatheliswa eKorea. Njengoba kwakungenakwenzeka ukwenza lokhu egatsheni eSeoul, kwanqunywa ukuba kutholakale indawo entsha ngokuphelele, futhi kwakhiwe nezindlu ezintsha. Ngemvume yeNdikimba eBusayo yoFakazi BakaJehova, cishe eminyakeni emithathu nengxenye edlule kwaqaliswa ukufunwa kwendawo efanelekile yegatsha elisha.
Ngenxa yemithetho yendawo, kwaba sobala ngokushesha ukuthi uma umsebenzi wokunyathelisa nezindawo zokuhlala kuzoba yinkimbinkimbi eyodwa kwakuyodinga ukuba kukhishelwe ngaphandle kwedolobha. Ekugcineni, isiqeshana sendawo eqhele ngamakhilomitha angamashumi ayisithupha nane eningizimu yeSeoul yatholakala. Yayibhaliswe kwahulumeni njengendawo yamahlathi.
Lendawo yamahlathi inemithi emihle yephayini, kanye nezingadi zamabhilikosi. Izungezwe yipulazi, okungekho zakhiwo ezingakhiwa kulo. Ngakho lokhu kunjengesivikelo kunoma yiziphi ezinye izakhiwo ezisondela endaweni yethu. Ngisho nangaphambi kokuba ukuthenga lendawo kuqedwe, imvume yokwakha indawo yokunyathelisa yacelwa futhi yatholakala. Khona-ke kwenziwa isicelo nemvume yokugawula ingxenye eyodwa kwezintathu zemithi, kususwe cishe engamakhulu ayisikhombisa yayo ukuze kuvuleke indawo yokwakha ikhaya elisha laseBethel, isakhiwo samahhovisi nefektri.
Futhi, kwakukhona amathuna angamashumi ayisithupha nesikhombisa kulendawo, njengoba kungokwesiko ngabantu ukuba bambele abafileyo babo ezixhotsheni zemithi yephayini. Ngemva kokuba isaziso sifakwe emaphephandabeni, amathuna ayishumi nanye alawa akhonjwa yizihlobo, futhi amathambo athuthelwa emathuneni eningi. Khona-ke kwaqedwa ukuthengwa futhi indawo yabhaliswa egameni leWatch Tower Bible and Tract Society of Korea.
Ukwakha IGatsha Elisha
Ukuze kuhlangatshezwane nezimfuneko zomthetho wendawo futhi kusetshenziswe indawo njengoba kuye kwavunyelwana, kwakuneminyaka emibili kuphela yokuqeda umsebenzi wokwakha nokuqala ukukhiqiza. Ngakho-ke lendawo yambiwa, kwafakwa ugesi nezigxobo zikagesi zamiswa. Imvume yesakhiwo yamukelwa ngoMarch 1981 futhi isakhiwo saqaliswa ngokushesha.
Njengoba ungabona emfanekisweni osekhasini elilandulelayo, isakhiwo samahhovisi esinezitezi ezimbili sixhumene nesakhiwo esikhulu esiyoba esendawo yokunyathelisa. Okusesakhiweni samahhovisi amahhovisi okuhumushela, ukuhlola amaphutha, iminyango yezimali nenkonzo, kanye namahhovisi ekhaya laseBethel nababonisi befektri. Esitezi sokuqala kukhona futhi iHholo LoMbuso elihle elisetshenziswa umkhaya waseBethel kanye neBandla LaseKongdo. Ngaphambi kokuphela konyaka kuthenjwa ukuthi omagazini besiKorea INqabayokulinda nePhaphama! bayonyatheliswa endaweni yokunyathelisa lapha.
Okuxhunywe ngendlela yezinyawo nesakhiwo samahhovisi nefektri ikhaya laseBethel elinezitezi ezimbili, nalo elinendawo engaphansi. Abantu abangamashumi ayisikhombisa bangahlala ngokunethezeka kulelikhaya futhi ikamelo ngalinye linendawo yalo yokugezela. Futhi kukhona ilondolo, izindawo zokuayina nokuthunga, kanye nendawo yokudlela enkulu nekhishi. Phakathi nokuvulelwa kwekhaya labo bomphakathi, izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokunikezelwa, umongameli wendawo yokuqeqeshela umsebenzi wasebhange wabuza: “Obani abahlala kulesisakhiwo esifana nehhotela?” Wahlatshwa kakhulu umxhwele isakhiwo.
Zakhiwa kanjani lezizakhiwo ezinhle? Cishe zonke izingcweti zazingoFakazi BakaJehova. Ngenxa yokuba nemikhaya okumelwe yondliwe, akubona bonke ababenganikela ngezinkonzo zabo mahhala. Kodwa lamadoda emikhaya asebenzela iholo eliphansi. Futhi, cishe amaphayona asemasha angamashumi amathathu (izikhonzi zesikhathi esigcwele) abizelwa lomsebenzi. Nakuba ayengenakho okuhlangenwe nakho okukhethekile ngokwakha, akuthola emsebenzini ukuqeqeshwa futhi enza umnikelo owusizo esakhiweni. Ngaphezu kwalokho, izinkulungwane zabanye oFakazi zavolontiyela ukuzosiza izinsuku ezimbalwa.
Wonke lomsebenzi wokuvolontiya wagcina izindleko zokwakha ziphansi. Eqinisweni zonke izindleko zathwalwa oFakazi BakaJehova eKorea, ngeminikelo emibalwa evela emabandleni anesithakazelo nabantu ngabanye kwamanye amazwe. Iminikelo yamukelwa ivela kubantu bazo zonke izindlela zokuphila, kusukela kwabancane kakhulu kuya kwasebekhulile.
Ukuthuthela egatsheni elisha kwathatha amasonto angaphansi kwayisithupha. Akudingekanga kuphela ukuba yonke impahla yamalungu omkhaya waseBethel ithuthwe isuka eSeoul kodwa futhi zonke izimpahla ezisetshenziselwa umsebenzi wegatsha. Njengoba umnyango ngamunye uthutha, ngokushesha waqala ukusebenza endaweni yawo entsha, ngisho nakuba isakhiwo sokugcina sasisakhiwa ngesikhathi esifanayo. Wonke umuntu wayefuna ukungena ahlale ngesikhathi sokunikezelwa. Kungani lesi ngokukhethekile kwakuyisehlakalo esasilindelwe ngamnyama?
Yingoba igatsha laseKorea leWatch Tower Society lalamukela ukuvakashelwa umbonisi ohambela amagatsha uRobert Wallen ovela endlunkulu eBrooklyn, namalungu amabili eNdikimba eBusayo, uFred Franz noLloyd Barry, ababezohlanganyela esimisweni sokunikezela. Ngakho-ke ngoMay 8, 1982, abameleli abayi-1 800 nangaphezulu boFakazi baseKorea bahlanganyela ngenjabulo noMzalwane uFranz ekunikezeleni lesisakhiwo segatsha kuJehova uNkulunkulu nasemsebenzini wakhe.
OFakazi BakaJehova eKorea bayajabula ngokuba nalesisakhiwo esisha. Kuyisifiso sabo ukusisebenzisa ngokugcwele ekufezeni umsebenzi wokushumayela nokufundisa okusamelwe wenziwe kulelizwe.
[Isithombe ekhasini 21]
Ikhaya elisha laseBethel, maphezulu ngakwesobunxele, lihlanganiswe namahhovisi esakhiwo nefektri yindlela