Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Kungani, eminyakeni yamuva, “INqabayokulinda” ingazange isebenzise inguqulo kaJohannes Greber, owayengumpristi wamaKatolika?
Lenguqulo yayisetshenziswa ngezinye izikhathi ekusekeleni indlela uMathewu 27:52, 53 noJohane 1:1, abafundeka ngayo njengoba bebhalwe kuNew World Translation nezinye izinguqulo zeBhayibheli ezigunyaziwe. Kodwa njengoba kuboniswe emazwlni ekhasi lokuqala enguqulo ka-1980 eThe New Testament kaJohannes Greber, lomhumushi wayethembele Ezweni Lemimoya LikaNkulunkulu ukuze limcacisele indlela okumelwe ahumushe ngayo amavesi anzima. Kuthiwa: “Umkakhe, ongumlumbi wezwe leMimoya likaNkulunkulu ngokuvamile wayesetshenziswa kakhulu ekudluliseleni izimpendulo eziqondile kuMfundisi uGreber zivela eZithunyweni zikaNkulunkulu.” INqabayokulinda ikubone kungafanelekile ukusebenzisa inguqulo enokuhlangana okunjalo okuseduze nemimoya. (Duteronomi 18:10-12) Ulwazi oluwusizo olwakha isisekelo sokuhunyushwa kwamavesi acashunwe ngenhla kuyiNew World Translation luyezwakala futhi ngenxa yalesizathu aluncikile nakancane enguqulweni kaGreber ukuze lugunyazeke. Ngakho-ke, akukho lutho olulahlekayo, ngokuyeka ukusebenzisa iNew Testament yakhe.
◼ AmaHeberu 1:7 asho ukuthini uma ethi uNkulunkulu “wenze izingelosi zakhe zibe-yimimoya, izikhonzi zakhe zibe-ngamalangabi omlilo”?
Umphostoli uPawulu, lapho eqhathanisa izingelosi neNdodana kaNkulunkulu, waphawula amazwi akumaHeberu 1:7. Wayecaphuna iHubo 104:4.
Njengoba zonke izingelosi ziyizidalwa zomoya ezingenawo umzimba wenyama, kubonakala sengathi uma amavesi ethi uNkulunkulu “wenza izingelosi zakhe zibe-yimimoya” awabhekisele ohlotsheni lomzimba izingelosi ezinawo. Kunalokho, ukuzwisisa kuhilela incazelo engokwesisekelo yo“moya.” Amazwi akuqala ayehunyushwe ngokuthi “umoya” (ngesiHeberu yiruahh; ngesiGreki, pneuma) anencazelo engokwesisekelo yoku“phefumlela noma ukufutha.” Kuye ngomnyombo wendaba, angase ahunyushwe njengo“moya” noma “amandla asebenzayo.” Ngakho-ke iphuzu lamaHeberu 1:7 neHubo 104:4 ngokusobala liwukuthi uNkulunkulu wenza izingelosi zakhe ezingabonakali ukuba zibe ngamandla angokomoya asebenzayo noma amandla ayisiphekupheku enkonzweni yakhe. Futhi angase azisebenzise njenga“malangabi omlilo,” noma “umlilo obhubhisayo,” lapho ezisebenzisa ukuze afeze izahlulelo zakhe ezivuthayo.