Abasha Abathembekile Babulawelwa UMbuso KaNkulunkulu
KWAKUCISHE kube ngo-8:30 ekuseni ngo-October. UElmer noAlex abancane, abaneminyaka eyi-16 neyi-14 ubudala, babedlala egcekeni elingaphambili lakubo eSan Salvador, inhloko-dolobha yase-El Salvador ehlukaniswe izinkinga. Ngokushesha kwaqhamuka iloli elimhlophe elithwala iziboshwa linamadoda amahlanu ayehlomile. Amadoda amabili ehla futhi atshela abafana ukuba bagibele elolini. Bathathwa ngendluzula umkhaya wabo ungazi.
Lapho abazali babo beqaphela okwakwenzekile, bazisa abadala bebandla loFakazi BakaJehova lakuleyondawo, futhi ukufuna okukhulu kwaqala. Ubudlova obushukunyiswa ngezombangazwe babuyinsakavukela e-El Salvador isikhathi eside. Abazali, uNapoleon no-Orbe, babenokwesaba okukhulu. Abomthetho baziswa futhi nabo bahlanganyela ekufuneni.
Ngosuku olulandelayo amadoda athile, eshayela inqola yezidumbu yomngcwabi wakuleyondawo, azisa omunye wabadala ukuthi ayebone izidumbu zabafana ababili nezinye izidumbu endaweni evamile yokulahla izisulu zobudlova. Yebo, uElmer noAlex batholwa, izidumbu zabo zidlovuzwe ngezinhlamvu. Kwakunezimpawu ezibonisa ukuthi bahlushwa ngaphambi kokuba babulawe. Kukholelwa ukuthi omunye weqembu labavukeli wazama ukubenza ukuba bahlanganyele neqembu labo ekulweni nohulumeni owayebusa. Nokho, abafana, ngenxa yokuba ngoFakazi BakaJehova, babengeke baphule ukungathathi-hlangothi kwabo kobuKristu ngokuhlanganyela neqembu elinjalo. Ngokusobala ngaleso sizathu babulawa. Baba abanye abafel’ ukholo ababili ohidini olude lwamaKristu athembekile aye afa ngenxa yokwenqaba ukuba ahileleke kwezombangazwe. Balalela uNkulunkulu kunabantu.—Johane 17:16; 18:36; IzEnzo 5:29.
Ngaleyondlela, ngosuku olulodwa nje, umkhaya wakwaLópez wancishiswa usuka emalungwini amahlanu kuya kwamathathu. Kwakuyisigameko esibi kakhulu kubazali. Esikhathini sokulahlekelwa kwabo okukhulu bathola induduzo nosizo oluvela kubazalwane babo abangamaKristu ehhovisi legatsha leWatch Tower Society lase-El Salvador noluvela ebandleni. Muva nje babhale incwadi yokubonga esingathanda ukuyihlanganyela nabafundi bethu.
Imiphumela Ephilisayo Yezithembiso ZikaNkulunkulu
“Ngicela namukele ukubonga nokwazisa okuvela kumkami, uOrbe, indodakazi yami, uReyna Noemí, nakithi ngesikhuthazo nenduduzo esakunikwa ngesikhathi lapho lokhu kwakudingeka kakhulu. Sibonga kakhulu kuBaba wethu, uJehova uNkulunkulu, lowo oye wanikeza amandla esasiwadinga ngemiBhalo—yebo, ngenxa yenhlekelele eyasivelela ngo-October 27 odlule. Njengoba nje singeke sikhohlwe amadodana ethu athandekayo uElmer noAlex, ngokufanayo ngeke sikhohlwe uthando lwenu ngalesosikhathi.
“Kuyiqiniso ukuthi sinobuhlungu obukhulu ngokulahlekelwa amadodana ethu. Kodwa manje siyabona ukuthi siludinga kangakanani uHlelo Olusha, futhi ukubona lokho lesimiso esibi sezinto esikwenzayo kungakhulisa kuphela ukwazisa kwethu ngesidingo soMbuso kaNkulunkulu.
“Bafowethu, siye sazazisa lezizinto ngisho nangokwengeziwe, futhi siyabonga kuJehova ngoba sinethemba eliqinisekile—akuwona nje uhulumeni ocatshangelwayo kodwa ongokoqobo.
“Omunye umzalwane wathi kimi ngothando: ‘Awunakukhohlwa uElmer noAlex, futhi kunekhambi elilodwa kuphela ngokudabuka kwakho—ukukhuluma ngethemba lakho kwabanye. Yebo, khuluma futhi ukhulume ngoMbuso noma nini uma unethuba lokwenza njalo.’ Yeka ukuthi lokhu kuye kwaba iqiniso kanjani! Kusihlwa siye sakhuluma nomakhelwane bethu, futhi lokhu kuye kwasilethela induduzo. UOrbe, umkami, uye wakwazi ukunikeza ubufakazi kubantu ‘ababalulekile’ abaye benza umzamo wokuthola okuthile ngokholo lwethu. Ngolunye usuku udokotela wathi kuye: ‘Ingabe unalo ukholo?’ Waphendula ‘Yebo!’ ‘Ngitshengise ukuthi luyini,’ ephendula. Nokho, walalela ihora lonke, ebonisa isithakazelo esikhulu nakuba iziguli zazimlindile. Wamnikeza incwadi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, futhi wayamukela ngokushesha.
“Ngolunye usuku umphathi wemboni engisebenza kuyo wangibiza futhi wathi: ‘Napoleón, ngifuna ukukhuluma nawe ngikubuze umbuzo. Ingabe uyakholwa ukuthi izwe lizobhubha ngokushesha?’ Lendoda yayingumpristi ongumKatolika kodwa yabulahla ubupristi. Lapho ngichaza ukuthi iBhayibheli linikeza ubufakazi obuqinile bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalesimiso esibi sezinto, yathi yayinokungabaza ngeBhayibheli. Njengoba ngikhuluma ngenhlangano yoFakazi BakaJehova, yamangala lapho ngichaza ukuthi sasingeyona ingxenye yeqembu labavangeli. Khona-ke ngayitshela ukuthi sasingakholelwa ezimfundisweni zenkolo. Yafuna isibonelo. Ngathi, ‘Ngokwesibonelo, eyokuthi uMariya umama kaNkulunkulu.’ ‘Habe, awukholwa ukuthi uJesu unguNkulunkulu nokuthi ngalokho uMariya umama kaNkulunkulu!’ Ngathi ‘Cha, iBhayibheli aliyisekeli imfundiso enjalo.’ Imangele kakhulu, yasukuma yathi: ‘Niyiqhubela kuphi imihlangano yenu? Nginike ikheli, ngifuna ukuya khona.’ Ngayibuza ‘Kungani?’ Yaphendula ngokuthi lapho isekholiji yayingakholelwa kuleyomfundiso futhi yaphetha ngokuthi zonke izinkolo zazikholelwa kuyo. Yeka ukumangala! Umpristi ongakholelwa kuZiqu-zintathu!
“Ngempela, bafowethu, namuhla sithandaza kakhulu kunangaphambili kuJehova ukuba uMbuso wakhe ufike uqede bonke ububi. Kuyiqiniso, bafowethu, ukuthi asikabuyeli esimweni sethu. Lapho usuku olusha lufika, inkumbulo yamadodana ethu iphambi kwethu. futhi konke kubonakala njengephupho elisabisayo. Kodwa yeka injabulo esinayo ngokuthi uJehova uyasisiza! Yebo, siyasizwa isisa sakhe ebandleni. Yeka ukubonga esinakho ngezithembiso zikaJehova ukuthi ngoKristu labo abalele ekufeni BAZOPHILA! (IzEnzo 24:15) Futhi yeka isibusiso okuyoba yiso, lapho amadodana ethu ebuya, siwatshela ukuthi ‘ukuhlukana’ kwawo nathi kwasinika ithuba lokukhuluma ngoMbuso kubantu esasingase singakwazi ukubafinyelela ngenye indlela!
“Nakuba ngezinye izikhathi sizizwa seqiwa ukudabuka, futhi ukungabibikho kwabafana bethu kusenza lusizi, nokho zonke izinsuku sibonga uJehova ngokwazi kwethu iqiniso, ngesandla sakhe esinomusa nangabafowethu nabangane abanjengani abasisiza ngalezo zikhathi zokudabuka.
“Sibonga kakhulu,
UNapoleón no-Orbelina López”
Nonke boFakazi abasha—ziqiniseni njengoba kwenza uElmer noAlex ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, “ukuze nibe-namandla” kungakhathaliseki ukuthi iluphi uvivinyo olungase lufike.—Efesu 6:11; 1 Petru 5:8-10.