Ukuhlakulela Isizotha SobuKristu
1. Iziphi izinkulumo ezibonisa ukuthi amanye amadoda ezwe aye ayazisa inzuzo yesizotha?
ISIZOTHA siyimfanelo eyake yaziswa amadoda ahlakaniphile alelizwe. Kanjalo siyatshelwa: “Umuntu ozothile akuvami ukuba ahluleke ukuzuza umusa walabo akhuluma nabo, ngoba akukho muntu ozonda umuntu ongaziphakamisi.” Futhi kuye kwathiwa: “Isizotha siwukukhanya okukhazimulayo; kulungiselela ingqondo ukuba yamukele ulwazi, nenhliziyo iqiniso.” Umuntu ontula isizotha akulula ukuba abe nengqondo ekhululekile.
2. Amadoda athile aphawulekayo aye asibonakalisa kanjani isizotha?
2 Khona-ke futhi, amadoda athile aphawuleka ngezinto azisungula aye abonakalisa isizotha. Kanjalo uAlbert Einstein wake waphawula ukuthi “umoya ubonakala emithethweni yeNdawo Yonke—umoya ophakeme kakhulu kunowomuntu, futhi lowo phambi kwawo thina namandla ethu azothile okumelwe sizizwe sithobekile.” Futhi uSir Isaac Newton, ocatshangelwa ngabaningi ukuba usosayensi ovelele kunabo bonke, wake wathi: “Uma ngiye ngabona kude kunabanye, kungenxa yezisekelo zezazi zangaphambili.” Ngokusobala abanesimo esifanayo sengqondo odokotela abathile bokuhlinza abaye bahlinza oFakazi BakaJehova. Ngemva kokwenza ukuhlinza okunzima kakhulu ngokuphumelelayo ngaphandle kokumpompela igazi, baye batshela iziguli zabo ezingoFakazi ukuthi udumo luya kuNkulunkulu, hhayi kodokotela bokuhlinza ngokwabo.
Izibonelo Zesizotha
3. (a) Yini eyosisiza ukuba sihlakulele isizotha? (b) Yini engashiwo ngoMose nesizotha?
3 Yini eyosisiza ekuhlakuleleni lemfanelo efiseleka kakhulu, yebo, edingeka kakhulu yesizotha? Ngokusobala, ukusebenzisa konke okuye kwashiwo ezihlokweni ezimbili ezandulelayo ngokugabadela nesizotha kuyosisiza ukuba sihlakulele isizotha. Olunye usizo ekuhlakuleleni isizotha luwukucabangela indlela uJehova aye wasebenzisa ngayo ngokunamandla izinceku zakhe ezizothile. UNkulunkulu wayengabasebenzisa kanjani abantu ababefuna udumo futhi bedonsela ukunakekela kubo esikhundleni sokukubhekisa kuMenzi wabo! UMose wakwenza lokhu kanye kuphela—yiqiniso, ngaphansi kokucindezelwa okukhulu nokucunulwa. Nokho, yeka ukuthi wakhokha kanjani ngalokho! Kodwa ukuthi uMose wayezothe ngempela kungabonakala ngokungazethembi kwakhe kokuqala ngokuya kuFaro. Ngaphandle kwalokho, imiBhalo ithi “uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.”—Numeri 12:3; Eksodusi 4:10-17.
4. UElihu noJosefa basibonisa kanjani isizotha esifanelekile?
4 Esinye isibonelo esihle sokuzotha sasinguElihu. Walindela ngokubekezela abadala kunaye, uJobe nabangane bakhe abathathu, baze baqeda ukukhuluma ngaphambi kokuba akhulume. UElihu akazange abe nomoya wokuphakama kodwa waqondisa lonke udumo kuMenzi wakhe. (Jobe 32:4-11, 21, 22; 36:9) UJosefa, indodana yenzalamizi uJakobe, naye wabonisa isizotha esifanelekile lapho elethwa ngaphambi kukaFaro onamandla futhi ebuzwa ukuthi wayengalichaza yini iphupho laleyonkosi yezwe. UJosefa wanikeza uJehova udumo lokuchaza amaphupho.—Genesise 40:8; qhathanisa noDaniyeli 2:26-30.
5. Kungani isizotha sikaGideyoni sasibalulekile kuJehova uNkulunkulu?
5 Cabangela futhi indaba kaGideyoni. Lapho emukela ukuthunywa kwakhe, ngokuzotha wathi isizwe sakubo sasingesincane kwaManase futhi yena ngokwakhe wayengomncane kakhulu endlini kayise. Ngakho uGideyoni uye kanye owasetshenziswa uJehova ekunqobeni abakwaMidiyani ngoba uNkulunkulu wayezimisele ukuthola udumo ngokunqoba. Umuntu ozothe ngempela kuphela owayengakhonza ngokufanelekile kulesosimo.—AbAhluleli 6:14-16; 7:2-7.
6. (a) Kungani uJehova athokoziswa isicelo seNkosi encane uSolomoni? (b) Iyiphi enye inceku kaJehova encane eyabonakalisa isizotha esifanele, futhi kuyiphi indaba? (c) Isimo sikaElihu omncane, uSolomoni noJeremiya singabathinta kanjani ofakazi bakaJehova abancane noma abanokuhlangenwe nakho okuncane?
6 USolomoni omncane, lapho enziwa inkosi okokuqala, ngokufanayo wabonakalisa isizotha. Lapho ebuzwa uNkulunkulu ephusheni ngalokho ayengathanda ukukuthola, uSolomoni waphendula ngokuzotha: “Ngingumntwana omncane nje. . . . Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela lababantu bakho abakhulu kangaka na?” UJehova wajabula kakhulu ngokuzotha kukaSolomoni kangangokuthi akamnikanga nje ukuhlakanipha kuphela kodwa nengcebo enkulu nodumo. (1 AmaKhosi 3:4-14) Ngenxa yokuzotha kukaSolomoni, uJehova wamenza ohlakaniphe kakhulu kunabo bonke ababusi besintu. UJeremiya wabonakalisa ukuzotha okufanayo ngenxa yobuncane bakhe lapho ebizelwa ukuba abe umprofethi kaJehova. (Jeremiya 1:6-8) Ingabe ngokufanayo ungufakazi kaJehova omncane noma ongenakho okuhlangenwe nakho? Uma kunjalo, ngokuqinisekile uyozibonakalisa uhlakaniphile uma, njengoElihu omncane, uSolomoni noJeremiya, ubonakalisa ukuzotha okufanelekile.
7. Amazwi kaPawulu kweyoku-1 Korinte 2:1-5 asinikeza kanjani isibonelo esihle sesizotha ngabamemezeli boMbuso?
7 Okuphawulekayo futhi, kwakuyisizotha sikamphostoli uPawulu. Nakuba ayekade engumFarisi ofunde kakhulu futhi kamuva asetshenziswa uJehova uNkulunkulu ngokunamandla, uPawulu akazange agabise ngezibusiso zakhe. Njengoba yena ngokwakhe asho: “Nami, bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. Ngokuba nganquma ukuthi angiyikwazi okunye phakathi kwenu, kuphela uJesu Kristu, lowo obethelwe [esigxotsheni]. Mina ngangikini ngobuthakathaka, nangokwesaba, nangokuthuthumela okukhulu; nokukhuluma kwami nokushumayela akubanga-ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba-ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:1-5) Abanye boFakazi BakaJehova baye bavela phakathi kwabafunde kakhulu. Kodwa, njengoPawulu, babonakalisa isizotha ekumemezeleni izindaba ezinhle, ngokuhlakanipha belandela isibonelo esihle somphostoli.
8. UJesu wasinikeza kanjani isibonelo esihle nesikhulu kunazo zonke sesizotha?
8 Ngokusobala asikho isibonelo esikhulu kunazo zonke nesihle kunazo zonke ngaphandle kukaJesu Kristu. Yeka umahluko okhona phakathi kweNdodana kaNkulunkulu nalowo owaba uSathane uDeveli! UKristu akazange ngokungenasizotha afune ukulingana noJehova uNkulunkulu. (Mathewu 4:8-10; Filipi 2:5-8) Kunalokho, uJesu weneliseka ngokuphelele ukuba umsizi kayise nomkhulumeli. (IzAga 8:30; Johane 1:1) Lapho esemhlabeni wakhuluma ngokuphindaphindiwe ngokuba kwakhe ngaphansi kukaNkulunkulu. (Johane 5:19, 30; 7:28; 8:28, 42) Wakwenqaba ukudunyiswa, eqondisa ukunakekela kuJehova. (Marku 10:18) Futhi ngesikhathi sokulingwa okukhulu kukaJesu, isimo sakhe sasiwukuthi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesisitsha; nokho kungabi-njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.” (Mathewu 26:39) Ngokungangabazeki, uJesu wasibekela isibonelo esihle ngokuzotha. Ngokuqinisekileke, zonke izidalwa zikaNkulunkulu zomoya nabo bonke abantu kumelwe babe ngabazothile.
Ukuzotha Kunengqondo
9. Ngokweyoku-1 Korinte 4:6, 7, kungani isizotha ezincekwini zikaNkulunkulu sinengqondo?
9 Ngathi ukuba nesizotha kuyaqondakala; kunengqondo. Okokuqala, asibona yini sonke abangaphelele? Ubani ongakuphika lokho! (1 AmaKhosi 8:46) Sonke siyawenza amaphutha. Okuhlangenwe nakho kwethu kulinganiselwe futhi ulwazi lwethu alulona olungenamkhawulo. Ngaphezu kwalokho, konke esinakho sikuphiwe. Kungakho umphostoli uPawulu acelisisa akholwa nabo ukuba bangeqisi kokulotshiweyo “ukuba,” njengoba akubeka, “ningakhukhunyezwa, kungabi-yilowo akhethe omunye kunomunye. Ngokuba ngubani okhetha wena na? Unantoni ongayamukeliswanga na? Kepha uma uyamukelisiwe, uzibongelani kungathi awuyamukeliswanga na?” (1 Korinte 4:6, 7) Ngokusobala, okuningi kakhulu kwalokho esiyikho kuncika ezicini zethu zofuzo, indawo esikuyo futhi ikakhulukazi ekuqondiseni kukaNkulunkulu.
10. Impumelelo enkonzweni engcwele ixhomekephi, futhi ukuqaphela leloqiniso kumelwe kusithinte kanjani?
10 Ngaphezu kwalokho, akulona yini iqiniso ukuthi kungakhathaliseki impumelelo esingaba nayo enkonzweni yethu engcwele, yonke into ixhomeke esibusiweni sikaJehova? Ngokwesibonelo: Noma umlimi angasebenza ngamandla kangakanani, isimo sezulu siyisici esibaluleke kakhulu ekukhuleni kwezitshalo. Futhi umhubi waphawula kahle: “Uma uJehova engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uJehova engalondolozi umuzi, umlindi wawo ulindela ize.” Echaza iphuzu elifanayo ngokuphathelene nomsebenzi wezikhonzi ezingamaKristu, umphostoli uPawulu wabhala: “Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.” (IHubo 127:1; 1 Korinte 3:6, 7) Yebo, uma sizindla ngalendaba, kumelwe sivume ukuthi ukuzotha kufanelekile kithina sonke, kungakhathaliseki amakhono ethu, esikuzuzile noma esinakho.
Usizo Ekuhlakuleleni Isizotha
11. Uthando ngoJehova uNkulunkulu luyosisiza kanjani ukuba sizothe?
11 Phakathi kwezimfanelo eziyosisiza ukuba sibe ngabazothile kuwuthando, uthando olungenabugovu. Uma sikwazisa konke uJehova aye wasenzela khona, asenzela khona nasazosenzela khona, siyomthanda ngempela ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, ingqondo namandla. (Marku 12:30) Khona-ke ngeke sizigabise. Kakade, ukuzigabisa kungokuphambene nokuzotha. Kunalokho, njalo siyokhuluma futhi senze ngesizotha esifanelekile ukuze singadonseli ukunakekela kithi kodwa kuJehova uNkulunkulu, sivumele yonke inkazimulo nodumo kuye kuye. Khona-ke siyobe silandela iseluleko esithi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe, kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo, usho uJehova.—Jeremiya 9:23, 24.
12. Ubuhlobo obuhle noNkulunkulu bungasisiza kanjani ukuba sibe nesizotha?
12 Ukuhlakulela ubuhlobo obuseduze noJehova nakho kuyosisiza ukuba sibe ngabazothile njalo. Silindelwe ukuba ngabazothile ekuhambeni noNkulunkulu wethu. (Mika 6:8, NW) Ngezinga uMdali, ubukhulu bakhe, amandla akhe nezimfanelo zakhe okungokoqobo ngalo kithina, ngalelozinga siyoziphatha ngokuzotha okufanelekile. Sifuna ukuba nesimo sengqondo esifanayo nesikaMose, “owakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.” (Heberu 11:27) Kunjengokungathi singabantwana abancane ababambe isandla sikaBaba wethu wasezulwini. Ukuzondla kwethu njalo ngeZwi likaJehova ‘nokuqinisela ekukhulekeni,’ yebo, ‘ukukhuleka ngokungaphezi,’ kuyosisiza ukuba sibe nalobuhlobo bobungane noNkulunkulu.—Roma 12:12; 1 Thesalonika 5:17.
13. Kungayiphi indlela isifiso sethu sokulingisa uJesu Kristu esingasisiza ngayo ukuba sibe nesizotha?
13 Uthando nokwazisa ngakho konke iNkosi yethu, uJesu Kristu, eye yasenzela khona nokwazi okushiwo ukulandela eduze izinyathelo zakhe nakho kuyosisiza ukuba sibe ngabazothile. Yeka isibonelo esihle, sobuntu, esingenabugovu, nesiphelele uJesu asibekela sona! Ngezinga esithatha ngalo ngokungathi sína isibopho sethu sokulandela izinyathelo zakhe eduze, siyosizakala ukuba sibe ngabazothile. Kanjani? Ngoba siyoqonda ukuthi sishiyeka kangakanani ekumlingiseni ngokugcwele. Singase sizizwe sanelisekile uma siziqhathanisa nabanye. Kodwa ingabe sinesizathu sokwaneliseka kangako uma siziqhathanisa noJesu Kristu? Kunalokho, kumelwe sizizwe njengomphostoli uPawulu—sizizwe silusizi ngokuqaphela iqiniso lokuthi siyahluleka ukwenza esifuna ukukwenza ngempela futhi ngokuvamile senza lokho esingafisi ngempela ukukwenza. Akukho mKristu oqaphela ngokujulile ukuthi ushiyeka kakhulu kangakanani ekubeni umlingisi kaJesu Kristu oyozizwa eqhosha kuye ngaphakathi.—Roma 7:15-25.
14. Uthando lobuzalwane lungasisiza kanjani ukuba sibe nesizotha?
14 Ngokufanayo, uthando ngofakazi bakaJehova abakanye nathi nangamalungu emikhaya yethu luyosisiza ukuba sibe ngabazothile. Njengoba ingoma yoMbuso ikubeka: “Uthando lunamehlo. Lwakha ubuzalwane.” Yebo, uthando luyosibangela ukuba sazise izimfanelo ezinhle ezikwabanye. Kodwa lokhu kungasisiza kanjani ukuba sibe nesizotha? Nokho, ukuntula isizotha kucunula abanye, kubenze bangakhululeki. Njengoba singafuni ukucunula esibathandayo, uthando lwangempela lobuzalwane luyosenza sibe nesizotha. Ukuntuleka kwesizotha kubanga ukuncintisana, ukuphikisana, noma kubangele abanye bazizwe bengelutho kithina. Kodwa “uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi.” Kunalokho, lunesizotha.—1 Korinte 13:4.
15. Ukuzithiba kungasisiza kanjani ukuba sibe nesizotha?
15 Ukuzithiba, isithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, nakho kuwusizo kithina ekuhlakuleleni isizotha. (Galathiya 5:22, 23) Ingabe ngempela kunokuhlobana phakathi kwalokhu okubili? Ngempela kukhona. Ngokuvamile umuntu uthambekele ekukhulumeni noma ekwenzeni into esiza yena noma emthophayo, ngezinye izikhathi ngenxa nje yokwenza ngokuthathwa yinhliziyo. Ngokushesha nje uma lowomuntu esekushilo noma esekwenzile lokhu, angase aliqaphele iphutha alenzile. Lokhu kungenxa yokuthi inhliziyo yomuntu ayiqondakali, ayethembeki, iyakhohlisa. (Jeremiya 17:9, The Jerusalem Bible, NE) Kodwa ukusebenzisa ukuzithiba, ukuma kancane, ukucabanga, ukuzindla nje ngendlela amazwi noma izenzo zethu eziyothinta ngayo abanye, kuyosisiza ukuba sibonise isizotha esifanelekile. Ngokwesibonelo, ngaphandle kokucabanga okwanele, singase sithande ukuthatha iqatha elikhulu lenyama, ikhekhe elikhulu noma isithelo esingcono kakhulu lapho sinikezwa ukudla. Kodwa ukuzithiba nokucabanga kuyosenza sikwazi ukumelana nalokhokuthatheka. Kungokufanayo futhi uma kuziwa ekukhetheni indawo engcono ngokungenasizotha edilini. Njengoba uJesu abonisa, singase sicelwe ukuba sisuke siye endaweni ephansi. Nokho, ukucabanga nesizotha kuyosivikela ekwenzeni iphutha elidumazayo ezintweni ezinjengalezi.—Luka 14:8-11.
16. Kungani ukholo kuJehova lungasisiza ukuba sibe nesizotha?
16 Esinye isithelo somoya esiyosisiza ekuhlakuleleni isizotha ukholo kuJehova, oluwumphumela wobuhlobo obuhle naye. Imvelo yomuntu engaphelele ithambekele ngasekuvuseni ukwesaba ukulahlekelwa izinto ezinhle zokuphila, kungaba ezibonakalayo, ezingokwengqondo, ezingokomzwelo noma ezingokomoya. Kodwa ukholo kuJehova luyosivimbela ekulweleni ukuba phambili ngokugabadela noma ngokungenasizotha. Kunalokho, siyoshiyela izinto ezandleni zikaJehova. Uma sizothile, siyokwazi ukulinda uNkulunkulu aze alungise izinto noma enze ukuba samukele ukuqashelwa noma ukuthuthuka. Ngaphambi kokuba uDavide abe inkosi, wabonakalisa lesisizotha. Wayengase azenzele izinto, ngoba wayesegcotshiwe njengenkosi. UDavide wayengaba umbusi wakwaIsrayeli ngesikhashana ngokubulala iNkosi uSawule, kodwa cha, uDavide ngesizotha walindela uJehova ukuba amnike ukubusa, futhi lokhu uJehova wakwenza, ngesikhthi saKhe esifanelekile.—1 Samuweli 24:2-6; 26:10, 11.
17. Kungaziphi izindlela isihe esingasisiza ngazo ukuba sibe nesizotha?
17 Okunye okusiza ekubeni nesizotha isihe, okusho ukukwazi ukuzibeka esimweni sabanye. Ngokwesibonelo, ukuntula isizotha kungase kubangele umdala webandla ukuba ajwayele ukudla isikhathi ekusingatheni izabelo zakhe emihlanganweni yebandla. Kodwa uma enesihe, uyokwazi ukuba azibeke esimweni sabanye abadala abakanye naye abakhathalela ukuba nesikhathi esanele ngezingxenye zabo esimisweni. Umdala ozothile uyocabanga futhi ngabafowabo nodade abangokomoya, abangakujabuleli ukuba umhlangano weqe esikhathini ngaphandle kwesizathu esihle. Eqinisweni, isihe siyobangela umuntu ukuba azothe kukho konke ukuthintana nabanye, hhayi nje kuphela ebandleni lobuKristu. Isihe sabangela umphostoli uPawulu ukuba ‘kubaJuda abe-njengomJuda, kwabaphansi komthetho abe-njengophansi komthetho, kwababuthakathaka abe-buthakathaka,’ njalonjalo—konke ngenxa yezindaba ezinhle. Lokho kwasho ukuba nesizotha, ebonisa izilaleli zakhe ukuthi wayengacabangi ukuthi ungcono kunazo.—1 Korinte 9:19-23.
18. Yini engashiwo ngokuncoma isizotha sobuKristu?
18 Ngempela, isizotha sobuKristu sinokuningi esinganconywa ngakho. Yeka umonakalo oye waba khona kuwo wonke umlando ngenxa yokuntula isizotha! Ukubonakalisa isizotha ngempela kunengqondo kumaKristu. Kuphumela ebuhlotsheni obuhle noNkulunkulu, ofakazi bakaJehova esikanye nabo, imikhaya yethu nabanye. Isizotha siyosisiza ngisho ngokomuntu siqu, ngoba siyosenza saneliseke futhi sisivikele ekubeni ngabakhungathekile. Ngokuhlakanipha, iZwi likaNkulunkulu lisisiza kakhulu ukuba sizothe. Ngakho-ke sengathi singanikeza ubufakazi bokuhlakanipha kwangempela ngokuhlakulela nokubonakalisa isizotha sobuKristu.
Ubungaphendula Kanjani?
□ Abanye abantu abasha bombhalo weBhayibheli baye basibonakalisa kanjani isizotha?
□ UJesu Kristu uye wasinikeza kanjani isibonelo esikhulu nesihle kakhulu sesizotha?
□ Kungaziphi izindlela uthando ngoJehova nobuhlobo obuhle naye okuyosisiza ngazo ukuba sihlakulele isizotha?
□ Isifiso sethu sokulingisa uJesu Kristu singasisiza kanjani ukuba sibonakalise isizotha?
□ Uthando lobuzalwane lungasisiza kanjani ukuba sibe ngabazothile njengabakhulekeli bakaJehova?
[Isithombe ekhasini 19]
UElihu ngokuzothile wagwema umoya wokuziphakamisa, eqondisa lonke udumo kuJehova
[Isithombe ekhasini 20]
Ukuzondla ngeZwi likaNkulunkulu njalo ‘nokukhuleka ngokungaphezi’ kuyosisiza ukuba sihlakulele isizotha