Ukufakaza Kuletha Ukwanda KoMbuso
“UJehova . . . makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.”—DUTERONOMI 1:11.
1, 2. (a) Yini uJehova ayithembisa uIsrayeli? (b) Wasigcwalisa kanjani isithembiso sakhe, kodwa kuxhomeke kuphi?
UKWANDA OKUPHINDWE NGENKULUNGWANE! Yilokho uMose akucelela “isizwe esingcwele” sikaJehova, uIsrayeli. UJehova wayesithembise izinto ezinkulu lesosizwe. (Eksodusi 19:5, 6; bheka futhi uGenesise 12:2, 3.) Ingabe wazigcwalisa lezozithembiso?
2 Nokho, eminyakeni engaba ama-500 ngemva kokuba uMose ekhulume lawomazwi, kwabikwa ukuthi: “OJuda noIsrayeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.” Indlovukazi yaseSheba, ivela kude ukuzobona ubukhazikhazi balowombuso, yathi kuSolomoni: “Bheka, angitshelwanga nanxenye: udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa. . . . Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho . . . ngokuba uJehova wamthanda uIsrayeli kuze kube-phakade.” (1 AmaKhosi 4:20; 10:7-9) Uma nje labobantu bekhonza ngokwethembeka njengofakazi bakaJehova, wayebachumisa futhi abandise ngempela.
3. (a) Yini uPetru ayifakazela ‘ngabantu begama’ likaNkulunkulu? (b) Kungani igama elithi oFakazi BakaJehova lifanelekile ngalabobantu?
3 Ngaphezu kweminyaka eyinkulungwane ngemva kosuku lukaSolomoni, umphostoii uPetru, lapho efakaza phambi kwendikimba ebusayo yamaKristu eJerusalema, walandisa “ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.” (IzEnzo 15:14) AmaIsrayeli ayengabantu begama likaNkulunkulu. Kodwa manje, futhi, uNkulunkulu wayebuthela “igama lakhe isizwe”—ibandla lobuKristu, uIsrayeli ongokomoya—naye oyofakazela uJehova, ekumemezeleni ngezinjongo zoMbuso wakhe. (Galathiya 6:16) Ngokufaneleyo, labantu baqashelwa namuhla emhlabeni wonke ngegama uJehova aliqhamisa kuIsaya 43:10-12, elithi ‘oFakazi BakaJehova.’ Yini ehilelekile ekubeni abantu begama likaJehova?
“Ofakazi Bami”
4. (a) Kungani oFakazi BakaJehova kumelwe futhi babe ‘ofakazi bakaJesu’? (b) NgokwemiBhalo, uJesu wasishiyela siphi isibonelo ekufakazeleni uJehova?
4 UJesu ngokwakhe wathuma labantu, ethi: “Nibe-ngofakazi bami . . . kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) “Ofakazi bami”—ingabe lamazwi kaJesu asho ukuthi kumelwe kunikezwe ubufakazi ngokuphathelene noJesu kuphela, hhayi ngoJehova? Lutho neze! Ngalesosikhathi esibucayi, lapho umusa kaJehova wawususwa kuIsrayeli ongokwenyama uyiswa kongokomoya, kwakudingeka ukunikeza ubufakazi obugcwele ngokuqondene noKristu okwakwakhelwa kuyena lelilungiselelo elisha. Nokho, uJesu uhlala njalo engaphansi kukaYise. Wasibekela isibonelo ngokufakaza ngegama likaJehova noMbuso.—Johane 5:30; 6:38; 17:6, 26; 18:37.
5. (a) Yiziphi izici ezihlobene noJesu okumelwe sizifakazele? (b) Kulokhu, silandela kanjani ezinyathelweni zikaJesu?
5 UJesu Kristu unguMlamuleli wesivumelwano esisha futhi amaKristu agcotshiwe akuso abizelwa akuba adle ifa loMbuso. “UyiNkosi yokuphila” uJehova ayisebenzisayo ekuhlengeni isintu ekufeni. UJesu ‘kumelwe abuse njengeNkosi’ kuze kube yilapho zonke izitha zikaNkulunkulu nezesintu sezithotshisiwe nepharadesi elikhazimulayo selibuyiselwe kulomhlaba. ‘UyiNdodana kaNkulunkulu’ ebiza abafileyo emathuneni abo ukuba bavuke. (Heberu 9:15; IzEnzo 3:15; IHubo 110:1, 2, 5; 1 Korinte 15:25-28; Luka 23:42, 43; Johane 5:25-29) Ngakho-ke, njengoFakazi BakaJehova, sifakaza futhi ngokuqondene nengxenye evelele yeNdodana ekulweleni igama likaJehova. Kulokhu, silandela ezinyathelweni zeNkosi yethu, yona ngokwayo eyayingufakazi omkhulu kaJehova—“ufakazi othembekayo.”—IsAmbulo 1:5; 3:14; Johane 18:37; 1 Petru 2:21.
Ubani Ofakazayo?
6. (a) Obani namuhla okuwukuphela kwabo abanikeza ubufakazi boMbuso? (b) Kungani kungase kuthiwe laba benza ‘imisebenzi emikhulu’?
6 Namuhla, abantu abamunye bafakaza “kuze kube-sekugcineni komhlaba.” Bangabantu abashiwo umphostoli uPetru—‘abantu begama likaNkulunkulu’—abafakazela uJehova noMbuso wakhe ngoKristu Jesu. Ngokuqondene nalokhu, uJesu ngokwakhe watshela abafundi bakhe: “Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.” (Johane 14:12) Ingasesandleni sokunene sikaYise emazulwini, iNkosi uJesu Kristu manje iqondisa ubufakazi obukhulu kakhulu kunobake banikezwa lapha emhlabeni. Njengoba uJesu aprofetha, uma “lelivangeli lombuso” seliye ‘lashunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe kwaba ubufakazi kuzo zonke izizwe . . . khona-ke ukuphela kuyofika.’—Mathewu 24:14.
7. (a) Kungani amahlelo eLobukholwa ehluleka ukufakaza? (b) Ngokuphambene, kungani oFakazi BakaJehova beshiseka enkonzweni yabo?
7 “Lelivangeli lombuso” liyizindaba ezivusa amadlingozi kakhulu kwezake zamenyezelwa kubantu. Kuyizindaba ezinhle ezikhazimulayo lezo amahlelo enkolo eLobukholwa angathí vu ngazo. Awanalo ithemba loMbuso ngekusasa. Akumangalisi ukuthi ayehluleka ukufakaza! Aye ahluleka ukuqaphela isenzakalo esijabulisa kunazo zonke kuwo wonke umlando—ukufika kweNdodana yomuntu ngenkazimulo yoMbuso, ukuba ihlale esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo yahlulele izizwe nabantu bomhlaba. Lokho kungokuthile okumelwe kufakazwe ngakho. Ngakho-ke, ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi, ofakazi bakaJehova noKristu wakhe manje bamemezela ‘ivangeli eliphakade . . . njengezindaba ezijabulisayo kubo bonke abahlezi emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nemindeni nezilimi nabantu.’ Ingabe uhlanganyela ngentshiseko kulobufakazi?—IsAmbulo 14:6, 7; Mathewu 25:31-33.
Ubufakazi Obuhle Ngo-1984
8. (a) Kungani kumelwe sijabule ngoMbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1984? (b) Yini edonsa abafundi abasha?
8 Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1984 WoFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke, osemakhasini 18-21 alomagazini, ubonisa indlela uNkulunkulu wethu, uJehova, abusisa ngayo ngobuningi imizamo emincane yofakazi bakhe. Esewonke, angama-203 amazwe amelelwe. Kulawa, amazwe ayi-172 abika ukwanda kwabamemezeli. Futhi ngokujabulisayo, labamemezeli boMbuso bakhuluma futhi ngendlela ‘iNkosi eye yabangela ngayo ukuba bande, yabenza bavama, othandweni lomunye nomunye nakubo bonke.’ (1 Thesalonika 3:12) Ubunye bothando phakathi kwabantu bakaJehova, kanye nobufakazi boMbuso, budonsa abafundi abaningi abasha. Kulaba uJesu uthi: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”—Johane 8:31, 32.
9. (a) Kungenzeka kanjani ukuthi uye waba nelungelo lokuhlanganyela kulombiko? (b) Yini eboniswa amanani ngokuqondene noJehova nabantu bakhe?
9 Lombiko wenkonzo omuhle kangaka uye wahlanganiswa kanjani? Uye wahlanganiswa ngemibiko yenkonzo yasensimini leyo wena—mmemezeli ngamunye woMbuso—oye wayingenisa ngokwethembeka inyanga ngayinye. Ingabe awuthokozi ngokuthi uye waba nengxenye yakho siqu encane kulengqikithi yombiko? Lamanani abonisa indlela uJehova aye ‘wathululela ngayo ngokumangalisayo imvula yezibusiso’ koFakazi bakhe—‘abantu begama lakhe’—aye wabahlanganisa ngesibopho sembulunga yonke senkonzo yothando.—Malaki 3:10; IHubo 56:10, 11; Kolose 3:14.
10. (a) Yini egcizelela ukuthi ofakazi kumelwe babe ngabazidelayo? (b) Yini eshiwo yimiBhalo ngabagcina ubuqotho nangomvuzo wabo?
10 Okuningi kwalomsebenzi wokufakaza kuye kwafezwa ngaphansi kokushushiswa noma kobunzima nangokuzidela okukhulu. Lokhu kungalindelwa, ngoba igama elithi “ufakazi” njengoba lisetshenziswe lapha lihunyushwe egameni lesiGreki elithi martýs noma martyr, okususelwa kulo futhi igama elithi “umfel’ ukholo,” okusho ukuthi umuntu onikeza ubufakazi ngokufa kwakhe. Lokhu kugcizelela ukuthi, thina njengoFakazi BakaJehova, kumelwe sizidele, sizimisele njalo ukuzikhandla nokugcina ubuqotho ngaphansi kwazo zonke izimo, kuze kube sekufeni uma kudingeka.—Luka 9:23; qhathanisa noJobe 2:3; 27:5; 31:6; IzEnzo 22:20; IsAmbulo 2:10.
Abagcina Ubuqotho Bayabusiswa
11, 12. (a) UJehova usinikeza kuphi ukuqiniseka okunikeza amandla? (b) Abantu bakhe baye banqoba kanjani ekucindezeleni komashiqela?
11 Ngezikhathi zokushushiswa, ‘abantu begama’ likaJehova baye badinga ‘amandla angaphezu kwavamile’ ukuze banqobe ukuhlasela okunamandla kukaSathane namabutho akhe amademoni. UJehova unikeza lawomandla, akhulule futhi andise ofakazi bakhe abathembekile. (2 Korinte 4:7-9; Isaya 54:17; Jeremiya 1:19) Ngokwesibonelo cabangela isimo semibuso eMikhulu eMpini Yezwe II, eyayiholwa iJalimane, i-Italy, neJapane. Esebenzisa ohulumeni abanonya bobushiqela, uDeveli ‘wakhipha emlonyeni wakhe umfula’ woshushiso, ukuze aqede umsebenzi wokufakaza oqondiswa yinhlangano kaNkulunkulu engokwasezulwini efana nomfazi. Kodwa ingabe uSathane waphumelela kulokhu? Phinde! UJehova waqondisa izenzakalo ukuze izizwe zomhlaba ezibusa ngentando yeningi zigwinye lesosikhukhula. ‘Ababi bachithwa’ futhi ofakazi bakaJehova abathembekile manje bachuma ngokumangalisayo kulawomazwe.—IsAmbulo 12:15, 16; IHubo 37:28, 29.
12 Muva nje, kulawomazwe amathathu, iWatch Tower Society kuye kwadingeka yakhe amafektri amakhulu futhi ifake imishini ukuze ithumele olunye uhlobo kwesikhukhula—izigidi ngezigidi zamaBhayibheli nezincwadi zoMbuso ezihlobene zokwakha ngokomoya oFakazi BakaJehova nabanye abantu abalambele iqiniso. EJalimane, eItaly, naseJapane namuhla, abamemezeli boMbuso abangaphezu kwezi-300 000 bafakaza emakhaya abantu. Futhi kuyo yonke insimu yomhlaba uJehova ubusisa abantu bakhe abagcina ubuqotho ngokwanda!—Qhathanisa neHubo 115:12-15.
13. (a) Yini eMbikweni Wonyaka ebonisa ukuthi ofakazi abathembekile baye baphila ngokuvumelana nesihloko sonyaka sika-1984? (b) Lokhu kumelwe kusishukumise kanjani?
13 Nokho, uDeveli, azi ukuthi isikhathi sakhe sifushane, uyaqhubeka elwa nalabo “abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.” (IsAmbulo 12:12, 17) Ukuphikisa kukaSathane kungamandla ikakhulukazi emazweni abhalwe embikweni efakwe lapha ngokuthi “Amanye Amazwe Angama-28.” OFakazi kulamasimu baye ngokwethembeka benza ngokuvumelana nesihloko sethu sonyaka ka-1984, “bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.” (Filipi 1:14) Ukwanda kwabamemezeli babo ngamaphesenti ama-3,1 kuyancomeka kakhulu. Sishukunyiswa yisibonelo sabo, sengathi sonke singaqhubeka ngentshiseko sinikela “kuNkulunkulu ngaye umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.”—Heberu 13:15.
14. (a) Yini engase isehlele “kube ngubufakazi”? (b) Kumelwe siqhubeke sifakaza ngesibindi naphezu kwaziphi izimo, futhi ngani?
14 Njengoba izimo zezwe ziba zimbi, abanye bethu, ngokungangabazeki, bayoshushiswa, bahudulelwe ezinkantolo futhi baboshwe. UJesu wakhuluma ngokunjalo phakathi kwezinto ‘okumelwe zenzeke’ ngaphambi kokuphela, futhi wanezela: “Kuyakunehlela kube-ngubufakazi.” Khona-ke, kuzo zonke izimo oFakazi BakaJehova kumelwe baqhubeke befakazela uNkulunkulu noKristu. Abaningi bayaqhubeka benza lokhu naphezu kokuphikiswa kanzima imikhaya, ukuhlekwa yizisebenzi ezikanye nabo noma abafunda nabo, nokuhlanjalazwa ensimini abashumayela kuyo. Ingabe ufakaza ngesibindi naphezu kwezimo ezivivinyayo? Khona-ke ungomunye walabo uJesu athi kubo: “Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.”—Luka 21:7, 9-19.
Ukwanda KoMbuso!
15. Imaphi amaphuzu avelele aseshadini elikulelikhasi?
15 “Ukwanda koMbuso”—yeka isihloko esifanelekayo semihlangano yethu yesigodi yasehlobo lika-1984! Ngoba ngempela lona kuye kwaba unyaka wethu omuhle kakhulu wokwanda. Bheka nje ishadi elikulelikhasi! Leli liye lenziwa yimibiko yamagatsha angama-95 eWatch Tower Society aqondisa umsebenzi wokufakaza emazweni angama-203.
16. Caphuna okunye ukukhulumela okujabulisayo okuvela embulungeni yonke.
16 Indawo ayisivumeli ukuba sikhiphe zonke izincwadi zokujabula esiye sazithola zivela kulawomahhovisi amagatsha kanye nombiko wawo wonyaka, kodwa nazi ezinye izibonelo ezivela embulungeni yonke:
EAlaska: Sonke isigodi saseMetlakatla seza ukuzobona oFakazi BakaJehova abangama-230 bakha iHholo LoMbuso elihle ngamahora angama-32; lanikezelwa ngeSohto laleyompela-sonto efanayo.
EHonduras: Abamemezeli abayizi-3 663 babeyinani lethu eliphakeme kakhulu elisha; nababekhona eSikhumbuzweni abayizi-17 005 futhi kukhulu okusamelwe kwenziwe.
EBrazil: Inani elisha eliphakeme lafinyelela abamemezeli abayizi-160 927, nabantu ababekhona eSikhumbuzweni abayizi-474 450.
EThailand: Umoya wobuphayona uyaphila, kunamaphesenti angama-22 abo bonke abamemezeli ababekulenkonzo ngoApril.
EPapua New Guinea: Inani eliphakeme lamaphayona asizayo landa ngamaphesenti angamazi; ababekhona eSikhumbuzweni banyuka ngaphezu kwe-1 000 bafinyelela izi-7 704.
EAustria: Umoya wobuphayona uyangena, futhi sibe namanani aphakeme amahlanu ngokulandelana kuleyonsimu; sibe namanani aphakeme ayisithupha abamemezeli, elamuva libe yizi-15 618.
EZambia: Sifinyelele inani elisha eliphakeme labamemezeli abayizi-58 925: Ababekhona eSikhumbuzweni babeyizi-393 431—kweve ngezi-110 447 kunanyakenye.
17. (a) Amaphayona anda kanjani? (b) Imiphi imigomo emihle etuswayo, futhi kobani? (c) Lithini inani elisha eliphakeme labamemezeli, futhi yini okungenzeka iye yabangela lokhu?
17 Imibiko ibonisa ukuthi izithunywa zevangeli ezithembekile namaphayona aya-qhubeka ehola ekunikezeni ubufakazi ema-simini amasha namadala. Kuyakhuthaza ngempela ukubona ukwanda kwamaphayona. Ingqikithi yamaphayona asizayo abika ngoApril yakhula yafinyelela inani elisha eliphakeme lezi-323 644 ukwanda ngamaphesenti angama-49. Iningana lalaba liye labona ilungelo labo lokuqhubekela ebuphayoneni obuvamile. Ngokungaphezulu, abamemezeli bethu boMbuso abaningi abasebasha bazibekela umgomo wenkonzo yobuphayona, futhi benza amalungiselelo aqondile alokho phakathi neminyaka yabo yokugcina esikoleni esiphakeme. Umphumela usuwonke uboniswa ukwanda okukhulu kwamaphayona. Lokhu kuye kwasiza futhi ekwakheni umoya wentshiseko emabandleni ethu, ngokungangabazeki okubangela inani elisha eliphakeme emhlabeni wonke labamemezeli abayizi-2 842 531, okuwukwanda ngamaphesenti ayi-7,2 ngaphezu kwenani eliphakeme lika-1983. Ingabe awujabuli ngokuthi uye wahlanganyela kulokhu kwanda okukhulu?
18. (a) Ikuphi okunye ukwanda okuhle okwakukhona ngo-1984? (b) Umbiko weSikhumbuzo ubonisani ngamathemba okwanda, futhi abafunda izincwadi zethu bangase basabele kanjani?
18 Ubufakazi obujabulisayo obunikezwe ngo-1984 bubonakala futhi ekuhanjisweni okuphakeme komagazini nezinye izincwadi, inani lamahora enkonzo yasensimini abikiwe, ukwanda okukhulu ezimpindelweni ezenziwa kubantu abathakazelayo nasezifundweni zeBhayibheli zasemakhaya eziqhutshwa nalaba. Yeka indlela esibheke ngayo esithelweni ezengeziwe zalonyaka wenkonzo wentshiseko! Futhi kunethemba elikhulu lokuvuna okukhulu ngokwengeziwe! Lokhu kuboniswa yinani eliphawulekayo lababekhona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa ngoApril 15 nyakenye. Emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, kunengqikithi yabayizi-7 416 974 ababekhona, kulabo abayizi-9 081 babonisa ukuthi ‘bangabomhlambi omncane’ weNkosi ngokudla isinkwa nokuphuza iwayini. Kwangathi bonke abafunda izincwadi zethu bangaqhubeka bekhula ngokomoya, ukuze bakwazi ukuhlanganyela ebufakazini obuhle nasekuvuneni okusamelwe kwenziwe.—Qhathanisa nabase-Efesu 4:15; Filipi 1:9-11.
19. Singambonga ngenxa yani uJehova, futhi sithandazelani ngokuqondene nekusasa?
19 Ngokuqinisekile, singase siphinde amazwi kaMose okuthi ngoFakazi BakaJehova, ‘abantu begama lakhe’ banamuhla: “UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.” (Duteronomi 1:10) Sithandazela ukuba iNkosi yethu yamakhosi, uJehova, aqhubeke echumisa ubufakazi boMbuso futhi anezela ukwanda!
Yini Obungayisho?
◻ Kungani oFakazi BakaJehova kumelwe futhi babe ‘ofakazi bakaJesu’?
◻ Yibuphi ubufakazi obuhle obanikezwa ngo-1984?
◻ Yini ebonisa ukuthi uJehova ubusisa ofakazi abathembekile?
◻ Yiziphi izindlela umbiko ka-1984 okumelwe usishukumise ngazo?
[Ibhokisi ekhasini 23]
‘Siyajabula, Siyathokoza, Siyabonga’
Ezweni lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova ubuvinjefwe khona iminyaka engaphezu kwama-40 kuvela lombiko: “Injabulo enkulu kunayo yonke ebesiyithola umsebenzi owandile wokushumayela nokufundisa ensimini. Abaningi bebekhonza njengamaphayona asizayo. Omunye wabo waveza imizwa yakhe ngatamazwi: ‘Ngigcwele intokozo, ukwesasa nenjabulo, nokwaneliseka okujulile.’ Elinye iphayona elisizayo lathi: ‘Ngijabula kakhulu ngokuthi ngenza okuthile okuthokozisayo kuJehova. Ngiye ngakwazi ukuqalisa izifundo ezinhlanu ezintsha zeBhayibheli zasekhaya.’ Omunye wanezela: ‘Ngiyambonga uJehova ngokungisiza ukuba ngihlakulele uthando oludingekile lokusiza abanye abantu.’ Kwelinye ibandla labamemezeli abangama-61 abangama-38 baye bakhonza njengamaphayona asizayo enyangeni eyodwa. Ngenxa yalokho, kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli ezintsha ezingama-66.”
[Ishadi ekhasini 18-21]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1984 WOFAKAZI BAKAJEHOVA WOMHLABA WONKE
(See bound volume)
[Ishadi ekhasini 22]
Ukuqhathanisa Umbiko Womhlaba
1984 1983 Ukwanda
Amagatsha EWatch Tower 95 94
Amazwe Abikayo 203 205
Inani Eliphakeme
Labamemezeli 2 842 531 2 652 323 7,2%
Isilinganiso
Sabamemezeli 2 680 274 2 501 722 7,1%
Isilinganiso
Samaphayona 258 936 206 098 25,6%
Amaphayona Asizayo
(April) 323 644 217 860 48,6%
Ingqikithi Yamahora
Asensimini 505 588 037 436 720 991 15,8%
Izincwadi Ezahanjiswa 36 639 925 36 039 400 1,7%
Izikhokhelo 1 812 221 1 756 153 3,2%
Omagazini
Abahanjiswa 287 358 064 258 689 636 11,1%
Izimpindelo 195 819 093 174 687 309 12,1%
Isil. Izifu. ZeBhayibheli 2 047 113 1 797 112 13,9%
Ababekhona
ESikhumbuzweni 7 416 974 6 767 707 9,6%
Abadlayo ESikhumbuzweni 9 081 9 292