“Ezinye Izimvu” NeSidlo SeNkosi Sakusihlwa
“[UJesu] uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.”—1 JOHANE 2:2.
1. Imiphi imiphumela emihle eye yavela ngenxa ‘yokushumayela ivangeli lombuso’?
UJESU wathi: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Abanye besizukulwane sika-1914 basaphila ukuze bafakazele ukuthi oFakazi BakaJehova baye bawugcina ngokwethembeka lomyalo. Ngenxa yalokho, amakhulu ezinkulungwane zabantu abanhliziyo ziqotho, abaye badunyazwa yilokhu kwehluleka kwezwe, baye basabela kahle ezindabeni ezinhle baye bazinikela kuJehova uNkulunkulu futhi babonisa ukwethembeka kwabo eMbusweni wakhe, ngokwenza kwaziwe lokhu kuzinikezela ngobhapathizo lwamanzi. Bayizi-179 421 abathatha inkambo enjalo yokuhlakanipha ngo-1984. Kunjengokungathi bathi kubantu begama likaNkulunkulu: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”—Zakariya 8:23.
2. Iliphi iqiniso eliye labusa isikhathi sikaJesu .lokuqoqa “ezinye izimvu” zakhe?
2 “Lesixuku esikhulu” sabakhulekeli esiqhubeka sanda siyingxenye yalabo abachazwa uJesu ‘njengezinye izimvu’ zakhe. (IsAmbulo 7:9, 15; Johane 10:16) Banethemba elihle lokuphila phakade epharadesi lasemhlabeni. (IHubo 37:29) UJesu wabikezela ukuthi uyobaletha ndawonye labalandeli bakhe abathembekile ngemva kokuba ekuqaleni enikeze ukunakekela kwakhe konke kokwalusa ekuqoqeni “umhlambi omncane” wabanjengezimvu kubo angumlamuleli wesivumelwano esisha. (Luka 12:32; Heberu 9:15) Sicabangela lokhu kuqoqwa kwezigaba ezimbili zabantu abanjengezimvu ukuba babe “mhlambi munye,” singasiqonda isizathu sokuba umphostoli uJohane athi uJesu Kristu “uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.”—1 Johane 2:1, 2.
Ushintsho Lombono
3, 4. (a) Imuphi umbono oshntshile abaningi abaye baba nawo ngokuqondene nokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa? (b) Wayesho ukuthini uPawulu ngokuthi, “ngokuba njalo, nxa nidla . . . niphuza”?
3 Abaningi abasanda kuqoqwa ‘bezinye izimvu’ babejwayele ukugubha iMisa noma iSidlo, ukuphindaphindwa nendlela yokugujwa kwaso yayibuswa yizinkolelo zenhlangano ethile yenkolo ababekuyo. Nokho, manje laba baye baqaphela ukuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa kumelwe sigujwe kanye kuphela unyaka ngamunye. Kungani lokhu kunjalo? Phela, iPhasika lamaJuda laligujwa kanye nje unyaka ngamunye, futhi uJesu waqalisa iSikhumbuzo ngabo lobobusuku bePhasika, ngoNisan 14. Wabe esetshela abafundi bakhe: “Lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” UPawulu uyanezela: “Ngokuba njalo, nxa nidla lesisinkwa niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.” (1 Korinte 11:24-26) Ngokusobala uJesu wayesho ukuthi abafundi bakhe kumelwe bagcine umkhosi wokufa kwakhe ngoSuku lwePhasika, olwaluba kanye ngonyaka. Ngakho-ke, luye lwagujwa “njalo” phakathi nesikhathi sebandla lobuKristu. Eqinisweni, iSikhumbuzo kakade siye sagujwa izikhathi eziyi-1 950.
4 Kukhona futhi emunye umehluko obalulekile embonweni oye waqashelwa isigaba ‘sezinye izimvu.’ Esikhundleni sokudla isinkwa kanye nokuphuza iwayini njengoba abaningi babo babenza ngaphambili emasontweni, manje bathola isimo sabo ‘sishintshele’ ekubeni yizibukeli. Kungani kunjalo, futhi ingabe sinakho ukusekelwa okungokomBhalo kwenqubo evumela izibukeli nabadlayo?—2 Korinte 13:11; 2 Thimothewu 3:16, 17.
5. (a) Chaza izinyathelo eziyisisekelo umuntu okumelwe azithathe ukuze azuze emhlatshelweni kaJesu. (b) Kungani uNkulunkulu eye wathatha isinyathelo ngokukhethekile ngenxa yabalandeli bakaKristu Jesu abayizi-144 000?
5 Nganoma ubani ukuba azuze ‘enhlawulelweni yesihlengo’ sikaKristu Jesu, kunezinyathelo ezithile okudingeka azithathe, kungakhathaliseki ukuthi lowomuntu unetheniba lokuphila ezulwini noma unethemba lokuphila ePharadesi emhlabeni. Yilezi izinyathelo eziyisisekelo: (1) ukungenisa ulwazi oluqondile ngeZwi likaNkulunkulu (Roma 10:13-15); (2) ukholo (Heberu 11:6); (3) ukuphenduka (Mathewu 4:17); (4) ukuguquka (IzEnzo 3:19); (5) ukuzinikezela (Luka 9:23); (6) nobhapathizo (Mathewu 28:19). Kungemva kokuba sekuthathwe lezinyathelo lapho uNkulunkulu ethatha isinyathelo esikhethekile ngokuqondene nomuntu amkhetha ukuba abe ngomunye wabayizi-144 000, noma ‘umhlambi omncane.’ Ngenxa yayiphi injongo? Ukuze lowomuntu abe yindodana kaNkulunkulu engokomoya ngethemba lokuba umpristi nenkosi kanye noKristu Jesu. (IsAmbulo 20:4, 6) Kunensali kuphela yalamadodana angokomoya manje aphilayo, futhi laba yibo abadla ngokufanele izifanekiselo. Khona-ke, lokho kusho ukuthi inani elikhulu loFakazi BakaJehova liyizibukeli futhi alidli.
IPhasika NeSikhumbuzo
6. Kungani abanye beye baphikisa ngokuthi “ezinye izimvu” kumelwe zidle izifanekiselo, futhi imuphi umbuzo lokhu okuwuphakamisayo?
6 Abanye baye basikisela ukuthi inani elikhulu elandayo ‘lezinye izimvu’ kumelwe lidle izifanekiselo. Umbono wabo yilona: Njengoba ‘umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo,’ futhi njengoba enye yezimfuneko zoMthetho kwakuwukugcinwa kwePhasika amaIsrayeli nabafokazi abagogobele abasokile, lokhu kubonisa ukuthi zombili izigaba zabanjengezimvu ‘ezisemhlanjini owodwa’ ngaphansi ‘kukamalusi oyedwa’ kumelwe zidle izifanekiselo zeSikhumbuzo. (Heberu 10:1; Johane 10:16; Numeri 9:14) Lokhu kuphakamisa umbuzo obalulekile: Ingabe iPhasika lalifanekisela iSikhumbuzo?
7. Kungayiphi ingqondo iPhasika ‘liyisithunzi sezinto ezinhle ezizayo’?
7 Kuyiqiniso ukuthi izici ezithile zokugcinwa kwePhasika eGibithe ngokungangabazeki zagcwaliseka kuJesu. UPawulu ufanisa uJesu neWundlu lePhasika, ethi, “ngokuba nelethu iphasika lihlatshiwe, elinguKristu.” (1 Korinte 5:7) Ukufafazwa kwegazi lewundlu lePhasika ezinsikeni nasemakhothameni kwaqinisekisa ukukhululwa kwezibulo ekhayeni ngalinye lomIsrayeli. Ngokufanayo, kungokufafazwa kwegazi likaKristu ukuthi ‘ibandla lamazibulo elibhaliwe emazulwini’ lithola ukukhululwa kwalo, noma ‘ukukhululwa ngesihlengo.’ (Heberu 12:23, 24; Efesu 1:3, 7) Ngokwengeziwe, kwakungaphulwa nelilodwa ithambo lewundlu lePhasika, futhi lokhu kwagcwaliseka kuKristu Jesu. (Eksodusi 12:46; IHubo 34:20; Johane 19:36) Ngakho-ke, kuyiqiniso ukuthi iPhasika, ezicini ezithile, lalingesinye sezici eziningi eMthethweni ezaba “isithunzi sezinto ezinhle ezizayo.” Zonke lezizici zakhomba phambili kuKristu Jesu, “iWundlu likaNkulunkulu.”—Johane 1:29.
8-10. (a) Kungayiphi indlela ebalulekile ngokuqondene negazi iPhasika elihluke ngayo eSikhumbuzweni? (b) Izivumelwano ezihlobene neSikhumbuzo ziwuqokomisa kanjani omunye umehluko? (c) Lokhu kuholela kusiphi isiphetho?
8 Nokho, iPhasika lalingafanekiseli ngokuqonde ngqo iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngani? Uma iPhasika limiswa eGibithe, kwakudliwa inyama yewundlu eyosiwe, kodwa igazi lewundlu lePhasika lalingadliwa. Nokho, ngokuphambene, uma uJesu emisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe wayala ngokuqondile labo ababekhona ngalesosikhathi ukuba badle inyama yakhe, futhi baphuze igazi lakhe, okwakumelelwe isinkwa newayini. (Eksodusi 12:7, 8; Mathewu 26:27, 28) Ngokwalesisici esibalulekile—igazi—iPhasika lalingafanekiseli iSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
9 Kunenye into futhi okungamelwe ibukelwe phansi. UJesu wakhuluma nabafundi bakhe ngezivumelwano ezimbili ezihlobene, “isivumelwano esisha” ‘nesivumelwano sombuso.’ (Luka 22:20, 28-30) Zombili izivumelwano zaziphathelene nelungelo labadlayo lokuhlanganyela njengabapristi namakhosi noKristu Jesu. Kodwa kwaIsrayeli akukho mfokazi ogogobele osokiwe owayengaba umpristi noma inkosi. Ngokwalokhu futhi, sithola umehluko phakathi komkhosi wePhasika kwaIsrayeli neSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
10 Ngakho lokhu kusiholela kusiphi isiphetho? Iqiniso lokuthi umfokazi ogogobeleyo osokile wayedla isinkwa esingenamvubelo, nemifino ebabayo, newundlu lePhasika alifakazeli ukuthi labo namuhla ‘bezinye izimvu’ zeNkosi ababa khona eSikhumbuzweni kumelwe badle isinkwa futhi baphuze iwayini.
Ukubaluleka Kokuba Khona ESikhumbuzweni
11. Kungaziphi izizathu ezibalulekile “ezinye izimvu” kumelwe zibe khona eSikhumbuzweni?
11 Nokho, ingabe lokhu kubonisa ukuthi akubalulekile ngalabo besigaba ‘sezinye izimvu’ ukuba babe khona emkhosini weSikhumbuzo? Ngokuqinisekile cha! Lona umkhosi wabo bonke abalandeli bakaJesu abanjengezimvu ukuba bakhumbule uJesu ngomqondo okhetheke kakhulu. “Ezinye izimvu” kulowomkhosi zikhumbula ukuthi kakade zizuzile ngenxa yokholo lwazo egazini likaKristu elathululwa kangangokuthi manje zibhekwa uJehova ‘njengezihlanze izingubo zazo zaba-mhlophe egazini leWundlu.’ Kungakho zikwazi ukunikela ‘inkonzo engcwele ubusuku nemini ethempelini [likaNkulunkulu].’ (IsAmbulo 7:14, 15) Zingakhumbula futhi ukuthi kumelwe ziqhubeke ‘zifuna uJehova, ukulunga, nokuthobeka’ ngethemba lokulondolozwa phakathi “nosuku lolaka lukaJehova,” futhi ngemva kwalokho zijabulele ukuzuza ukuphelela kobuntu. Ekugcineni uJehova angathi zilungile ngokuphelele, okuyoba ngemva kokuba uJesu esebuyisele uMbuso kuYise.—Zefaniya 2:2, 3; 1 Korinte 15:24; IsAmbulo 20:5.
12. Iziphi izinzuzo eziwumphumela wokulalela inkulumo yeSikhumbuzo?
12 Esinye isizathu esibalulekile sokuba khona siyiqiniso lokuthi amaqiniso axoxwa phakathi nenkulumo yeSikhumbuzo aphakathi ‘kwezinto ezijulile zikaNkulunkulu,’ ‘ukudla okuqinile okungokwabakhulile,’ hhayi nje ubisi ‘lwesifundiso sokuqala.’ (1 Korinte 2:10; Heberu 5:13–6:1) Inkulumo engokomBhalo iyojulisa ukwazisa ngothando uJehova alubonisa ngokumisa ilungiselelo elimangalisayo loMbuso ukuze kubusiswe umkhaya wesintu. Kuyithuba futhi ‘lokubheka kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu.’ Akumelwe neze uthando uJesu asibonisa lona, nokuhlupheka akuthola, kuthathwe kalula. (Heberu 12:2, 3) Ngokungaphezulu, sonke singavuma ukuthi imibono eminingi emihle uJesu ayixoxa nabaphostoli bakhe uma emisa iSikhumbuzo—imibono ngokuqondene nobunye, uthando, nokukhazinyuliswa kwegama likaJehova—ingahlanganyelwa ‘ngezinye izimvu’ kanye “nomhlambi omncane.”
Ukubonisa Ukukhathalela Kothando Ngabo Bonke
13. Kungani kubalulekile ukuba izifanekiselo zidluliswe kubo bonke abakhona?
13 Kubalulekile, ukuba bonke abakhona esidlweni SeNkosi Sakusihlwa bakhunjuzwe ngenqubo eyamiswa uJesu. Ukudluliswa ngokoqobo kwesinkwa newayini kumuntu ngamunye kuya komunye kuyasiza ekujuliseni ukwazisa ngezinto ezingcwele okusuke kuxoxwe ngazo ngalokhokuhlwa. Futhi kusiza ukuba ngamunye aziwe njengoba kubonisa ithemba lakhe lokuphila—elasezulwini noma elasemhlabeni.a Ukulandela inqubo efanele kuletha ibandla ekuvumelaneni nalokho okwenziwa emhlabeni wonke ngalokho kuhlwa.—1 Korinte 14:40.
14. Abadala bangakubonisa kanjani ukukhathalela kothando ngomunye wabagcotshiwe ogulayo ngobusuku beSikhumbuzo?
14 Ake sithi omunye wabagcotshiwe ebandleni uyagula futhi akakwazi ukuba khona eSikhumbuzweni. Kuthiwani-ke? Kumelwe kwenziwe yonke imizamo yokuba omunye wabadala ayise lezozifanekiselo kulowomKristu ogulayo, futhi uma kufaneleka, umdala angase enze ukukhulumela okumbalwa okufanelekayo ngaphambi kokunikeza izifanekiselo nokuphetha ngomthandazo ofanelekayo. Yeka ukuthi umuntu ogulayo uyozizwa ekhuthazeke kangakanani! Izenzo ezinjalo zokukhathalela kothando zithuthukisa umoya wothando. (Bheka ikhasi 32.)—IHubo 133:1.
15. Chaza ezinye zezindlela okungaboniswa ngazo inhlonipho ngeSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
15 Kuye kwaphakanyiswa imibuzo ethakazelisayo ngokuqondene nenqubo nesimo sezifanekiselo okumelwe zisetshenziswe eSikhumbuzweni. Izimpendulo kulemibuzo zitholakala ekhasini 17 ngaphansi kwesithi “Ukubonisa Inhlonipho NgeSidlo SeNkosi Sakusihlwa.” Abadala abanomthwalo wemfanelo bayobe benza kahle ngokulandela ngokunakekela lokho okuhlelwe lapho.
Isidingo Sokuzihlola
16, 17. (a) Imuphi umbuzo abanye abaye bawubuza ngokuqondene nokudla eSikhumbuzweni, futhi ubani kuphela onganikeza impendulo? (b) UNkulunkulu ubunikeza kanjani ubufakazi obugculisayo kulabo abazelwe ngomoya wakhe?
16 Kukhona abakhathazwa ukungabaza kokuthi kumelwe yini badle izifanekiselo. Lombuzo ngezinye izikhathi uphakama kusasele amasonto ambalwa ngaphambi komunye umkhosi weSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngokuvamile imibuzo enjalo iphakanyiswa yilabo abasanda kuhlanganyela noFakazi BakaJehova. Ingabe ungomunye wabanokungabaza okunjalo engqondweni? Ungayinquma kanjani inkambo eqondile okumelwe uyithathe?
17 UPawulu watusa lokhu ngokuqondene neSidlo SeNkosi Sakusihlwa: “Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesisinkwa, aphuze lesisitsha.” (1 Korinte 11:28, 29) Ingabe uye waphawula ukuthi uPawulu uthi nguwe okumelwe ‘uzihlolisise’? Yebo, akukubi ukukhuluma ngendaba engathi sína njengalena nomKristu ovuthiwe, kodwa nguwe kuphela okumelwe unqume ubuhlobo bakho noJehova neNdodana yakhe. UNkulunkulu akashiyi noyedwa kwabayizi-144 000 engabaza. Siyaqinisekiswa: “Yena lowoMoya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu.” Umoya kaNkulunkulu ovusa enhliziyweni yanoma iliphi ilungu lomzimba kaKristu ukholo lokuthi lingomunye wamadodana kaNkulunkulu angokomoya. Okhethiwe uyakwazi lokho futhi akudingi ukuba abuze omunye ebandleni ukuze athole ukuqinisekiswa.—Roma 8:15, 16.
18. Imaphi amaqiniso angokomlando ngokuqondene “nezinye izimvu” esiwathakazelelayo?
18 Umlando wanamuhla woFakazi BakaJehova ubonisa ukuthi kusukela ngo-1931 ukunakekela okwengeziwe kwaqala ukubhekiselwa ‘kwezinye izimvu’ ngesigijimi soMbuso. Khona-ke ngoMay 31, 1935, ngokunikezwa kwenkulumo ethi “Isixuku Esikhulu,”b “isixuku esikhulu” umphostoli uJohane asibona embonweni saboniswa ngokukhanyayo ukuthi ‘singabezinye izimvu.’ Lokhu kugcizelela okusha kwabonisani? Ngokuqinisekile ukuthi ukubuthwa ‘komhlambi omncane’ kwakusondela ekupheleni nokuthi isikhathi sase sifikile ngoJesu, ngokuphatha ‘kwenceku, ethembekile neqondayo,’ ukuba aphendulele ukunakekela kwakhe ekuqoqeni “ezinye izimvu.”—Mathewu 24:45-47.
19. Ikuphi ukuzihlola komuntu siqu okungaba ukuhlakanipha ngalabo abasha abaye bathi bangabagcotshiwe?
19 Sinalokhu okungenhla engqondweni, sithi kubo bonke muva nje abaye bahlanganyela nabantu bakaJehova futhi okungenzeka baye bathi bangabanye besigaba esigcotshiwe: Hlolani ngokunakekela ubuhlobo benu noJehova. Zibuze, ingabe ithemba lasezulwini engithi nginalo liyinsalela yemfundiso yesonto enganginayo ngaphambili yokuthi wonke amalungu esonto aya ezulwini? Ingabe ithemba lami lihlangene ngandlela thile nesifiso esithile sobugovu noma imizwa engokomzwelo? UPawulu wathi: ‘UNkulunkulu ngeke aqambe amanga.’ (Heberu 6:18) Futhi nomoya ongcwele owamukelayo ngeke uqambe amanga. Ngakho-ke, noma ubani ozelwe ngobuqotho ngomoya kaNkulunkulu akahlali ehlushwa ukungabaza kodwa uyakwazi ukufakaza ngonembeza omuhle ngokuphelele ukuthi ungomunye wamadodana kaNkulunkulu.
Ukugubha Umkhosi Ngo-1985
20. Ikuphi ukubaluleka iSikhumbuzo esinakho koFakazi BakaJehova?
20 ISidlo SeNkosi Sakusihlwa, ngokungangabazeki, siwumkhosi omkhulukazi wonyaka kuwo wonke amaKristu eqiniso. Awukho umkhosi ofana nawo ngokubaluleka, ngenjongo nenqubo. Ngakho-ke, njengoba umhlaba ujikeleza, wenza ilanga ngokuqhubekayo lishone, wonke amabandla oFakazi BakaJehova, amakhulu namancane ngokufanayo, nawo wonke amaqembu angawodwa ayohlangana ngokulalela umyalo weNkosi.
21. Imuphi umbono namathemba iSikhumbuzo sika-1985 okumelwe siwavuse ezinhliziyweni zabantu bakaNkulunkulu?
21 Ngakho-ke bonke abafundi, abanjengezimvu bayajabula kakhulu ngethemba lokuhlangana ndawonye komunye umkhosi weSikhumbuzo. Kwangathi umkhosi walonyaka ungaba isikhathi sokukhuthazana okwakhayo kuzo zonke izinceku zikaJehova. Kwangathi ungafaka umoya ofanayo wesibindi njengalowo weSibonelo sethu, uJesu Kristu, owathi: “Yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”—Johane 16:33.
[Imibhalo yaphansi]
a Kwelinye ibandla elikhulu umkhuba uye waba ukuthi abahambisa izifanekiselo bame ekupheleni kohlu ngalunye lwezihlalo futhi benze uphawu kulabo abasohlwini. Uma kukhona ofuna ukudla kwakumelwe akubonise lokhu kohambisa izifanekiselo. Nokho, njengoba kuboniswe ngenhla, lokhu akunakufaneleka.
b Lenkulumo yanikezwa eWashington, D.C., uJ. F. Rutherford, ngalesosikhathi owayengumongameli weWatch Tower Bible and Tract Society.
Ungakhumbula—
◻ Kungani iPhasika lalingafanekiseli iSikhumbuzo?
◻ lziphi izinyathelo eziyisithupha okumelwe zithathwe ngaphambi kokuzuza emhlatshelweni kaJesu?
◻ Kungani ukuba khona kwakho eSikhumbuzweni kubalulekile?
◻ Kungani ukuzihlola ngaphambi kweSikhumbuzo kunenzuzo?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Ukubonisa Inhlonipho NgeSidlo SeNkosi Sakusihlwa
Izifanekiselo Okumelwe Zisetshenziswe
Isinkwa esingenamvubelo: Kungasetshenziswa isinkwa esenziwe ngofulawa kakolo namanzi, isinkwa esifana nesinkwa samaJuda esingafakwanga lutho. Ningasisebenzisi isinkwa esinezelwe ngokuthile njengosawoti, ushukela, amabele, amaqanda noma uanyanisi. Ningazenzela isinkwa senu siqu esingenamvubelo nisebenzisa indlela elandelayo: Hlanganisa inkomishi nohhafu kafulawa kakolo (uma ungatholakali, sebenzisa ufulawa werayisi, ummbila, noma omunye ufulawa wokusanhlamvu) kanye nenkomishi eyodwa yamanzi, wenze inhlama emanzana. Khona-ke yendlale inhlama ibe isicaba esiwucwecwana. Ibeke epanini lokubhaka bese wenza izimbobo eziningi ezincane ngemfologo. Yibhake kuhhavini oshisayo kuze kube yilapho seyomile futhi ifohlozela.
Iwayini: Sebenzisani iwayini elibomvu lamagilebhisi elingaxutshwanga nalutho njengeChianti, iBurgundy, noma iclaret. Wagwemeni amawayini asetshenziswa nokudla lawo aye afakwa noma ashintshwa ngebrandy, njengesherry, iport nemuscatel. Ningawasebenzisi amawayini anezinongo noma anezelwe amakhambi, njengeDubonnet, namanye amawayini okuhlambulula. Iwayini elibomvu elenziwe ekhaya lingase futhi lisetshenziswe uma lingafakwanga isinandiso, isinongo noma okuthile.
Ukulungiswa KweHholo LoMbuso
Itafula lezifanekiselo: Mbozani itafula ngendwangu yetafula ecocekile namapuleti anele nezingilazi zewayini ezanele. Isinkwa singase sihleshulwe futhi iwayini lithelwe ngaphambi komhlangano. UJesu akazange amise umthetho wokulandelwa ngalendaba. Uma kudingekile ngenxa yezimo, mbozani izifanekiselo ngendwangu ecocekile ukuze nizivikele ezinambuzaneni.
Abahambisa izifanekiselo: Baqondiseni kusengaphambili ngokuqondene nenqubo okumelwe ilandelwe ukuze kugwenywe ukubambeleleka noma isiphithiphithi ekudluliseni izifanekiselo kubo bonke abakhona, kuhlanganise isikhulumi nabahambisa izifanekiselo.
Abalindi: Kumelwe kube nabalindi abanele ngaphambi kokuqala komhlangano ukuze bonke bamukelwe ekufikeni kwabo futhi banikezwe izihlalo.
Ukuhlobisa nezimbali: Lokhu kungenziwa, kodwa kahle futhi ngokubukekayo.
Inqubo Yokuhlangana
Isikhathi somkhosi: Nakuba inkulumo ingase iqale ngaphambili, izifanekiselo kumelwe zingadluliswa kuze kube ngemva kokushona kwelanga. Kumelwe kunqunywe ngokwendawo isikhathi sokushona kwelanga ngoApril 4.
Inkulumo yeSikhumbuzo: Isikhulumi kumelwe silungiselele kahle ukuze sikwazi ukunikeza indaba ngesikhathi esimisiwe. Kumelwe inikezwe ngokukhanyayo futhi ikhuthaze kubo bonke abakhona.
[Isithombe ekhasini 15]
ISikhumbuzo sijulisa uthando ngoJehova neNdodana yakhe