Izikhonzi ZikaNkulunkulu Zibonakalisa Ukufaneleka Kwazo
“Futhi ubani ofaneleka kahle na?”—2 KORINTE 2:16, NW.
1. Ezweni lanamuhla elihlukene ngokwenkolo, imuphi umbuzo ongabuzwa ngobuqotho?
KULELIZWE lanamuhla elihlukene ngokwenkolo, lombuzo ungabuzwa ngobuqotho: Ubani ngempela oyisikhonzi esigunyaziwe sikaNkulunkulu? Ngokufanayo, umphostoli uPawulu wabuza: “Ubani ofanelekela lezizinto kahle na?” Lapho ebekelwa inselele, uPawulu nayesebenza nabo babengathi. “Yithina!” (2 Korinte 2:16, 17, NW) Kodwa namuhla, obani abanesisekelo esiqinile, ilungelo, nesibindi sokuphendula bathi, “Yithina”?
2. Uyini umongo wamazwi kaPawulu kweyesi-2 Korinte 2:14-17?
2 Ngaphambi kokuphendula lowombuzo, ake sicabangele lamazwi kaPawulu kumaKristu aseKorinte: “Kodwa makabongwe uNkulunkulu! Ngoba . . . noma kuphi lapho sihamba khona uyasisebenzisa ukuba sitshele abanye ngeNkosi futhi sisakaze iVangeli njengamakha amnandi. KuNkulunkulu kunephunga elimnandi, elinempilo ekuphileni kwethu. Liyiphunga likaKristu elikithi, iphunga elimnandi kokubili kwabasindisiwe nakwabangasindisiwe abanathi. Kulabo abangasindiswa, sibonakala siyiphunga elisabekayo lokufa nokulahlwa, kanti kulabo abazi uKristu singamakha aphilisayo. Kodwa ubani ofanelekela umsebenzi onjengalona? Yilabo kuphela, njengathi, abangamadoda obuqotho, athunywe uNkulunkulu, akhuluma ngamandla kaKristu, sibhekwe iso likaNkulunkulu. Asinjengalabo bathengisi—futhi kunabaningi babo—abamqondo wabo ekuhambiseni iVangeli uwukuceba ngalo.”—2 Korinte 2:14-17, The Living Bible; bheka iThe Watchtower, kaMay 1, 1944, amakhasi 133-4.
3. (a) Kumelwe sisabele kanjani emqondweni wokuthengisa iZwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo yobugovu? (b) Yini uPawulu ayenza ukuze agweme ukuba umthwalo ngokwezimali kulabo ayeshumayela kubo?
3 Ukuthengisa iZwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo yobugovu—yeka indlela onengeka ngayo lowomqondo! UPawulu akazange afune inzuzo engokwezimali ngokushumayela leloZwi ukuze aphile ukuphila kokunethezeka, ekugcineni athole umhlala-phansi enkonzweni abese ephila ngokunethezeka zonke izinsuku zakhe. Wayezimisele ukwakha amatende njengomsebenzi oseceleni ukuze azisekele ngokwezimali futhi asize ayesebenza nabo enkonzweni kaJehova. (IzEnzo 18:1-4) UPawulu akazange abe umthwalo ngokwezimali kulabo ayebashumayeza izindaba ezinhle. Ngakho wayengabuza amaKristu aseKorinte: “Ngonile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina, lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na?” (2 Korinte 11:7) Lowombuzo kwakumelwe uphendulwe ngocha oqondile!
4. OFakazi BakaJehova basilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu ngokuphathelene neZwi likaNkulunkulu?
4 Namuhla oFakazi BakaJehova balingisa isibonelo esihle sikamphostoli uPawulu ngokungathengisi iZwi likaNkulunkulu eliyigugu kodwa ngokulenza litholakale kubo bonke. Abahwebi ngento engcwele kangako. Kanjalo abanabo abefundisi abakhokhelwayo, izikhulumi zabo zeningi azifuni nkokhelo ngezinkulumo, futhi isitsha senkongozelo asilokothi sidluliswe emihlanganweni yabo. Uma noma ubani efisa ukunikela imali ngenxa yomsebenzi, angafaka noma imalini, ngisho naleyo ‘engangamafadingi amabili’ omfelokazi, ebhokisini lomnikelo eHholo LoMbuso nakwenye indawo. (Luka 21:1-4) Iminikelo enjalo yokuzithandela isetshenziselwa ukuhlangabezana nezindleko hhayi ukucebisa noma ubani. Ngisho namakhaya avulelwa imihlangano yoFakazi BakaJehova mahhala.—Filemoni 1, 2.
‘Ukufaneleka Kahle’
5. Ubani oye wenza oFakazi BakaJehova bafanelekela inkonzo engcwele?
5 Kodwa ubani namuhla oye wenza oFakazi BakaJehova bafaneleka ukuba baqhubeke belandela lendlela engokomBhalo naphezu kwakho konke ukushushiswa nokuphikiswa abahlangabezana nakho njalo? Akekho ongenza lokhu ngaphandle koMuntu owenza uPawulu nabangane bakhe bayifanelekela kahle inkonzo engcwele. Siza uphawule ubumsulwa besisusa sikaPawulu, ngokuphambene nesisusa somthengisi ongokwenkolo, njengoba achaza: “Njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.” (2 Korinte 2:17) Lena indlela oFakazi BakaJehova abakhuluma ngayo namuhla. Kodwa ingabe siyazincoma njengezikhonzi? Ingabe sidinga ukukhipha izincwadi zokusincoma ezivela kwabanye?
6. (a) Kungani abefundisi beLobukholwa becabanga ukuthi ‘bafaneleka kahle’? (b) Kodwa siyini isisekelo somuntu oba nokufanelekela kahle inkonzo yobuKristu beqiniso?
6 UPawulu wakwenqaba ukuqaphela ukufanelekela inkonzo yakhe njengokuthile akuqalisa yena. Wathi: “Amandla ethu avela kuNkulunkulu, oyena futhi osenzela amandla okuba-yizikhonzi zesivumelwano esisha.” (2 Korinte 3:4-6) Ngokungafani noPawulu, abefundisi beLobukholwa bathi ‘bafaneleka kahle’ ngenxa yokuthola kwabo iziqu ezikoleni zobufundisi. Ngakho bayaphika ukuthi labo abangazange bathole iziqu ezikoleni zobufundisi bayizikhonzi ezifanelekayo ezinegunya lokufundisa. Kodwa ukufunda okukhethekile kukaPawulu ebuJudeni akumenzanga wafanelekela inkonzo yobuKristu ngokuphathelene nesivumelwano esisha. Ngisho noJesu akazange aqalise isikole sobufundisi sabaphostoli bakhe abayi-12 nanoma ubani owayengaya kuso. Ngokufanayo nanamuhla, ukufanelekela kahle inkonzo yobuKristu beqiniso komuntu kumelwe kuvele kuJehova, uMfundisi omkhulu kunabo bonke. Yebo, isikhonzi esinjalo kuyodingeka siveze ubufakazi obungenakuphikwa muntu.
“Ngubani Okunike Leligunya?”
7. Abaholi benkolo babehluke ngayiphi indlela kuNikodemu endleleni ababheka ngayo igunya likaJesu?
7 Abaholi benkolo babekela inselele ngisho nelungelo leNdodana kaNkulunkulu lokushumayela izindaba ezinhle nokwenza izimangaliso. Ethempelini, “kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na? Futhi ngubani okunike leligunya na?” (Mathewu 21:23) Benqaba ukwenza isiphetho umholi wamaJuda uNikodemu asifinyelela lapho etshela uJesu: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezizibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”—Johane 3:1, 2.
8. Ngemva kweminyaka engaphezu kwemithathu yenkonzo kaJesu, abaholi bamaJuda basabela kanjani esiqinisekisweni segunya nelungelo lakhe?
8 UJesu wayengatshela ababembekela inselele, ‘Imisebenzi yami ayizikhulumele!’ Ngemva kweminyaka engaphezu kwemithathu yomsebenzi wakhe wasobala, abapristi abakhulu namadoda amadala babenezibonakaliso eziningi ababengasekela kuzo isiphetho esiqondile ngegunya likaJesu nelungelo lokwenza izimangaliso nokufundisa iqiniso ngoMbuso kaNkulunkulu. Babemane bentamo-lukhuni kakhulu ukuba bemukele bonke ubufakazi uJehova ayebunikeza ukuze abaqinisekise ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe.
9, 10. (a) Kungani kungamelwe kubamangalise oFakazi BakaJehova ukuthi ukufaneleka kwabo njengezikhonzi kuyangatshazwa namuhla? (b) UJesu wabhekana kanjani nabaholi benkolo ababekela igunya lakhe inselele, futhi lokhu kwaba namuphi umphumela?
9 Ngokucabangela okwenzeka endabeni kaJesu, akubamangalisi oFakazi BakaJehova ukuthi ukufaneleka kwabo njengezikhonzi ezimisiwe zikaYise kuyangatshazwa abaholi benkolo namuhla. Njengoba labo ababekela igunya likaJesu inselele bengayinakanga imisebenzi yakhe eminingi emangalisayo, waphakamisa umbuzo owabafaka enkingeni. Futhi abafundi bakhe bosuku lwanamuhla bangenza okufanayo endabeni yalabo abangayinaki ngamabomu imisebenzi yalabobafundi.
10 Lapho abapristi abakhulu namadoda amadala bebuza uJesu, “Ngubani okunike leligunya na?” Akazange abuze umbuzo olukhuni kodwa wathi: “Nami ngizakunibuza izwi libe-linye; uma ningitshela lona, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. Ukubhapathiza kukaJohane kwavelaphi, ezulwini nokuba kubantu, na?” Indaba iyanezela: “Bakhulumisana bodwa, bathi: Uma sithi: Ezulwini, uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na? Kepha uma sithi: Kubantu, siyasesaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi. Base bemphendula uJesu, bethi: Asazi. Wayesethi kubo naye: Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.” (Mathewu 21:23-27) Namuhla, oFakazi BakaJehova bangabuza abefundisi ngokomBhalo ngendlela enomphumela ofa-nayo.a
11. Imuphi umsebenzi abantu bakaJehova abawenza ngaphambi kuka-1914, futhi ababasolayo bathuliswa kanjani?
11 Kusukela ngo-1876 kuqhubeke, abantu bakaJehova baxwayisa izwe, futhi ikakhulukazi eLobukholwa, ngokuthi izikhathi zabeZizwe zaziyophela ekwindla ka-1914. (Luka 21:24) Abefundisi babengeke bangawunaki lomsebenzi wokwandulela cishe weminyaka engama-40—ofana nalowo kaJohane uMbhapathizi. Labo befundisi balinda ngentshiseko ukuhlasela umhleli walomagazini uma kwenzeka u-1914 edlula ngaphandle kwanoma iziphi izenzakalo ezivelele ezifana nalezo ayexwayise ngazo. Kodwa, awu, yeka indlela abathula ngayo lapho ngoJuly 28, 1914, ukuthula kuqedwa ukugqashuka kweMpi Yezwe I!
12. Ibuphi ubunzima obeza neMpi Yezwe I nobayilandela?
12 Ukonakalisa kwempi nokuyeka kwabantu abaningi ukuphishekela ezolimo kwaletha ukuswelakala kokudla. Ukuzamazama komhlaba kwanyakazisa izingxenye ezihlukahlukene zomhlaba, zibangela umonakalo omkhulu nokuhlupheka. Ngo-1915 ukuzamazama komhlaba eAvezzano, eItaly, kwabulala izi-29 970, futhi ukuzamazama okwesabekayo ngo-1920 kwabangela ukufa kwabayizi-200 000 esifundazweni saseKansu, eChina. Ngo-1923, abangaphezu kwezi-140 000 bafa ekuzamazameni komhlaba kwaseGreat Kanto eJapane. Ezithendeni zempi kwalandela umkhuhlane waseSpain owabulala ngonyaka owodwa izisulu ezengeziwe kunezabulawa yimpi eminyakeni emine. Okungenakushaywa indiva ukushushiswa kwezinceku zikaJehova phakathi naleyompi yezwe yokuqala, okwafinyelela umvuthwandaba wakho ngokuboshwa ngokungemthetho izinyanga eziyisishiyagalolunye kukamongameli nomgcinisikhwama ongunobhala weWatch Tower Society nezisebenzi ezazikanye nabo eziyisithupha.
13. Yini oFakazi BakaJehova abaye bayibuza abefundisi beLobukholwa, futhi yini labasoli obekuyodingeka bayivume uma bephendula ngokwethembeka?
13 Kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe I, oFakazi BakaJehova baye babuza abefundisi beLobukholwa: ‘Ingabe izenzakalo ezesabekayo eziye zahlupha umhlaba wethu kusukela ngo-1914 kuqhubeke ziwukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu esikuMathewu 24:3-13?’ Uma labobefundisi ngokwethembeka bethi yebo, kuyodingeka bavume ukuthi uJesu Kristu weza eMbusweni wakhe wasezulwini ngo-1914. Ngokusobala, njengoba uJesu athi ‘izwe alisayikumbona’ futhi manje engumuntu womoya ongenakufa, ‘ukuza’ kwakhe, noma “ukuba khona,” akubonakali. (Johane 14:19; Mathewu 24:3, NW; 1 Petru 3:18) Kodwa ukuvuma konke lokhu bekuyovimbela abefundisi ekuphikiseni ngokuthi izenzakalo ezikhungathekisa umhlaba zika-1914-18 zaziwukuthukuthela nje kwezizwe kwesikhashana okwenzekayo emlandweni.
14. (a) Uma abaholi benkolo benze ukuvuma okuyikho, lokhu bekuyobabopha ukuba bahlanganyele kumuphi umsebenzi? (b) Yikuphi okusendaweni yoMbuso obekuyodingeka bakuphike, kodwa baye baphishekela yiphi inkambo?
14 Ngaphezu kwalokho, uma abefundisi beLobukholwa bevuma ukuthi izenzakalo zika-1914-18 zaziphawula ukuqala kokuphela kwesimiso esidala sezinto, bebeyobopheka ukuba bavume ezinye izici ‘zesibonakaliso’ ‘sokuba khona’ kukaJesu futhi bekuyodingeka bahlanganyele ekugcwalisekeni kwamazwi akhe: “[“Lezi zindaba ezinhle,” NW] zombuso ziyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:14) Lokho bekuyosho ukushumayela, hhayi iVangeli abaye balishumayela amakhulu eminyaka, kodwa izindaba ezinhle zoMbuso owamiswa ezulwini ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. Bekuyodingeka baphike iNhlangano Yezizwe ‘njengokubonakaliswa okungokombangazwe koMbuso kaNkulunkulu emhlabeni’ futhi babheke yona nomlandeli wayo, iZizwe Ezihlangene, ‘njengamanyala encithakalo ami endaweni engcwele.’ (Mathewu 24:15) Kodwa kuze kube unyaka ka-1985, abefundisi beLobukholwa bayenqaba ukubheka iNhlangano yeZizwe neZizwe Ezihlangene ‘njengalawomanyala,’ noma “into enyanyekayo.”
15. Iliphi ikusasa elilindele abefundisi, kodwa oFakazi BakaJehova bebenzani?
15 Ngakho abefundisi beLobukholwa bayenqaba ukumelela uMbuso kaJehova ngoJesu Kristu. Ngenxa yokuhluleka ukuwusekela, bazobhujiswa “osizini olukhulu” oluseduze. Kodwa ngokungafani nabo, oFakazi BakaJehova baye balishiya iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, futhi bashumayela isigijimi soMbuso emazweni angama-203. Lomsebenzi ongenakulinganiswa uyisici esivelele ‘sesibonakaliso’ esiqinisekisa ukuthi ngo-1914 uJesu wamiswa njengeNkosi yasezulwini, ukuba abuse phakathi kwezitha zakhe.—Mathewu 24:3, 14, 21; IHubo 110:1, 2; IsAmbulo 18:1-5.
Ingabe Sikhona Isidingo Sokunconywa?
16. Imiphi imibuzo ephakamayo ngokunconywa, futhi yini uPawulu okuye kwadingeka ayisho ngalokhu?
16 Ingabe sizincoma ngokungenasisekelo njengofakazi abagcotshiwe bakaJehova? Noma ingabe ngobuqili siguqula izinto ukuze sizuzele “ezinye izimvu” zikaJesu ukunconywa okunjalo? (Johane 10:16) UPawulu akazange ayenze into enjalo kodwa wayengasho kulabo baseKorinte ababa amaKristu ngenxa yemizamo yakhe engakhathali: “Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na? Nina niyincwadi yethu elotshwé ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi-sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.”—2 Korinte 3:1-3.
17. Kungani kungathiwa uPawulu wayeyifanelekela kahle inkonzo, futhi ngalokhu, yini engashiwo ngoFakazi BakaJehova?
17 Ngosizo lomoya kaJehova, uPawulu waloba izincwadi ezininingi zeBhayibheli futhi waphendulela abaningi ebuKristwini. Ngakho ngokuqinisekile wazibonakalisa eyifanelekela kahle inkonzo yobuKristu. Ngokufanayo nanamuhla ikakhulukazi kusukela ekukhishweni kokuqala kwalomagazini ngo-1879, insali egcotshiwe yabafundi bakaKristu, nakuba ingaphefumlelwe njengoPawulu, iye yakhiqiza izincwadi eziningi zeBhayibheli. Kusukela ngo-1920, iye yakhipha izinkulungwane zezigidi zezincwadi, izincwajana, omagazini, namapheshana ngeziliml eziningi. Lezincwadi ziye zasakazwa ngenani eliphansi, eziningi zazo zinikezwa ngesihle kwabampofu. IWatch Tower Society iye yalungiselela nezifundo zeBhayibheli zamahhala futhi iye yathumela izithunywa zevangeli emasimini angabelwe embulungeni yonke. Amashumi ezinkulungwane aye asabela esigijimini esinyathelisiwe nesomlomo futhi aye abonakalisa ukuzinikezela kwawo kuJehova uNkulunkulu ngokubhapathizwa, ikakhulukazi kusukela ngo-1935 lapho kwacaciswa khona okokuqala ukuthi “isixuku esikhulu” esingenakulinganiswa ‘sezinye izimvu’ zikaJesu singabheka phambili ekuphileni okuphakade ePharadesi elibuyiselwe emhlabeni.—IsAmbulo 7:9-17; Luka 23:43.
18. Uma itshelwa, ukuba ibonakalise ukufaneleka kwayo njengezikhonzi, insali egcotshiwe ingakhomba kuphi?
18 Khona-ke, kuthiwani uma abefundisi betshela insali egcotshiwe ukuba iveze izitifiketi njengeneZiqu Eziphakeme Zobufundisi? Phela, lezinceku zikaJehova zinganikeza ubufakazi obubaluleke kakhulu ngokwengeziwe! Manje zingakhomba ‘kwezinye izimvu’ ezingaphezu kwezigidi ezimbili nengxenye emhlabeni wonke futhi zingathi: ‘Nanso-ke incwadi yethu esisekelayo!’ Zingasebenzisa emalungwini ‘esixuku esikhulu’ amazwi kaPawulu futhi zithi: “Nina niyincwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke.” (2 Korinte 3:2) Abefundisi beLobukholwa mabayifunde leyoncwadi ephilayo eyakhiwa amaKristu azinikezele, abhapathizwa akhonza uJehova uNkulunkulu imini nobusuku ethempelini futhi asizayo ‘ekushumayeleni lelivangeli lombuso ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.’ (Mathewu 24:14) Njengensali egcotshiwe, azibonakalisa eyifanelekela kahle inkonzo yobuKristu.
19. Iyiphi incwadi yokunconywa evelele eyovikelwa eArmagedoni?
19 Lencwadi yokunconywa evelele ngeke isulwe “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” okuseduze endaweni engokomfanekiso ethiwa iArmagedoni. (IsAmbulo 16:14-16) Kunalokho, iyolondolozwa ivikelwe uNkulunkulu uMninimandla onke ukuze iboniswe esimisweni sezinto sangemva kweArmagedoni ngaphansi kukaKristu iNkosi. Yeka incwadi enamandla ‘lesosixuku esikhulu’ esiyoba yiyo ezigidigidini zabantu abafileyo labo uJehova uNkulunkulu, ngoJesu Kristu, ayobavusa ngalesosikhathi emathuneni emhlabeni wonke! Ngakho qhubekani niloba, nina nsali egcotshiweyo! Futhi qhubekani niyisiza, nina “sixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ zikaMalusi Omuhle!
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, bheka izigaba 13 no-14 ngezansi.
Kuyini Ukukhulumela Kwakho?
◻ OFakazi BakaJehova bamlingise kanjani uPawulu ngokungathengisi iZwi likaNkulunkulu?
◻ Siyini isisekelo sokufanelekela kahle komuntu inkonzo yobuKristu beqiniso?
◻ Uma abaholi benkolo benza ukuvuma okuqondile, imuphi umsebenzi abebeyobopheka ukuhlanganyela kuwo?
◻ Insali egcotshiwe ingakhomba kuyiphi incwadi evelele yokuqinisekisa ukuthi iyizikhonzi ezifaneleka kahle?
[Isithombe ekhasini 23]
UJesu wafundisa abafundi bakhe ukuba babe izikhonzi, kodwa akazange aqalise noma isiphi isikole sobufundisi
[Isithombe ekhasini 25]
Njengezikhonzi ezifanelekayo, oFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle zoMbuso emisiwe. Ingabe wena uyazishumayela?