Ubuqotho BukaJobe—Ubani Ongabulingisa?
“Mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela [“ubuqotho,”NW] kwami”—JOBE 31:6.
1. Kungani kukuhle ukucabangela isibonelo sikaJobe, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?
UJOBE wayeqiniseka ngobuqotho bakhe, ngalokho wakwemukela ukuhlolwa uNkulunkulu. Isibonelo sakhe singaba isikhuthazo kakhulu kithi namuhla, ikakhulukazi lapho uSathane uDeveli ezama kanzima ukwephula ubuqotho babo bonke abakhonza uNkulunkulu. (1 Petru 5:8) Eqaphela lokhu, umfundi uJakobe wathi ‘misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo,’ ikakhulukazi uJobe. (Jakobe 5:10, 11) Kodwa ubani ongalingisa ubuqotho bukaJobe? Ingabe thina singabulingisa? UJobe wasibekela ngaziphi izindlela isibonelo sokugcina ubuqotho?
2. (a) Lisho ukuthini igama elithi Jobe? (b) Yini eyafezwa inkambo kaJobe yokugcina ubuqotho?
2 Igama elithi Jobe lisho “Ozondekayo,” lokho aba yikho ngempela. Kodwa lapho uJehova evumela isicelo sikaSathane futhi esusa uthango kwesivikelo olwalubiyele uJobe, akukho lutho uSathane ayengalwenza olwalungaphula ubuqotho bukaJobe kuNkulunkulu. (Jobe 1:1-2:10) Ngaleyondlela uJobe wanikeza impendulo ekusoleni kukaSathane kokuthi angahlubula noma ubani ekukhonzeni uNkulunkulu. (IzAga 27:11) Ngenkambo yakhe yokugcina ubuqotho, uJobe ngamanye amazwi wayememezela endaweni yonke ethi, ‘Sathane, ungumqambimanga odelelayo, ngoba uJehova unguNkulunkulu wami, futhi ngizogcina ubuqotho bami kuye kungakhathaliseki ukuthi yini eyenzekayo!’—Jobe 27:5.
Labo AbanjengoJobe
3. Ubani owayevikelwe ezulwini, futhi imiphi imibuzo eyaphakanyiswa ngokuqondene naye?
3 Ngokunengqondo, impikiswano eyayiphakathi kukaJehova noSathane kwakungeyendawo yonke, ihlanganisa indawo yomoya. Ezulwini, elibiyelwe ukunakekela kukaJehova okuyisivikelo, kwakukhona “inzalo” ethenjisiwe uNkulunkulu ayehlose ngayo ukufeza izinjongo zaKhe ezinhle. (Genesise 3:15) Nokho, lapho ‘uthango lwesivikelo’ lususwa, ingabe yayiyobulingisa ubuqotho bukaJobe? Ingabe yayiyobonisa ukuthi umuntu ophelele, njengoba uAdamu ayenjalo, angagcina ubuqotho obuphelele kuNkulunkulu? (1 Korinte 15:45) USathane wenza amalungiselelo okubeka ‘lenzalo’ ovivinyweni olukhulu kakhulu noma nini lapho leNzalo yayiyobonakala emhlabeni.
4. (a) Ubani owaba isisulu esiyinhloko sobutha bukaSathane, futhi sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wakususa ukunakekela kwakhe okuyisivikelo kuye? (b) Yini uJesu ayinikeza uJehova?
4 UJesu wazibonakalisa ‘eyinzalo’ ethunyiwe evela ezulwini. Ngaleyondlela waba umbukwane kaSathane, yebo, isisulu esiyinhloko sobutha bukaSathane. Ekufakazeleni ukuthi uJehova wayelususile uthango lokunakekela okuyisivikelo, uKristu wakhala lapho esesigxotsheni sokuhlushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” (Mathewu 27:46; IHubo 22:1) Nakuba ayebona kahle ukuthi uNkulunkulu wayesisusile isivikelo sakhe, uJesu, njengoJobe, “akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.” (Jobe 1:22) Walingisa uJobe, egcina ubuqotho obuphelele kuNkulunkulu, kanjalo ebonisa ukuthi “akakho onjengaye emhlabeni.” (Jobe 1:8) Ngakho-ke, kuJesu, uJehova uNkulunkulu unempendulo ephelele neyaphakade ekumangaleni okungamanga kukaSathane ngokuthi uNkulunkulu akanakubeka muntu emhlabeni eyohlala ethembekile akuye ngaphansi kovivinyo olukhulu kakhulu.
5. (a) Yini uSathane aqhubeka eyenza? (b) Wenzani uSathane lapho exoshwa ezulwini?
5 Nokho, esafuna impendulo eyengeziwe, uSathane uyaqhubeka emangalela abafowabo bakaJesu, abangokomoya, labo, bekanye noJesu abakha “inzalo” yenhlangano kaNkulunkulu enjengomfazi. Lapho lichaza ukumiswa koMbuso ezulwini, iBhayibheli lithi ngokuqondene noSathane: “Uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.” Nokho, uSathane wenza okungaphezu kokumangalela, uletha ukuhlasela kobutha! IBhayibheli lichaza ukuthi ngemva kokukhishwa kwakhe ezulwini, “udrako [uSathane] wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi [“abanomsebenzi wokufakazela,” NW] bukaJesu.”—IsAmbulo 12:7-12, 17.
6. (a) Obani namuhla abaholayo emsebenzini wokushumayela, futhi obani abaye bahlanganyela nabo? (b) Yini uSathane azama ukuyenza kubo bonke laba?
6 “Abaseleyo benzalo [yomfazi]” bangofakazi bakaJehova abagcotshiwe abasele emhlabeni namuhla. Bayahola ‘emsebenzini wokufakazela uJesu,’ bememezela obala emhlabeni wonke ukuthi manje usebekwe njengeNkosi futhi ngokushesha uzoletha lesimiso sezinto esibi ekupheleni kwaso. (Mathewu 24:14; Daniyeli 2:44) Kodwa ababodwa neze! Manje isixuku esikhulu sabantu abangaphezu kwezigidi ezintathu siye sahlanganyela nabo ekwakheni inhlangano yomhlaba wonke egcina ubuqotho, enobunye. Bonke laba abagcina ubuqotho, nabo, baye baba izisulu zoshushiso lukaSathane oluqhubekayo, futhi uBaba wabo wasezulwini uJehova uyajabula ngobuqotho babo.—2 Thimothewu 3:12; IzAga 27:11.
7. Kungani singaba nethemba lapho sibhekene nokuhlasela kukaSathane?
7 Ngokuqinisekile, kuyaqabula ukuqaphela ukuthi njengoba ukunaka kukaSathane konya kwaqondiswa kuJobe kunjalo nakithi esizama ukugcina ubuqotho kuNkulunkulu. Nokho, akumelwe sikhungatheke. Ngani? Ngoba “iNkosi [uJehova] inesihe esikhulu nesihawu” futhi “akayikukuyeka, akushiye.” (Jakobe 5:11; Duteronomi 31:6) Yebo, uJehova uyosisekela. IBhayibheli lithi: “Uyihawu kwabahamba bengenacala [“ngobuqotho,” NW].” (IzAga 2:7) Nokho, lokhu akusho ukuthi uJehova ngeke avume ukuba sivivinywe. Uyovuma, njengoba enza kuJobe. Umphostoli uPawulu waphawula: “Kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.”—1 Korinte 10:13.
Lapho Singaphansi Kovivinyo
8. Isibonelo sikaJobe singasizuzisa kanjani namuhla?
8 Isibonelo sobuqotho bukaJobe singaba yinzuzo ngokukhethekile kithi lapho sibhekene novivinyo olungathi sina. UJobe wahlupheka kangangokuba waze wafisa ukufa afihlwe eSheoli, ithuna elivamile lesintu. (Jobe 14:13) Abanye namuhla baye bazizwa ngendlela efanayo, bethi nabo basesimweni esifana nesikaJobe ngesikhathi ehlupheka kakhulu. Mhlawumbe uke wazizwa ngendlela efanayo. Ngempela, ukufunda ngokuhlupheka kwakhe kungaba njengokuthola isikhuthazo esivela kumngane oye waba sovivinyweni olukhulu ngisho nangaphezu kolwethu. Ukwazi ukuthi othile uye wakhuthazela, futhi wakuqonda, ngokuqinisekile nathi kusisiza ukuba sikhuthazele.
9. Sizuza kanjani ngokugcina kwabanye ubuqotho?
9 Eqaphela izidingo zethu, uJehova uye wenza ukuba incwadi kaJobe ibhalwe ukuze asisize sigcine ubuqotho njengoba kwenza uJobe. (Roma 15:4; Jakobe 5:10, 11) UNkulunkulu uyazi ukuthi njengoba enye ingxenye yomzimba ithembele kwenye kanjalo izinceku zakhe ezithembekile nazo ziyazidinga ezinye. (1 Korinte 12:20, 26) Khumbula iMihlangano yamuva “Yabagcina Ubuqotho” eyahlanganyelwa izigidi zabafundi balomagazini. Labo ababekhona bazokhumbula ukuthi kwakukuhle kanjani ukuba phakathi kwabantu abaningi kangaka abamgomo wabo oyinhloko ekuphileni uwukugcina ubuqotho kuNkulunkulu. Yeka ukuthi kwakuyisikhuthazo kanjani ukugcina ubuqotho kulabo ababekhona ukwazi ukuthi izinkulungwane eziningi eziphakathi kwabo—lapho zisemisebenzini yazo yokuziphilisa noma esikoleni noma emphakathini wazo—nazo zigcina ubuqotho ngaphansi kovivinyo!—1 Petru 5:9.
10. (a) Umuntu angahluleka kanjani ukugcina umbono oqondile? (b) Yini uJobe aqala ukuyingabaza?
10 Nokho asinakuwugcina umbono oqondile ngaso sonke isikhathi njengoba noJobe ahluleka ukwenza kanjalo. Umuntu ohlupheka kakhulu, futhi osesimweni sengqondo esicindezelekile, angase athi, ‘Awu kungani uNkulunkulu enza lokhu kimi? Kungani evumela lokhu ukuba kwenzeke?’ Umuntu angase aze afike naseqophelweni lokubuza ukuthi, ‘Kunamsebenzi muni ukukhonza uNkulunkulu?’ Engawuqapheli umthombo wokuhlupheka kwakhe, uJobe wayingabaza inzuzo yamanje yokuba ngolungile, njengoba abalungile kwakubonakala behlupheka ngokufanayo, uma kungekhona ngokungaphezu kwababi. (Jobe 9:22) NgokukaElihu. uJobe wathi: ‘Kungisiza ngani? Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?’ (Jobe 35:3) Kodwa asinakuzivumela ukuba sihileleke kakhulu ezinkathazweni zethu size silahlekelwe umbono eqondile bese sikungabaza ukubaluleka kokukhonza uNkulunkulu.
11. Isiphi isiqondiso esihle uElihu asinikeza uJobe?
11 UElihu wanikeza uJobe isiqondiso esidingekile, ebuyisela izinto embonweni ofanele ngokuphawula ukuthi uJehova uphakeme kakhulu kunoJobe. (Jobe 35:4, 5) UElihu wabonisa ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi yini eyenzekayo, akumelwe siphethe ngokuthi uNkulunkulu akanakekeli futhi mhlawumbe sicabange ukuthi singamjabhisa ngalokho okucatshangelwa njengokuwukwahlulela kwaKhe ngokungalungi. UElihu wabuza uJobe: “Uma wona, wenzani kuyena na? Uma iziphambeko zakho ziziningi, wenzani kuye na?” (Jobe 35:6) Yebo, uma uzama ukujabhisa uNkulunkulu ngokushiya izindlela zakhe noma inkonzo yakhe, umane uzilimaza wena, hhayi uNkulunkulu.
12. Ukugcina kwethu ubuqotho kumthinta kanjani uNkulunkulu?
12 Ngakolunye uhlangothi. uElihu wabonisa ukuthi akuzuzi uJehova siqu uma senza okulungile. Yebo. uNkulunkulu uyajabula uma sigcina ubuqotho, nokho, ngesikhathi esifanayo, akencikile neze ekukhulekeleni kwethu, njengoba kwaboniswa yilokho uElihu akubuza uJobe: “Uma ulungile, umnikani yena, noma [wamukelani] esandleni sakho na?” (Jobe 35:7) UNkulunkulu wasipha ukuphila, futhi ngenxa yakhe siyaphefumula, siyahamba futhi sikhona. Zonke izinto ezakhe! (IzEnzo 17:25; 1 iziKronike 29:14) Ngalokho ububi bethu noma ukulunga kwethu akunakumthinta uNkulunkulu ngokwakhe.—Jobe 35:8.
Lapho Siqondiswa
13. (a) UJobe wasabela kanjani esiqondisweni esanikezwa? (b) Iyiphi inkinga esinayo sonke?
13 UJobe wasabela kanjani esiqondisweni asinikezwa, okokuqala uElihu kwase kuba uJehova ngokwakhe? Wasemukela, ezisola “othulini nasemlotheni.” (Jobe 42:6) Yebo, uJobe wazithoba, evuma iphutha lakhe. Futhi ingabe asikuncomi yini ukuzithoba okunjalo? Kodwa kuthiwani ngathi? Ngisho nakuba singase sibe abagcina ubuqotho abangaxegi njengoJobe, sonke sithambekele ekwenzeni amaphutha futhi sibe abangalinganiseli ngezindlela ezithile. (Jakobe 3:2; Galathiya 2:11-14) Yini esiyoyenza lapho iphutha noma ukungapheleli kwethu kulethwa ekunakekeleni kwethu, ngisho noma kulethwa umuntu osemncane njengoElihu?—Jobe 32:4.
14. (a) Kuyini ukuthambekela okuvamile lapho umuntu eqondiswa? (b) Ikuphi okungaba nengxenye emaphutheni nasekwahluleleni ngokungaqondile, futhi yisiphi isibonelo esabekwa uJobe lapho eqondiswa?
14 Akulula ngaso sonke isikhathi ukwamukela ukuqondiswa. (Heberu 12:11; IzAga 3:11, 12) Sithambekele ekuzameni ukuzithethelela. NjengoJobe, kungenzeka ukuthi asikushongo okubi noma sakwenza ngamabomu. Isisusa sethu kungenzeka besisihle. Kodwa kungenzeka siye sakhuluma singenalo ulwazi olugcwele, sintula ukuqonda noma ukuqaphela imizwelo yabanye. Mhlawumbe amazwi ethu abonise umoya wokuphakama kobuhlanga noma ubuzwe, noma ukuphikelela endabeni engasekelwe ngokomBhalo. Kungase kulethwe ekunakekeleni kwethu ukuthi esikushilo kuveza ikakhulukazi umbono womuntu siqu nokuthi kuye kwalimaza abanye kangangokuthi kwaze kwalimaza ngisho nengokomoya labo. Lapho siqondiswa, ingabe thina, njengoJobe, siyovuma ukuthi ‘sikhulume ngokungenakuqonda’ futhi ‘sizinenge’?—Jobe 42:3, 6.
Ukuthemba UNkulunkulu, Hhayi Ingcebo
15. Sazi kanjani ukuthi ithemba likaJobe lalingekho engcebweni yakhe?
15 UBilidadi wangabaza isisusa sethemba likaJobe, esikisela ukuthi wayekhohlwe uNkulunkulu nokuthi wayesethembele kwenye indawo. (Jobe 8:13, 14) Nokho ngisho nakuba uJobe ayebusiswe ngezinto eziningi ezibonakalayo, ithemba lakhe lalingekho kuzo. Ubuqotho bakhe abuzange bunyakaziswe ngisho nakancane lapho elahlekelwa yiyo yonke impahla yakhe. (Jobe 1:21) Ekuziphenduleleni kwakhe kokugcina, uJobe wathi: “Uma ngibeke igolide libe-yithemba lami, ngathi egolideni elihle: Ngithemba wena; uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi . . . nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.”—Jobe 31:24-28.
16. (a) Ikuphi ukuzihlola okumelwe thina ngokwethu sikwenze? (b) Isiphi isithembiso uNkulunkulu asenzayo kulabo abathemba kuye?
16 Kuthiwani ngathi? Silibekaphi ithemba lethu—kuJehova noma ezintweni ezibonakalayo? Uma besingase silinganiswe ezilinganisweni ezishaya emhloleni, njengoba uJobe ayefisa, ingabe uNkulunkulu ubeyobazi ubuqotho bethu kulendaba? Ingabe ukukhathalela kwethu okuyinhloko ekuphileni ngempela kuwukunikeza uJehova inkambo yokugcina ubuqotho ayophendula ngayo ukusola kukaSathane? Noma ingabe sikhathalela ikakhulukazi ukwanelisa izifiso zethu zezinjabulo nezinto ezibonakalayo? Yeka ukuthi kungaba kuhle kanjani uma singaba njengoJobe senze inhliziyo kaJehova ijabule ngokuthembela kuYe, futhi singakubeki ukubaluleka okungafanele kithi noma ezintweni ezibonakalayo ezitholakalayo! Uma sithemba uJehova, sibeka izithakazelo zakhe kuqala, uthembisa ukuthi akasoze asishiya.—Mathewu 6:31-33: Heberu 13:5, 6.
Ukuziphatha Okuhle Kobulili
17. Ikuphi ukusikisela okwenziwa ‘abaduduzi’ bakaJobe, kodwa yini uJobe ayisho ngokuziphatha kwakhe okuhle?
17 Abaduduzi bamanga bakaJobe abazange bambeke ngokuqondile icala lokuziphatha okubi kobulili, kodwa ngokuphindaphindiwe babethi wayenecala lephutha elithile langasese uNkulunkulu ayemjezisela lona. Njengomuntu owayenezinto eziningi, yebo “emkhulu kunabo bonke abantu basempumalanga,” uJobe ngokuqinisekile wayenamathuba obulili obungaphandle komshado. (Jobe 1:3; 24:15) Ezinye izinceku zikaNkulunkulu. ngaphambi nangemva kwesikhathi sikaJobe, zawela ezilingweni ezingokobulili. (Genesise 38:15-23; 2 Samuweli 11:1-5) Nokho, uJobe wazivikela kunoma ikuphi ukusikiselwa kobubi obunjalo, ethi: “Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na? Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami . . . lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.”—Jobe 31:1, 9-11.
18. Kungani kunzima kangaka ukulondoloza ukuziphatha okuhle kobulili, nokho kungani siyojabula uma sikulondoloza?
18 Mhlawumbe azikho ezinye izindlela uSathane aye waphumelela ngazo ekululazeni ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu njengokuziyengela ekuhlobongeni. (Numeri, isahluko 25) Ungabulingisa yini ubuqotho bukaJobe ngokulwa nakho konke ukuyenga kokuziphatha okubi kobulili? Kuyinselele ngempela, ikakhulukazi kulelizwe elisanganiswe ubulili lapho ukuziphatha okubi kubusa khona. Kodwa cabanga ukuthi kuhle kanjani, lapho sekumelwe silandise, ukukwazi ukusho ngesibindi njengoba kwenza uJobe: “Ukuze uNkulunkulu azi ubuqotho bami”!—Jobe 31:6.
Lokho Okungasisiza
19. Yini ebalulekile esisiza ukuba sigcine ubuqotho?
19 Akulula ukulingisa ubuqotho bukaJobe, njengoba uSathane namuhla ezama kanzima ukwephula ubuqotho bethu njengoba azama ukwephula obukaJobe. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba sihlome zonke izikhali zikaNkulunkulu. (Efesu 6:10-18) Lokhu kuhilela ukwenza ngendlela kaNkulunkulu, njengoba uJobe ayenjalo, sihlale sikuqaphele njalo ukujabulisa Yena kukho konke okwenziwa yithi noma imikhaya yethu. (Jobe 1:5) Ngakho, ukutadisha iBhayibheli, ukuzihlanganisa njalo nabakhulekeli esikanye nabo, nokuvuma obala ukholo lwethu kubalulekile.—2 Thimothewu 2:15; Heberu 10:25; Roma 10:10.
20. (a) Iliphi ithemba elingasisekela phakathi novivinyo? (b) Imuphi umvuzo wokugcina ubuqotho owashiwo umhubi esingawuthola?
20 Kodwa okungasisekela ngokukhethekile phakathi novivinyo yilokho okwasekela uJobe—ithemba lakhe lokuthi lokhu kuphila akukhona ukuphela kwakho. “Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na?” kubuza uJobe. Futhi ekuphenduleni wathi: “Ubuyakubiza, mina ngiphendule.” (Jobe 14:13-15) Ukuba nethemba elinjalo eliphelele lokuthi uJehova uyozivusa izinceku zakhe ezithembekile nakho kungasisiza ukuba sibhekane nanoma iluphi uvivinyo uSathane angase alulethe. (Heberu 6:10) Emuva lé, umhubi weBhayibheli waloba: “Mina, ngenxa yobuqotho bami ungisekelile, futhi uyongibeka phambi kobuso bakho kuze kube-phakade.” (IHubo 41:12, NW) Kwangathi lelo kungaba ikusasa elijabulisayo kithina ngabanye—uJehova asisekele futhi asilondoloze phakade ngenxa yokuba siyizinceku zakhe ezigcina ubuqotho!
Ungaphendula?
◻ Obani abaye bazibonakalisa benjengoJobe, futhi ikuphi ukufana esingakuthola kubo nakuJobe?
◻ Yini esingayifunda endleleni uJobe asabela ngayo ovivinyweni lwakhe?
◻ UJobe wasabela kanjani esiqondisweni futhi yini esingayifunda kulokhu?
◻ Isiphi isibonelo esihle uJobe asinikeza ngokuqondene nezinto ezibonakalayo nokuziphatha okuhle kobulili?
◻ Yini engasisiza ukuba sigcine ubuqotho njengoba kwenza uJobe?
[Isithombe ekhasini 17]
Ingabe wena, njengoJobe, wake wayingabaza inzuzo yamanje yokugcina ubuqotho?