‘Zigcine Ungenabala, Futhi Unokuthula’
“Khuthalelani ukuba nifunyanwe ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye.”—2 PETRU 3:14.
1, 2. Buyini ubungcwele?
UJEHOVA UNKULUNKULU ungcwele. INdodana yakhe, uJesu Kristu, emthandazweni yathi kuye: “Baba ongcwele.” (Johane 17:1, 11) Futhi izidalwa zomoya ezulwini zibonakala zithi: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova-Sebawoti.” (Isaya 6:3) Kodwa yini ubungcwele?
2 Igama elithi “ngcwele” nelithi “ubungcwele” ahunyushwe emagameni esiHeberu okungenzeka anomsuka osho “ukukhazimula,” “ukuba musha, ukuba msulwa noma ukuhlanzeka” ngokomzimba. Nokho, emiBhalweni lamagama asetshenziswa ngokuyinhloko ngomqondo wokuziphatha noma ongokomoya. IsiHeberu sakuqala sinikeza futhi umqondo wokwehluka, ukungazihlanganisi, noma ukuzahlukanisela uNkulunkulu ongcwele, uJehova. Ngokufanayo, emiBhalweni yamaKristu yesiGreki amagama ahunyushwe ngokuthi “ngcwele” nangokuthi “ubungcwele” asho ukuzahlukanisela uNkulunkulu. Ayasetshenziswa futhi ukubhekisela ebungcweleni njengemfanelo kaJehova, kanye nobumsulwa noma ukuphelela ekuziphatheni komuntu siqu. Ngakho ubungcwele busho ukuhlanzeka, nobumsulwa.
Ubungcwele Buyimfuneko Kubantu BakaJehova
3. Kungani uJehova efanelwe ukukhulekela okuhlanzekile?
3 Sisho ukuthini-ke isimemezelo sasezulwini esithi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke”? (IsAmbulo 4:8) Phela, lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ungcwele. uhlanzekile ngezinga eliphakeme! Ngakho-ke, uJehova “ongcwele,” ufanelwe ukukhulekela okuhlanzekile. (IzAga 9:10) Ngokufanelekile, uJehova uNkulunkulu wayala umprofethi uMose ukuba atshele amaIsrayeli: “Niyakubangcwele, ngokuba mina-Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.”—Levitikusi 19:1, 2.
4. Kungenzeka kanjani kuphela ukukhulekela uJehova ngokwamukelekayo?
4 Noma ubani othi unikeza uJehova inkonzo eyamukelekayo ebe enza ukungcola uyanengeka emehlweni akhe, ngoba ungamkhulekela ngokwamukelekayo kuphela ngokuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu nangobungcwele. (IzAga 20:25; 21:27) Ngalokho, lapho uNkulunkulu ebikezela ukuthi wayeyocaba indlela yokuba abantu bakhe ababethunjiwe baphume eBabiloni baye eJerusalema, wathi: “Eyakuthiwa iNdlela yobuNgcwele; engcolileyo akayikuhamba ngayo.” (Isaya 35:8) Insali eyabuyela ngo-537 B.C.E. yabuyela ngezisusa ezingcwele zokubuyisela ukukhulekela kweqiniso kwalowo “oNgcwele.” Futhi amaIsrayeli ngabe azibonakalisa engcwele ngokulalela uJehova. Kodwa ngokombono wakhe ehluleka ukuzigcina engcwele, engenabala.—Qhathanisa noJakobe 1:27.
5. UPawulu wabonisa kanjani ukuthi amaIsrayeli angokomoya kumelwe akhulekele uNkulunkulu ngobungcwele?
5 AmaIsrayeli angokomoya, noma amaKristu agcotshiwe, nawo kumelwe akhulekele uJehova ngobungcwele. (Galathiya 6:16) Kulokhu, umphostoli uPawulu wanxusa ayekholwa nabo ukuba ‘banikele imizimba yabo ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu.’ Ukuze benze lokhu, laba abakholwayo kwakumelwe baqiniseke ukuthi babenza intando yaphezulu, ngoba uPawulu wanezela: “Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.”—Roma 12:1, 2.
6. Yini amaKristu okumelwe ayiqaphele?
6 Kulesikhathi sokwanda, abaningi abasha bathutheleka enhlanganweni kaJehova. Nabo, bakhulekela uJehova ngobungcwele. Yeka ukuthi bajabula kanjani ngethemba lokusinda “osizini olukhulu” nelokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi esimisweni esisha sikaNkulunkulu sokulunga! (Mathewu 24:21; Luka 23:43) Kodwa ukuze labo abanamathemba asezulwini kanye ‘nesixuku esikhulu’ esinamathemba asemhlabeni bajabulele ukuphila okungapheli, kumelwe baqaphele imikhuba eyonakalisayo kanye nanoma yini enye ephambene nezimiso nemfundiso engokombhalo.—IsAmbulo 7:9, 14.
7. Yini uPetru ayisho eqokomisa isidingo sokuba yizibonelo “ekuhambeni okungcwele”?
7 Ekhomba esikhathini sethu, umphostoli uPetru waloba: “Usuku lweNkosi luyakufika njengesela mhla amazulu [angohulumeni bezwe] eyakudlula ngokuhlokoma; kuyakusha konke [ukuthambekela nezindlela zezwe], kubhidlike, nomhlaba [umphakathi wesintu ohlukanisiwe noNkulunkulu] nemisebenzi yawo [“iyotholakala,” NW]” ishe ‘njengamazulu’ kanye ‘nakho konke’ ‘emlilweni’ obhubhisayo wosuku lukaJehova. Ngakho uPetru wanezela: “Njengokuba konke kuyakubhidlika kanjalo, kumelwe ukuba nibe-ngabantu abanjani ekuhambeni okungcwele nasekumesabeni uNkulunkulu, nibheka nilangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu ayakubhidlika ngalo amazulu, ashe, konke kushe, kuncibilike, na?” Yebo, bonke oFakazi BakaJehova kumelwe babe yizibonelo “ekuhambeni okungcwele.” Futhi labo abalondoloza ubungcwele bangalangazelela indawo elondekile ‘yamazulu amasha nomhlaba omusha’ kaNkulunkulu wokulunga. (2 Petru 3:7, 10-13) Yeka amathemba abusisiwe!
8. Yini umKristu okudingeka ayenze uma eye waphambuka enkambweni yobungcwele?
8 Nokho, kuthiwani uma umKristu ubeqhubeka kahle isikhathi esithile enkonzweni kaJehova kodwa kamuva wenza imikhuba eyonakalisayo noma ephambene nemfundiso noma izimiso zeBhayibheli? Khona-ke uye wachezuka enkambweni yobungcwele futhi udinga ukubonisa ukuphenduka kweqiniso athathe izinyathelo ezifanelekile zokulungisa isimo. Kunjengoba uPawulu atshela abagcotshiweyo ayekanye nabo: “Lokhu sinalezozithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya, siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) Noma imuphi umKristu odinga ukulungisa inkambo yakhe engaqondile uyothola ukuthi iseluleko esingokomBhalo sabababonisi abanothando siyisibusiso ngempela.—IzAga 28:13; Jakobe 5:13-20.
9. Ngokucabangela eyesi-2 Petru 3:14, imiphi imibuzo ephakamayo?
9 Ngemva kokukhomba esimisweni esisha sokulunga, uPetru wanezela: “Bathandekayo lokhu nibheka lezozinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe [uJehova uNkulunkulu] ninokuthula, ningenabala, ningenacala kuye.” (2 Petru 3:14) Lawomazwi ayeqondiswe kumaKristu agcotshiwe, kodwa yebo bonke ofakazi bakaJehova kumelwe batholakale ‘benokuthula, bengenabala, futhi bengenacala.’ Ngakho, yini okumelwe siyenze?
“Ningenabala, Ningenacala”
10. Labo ‘besixuku esikhulu’ baye bazihlanza kanjani “izingubo” zabo egazini likaJesu?
10 Sidinga ukwenza konke okusemandleni ethu ukuze sitholakale ‘singenabala futhi singenacala.’ Labo ‘besixuku esikhulu’ baye “bahlanza izingubo zabo, bazenza zabamhlophe egazini leWundlu.” Esikhathini esidlule, babeyingxenye yalelizwe elinesono futhi izingubo zabo zokubabonakalisa zazichaphazelwe yilo, zingcolile emehlweni kaJehova. Bazenza kanjani izingubo zabo zaba mhlophe qwa “egazini leWundlu.” uJesu Kristu? Ngokubonisa inkolelo yabo yokuthi “ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa” neyokuthi uJesu ‘uyiWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.’ (IsAmbulo 7:9, 14; Heberu 9:22; Johane 1:29, 36) Lokhu bakwenza ngokuzinikezela okungenamibandela kuNkulunkulu nangokukubonakalisa ngobhapathizo, ukucwiliswa ngokuphelele emanzini. Kwakumelwe benze ukuzinikezela okunjalo ngoJesu Kristu futhi bekholelwa ukuthi igazi lakhe elachitheka lenza kube nokwenzeka ukuba uNkulunkulu athethelele izono zabo futhi abenze bamukeleke emehlweni aKhe.
11. Sidinga ukuhlala sikusiphi isimo njengoba isono sonakalisa ukuthula kwethu noJehova?
11 “Isixuku esikhulu” kumelwe sigcine “izingubo” zaso zimhlophe ngokungachaphazelwa yizimiso zezwe futhi kanjalo silahlekelwe ubuntu baso bobuKristu nokuba kwaso ofakazi bakaJehova abamukelekayo. Ngempela, wonke amaKristu eqiniso kumelwe akubalekele ukungcoliswa yizindlela, izenzo, nokuthambekela kwezwe. Njengoba isono sonakalisa ukuthula kwethu noJehova, singatholakala ‘sinokuthula’ ekufikeni ‘kosuku olukhulu lukaJehova’ kuphela ngokuzigcina sisesimweni okungahlawulelwa izono zethu kuso. Kumelwe singabi nawo amabala ngenxa yemikhuba yenkolo yamanga noma ukuziphatha okubi kwalelizwe.
12. Eyesi-2 Petru 2:13 ingasetshenziswa kanjani ngisho naphakathi kwebandla lobuKristu?
12 Ukuhlala ungenabala futhi ungenacala kudinga ukuziphatha nezimiso eziphambene nalezo ‘zabafundisi bamanga’ uPetru abhala ngabo wathi: “Bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo, bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani.” (2 Petru 2:1, 13) Yebo, ngisho naphakathi ebandleni, kumelwe sibaqaphele abafundisi bamanga ‘abathi ukutamasa emini kungukujabula.’ Phakathi nemini, okuyisikhathi sokwenza okuningi ukuze kuzuze abanye ngokomoya, abantu abangenandaba nezinto ezingokomoya bangahileleka ekwenzeni okubi, kuhlanganise ukuzitika nokweqisa ekudleni nasophuzweni. Bangase bazame ukwenza izenzakalo zokuzijabulisa njengemigidi yomshado ibe amathuba omculo ovusa inkanuko, ukudansa okuphazamisa imizwa, ukuminza, nokuzitika ophuzweni oludakayo. Akumelwe kuvunyelwe nokukodwa kwalokhu ukuba kwenzeke phakathi kwabantu bakaJehova.—Isaya 5:11, 12; bheka INqabayokulinda, kaOctober 15, 1984, amakhasi 26-32.
13. Yini umnini wombuthano okumelwe ayenze ukuze ube owakhayo ngokomoya?
13 Konke okwenzeka embuthanweni kusezandleni zomniniwo. Ukuze isenzakalo sibe ngesakhayo ngokomoya, kuwukuhlakanipha ukusigcina sisikhulu ngokufanelekile futhi ungamemi noma ubani ongase alethe ithonya elibi. Njengoba amazwi kaPawulu kweyesi-2 Thimothewu 2:20-22 ebonisa, akusibo bonke abahlanganyela nebandla abangabangane abafiselekayo. Ngakho-ke, umnini womgidi engumKristu akabophekile ukumema abantu abaziwa njengabangazibambi ekukhulumeni noma abeqisayo ekudleni nasophuzweni. Uyakhumbula ukuthi ‘noma sidla, noma siphuza, noma senzani, konke kumelwe sikwenzele udumo lukaNkulunkulu.’—1 Korinte 10:31.
14. Isiphi isimo okumelwe sithathwe ngokuqondene nabafundisi bamanga?
14 Bambalwa ‘abayizisihla namabala amabi, bezitika ngenjabulo ezimfundisweni ezikhohlisayo’ bebe behlanganyela nathi. Kodwa ababonisi nabanye ebandleni kumelwe baqaphe, benqabe ngokuqinile noma ibaphi abafundisi bamanga abangase bangene ngokunyenya ebandleni futhi bazame ukukhuthaza ukuziphatha okubi noma imfundiso engalungile. (Juda 3, 4) Ibandla singaligcina lingenabala futhi lihlanzekile kuphela ngokunamathela ngokuqinile ezindinganisweni zokulunga zikaNkulunkulu.
Kudingekani Ukuze Sibe “Nokuthula”?
15. (a) Umuntu angakulondoloza kanjani ukuthula noNkulunkulu? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sitholakale ‘sinokuthula’ ekufikeni kosuku olukhulu lukaJehova?
15 Ukuze batholakale ‘benokuthula,’ abantu bakaJehova kumelwe balondoloze ukuthula naye. (2 Petru 3:14) Lokhu kuma siye sakunikezwa ngoJesu Kristu, uPawulu aloba ngaye wathi: “Kwaba-kuhle kuye [uNkulunkulu] ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.” (Kolose 1:19, 20) Izono ezingathi sína zinciphisa ubuhlobo bomuntu noJehova futhi zibangela umuntu abe sesimweni sokukhathazeka, sokuba nonembeza olimele, kanti ukuthula kungokwalabo abagcina imithetho kaNkulunkulu. (IHubo 38:3; Isaya 48:18) Khona-ke, ukuze sitholakale ‘sinokuthula’ ekufikeni kosuku olukhulu lukaJehova kumelwe sihlale sisesimweni sokwesaba uNkulunkulu esenza ukuba izono zethu zihlawulelwe ngegazi elachithwa uJesu esigxotsheni sokuhlushwa.
16. Ngokomphostoli uPawulu, singakuphishekela kanjani ukuthula nesikholwa nabo?
16 Kumelwe futhi sibe nokuthula nabanye abakhulekeli bakaJehova. UPawulu wanxusa: “Asijonge okokuthula nokokwakhana.” Umongo ubonisa ukuthi kumelwe siqaphele singabakhubekisi esikholwa nabo ngokuqondene nokudla, nokuphuza, noma nganoma yini enye. (Roma 14:13-23) Kodwa kukhona okwengeziwe kulendaba kunalokho, ngoba uPawulu watshela amaKristu ase-Efesu: “Ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubhekakade nokubekezelelana ngothando, nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.” (Efesu 4:1-3) Ngokuqinisekile, sifuna ukubonisa ubunye bethu ngokugwema wonke amazwi nezenzo eziphazamisa ukuthula nangokuma siqinile njengabasekeli bobukhosi bukaJehova.
17. Ngokweyoku-1 Petru 3:10-12, yini ehilelekile ‘ekufuneni ukuthula’?
17 Ngempela ‘ukufuna ukuthula’ kudinga ukuba siqaphele kokubili izenzo zethu namazwi ethu, ngoba umphostoli uPetru waloba: “Ngokuba osuka ethanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle, makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso, adede ebubini, enze okuhle, afune ukuthula, akujonge, ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.” (1 Petru 3:10-12; IHubo 34:12-16) Khona-ke, izinceku zikaJehova eziqotho kumelwe ziqhubeke ‘zifuna ukuthula’ ngezindlela ezihlukahlukene uma zifuna ukutholakala ‘zinokuthula.’
Thembela Osizweni LukaJehova
18. Yini esingayenza uma izindlela, izenzo, noma ukuthambekela kwezwe kusikhanga?
18 UPetru wabonisa ukuthi “konke,” umoya, noma ukuthambekela nezindlela zezwe, ‘kuyoncibilika,’ noma kubhujiswe, phakathi ‘nosuku lukaJehova.’ (2 Petru 3:7, 10) Kodwa yini esingayenza uma izindlela, izenzo, noma ukuthambekela kwezwe kusikhanga? Ngokuqinisekile, sidinga ukuwasebenzisa ngokunenzuzo amalungiselelo angokomoya enziwa ngenhlangano kaJehova. Phakathi kwezinye izinto, kumelwe sitadishe njalo iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zobuKristu ezilungiselelwe “yinceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Kumelwe futhi siqhubeke njalo sibonisa ukubonga ngelungiselelo lesihlengo, ‘igazi likaJesu elinqabileyo, elifana nelewundlu elingenacala, elingenabala.’—1 Petru 1:18, 19.
19. Umthandazo ungaba kanjani usizo uma ukuthambekela kwezwe kusithonya?
19 Kumelwe sithandazele usizo lukaNkulunkulu ukuze ‘sijonge ukulunga.’ (1 Thimothewu 6:11-14) Uma siqaphela ukuthi ukuthambekela kwezwe kuyasithonya, noma omunye esikholwa naye onothando eye wakuletha ekunakekeleni kwethu, kungaba ukuhlakanipha ukuyigagula lenkinga emithandazweni yethu ngokucela uJehova ukuba asisize sinqobe lokho kuthambekela. Ngokuqinisekile, kuyoba okufanelekile ukucela umoya kaNkulunkulu nosizo lwakhe ekuhlakuleleni izithelo zawo ezingafani neze nokuthambekela kanye nezindlela zezwe. (Galathiya 5:16-26; IHubo 25:4, 5; 119:27, 35) UJehova angasisiza ukuba sigxile ezintweni ezilungile, ezimhlophe, ezinhle, nezitusekayo. Futhi yeka ukuthi kufaneleke kanjani ukumnxusa ngobuqotho ukuze “ukuthula kukaNkulunkulu” okungenakufaniswa kulonde izinhliziyo nezingqondo zethu! (Filipi 4:6, 7) Khona-ke ukukhathazeka, izilingo, nokunye, ngeke kukhule kuze kube seqophelweni lokungalawuleki. Kunalokho, ukuphila kwethu kuyophawuleka ngokuthula esikunikwe nguNkulunkulu. Ngempela, “abathanda umthetho [kaJehova] banokuthula okukhulu.”—IHubo 119:165.
Zigcine ‘Ungenabala, Ungenacala, Futhi Unokuthula’
20. Kungani singathi singaba naso isimo sokuhlanzeka ngokomoya?
20 Ngokujabulisayo, bonke abangaphakathi kwenhlangano kaJehova, kuhlanganise nabasha abangenayo manje, bangamukeleka kuNkulunkulu. (IzEnzo 10:34, 35) Ngosizo lukaJehova, kungenzeka ukuba “sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe” futhi siphile ngendlela amaKristu eqiniso okumelwe aphile ngayo. (Thithu 2:11-14) Nakuba sasikade sahlukanisiwe noJehova, futhi izingqondo zethu zisemisebenzini emibi, sesibuyiselwe kuNkulunkulu ngokufa kukaKristu. Ngalokho singaba naso isimo sokungabi nacala ngokomoya, uma nje siqhubeka okholweni futhi singagudluzwa ethembeni lezindaba ezinhle.—Kolose 1:21-23.
21. Ekugcineni singatholakala kanjani ‘singenabala, singenacala, futhi sinokuthula’?
21 Ngosizo lukaJehova, iZwi lakhe, nenhlangano yakhe, singahlala singachaphazelwe yizwe futhi singangcolisiwe yizindlela, izenzo, nokuthambekela kwalo. Ngalokho singathola futhi ukuthula kweqiniso. Yebo, ngokubekezela ekukhulekeleni kwethu uJehova okungcwele, ekugcineni singatholakala ‘singenabala. singenacala, futhi sinokuthula.’
Ubungaphendula Kanjani
◻ Kungani ubungcwele budingekile kubantu bakaJehova?
◻ Singahlala kanjani singenabala futhi singenacala?
◻ Yini edingekile ukuze sibe “nokuthula”
◻ Singakubonisa ngaziphi izindlela ukuthembela osizweni lukaNkulunkulu?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Izici zokuzigcina ‘singenabala, singenacala futhi sinokuthula’ Ukukhonza uNkulunkulu ngokuzinikela ngenhliziyo yonke
Ukuhlakulela ubuntu bobuKristu
Ukuba nabangane abakhayo ngokomoya
Ukufuna ukuthula noNkulunkulu ngomthandazo