Ingabe Uyasihlonipha Isipho SikaNkulunkulu Sokuzala?
“NJENGOBA ngangilele phezu kwetafula eliqinile, elincane lendlu yokubeletha,” kukhumbula uJoanne, “ubuhlungu obukhulu badlanga ngamandla. Udokotela wayegeza izandla zakhe kodwa ngokungajahi. ‘Dokotela,’ kumemeza umhlengikazi, ‘nansi ingane.’ Ephuthuma etafuleni, wanxusa: ‘Phinda futhi.’ Cishe ubuhlungu babungasabekezeleki! Ngemva kwalokho?
“‘Halala,’ kusho udokotela, ‘unentombazane enhle encane.’ Yeka indlela ubuhlungu engangisanda kubuzwa obafiphala ngayo baba yize njengoba lowomuntu omncane othambile ofudumele, ayebekwa eduze nesifuba sami. Sibambene ngezandla nomyeni wami, sabuka lesimangaliso esihle esincane esasidinga uthando lwethu sobabili.”
Isipho sikaNkulunkulu sokuzala siyinto emangalisayo. Ngemva kwamashumi eminyaka yokwelapha, uDr. Joseph Krimsky wabhala: “Ukukhulelwa nokubeletha kuyizimangaliso esingenakuziqonda . . . Wona kanye umzwelo wothando nokweqiwa yilo obangela ukuhlangana kwengqamuzana yokuzala yowesilisa neyowesifazane uyimfihlo . . . leyo isayensi engeke iyichaze.”—The Doctor’s Soliloquy.
Incazelo YeBhayibheli
‘Umzwelo wothando nokweqiwa yilo’ ojatshulelwa abangane bomshado uyisipho esivela kuNkulunkulu. Kumadoda ashadile, iBhayibheli lithi: “Uthokoze ngomfazi wobusha bakho . . . Weqiwe njalo uthando lwakhe.” (IzAga 5:18, 19) Ngokusobala, uNkulunkulu wahlosa ukuba ubuhlobo bobulili phakathi kwendoda nomkayo kumelwe benezele esibophweni esifudumele nesihlala njalo. Izingane ezivela ebuhlotsheni obunjalo zaziyoba nesiqalo esihle ekuphileni. Kanjalo injongo kaNkulunkulu yokuba abantu bagcwalise umhlaba yayiyogcwaliseka ngendlela enhle.—Genesise 1:27, 28.
Kodwa abaningi abazange basijabulele isiqalo esihle ekuphileni. Abanye baye bakhulela emphakathini onokuziphatha okubi futhi abanye bavela emikhayeni ehlukene. Yini eyonakala? IBhayibheli lichaza indlela abantu ababili bokuqala abavukela ngayo uNkulunkulu futhi baphula umthetho wakhe. Abantwana batholakala esikhathini esithile ngemva kokuba lowombhangqwana wonile. (Genesise 3:1–4:1) Kanjalo abantwana babo bazuza njengefa ukungapheleli nokuthambekela esonweni. (Roma 5:12) Ngenxa yalokhu, isipho sikaNkulunkulu sokuzala siye sasetshenziswa kabi.
Ingabe Abefundisi Baye Bawuthuthukisa Umbono WeBhayibheli?
Namuhla, ukusetshenziswa kabi kobulili kuye kwafinyelela izinga eliphakeme kakhulu. Ngani? Ekhulwini leminyaka elidlule, izigidi ziye zabheka emasontweni eLobukholwa ngokuqondisa kokuziphatha. Ingabe abefundisi baye basebenzisa ithonya labo ukuze bathuthukise ukuhlonishwa kokuzala?
“Amasonto ayinhloko obuProthestani—iLuthela, iReformed, iSheshi, iCongregational, iWeseli, nemigwamanda eminingi yamaBaptist—azihlela kalula . . . emcabangweni wokuziphendukela kwemvelo,” kuchaza iThe New Encyclopædia Britannica. Kodwa cabanga: Ingabe ukuziphendukela kwemvelo kungokuthile labo abazisholo ukumela iBhayibheli ‘abangazihlela’ kukho? Cha, ngoba ukuziphendukela kwemvelo kuyimfundiso engenandaba nokuziphatha. Iphika kokubili ukuba kukaNkulunkulu uMdali nesidingo somuntu sokusindiswa esonweni nasekufeni.—Genesise 2:7, 18, 19; 1 Korinte 15:21, 22.
ISonto lamaKatolika nalo liye lawemukela umbono wokuziphendukela kwemvelo. Ngo-1950, uPapa Pius XII wakhuthaza ukucwaningwa kokuziphendukela kwemvelo encwadini yakhe iHumani generis eyayiya kubo bonke abaBhishobhi. Phakathi no-1982, ososayensi abayi-11 bamenyelwa eDolobheni laseVatican engxoxweni yokuziphendukela kwemvelo ngaphansi kukamongameli wePontifical Academy of Sciences njengosihlalo. Kamuva, indikimba ephakeme yesayensi yeSonto lamaKatolika yakhipha incwadi eyayiqukethe umcabango wokuthi “ukulandelana kozalo oluholela kumuntu, ishimpanzi negorila kubonakala kuye kwahluka kusuka kukhokho oyedwa . . . eminyakeni eyizigidi ezi-5 kuya kweziyi-7 edlule.”
IBhayibheli liyawuphikisa umbono wokuziphendukela kwemvelo, lithi umuntu nezilwane kwadalwa ngokwahlukene ‘ngokwezinhlobo zakho.’ (Genesise 1:20-27) Futhi kuyathakazelisa ukuthi iBhayibheli labikezela: “Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.” (Mathewu 24:3, 11, 12, 33) Ingabe ukuziphendukela kwemvelo kuye kwaba nesandla ‘ekwandeni kokubi?’
Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kuye Kwathuthukisa Ububi Bokuziphatha?
Ngokuvumelana nombono wokuziphendukela kwemvelo, abefundisi abaningi baye benza buthaka ukuthembela eBhayibhelini. Abantu bayabuza, ‘uma indaba kaGenesise yendalo ingelona iqiniso, khona kuthiwani ngezinye izingxenye zeBhayibheli?’ Futhi ngisho abefundisi bayakuphika lokho iBhayibheli elikushoyo ngobulili ngaphambi komshado nobungqingili, kanye nombono weBhayibheli ngokuphila kongakazalwa.—Eksodusi 20:13, 14; 21:22, 23; Levitikusi 18:22; 1 Korinte 6:9, 10.
Kukhona enye indlela umbono wokuziphendukela kwemvelo oye waba nesandla ngayo ebubini. Muva nje, phakathi nesikhathi sokubukwa kwethelevishini, izigidi ezweni elithile “lamaKristu” zabukela indaba yendoda eyonakalisa indodakazi yayo ngokobulili. Ngokwephephandaba iScience 85, kwacatshangelwa ukuthi “akekho umuntu ongabekwa icala ngokuphelele ngokuziphatha komuntu lapho inkanuko idlanga ngamandla.” Lomagazini uthi, izigidi zabantu zizimisele ukuvumelana nalombono. Ngani? Ngoba zikholelwa ukuthi “abantu bahlobene ngokuseduze kakhulu nezilwane.” Abantu, kuvuma leliphephandaba lezesayensi, “baye bawamukela kakhulu umbono kaDarwin wokuthi ‘Umuntu usalokhu enophawu olungasuki emzimbeni wakhe lokuthi wavela esidalweni esiphansi.’”
Ukucabanga kokuziphendukela kwemvelo kuye kwawuthinta ngokungathi sína umbono wabantu ngeBhayibheli. Ingabe lokhu kuye kwaletha izibusiso? Cha. Ukwenqaba izimiso ezinhle zeBhayibheli zokuziphatha kuye kwaphumela ekwandeni okushaqisayo kokukhishwa kwezisu nezifo ezithathelwana ngobulili. Futhi, izingane eziningi zizalwa abazali abangashadile, zingasazi isibusiso sokuphila okufudumele komkhaya.
Lingakusiza Kanjani iBhayibheli?
IBhayibheli lembula uMdali wesintu, uJehova, njengoNkulunkulu womusa. (IHubo 103:10-13) Ufisela ukusiza izoni ezingabantu ukuba zifinyelele izindinganiso zakhe zokuziphatha. (Isaya 1:18; 55:6-9) Ngokwesibonelo, cabangela umuzi wesikhathi esidlule waseKolose, lapho ubulili bangaphambi komshado nokuphinga kwakungokujwayelekile. “Ekade nihamba kukho nani, lapho nisahlezi kukho,” kusho incwadi yeBhayibheli eyayiqondiswe kumaKristu eKolose. (Kolose 3:5-7) Nokho, ngesikhuthazo seZwi likaNkulunkulu nangamandla omoya wakhe ongcwele, abaningi baseKolose benza izinguquko ezinhle endleleni yabo yokuphila. Baba amaKristu eqiniso.
Cabangela futhi, izakhamizi zaseKorinte lesikhathi esidlule. Lowomuzi wazo wawungowokuziphatha okubi lapho ongqingili nezifebe kwakugcwele khona. “Babenjalo abanye kini,” kusho incwadi yeBhayibheli eyayiqondiswe kumaKristu ayehlala lapho. “Kepha senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11; bheka futhi uLuka 11:13.
Ingabe into efanayo iyenzeka namuhla? Yebo, ngoba ngemva kokufunda omagazini abedlule, izinkulungwane ziye zasizwa ukuba ziphile ngokuvumelana neBhayibheli. Cabangela isibonelo soweve eshumini elinambili eAfrika owonakaliswa ngokobulili eseyingane. Esikhathini esifushane, wahileleka kuzo zonke izinhlobo zokuziphatha okubi, kuhlanganise nobungqingili. Wathi, “Izwe linganikeza injabulo yesikhashana, kodwa iba njengomlaliso ophumela emuzweni ongenalusizo, oyize.” Ngenxa yokucindezeleka, wazama ukuzibulala, kodwa phakathi nalenkathi ebucayi kwenzeka okuthile okwashintsha ukuphila kwakhe. Waqala ukuhlanganyela emihlanganweni yoFakazi BakaJehova futhi wemukela iseluleko sokuba afunde iBhayibheli nsuku zonke. Lokhu kwamnikeza amandla okuba anqobe imikhuba yokuziphatha okubi. Uthi, “Ngizizwa kangcono kakhulu manje. Kuyamangalisa lokho uJehova angakwenzela umuntu.”
Intsha ekhulela emkhayeni ofudumele wamaKristu isesimweni esingcono kakhulu. Abazali abangamaKristu kumelwe benze konke abangakwenza ukuchazela abantwana babo izimangaliso zokuzala. (Efesu 6:4) Khona izingane ezinjalo ziyosizwa ukuba zihloniphe izitho zazo zokuzala futhi zingazisebenzisi njengezinto zokudlala. Ngokuvamile ukushaya indlwabu kuyisinyathelo sokuqala esiholela ezindleleni ezengeziwe ezingathi sína zokuziphatha okubi.a
Namuhla, kunesidingo esiphuthumayo sokunqoba imikhuba yokuziphatha okubi. IBhayibheli liyaxwayisa, “Okuza ngakho ulaka lukaNkulunkulu.” (Kolose 3:5, 6) Yebo, umusa kaNkulunkulu unemikhawulo. Futhi unguNkulunkulu wokulunga. (Duteronomi 32:4) Ngemva kokubikezela ‘ngokwanda kokubi’ kosuku lwanamuhla, uJesu wathi: “Lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:11, 12, 21) Lesisenzo sikaNkulunkulu sizoletha ukuphela kokubi futhi sizoqalisa uhlelo olusha lokulunga.—IHubo 37:9-11, 29.
[Umbhalo waphansi]
a Siza ubheke izihloko “UBaba uKhuluma neNdodana yakhe” kumagazini iPhaphama! kaJune 8, 1969, nesithi “UNina uKhuluma namaDodakazi aKhe” ku-Phaphama! kaFebruary 8, 1966, kanye nesahluko 5 encwadini ethi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo, eyanyatheliswa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 5]
Izingane zidinga umoya ofudumele womkhaya ukuze zithole isiqalo esihle ekuphileni
[Isithombe ekhasini 7]
Abazali abesaba uNkulunkulu kumelwe basize izingane ukuba zithole umbono oqondile ngokuzala