Ukulandela Izimiso ZeBhayibheli—Indlela Enhle Kakhulu
“KUNGSHI, kungshi fa tsai!” (Halala, kwangathi ungaceba!) Lomkhonzo kaNcibijane oyisiko labantu baseChina ugcizelela impumelelo yezinto ezibonakalayo evame kakhulu emhlabeni wonke. Ukuze kukhuliswe ikhono lomuntu lokuceba, kungase kuphakanyiswe imfundo cishe kuze kube sephuzwini lokuba ibe yinto ekhulekelwayo. Emazweni amaningi aseMpumalanga, ngokuvamile abazali bakhathalela ngokuyinhloko ukuthi bangabangenisa kanjani abantwana babo enkulisa engcono kakhulu ukuze ngemva kwalokho bangene esikoleni sabaqalayo esingcono kakhulu kuqhubeke kuze kufinyelele ekholiji noma eyunivesithi. Ngokufanayo, emazweni aseNtshonalanga abaningi bamatasa ngokuphishekela ingcebo nendlela yayo elula yokuphila.
Ukuba matasa okunjalookuyisiko kokuphishekela izinto ezibonakalayo kuqhathaniseka kanjani nezimiso zeBhayibheli? Umphostoli uPawulu uyaxwayisa, “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.” Uyaqhubeka athi: “Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Eveza iphuzu ngokuvamile eliba sobala lapho abantu benza imigomo yezinto ezibonakalayo ibe isithakazelo esiyinhloko ekuphileni kwabo, umShumayeli 5:10 uyaphawula: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.”
Yeka indlela okuvame ngayo ukuba indoda nenkosikazi bobabili basebenze kanzima ukuze bathole konke ukunethezeka kokuphila, kodwa bazithole bematasa kakhulu kangangokuba bangakwazi ukuba sekhaya ukuze bajabulele ingcebo yabo! Ngokuphambene, ngaphambi kokunikeza uThimothewu isixwayiso esingenhla, uPawulu wathi: “Yebo, ukumesaba uNkulunkulu kanye nokwaneliswa kuyinzuzo enkulu. Kepha uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” (1 Thimothewu 6:6, 8) Futhi izAga 28:20 zinezela leliphuzu: “Umuntu othembekileyo uyakuvama izibusiso, kepha oshesha ukuceba akayikuyekwa.” Yeka indlela okudabukisa ngayo ukubona abantu bona ngokwabo abanobungane, nabangenisa izihambi bedela izimiso eziphakeme zokwethembeka, isizotha, nokuziphatha okuhle ngo mzamo wokuqongelela ingcebo enkulu ngokwengeziwe!
Emkhayeni
Kuyisiko phakathi kwezinye izizwe nabantu ukulindela izingane zabo—ikakhulukazi amadodakazi, azogcina ngokushiya ikhaya ayoshada—ukuba zihambe ziyosebenza ukuze zithumele ekhaya imali nyanga zonke ukuze zibonise uthando lwazo ngabazali futhi zibuyisele abazali bazo ngokuzikhulisa kwabo. Ngokwesibonelo, komunye umkhaya woFakazi BakaJehova, indodakazi yatshela abazali bayo ukuthi yayingathanda ukuya edolobheni ukuze ibe yiphayona (isikhonzi sesikhathi esigcwele). Cabanga ukudumala eyaba nakho lapho abazali bayo beyitshela ukuthi bafuna ukuba iyosebenza ukuze ithumele imali nyanga zonke ekhaya ibalekelele! Cha, babengaswele ngokwezinto ezibonakalayo. Ngakho isimiso sokuba izingane zinakekele abazali asebegugile, abagulayo, noma abaswele sasingasebenzi kulendaba. (Mathewu 15:4-6; 1 Thimothewu 5:8) Kwakumane kuyisiko lesizwe sabo ukuba izingane kumelwe zilekelele ekuqongeleleni ingcebo yomkhaya. Nakuba ngokuvamile kwakudingekile ngenxa yokuntuleka kwamalungiselelo okuthuthukisa umphakathi, lelisiko lalilandelwa kuphela ukuze bangaphoxeki emphakathini noma ngenxa yokonakaliswa isifiso esinamandla se “fa tsai.”
Lapho uyise exoxa ngalendaba nomdala ongumKristu, wakhuthazwa ukuba acabangele imibhalo eminingi abese enza isinqumo. Phakathi kwezingcaphuno ezaphawulwa kwakungeyesi-2 Korinte 12:14 lapho uPawulu ebonisa lesimiso: “Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana.” Ngemva kokucabangela lesi nezinye izimiso zeBhayibheli, abazali benza isinqumo. Yeka ukujabula indodakazi eyaba nakho lapho ithola imvume—ngisho nosizo olungokwezimali—yokuba ibe yiphayona elivamile!
Ukuzithoba—Ibanga Elingakanani?
Enye indawo lapho amasiko endawo nezimo ezivamile evame ukungqubuzana khona nezimiso zeBhayibheli kusendabeni yokuzithoba. Kwamanye amazwe kuyisiko ukulindela ukuzithoba okuphelele kubazali nakwezinye iziphathimandla kuzo zonke izici zokuphila. Akuyona into engavamile emazweni anjalo ngamadoda aneminyaka engama-40 noma ngaphezulu ukwenqaba ukufunda izincwadi zenkolo engafani neyabazali bawo noma ukwenza noma isiphi isinqumo esikhulu ngaphandle kokuthinta bona kuqala, ngenxa yokwesaba ukudumaza abazali. Nokho, emazweni anjalo kuba ngokujwayeleke ngokwengeziwe ukuthola abasha behlubuka ngokuphelele kubazali babo. IBhayibheli nombono walo olinganiselwe wezindaba lisisiza ukuba sigweme ukweqisa nhlangothi-zombili. Isimiso sokuzithoba okulinganiselwe egunyeni labantu siboniswe ngokukhanyayo kuzEnzo 4:19 no-5:29. Futhi, phawula indlela uPawulu akhuthaza ngayo abantwana ukuba balalele abazali, nokho ubonisa ukuthi akukhona okungenamingcele ethile lapho ethi: “Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso.”—Efesu 6:1-3.
Esinye isimiso seBhayibheli esiyothinta izinga lokuzithoba komuntu kubazali yileso sokuzithoba komfazi kumyeni wakhe. “Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi,” kuloba umphostoli uPawulu. Wabe esenezela kulesosimiso ngokubukeza lokho uJehova akusho ngemva kokulungiselela umshado wokuqala wabantu: “Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakubanyamanye.”—Efesu 5:22-31.
Nokho, kuthiwani ngesimo esisemazweni amaningi lapho indodana iqhubeka ihlala ekhaya labazali bayo ngemva kokushada kwayo? IBhayibheli libonisa ukuthi, okungenani ezikhathini ezingaphambi kobuKristu, abakhulekeli bakaJehova babevamile ukukwenza lokhu. Ngaphansi kwezimo ezinjalo ubaba womuzi wayeqhubeka eyinhloko eyinzalamizi yomkhaya, kodwa abafazi kwakumelwe bazithobe kubayeni babo siqu. Nokho, kwamanye amazwe kuvame ukuba umamezala abe inhloko kamalokazana. Lokhu kwenza kube nzima kakhulu ngendodana ukusebenzisa ngokugcwele isimiso sobunhloko bomyeni nangomfazi wayo ukuba azithobe ngempela kumyeni wakhe. Nokho, indodana kuyodingeka ilinganisele inhlonipho ngabazali bayo nesidingo sokuba yinhloko yomuzi wayo siqu uma ifuna ukuba noJehova njengomucu wesithathu ‘wentambo engokomfanekiso emicu-mithathu engasheshi ukugqashuka.’—UmShumayeli 4:12.
Kwamanye amazwe kuba nesimo esinzima ngisho nangaphezulu lapho indoda iganwa yintombi yasemzini ongenayo indlalifa yesilisa. Indaba elandelayo ibonisa isimo samadoda amaningi anjalo lapho kamuva ekuphileni efunda izimiso zeBhayibheli futhi ezama ukuzisebenzisa. Insizwa engumKatolika yaganwa yintombi yasemzini wamaKatolika. Zisuka nje, yathola ukuthi umkhaya wawuyibukela phansi futhi yayifana nesisebenzi esingakhokhelwa okwakulindeleke ukuba sibe uyise wabantwana ukuze kuvuswe umuzi. Njengoba kuyisiko elungiselelwe ni elinjalo, kwadingeka ukuba ilahle isibongo sayo, ivumele abantwana bayo babhekwe njengezindlalifa empahleni yomkhaya. Lapho izwa ngesimiso sobunhloko bomkhaya futhi izama ukusisebenzisa, ukusabela komkayo kwafana nokomkhaya wonke: ‘Awufikanga nalutho kulomuzi, ngakho ayikho into ongayisho ngendlela izinto okumelwe zenziwe ngayo!’
Nakuba kungezona zonke izibopho zomshado ezinjalo ezisesimweni esifana nalesi, kungabonakala ngokushesha ukuthi lapho kuvame isiko elinjalo futhi kulindeleke ukuba indoda izithobe, kuyophakama izinkinga ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli mayelana nobunhloko. Kuba nzima kakhulu ngendoda engumKristu ukusebenzisa ubunhloko bayo bothando emkhayeni wayo siqu futhi kunzima ngokufanayo ngomfazi ukuba azithobe kumyeni wakhe “ngenhlonipho ejulile,” kunakubazali bakhe okungenzeka baqhubeka behlala emzini wabo.—Efesu 5:33, NW.
Esinye isibonakaliso sokuthi izimiso zeBhayibheli zingangqubuzana kanjani nesiko lendawo sihilela indaba yokulungiselela kwabazali imishado yabantwana babo. Ngabantwana abangamaKristu abanabazali abangakholwa, lokhu ngokuvamile kuba inkinga yangempela, njengoba abazali benomuzwa wokuthi baye bahluleka uma abantwana babo bengashadi lapho beneminyaka ethile yobudala. Khona-ke, ukucindezela okukhulu, kuhlanganise nokushaywa, kuyasetshenziswa ukuze kuphoqelelwe abantwana, futhi ikakhulukazi amantombazane, ukuba bashade. Lapho kunokuntuleka kwabalingani abafanelekayo abangamaKristu, abazali abangakholwa bayokwenza cishe konke okusemandleni abo ukuba balungiselele umshado, kuyilapho umKristu ekhumbula isimiso sokushada ‘kuphela eNkosini.’—1 Korinte 7:39; Duteronomi 7:3, 4.
Zuza Ngokulandela Izimiso ZeBhayibheli
Ubuhle obuvelele bezimiso zeBhayibheli buwukuthi zingathuthukisa ukuphila kwanoma ubani ofisa ukuzisebenzisa, kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi. Aziguquki futhi zisondeza imikhaya ndawonye. Zenza abantu bathembeke ngokwengeziwe, zibenze babe amadoda nobaba abangcono, abafazi nomama abangcono, abantwana abangcono, izisebenzi ezingcono. Zinganqoba izinkinga ezibangelwa amasiko endawo angqubuzanayo futhi zilinganisele ukusetshenziswa kwalawomasiko angangqubuzani ngokuqondile nentando kaNkulunkulu ngomuntu kodwa mhlawumbe enza kube nzima ngokwengeziwe ukuvumelana naleyontando. Kungenziwa kanjani lokhu?
Okokuqala, njengoba nje amaKristu aseThesalonika enza, kumelwe wamukele iqiniso lokuthi iBhayibheli ngempela ‘liyizwi likaNkulunkulu.’ Lokhu kusho ukuqaphela ukuthi ngempela liwukuhlakanipha okuvela eMthonjeni ophakeme kakhulu. Okwesibili, kumelwe ulwele ukufunda lokho okushiwo ‘yilelo Zwi likaNkulunkulu’ ngokwenzuzo yakho. Funda ukuthola izimiso nemithetho kaNkulunkulu njengoba ufunda futhi utadisha iBhayibheli. Khona-ke, njengesinyathelo sesithathu, kumelwe uvumele leloZwi ‘lisebenze kuwe.’ (1 Thesalonika 2:13) Lokhu kuhilela ukuzihlanganisa eduze namabandla abantu bakaNkulunkulu manje asemazweni angaphezu kwama-200 naseziqhingini zolwandle. Yilokhu okuye kwenza ubuzalwane bomhlaba wonke boFakazi BakaJehova bube njalo—ubuzalwane beqiniso hhayi ngegama kuphela.
Okokuqala nokubaluleke kakhulu, abantu bakaJehova banesithakazelo ebunyeni noNkulunkulu ngokuvumela izimiso zeBhayibheli zibuse ukuphila kwabo. Kube namiphi imiphumela? Ubunye beqiniso nobuhlala njalo nabanye nabo abasebunyeni noNkulunkulu, kanye nokuthula kwengqondo okuqinisa umuntu kuzo zonke izimo ezikhona kulesimiso sezinto. (Filipi 4:6, 7) Ubunye obunjalo nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu nomunye nomunye buwusizo oluqondile ekuthuthukiseni izinga lokuphila manje futhi bunesithembiso sokuphila okuphakade esimisweni esisha sikaNkulunkulu sokulunga lapho zonke izinto ekugcineni ziyothotshiselwa entandweni kaNkulunkulu ngokugcwele.—1 Thimothewu 4:8; 1 Korinte 15:28.
[Isithombe ekhasini 7]
Yamukela iBhayibheli “njengezwi likaNkulunkulu”
Lwela ukufunda lokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu ngokwenzuzo yakho
Vumela leloZwi ‘lisebenze kuwe’