Abesifazane AbangamaKristu—Bagcina Ubuqotho Emsebenzini
“NGEZINYE izikhathi ukucindezeleka [emsebenzini] kukhulu kangangokuba ungakusika ngommese.” Kwasho omunye wesifazane osebenzayo.a Ukucindezeleka kokukhiqiza, ukuncintisana okuwumshoshaphansi, izinduna ezifuna okwedlulele, ukwenza into eyisicefe—lezi ezimbalwa nje zezinto ezenza imisebenzi eminingi ibe nesithukuthezi. Imisebenzi embalwa enikeza ukukhanga nenjabulo okwethenjiswa izinkulumo-ze zabacosheli bezindaba. Kodwa uma ungowesifazane osebenzayo, kumelwe uzame ukwenza umsebenzi wakho ube yimpumelelo.
Nokho, ngalokhu asibhekisele enzuzweni engokwemali. Indawo yomsebenzi iyindawo lapho ubuqotho bakho bobuKristu buvivinywa khona! Indlela owenza ngayo emsebenzini wakho, oxosha ngayo umoya wokuncintisana oyingozi, nogwema ngayo ukweqa izimiso zokuziphatha yembula izinga ozinikele ngalo ezimisweni zokwesaba uNkulunkulu. Ukuze azuze umusa kaNkulunkulu, owesifazane osebenzayo kumelwe akwazi ukusho njengoba kwasho umhubi: “Ngihamba ekulungeni [“ebuqothweni,” NW] kwami.”—IHubo 26:1.
IBhayibheli likusiza ukuba wenze lokho kanye. Ngokwesibonelo, lapho unxuselwa izenzo zobugovu noma lapho ulingelwa ukuba uvumele umsebenzi ukuba usibekele imithwalo yemfanelo yomkhaya, isifundo seBhayibheli, imihlangano yobuKristu, nenkonzo, ungakhumbula amazwi eNkosi uSolomoni: “Ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya.” (UmShumayeli 4:4) Ukubheka umsebenzi wokuziphilisa ngalendlela kuvimbela noma kupholise isifiso esivuthayo. Kukusiza ukuba ube nombono omuhle ngomsebenzi, uwubheke njengoza ngemva kwezinto ezingokomoya.—Mathewu 6:33.
Kodwa ingabe lokhu kusho ukuba nombono ophambene ngomsebenzi wokuziphilisa? Akunjalo, ngoba iBhayibheli limelene nobuvila. (IzAga 19:15) Likhuluma ‘ngokubona okuhle ngomshikashika wakho.’ (UmShumayeli 2:24) Futhi, ukunakekela komuntu umkhaya wakhe kuwumthwalo wemfanelo awunikwe uNkulunkulu. (1 Thimothewu 5:8) Ngakho uma ukuhlangabezana nalesosibopho kusho ukwenza umsebenzi wokuziphilisa ongajabulisi, cabanga ngamazwi eBhayibheli kwabaseKolose 3:23: “Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu.” Ukuzibheka njengosebenzela “iNkosi” kuyisikhuthazo esinamandla sokuba ngokhiqizayo, ngaphezu kokukhushulwa kweholo noma ukuheha kokukhushulelwa isikhundla.
Abaqashi ‘Abayizixhwanguxhwangu’
Owesifazane okuthiwa uSally uthi: “Ngizwa sengathi [induna yami] ihlala inginakile. Ayisho lutho oluhle kunoma ubani.” Ukusebenza ngaphansi kukabasi ‘oyisixhwanguxhwangu’ noma osheshe acasuke kungakhungathekisa ngokufanayo, ikakhulukazi uma umuntu esemusha emsebenzini.—1 Petru 2:18.
Nokho, ukuyeka kungase kube yinto engenakwenzeka ngenxa yezomnotho. Khona-ke kungaba ngcono kakhulu ukulandela iseluleko seBhayibheli esithi izisebenzi—zesilisa nezesifazane—‘mazithembeke.’ (1 Petru 2:18) Kunokwandisa ingxabano ngokubhuqa noma ngokweyisa, zama ‘ukukholisa [abaqashi] ezintweni zonke, ungaphikinkani.’ (Thithu 2:9) Ukuzithiba okunjalo kungase kukwenze ngisho nokuba ungalahlekelwa umsebenzi wakho. USolomoni wathi: “Uma umoya wombusi [othile onegunya] ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.”—UmShumayeli 10:4.
Umnini womsebenzi ononya angadumala ngisho nokudumala lapho ukuthukuthela kwakhe kubuyiswa ngobumnene, ukufuna kwakhe okwedlulele ngokungenangqondo kubuyiswa ngomusa. (IzAga 15:1; Kolose 4:6) Futhi njengoba uthuthukisa ikhono lakho nokwethenjelwa, isimo sakhe ngakuwe singathuthuka kancane kancane! Uma kungabi njalo, ungase ungakwazi ukwenza noma yini ngesimo ngaphandle ‘kokubekezela,’ wazi ukuthi uNkulunkulu uyakujabulela ukuziphatha kwakho kobuKristu.—Jakobe 5:7, 8.
Ukuhlala Ucocekile Ngokokuziphatha
Ubuqotho buhilela nokuziphatha kobuKristu. Isihloko esikuLadies’ Home Journal saxwayisa: “Ihhovisi—lapho bonke abantu belindeleke ukuba bagqoke kahle, baziphathe kahle, babe nesikhathi ndawonye futhi baphokophelele imigomo efanayo—linomoya wokuthonyana ngokobulili.” Izindaba zasehhovisi zingezivamile. Ngakho kuwukuhlakanipha ukuba ngoqaphile. Gcina ubuhlobo nabantu basemsebenzini bungobuphathelene nomsebenzi. Gwema izingxoxo ezingavusa izinkanuko. “Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, . . . ukuba nidede ebufebeni.”—1 Thesalonika 4:3, 4.
Nokho, ngezinye izikhathi abesifazane bayizisulu zenkinga endala: ukukhathazwa ngokobulili. IBhayibheli lisitshela ukuthi indoda egama layo linguBowazi yayala izinsizwa ezaziyisebenzela ukuba ‘zingamthinti’ uRuthe, owesifazane owayesebenza ensimini yayo. Isazi seBhayibheli uJohn P. Lange sikhuluma “ngamahlaya angcolile mhlawumbe lezozisebenzi ezivamile ezazihlasela ngawo abesifazane.” (Ruthe 2:9) Futhi nakuba abaqashi abathile besikhathi sethu be zama ukuvikela abaqashwa babo besifazane, abanye balinganisela ekuthini amaphesenti angama-40 kuya kwangama-85 abesifazane abasebenzayo (eUnited States) aye aba sengozini yohlobo oluthile lokukhathazwa ngokobulili.
Ngokwesibonelo, owesifazane osemusha othiwa uValerie wayesebenza njengonobhala. Ngezikhathi ezithile, ubasi wakhe—omdala ngokuphindwe kathathu kunaye—wayekhuluma izinkulumo ezivusa izinkanuko ngezingubo zakhe zokugqoka. Ngesinye isikhathi wazama ukumphamba ukuba abuke izithombe ezingcolile. Ekugcineni, wambizela ehhovisi lakhe futhi wamtshela, “Ukuze uhlale emsebenzini wakho, kuzofuneka sibe nobuhlobo bobulili.” Yebo, wenqaba ukwenza kanjalo.
Ukuphathwa okuhlazisa kanjalo kuba ngezinhlobo eziningi. Umagazini waseBrithani iNew Statesman uthi: “Kusukela ekubukeni, ukudlalisa ngokuzwisa ubuhlungu, ukuthintana ngemizimba okungadingekile nokukhuluma okuhlambalazayo.” Ngokuvamile ukucindezelwa kokuziphatha kabi ngokobulili kuwumshoshaphansi njengokubizwa ngamagama okuteketisa (Mntakwethu, S’thandwa) noma kusobala ngokweshelwa okuqondile. Abanye abesifazane bayakubekezelela ukukhathazwa ngenxa yokwesaba ukuphelelwa imisebenzi yabo. Futhi ukuhlola kubonisa ukuthi abesifazane abambalwa babonakala bekhohliswa ngisho nawukuqashelwa!
Kodwa lapho ukuqashelwa okuvela kowobulili obuhlukile kungakhohlisa, ukujwayelana ngokweqile ngokuvamile kuyisinyathelo sokuqala emdlalweni wokukhohlisa. Khona-ke kuwukuhlaselwa kobuqotho bakho futhi kululaza isithunzi sakho sobuKristu.—1 Korinte 6:18.
Izinyathelo Ezivimbelayo
“Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho . . . , amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine.” (IzAga 2:10, 11) Ngakho-ke ungakusebenzisa kanjani ukuhlakanipha okuwusizo nokuqonda ukuze uzivikele? Owesifazane osebenzayo othiwa uDiane uthi: “Ngenza kwaziwe emsebenzini ukuthi ngingomunye woFakazi BakaJehova.”’ (Qhathanisa noMathewu 5:16.) Lapho abesilisa bazi ukuthi unezindinganiso eziphakeme zokuziphatha, ngokuvamile abasondeli.
Owesifazane onokuqonda othiwa uBetty usebenzisa elinye isu. Uthi: “Ngiqaphe kakhulu ngokujwayelana nengisebenza nabo ngoba ukuziphatha kwabo akufani nokwami.” (1 Korinte 15:33) Lokhu akusho ukuba unkom’ idla yodwa noma ukuzonda osebenza nabo. Kodwa lapho bephikelela ekuxoxeni izindaba ezingajabulisi kumKristu, ungangabazi ukubashiya. (Efesu 5:3, 4) Ukulalela kwakho inkulumo enjalo yokuziphatha okubi kunganika abesilisa emsebenzini umbono wokuthi uyakwamukela ukweshela kwabo.
Ukugcina ukubukeka kwangaphandle okulinganiselwe kungaqeda futhi ukuqashelwa okungadingekile. Futhi, iBhayibheli liluleka abesifazane ukuba “bagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda.” (1 Thimothewu 2:9; qhathanisa nezAga 7:10.) Incwadi iSexual Harassment on the Job ithi: “Izingubo zokugqoka ezivusa izinkanuko—okungukuthi, izingubo ezivuleke entanyeni; izingubo zelanga; iziketi ezimfishane; nezimonyo zobuso ezeqisiwe—akukhona okwasemsebenzini. . . . Amathuba akho okubonakala ugqoke ngokufanele umsebenzi anda kakhulu uma ukhetha ukugqoka ngendlela engavusi izinkanuko.”
Okokugcina, owesifazane onokuqonda ugwema ukunqotshwa yizimo. Isimemo sokuphuza isiphuzo esidakayo noma sokusala emsebenzini lapho sekuphunyiwe ngaphandle kwesizathu singaba ugibe. (Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 13:1-4) Isaga esihlakaniphile sithi: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe.”—IzAga 22:3.
Ukunqoba Ukukhathazwa
Yebo, akulona iqiniso ukucabanga ukuthi ungahlela kabusha ukucabanga kwabo bonke abesilisa emsebenzini noma izindlela zokuziphatha esezinesikhathi eside zigxilile. (Qhathanisa noJeremiya 13:23.) Futhi kungokungafanele ukuphetha ngokuthi bonke abesilisa ababonakala benobungane ngokweqile ‘banamehlo agcwele ukuphinga.” (2 Petru 2:14) Ngakho ngezinye izikhathi kufanelekile ukuba ungabacabangeli kabi.
Kodwa lapho ukujwayelana ngokweqile okusobala kuhilelekile, thatha ukuma okuqinile. Lapho uSolomoni eshela intombi esencane eyayingafuni, yayingenamahloni. Ekuthopheni kwakhe yasabela ngamazwi othando olungaguquki ngomalusi onesizotha. Njengoba yayinqabile ukulalela ukweshela kukaSolomoni, yayingathi, “Ngilugange.”—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:10.
Bonisa ukuqina okufanayo. Ngokuvamile ukweshelwa kungabanjwa kusavela ngekhanda ngokuthi: “Ngicela ungangithinti”; “Ngibize ngegama lami”; noma “Angilujabuleli lolohlobo lwehlaya.”’ Omunye wesifazane ongumKrsitu izikhathi ezingaphezu kwesisodwa uye wathi nje, “Kuyeke!” Nokho, kwenze kukhanye ukuthi ucha wakho usho ucha! (Qhathanisa noMathewu 5:37.) Ukusabela okungaqinile noma okungacacile kungamane nje kukhuthaze okukhathazayo ukuba azame kanzima ngokwengeziwe.
Uma ushadile, kungaba kuhle ukuba uxoxe nomyeni wakho ngemizwelo yakho. Angase abe nemibono ewusizo ngendlela yokubhekana nesimo. Uma kubonakala kungcono kakhulu ukumane ushintshe umsebenzi, khumbula isethembiso sikaNkulunkulu: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya. ”-Heberu 13:5.
Umsebenzi Wakho Nobuqotho Bakho
Ngakho nakuba umsebenzi wokuziphilisa ngokuvamile udingeka, ngezinye izikhathi ungasongela ubuqotho bakho bobuKristu. Khona-ke amazwi kaJesu kuMathewu 10:16 afaneleka ngempela: “Hlakaniphani njengezinyoka, nibe-mnene njengamajuba.”
Ukugcina ubuqotho bobuKristu emsebenzini akulula, kodwa kungenziwa. Izinkulungwane zabesifazane phakathi koFakazi BakaJehova zenza kanjalo ngokulandela iseluleko seBhayibheli. Zizigcina ziqinile ngokomoya ngesifundo seBhayibheli, umthandazo, imihlangano yobuKristu, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso, neminye imisebenzi yokwesaba uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, zijabulela okuthile okungekhosheke leholo elingakunikeza. Kuwukwazi ukuthi zinomusa kaJehova, Lowo oZwi lakhe liyethembisa: “Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka.”—IzAga 10:9.
[Umbhalo waphansi]
a Lapha kushiwo owesifazane oqashwe emsebenzini wokuziphilisa. Yebo, amakhosikazi ahlala emakhaya, omama, nabanye abesifazane nabo hayasebenza.
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuze ugcine Ubuqotho Emsebenzini:
Yenza kwaziwe ukuthi unezindinganiso eziphakeme zokuziphatha
Yiba ngoqaphile ngokujwayelana nosebenza nabo
Zihlobise ngezingubo zokugqoka ezinesizotha