Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula’
“Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube-phakade. Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.”—ISAYA 9:7.
1, 2. (a) Ukuzalwa koMbuso kaNkulunkulu kwakuzoba isenzakalo sani, futhi wazalwa nini? (b) Yini umthetho-sisekelo weZizwe EzihIangene oyabela leyonhlangano, kodwa isivumelwano soMbuso siye samabelani uJesu Kristu? (c) Sazi kanjani ukuthi uJehova uyobambelela ngokungehluleki esivumelwaneni soMbuso?
NJENGOBA nje ukuzalwa kukaJesu, umntwana ophelele wesilisa kwakuyisenzakalo senjabulo engavamile, kanjalo ukuzalwa koMbuso wakhe owawusunesikhathi eside wathenjiswa kwakuyoba isenzakalo senjabulo enkulu. (IHubo 96:10-12) Ngokwamaqiniso omlando wanamuhla, lowombuso wabekwa emahlombe kaJesu okhazinyulisiwe ngo-1914. Ukuba khona kwenhlangano yeZizwe Ezihlangene namuhla akuliphikisi leloqiniso. Abekho kubabusi bamalungu ayi-159 eUN abangabendlu kaDavide. Nokho, umthetho-sisekelo walolozungu lomhlaba ubabela umsebenzi wokufi-nyelela ukuthula nokulondeka kwesintu komhlaba wonke.
2 Kodwa isivumelwano sikaJehova soMbuso asikaze sisulwe. KuIsaya 9:7 amazwi athi “esihlalweni sobukhosi sikaDavide” aqinisekisa isivumelwano uNkulunkulu asenza noDavide sombuso ongenakuphela. Ngaphezu kwalokho, uJehova wakufungela ukugcwaliseka kwaso okuphumelelayo. Ukuthi uJehova uzobambelela kulesivumelwano kwenziwe kwakhanya kumaHubo 89:3, 4, 35, 36: “Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi: Ngiyakuqinisa inzalo yakho kuze kube-phakade, ngisakhe isihlalo sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Ngafunga kanye ubungcwele bami, angiyikuqamba amanga kuDavide. Inzalo yakhe iyakuma phakade, isihlalo sakhe sobukhosi sibenjengelanga phambi kwami.” Lesosivumelwano, kanye nesiqu esithi “iNkosi yokuthula,” sabela uJesu Kristu umsebenzi wokuletha ukulondeka komhlaba wonke.
3. Kungani isikhathi sokuba “iNkosi yokuthula” iqale ukubusa kwayo kwakungesona isikhathi sokuthula ezulwini noma emhlabeni?
3 Nokho, isikhathi sokuba uJehova uNkulunkulu abeke umbuso emahlombe eNkosi yakhe eGcotshiwe sasingayikuba unyaka wokuthula ezulwini phezulu noma emhlabeni phansi. NgokwesAmbulo isahluko 12, ukuzalwa koMbuso wakhe kwakuyolandelwa impi ezulwini. USathane uDeveli namademoni akhe balwa nohulumeni owawusanda kumiswa, futhi iNkosi eyayisanda kubekwa kanye nezingelosi zayo ezingcwele balwa nalawomabutho angamademoni. Umphumela waba ukuthi uSathane namademoni akhe baxoshwe emazulwini futhi balahlelwe phansi emhlabeni wethu. Ngokomphumela, kwezwakala ukukhala: “Maye kuwemhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!” (IsAmbulo 12:12) Kusukela ekwehlisweni kukaDeveli, ngokudabukisayo umhlaba wethu uye waba yindawo yobudlova nezimpi ezingenakufaniswa. Yeka indlela isintu esikudinga ngayo ukubusa ‘kweNkosi yokuthula,’ ngoba kuyophumela ekulondekeni komhlaba wonke!
4. Kungani isiqu esithi “uNkulunkulu onamandla” kungamelwe siphanjaniswe nesi thi uNkulunkulu umninimandla onke?
4 NgokukaIsaya 9:6, ezinye iziqu, ngaphandle kwesithi “iNkosi yokuthula,” kwakumelwe zenezelwe egameni elikhazimulayo likaJesu Kristu. Esinye saleziqu sasiyoba “uNkulunkulu onamandla.” Wayengeke abizwe ngokuthi uNkulunkulu umninimandla onke, njengokungathi uyilungu elilingana namanye likaZiqu-zintathu wonkulunkulu. Ngisho nasosukwini lokuvuswa kwakhe, wakwenza kwaziwa ukuthi wayesalokhu engaphansi kukaJehova. Wazibonakalisa kuMariya Magdalena futhi wamthuma ukuba ayokwazisa abafundi bakhe ababekhathazekile ukuthi wayebuyela kuBaba wabo noBaba wakhe nakuNkulunkulu wabo noNkulunkulu wakhe. (Johane 20:17) Kuze kube namuhla, uyaqhubeka eholela yonke indalo ekukhulekelweni ‘kukaNkulunkulu wawonkulunkulu,’ uJehova. (Daniyeli 11:36) Ah, yebo, uJesu Kristu unoNkulunkulu futhi lowoNkulunkulu akuyena uJesu ngokwakhe kodwa nguBaba wasezulwini uJehova. Yeka indlela enhle “iNkosi yokuthula” ekhonza ngayo njengomhambeli phambili wokuthula nokulondeka kwendawo yonke okuhlala njalo!
5. Kungani kunguJesu Kristu ofaneleka kakhulu ukuba ahole zonke izidalwa ezihlakaniphile ekukhulekelweni kukaNkulunkulu weqiniso nophilayo, uJehova?
5 Kuze kube-phakade, iNdodana kaNkulunkulu ekhazinyulisiwe izoqhubeka iholela zonke izidalwa ezihlakaniphile ekukhulekele ni loNkulunkulu ophilayo oyedwa noweqiniso, uJehova. INdodana kaNkulunkulu ephakanyisiwe ikufanelekele ngokuvelele lokhu. Kuzo zonke izidalwa ezisezulwini nasemhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu ekhazinyulisiwe yiyo eye yamazi uJehova isikhathi eside kakhulu nangokuseduze kakhulu. Kweyoku-1 Korinte 2:11 umphostoli uPawulu uthi: “Ngokuba ngumuphi kubantu owazi okomuntu, uma kungesiye umoya womuntu okuye na?” Kungokufanayoke nasendabeni kaJesu Kristu. Nakuba uJehova uNkulunkulu amsebenzisa ekudalweni komuntu, kwakungenye into ngaye ukuba yena ngokwakhe abe ngumuntu ngokoqobo, ukuba azungezwe yizo zonke izimo zasemhlabeni futhi azizwele ngokwakhe imizwa yomuntu. Ngakho kulotshiwe ukuthi “noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho” njengomuntu lapha emhlabeni. (Heberu 5:8) Ngempela wazibonakalisa ekufanelekele ukunikwa “amandla onke ezulwini nasemhlabeni” nokuba nesiqu esithi “uNkulunkulu onamandla.”—Mathewu 28:18; qhathanisa nabaseFilipi 2:5-11.
“UMluleki Omangalisayo” Futhi “UYise Ongunaphakade”
6. UJesu Kristu ubekhonza kanjani ‘njengoMluleki omangalisayo,’ futhi “isixuku esikhulu” siye sazuza kanjani eselulekweni sakhe esimangalisayo?
6 Ngenxa yazo zonke lezizathu ezinamandla, iNkosi kaNkulunkulu yasezulwini ikwazi ngokugcwele ukukhonza isintu ‘njengoMluleki omangalisayo.’ (Isaya 9:6) Iseluleko sayo sihlala sihlakaniphile, siphelele, futhi singenaphutha. NjengoMlamuleli phakathi kukaJehova uNkulunkulu nalabo abaye bangeniswa esivumelwaneni esisha, ngempela ubekhonza njengoMluleki omangalisayo kuleminyaka engamakhulu ayi-19 edlule. Manje, kusukela ngo-1935, “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ zakhe siye sangeniswa eselulekwe ni sakhe esimangalisayo futhi sithola imfundo nokuqondiswa okuhle kakhulu. (IsAmbulo 7:9-17; Johane 10:16) Njengenxusa lalomsebenzi wokweluleka, uye wavusa isigaba ‘senceku ethembekileyo neqondayo’ esasithenjisiwe ‘kulesiphelo sesimiso sezinto’ futhi uye wasibeka phezu kwakho konke okwakhe kwasemhlabeni, noma izithakazelo zobukhosi. (Mathewu 24:3, 45-47; Luka 12:42-44) Manje “isixuku esikhulu” sithola iseluleko esi ngokomoya esimangalisa ngempela futhi esithembeke ngempela ngoba sisekelwe eZwini likaNkulunkulu elambuliwe.
7. Kungani uSathane uDeveli engaseyena unkulunkulu onamandla kubantu bakaJehova?
7 Ngenxa yokusabela kwaso kulesoseluleko, uSathane uDeveli, “unkulunkulu walelizwe,” akaseyena unkulunkulu onamandla kithi njengabantu bakaJehova. (2 Korinte 4:4) Ngokulalela siye saphuma eBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, futhi asisahlanganyeli ezonweni zalo ezimbi. Siye sathatha ukuma ngokungenakushukunyiswa ngasohlangothini lwaLowo uJehova uNkulunkulu aye wabeka uhulumeni waKhe emahlombe akhe.
8. (a) Kungani isiqu esithi “uYise ongunaphakade” sikhanga ngokukhethekile ‘esixukwini esikhulu’? (b) Yini ezokwenzeka kulabo aba vumela uSathane uDeveli abe ngubaba wabo ongokomoya?
8 Isiqu esithi “uYise ongunaphakade” singe simenza athandeke kakhulu. “Isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ silazisa ngokukhethekile leligama. Ukuba ngubaba kukaSathane uDeveli akuzange kusikhange. Siyathuthumela lapho sikhumbula abaholi benkolo bobuJuda abaphikisa uJesu nalabo athi kubo: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo.” (Johane 8:44) “Isixuku esikhulu” siye saphuma phakathi kwalabo bantwana abangokomoya bakaSathane uDeveli, okuba kwakhe ubaba phezu kwesintu esinesono akuyikuhlala phakade. Labo abamvumela ukuba abe ngubaba wabo ongokomoya bayobhubha naye. Ukubhujiswa okuphelele, okufanekiselwa ‘umlilo ophakade’ kaMathewu 25:41, kulindele uDeveli nabo bonke abantu abangaphumi ngaphansi kokuba kwakhe ngubaba.—Mathewu 25:41-46.
9. “Isixuku esikhulu” sikunambitha kanjani ukuba nguBaba ‘kukaYise ongunaphakade’?
9 Ngakolunye uhlangothi, “isixuku esikhulu” sinambitha ukuba nguBaba ‘kuka Yise ongunaphakade.’a Kanjani? Ngokulalela izwi lakhe futhi sibe “ezinye izimvu” zakhe nangokuzihlanganisa nensali kaIsrayeli ongokomoya. Lobuhlobo obufudumele bomkhaya busho ukuthula. Eloba ngaphansi kokuphefumlelwa, umphostoli uPawulu wabhekisela kuJehova kwabaseRoma 16:20 ngokuthi “uNkulunkulu wokuthula.” Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuba iNdodana yakhe ezelwe yodwa ibizwe ngokuthi “iNkosi yokuthula”! Ngokubuyisela ukuthula endaweni yonke, “iNkosi yokuthula” ngokungenakwehluleka iyokwenza ngokuvumelana nencazelo yesiqu sayo esihle.
UMbuso ‘WeNkosi Yokuthula’
10, 11. UIsaya waqhubeka wathini ngemva kokubikezela ngokuzalwa komntwana okuhle kakhulu kunanoma ikuphi okwake kwaba khona, futhi asho ukuthini amazwi akhe?
10 Ngemva kokuba uIsaya ebikezele ngokuzalwa komntwana okuhle kakhulu kunanoma ikuphi okwake kwaba khona—yebo, okweNdodana kaJehova eyayizonikezwa isiqu esithi “iNkosi yokuthula”—umprofethi waholwa umoya kaJehova ukuba athi: “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela . . . Ukushisekela kukaJehova-Sebawoti kuyakwenza lokhu.”—Isaya 9:7.
11 Lapho sithi “umbuso uyakubamkhulu,” isiprofetho sibonisa ukuthi indawo eyobuswa “iNkosi yokuthula” ayinakuphela ingakambozi wonke umhlaba. Ngeke ibe khona emhlabeni imingcele eyobekela ukubusa kwakhe imikhawulo. Kuyogubuzela imbulunga yonke. Ngaphezu kwalokho, emhlabeni oyiPharadesi ozayo, ukuthula akuyikuba nakuphela. Akukho lapho kuyoba neziphithiphithi khona. Ukuthula kuyogcwala kuwo wonke umhlaba futhi kuqhubeke kuchuma. (IHubo 72:7) Kulendaba, ukuthula kusho okungaphezu kokungabikho kobudlova nempi. Kuhlanganisa ukwahlulela ngokulunga nokulunga, ngoba uIsaya wathi ukubusa kweNkosi kwakuyosekelwa “ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kubephakade.” Kuyoba nenala yezibusiso esintwini. Futhi intshiseko kaJehova engapheli iyokufeza phakathi nesikhathi sethu.
12. Uhulumeni osemahlombe ‘eNkosi yokuthula’ umelelwa kanjani emhlabeni wonke?
12 Ngisho kwamanje, lohulumeni osemahlombe ‘eNkosi yokuthula’ umelelwa emhlabeni wonke. Ukwamukelwa kukahulumeni wayo wobukhosi wasezulwini kwanda ngokushesha. Insali yabafundi bakaJesu Kristu abazelwe ngomoya iye yaqoqwa ngokuphelele ezizweni. Ngaphezu kwalokho, “isixuku esikhulu” siyaqoqwa emazweni ahlukahlukene angaphezu kwama-200. Manje kunoFakazi BakaJehova abayizi-3 229 022, futhi umsebenzi ojabulisayo wokuqoqa awukaqedwa. ‘Lesixuku esikhulu’ sihalalisela uhulumeni ose mahlombe ‘eNkosi yokuthula.’ Amalungu aso abonga kakhulu ngokuba ngaphansi kwalowohulumeni nangokuba izithunywa zawo emhlabeni wonke, ekanye ‘namanxusa kaKristu,’ insali egcotshiwe.-2 Korinte 5:20.
Uzungu Losuku Lwanamuhla Luzoqedwa
13. (a) Yini izithunywa zoMbuso ezizama ukuyenza phakathi kwazo? (b) UNkulunkulu uyibheka kanjani inhlangano yeZizwe EzihIangene?
13 Izithunywa zoMbuso zigcina futhi ukuthula phakathi kwazo. ‘Zikhuthalela ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula.’ (Efesu 4:3) Lokhu zikwenza naphezu kwazo zonke iziyaluyalu ezikhona emhlabeni wonke. Eqinisweni izizwe ezingaphakathi nezingaphandle kwenhlangano yeZizwe Ezihlangene zizihlelele ukumelana nohulumeni ‘weNkosi yokuthula.’ Njengoba uNkulunkulu eyibheka, inhlangano yeZizwe Ezihlangene iwuzungu olukhulu lomhlaba. Ngani? Ngoba ithi ilungele ukuzuza izinjongo uNkulunkulu azibekele ukuba zizuzwe “iNkosi yokuthula” kuphela. Futhi imema abantu bazo zonke izizwe ukuba bayisekele ekumiseni ukulondeka komhlaba wonke ngemizamo yomuntu. Yamemezela ngisho no-1986 ngokuthi “UNyaka Wokuthula Wezizwe Zonke.” Ngaleyondlela izibonakalisa iwuzungu olumelene “neNkosi yokuthula” kanye nesivumelwano sikaJehova asenza nayo soMbuso waphakade.
14. Umprofethi uIsaya wabaxwayisa kanjani bonke labo abaphikisana noJehova nesivumelwano sakhe soMbuso?
14 Ngenxa yalesosizathu, umprofethi uIsaya waxwayisa iNkosi uAhazi nezikhonzi zayo emuva ngalesosikhathi ngokumelene nokufuna ukuthula nokulondeka ngokwenza isivumelwano noMbuso Wezwe waseAsiriya. Lesixwayiso sitholakala kuIsaya 8:9, 10. Ebhala ngendlela enhle esankondlo, umprofethi uxwayisa bonke labo aba phikisana noJehova nesivumelwano sakhe soMbuso: “Bhevani nina-zizwe, niyakuphela amandla nokho; bekani indlebe nina-mazwe onke akude, zibhinceni, kepha niyakudangala, yebo, zibhinceni, niyakuphela amandla nokho. Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.”
15. Yini ezokwenzeka ozungwini olumelene nesivumelwano soMbuso namuhla, njengoba kuboniswe uzungu ezinsukwini zeNkosi uAhazi?
15 Ngakho-ke izizwe ezingaphansi kwenkosi yalelizwe uSathane uDeveli, mazilubophe uzungu ngokumelene nesivumelwano soMbuso neNdlalifa noMbusi waso. Uzungu luzophahlazwa lube yizicucu, njengoba kwaba njalo ngozungu ezinsukwini zeNkosi uAhazi. INkosi yaseAramu uResini neNkosi yakwaIsrayeli uPheka abazange bamesabe uJehova-Sebawoti kodwa babopha uzungu ngokumelene nesivumelwano sakhe soMbuso. Nokho, uzungu lwabo lwaphulwa lwaba yizicucu. Ngokufanayo, iNkosi uAhazi yakwaJuda ayizange imesabe uJehova kodwa yahlanganyela uzungu nombuso wezwe waseAsiriya. Lokhu akuzange kumsize ngempela uAhazi futhi kumlethele ukuthula nokulondeka. Kwaletha ukucindezeleka nobugqila. Okubi kunakho konke, kwakhipha uAhazi emseni kaJehova.
16. UJehova walwephula nini uzungu lwaseAsiriya ngokumelene nesivumelwano soMbuso, futhi lokhu kwakufanekiselani osukwini lwethu?
16 Ngemva kokufa kuka-Ahazi nasezinsukwini zendodana yakhe uHezekiya, uJehova-Sebawoti walwephula uzungu lwama-Asiriya ngokumelene nesivumelwano soMbuso. Inkosi yaseAsiriya yaphoqelelwa ukuba iphume ezweni lakwaJuda ngemva kokuba ingelosi kaJehova ibhubhise amasosha ayo ayizi-185 000. Isitha asizange sicibishele ngisho nomcibisholo owodwa emzini waseJerusalema. (Isaya 37:33-36) Ukwehlulwa okunjalo kozungu lomhlaba losuku lwanamuhla ngokumelene nesivumelwano soMbuso kaJehova “neNkosi yokuthula” kuqinisekile, ngoba uNkulunkulu uneNkosi yakhe uEmanuweli nabo bonke abayihalaliselayo!
Ukumelela Ngesibindi Ubukhosi BukaJehova Bendawo Yonke
17. (a) Yini ezombangazwe ezizoyenza ngokushesha eBabiloni Elikhulu, futhi yini abantu bakaJehova abazoyidinga futhi bayithole? (b) Ngemva kokudalula iBabiloni Elikhulu, yini ababusi abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu manje abazoyenza, okuzoshukumisela uJehova ukuba athathe siphi isinyathelo?
17 Ngokushesha amalungu ezombangazwe azoqondisa imizamo yawo ngokungamelene neLobukholwa kuphela kodwa ngokumelene nalo lonke iBabiloni Elikhulu, wonke umbuso wezwe wenkolo yamanga, ukuba alibhubhise. Ngalesosikhathi esinzima, kuyodingeka ukuba ukuvikelwa kwaphezulu kwabantu bakaJehova kusebenze ngezinga elingavamile. Beshukunyiswe ukunqoba kwabo okuvusa amadlingozi phezu kweBabiloni Elikhulu, ababusi abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu bayo phendukela ngonya kulabo abangasohlangothini lukahulumeni kaNkulunkulu ngoJesu Kristu. Khona-ke uJehova uyosebenzisa ‘iNkosi yakhe yokuthula’ ukuba ilwe ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.’ (IsAmbulo 16:14) UJesu Kristu uyozibonakalisa eyiQhawe elingenakunqotshwa elimbuso walo awuyikuncipha. Uyozibonakalisa ‘enguNkulunkulu onamandla’ ngaphansi kukaNkulunkulu onqobayo ongumninimandla onke, uJehova. ‘LoNkulunkulu onamandla’ uyokhazimulisa impilo yakhe eyigugu ngokunqoba eHarmagedoni okuyonkeneneza ngokunganqamuki kuze kube phakade. Sonke masihalalisele lokho kunqoba okungenakuqhathaniswa!
18. Njengoba bebhekene nozungu losuku lwanamuhla ngokumelene nesivumelwano soMbuso, yini oFakazi BakaJehova abazimisele ukuyenza, futhi kube namuphi umphumela?
18 Ngakho-ke, qhubekelani phambili ekuqhameni emhlabeni kakhulu kunanini ngaphambili, nonke nina eningoFakazi BakaJehova, nithembele ngokuphelele kuNkulunkulu wenu naseNkosini yakhe ebusayo, “iNkosi yokuthula”! Bonisani ukungalwesabi neze uzungu lomhlaba lwanamuhla. Ngokumemezela kwenu yonke indawo isigijimi soMbuso nokunqoba kwaso okuzayo phezu kozungu lomhlaba eHarmagedoni, nonke yibani yizibonakaliso nezimangaliso kube udumo kuJehova. Khumbulani, lapho uDeveli ephendulela ababusi bezwe ukuba bamelane nathi, kuyonqoba labo abawumelela ngeqiniso nangokwethembeka uMbuso kaEmanuweli, “iNkosi yokuthula,” ngoba “UNkulunkulu Unathi”! (Mathewu 1:23; qhathanisa noIsaya 8:10) Futhi zonke izingelosi zasezulwini naso sonke isintu esigcina ubuqotho emhlabeni makuthi “Amen” kube ukulwelwa kobukhosi bukaJehova kuzo zonke izinto ezidaliwe ezulwini nasemhlabeni, ngokulondeka okungasoze kwaphela!
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngendima kaJesu Kristu ‘NjengoYise ongunaphakade,’ bheka isahluko 20 sencwadi Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi ‘KweNkosi Yokuthula,’ eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Isiqu esithi “uNkulunkulu onamandla” sisebenza kanjani kuJesu?
◻ UJesu ubekhonza kanjani ‘njengoMluleki omangalisayo’?
◻ Ubani okumelwe sifune abe ngubaba wethu, futhi ubani okumelwe simenqabe?
◻ Ziyini ngempela iZizwe Ezihiangene?
◻ Yini ezokwenzeka ozungwini lwanamuhla ngokumelene nesivumelwano soMbuso neNdlalifa yaso, “iNkosi yokuthula”?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Indawo yonke iyoba nobunye ekukhulekeleni uMbusi Wendawo Yonke ngokuthula